ISahluko 37
Ukulila Nokujabula Ngokuphela KweBhabhiloni
1. “Amakhosi omhlaba” ayosabela kanjani ekubhujisweni okuzumayo kweBhabhiloni Elikhulu?
UKUPHELA kweBhabhiloni kuyizindaba ezinhle kubantu bakaJehova, kodwa izizwe zikubheka kanjani? UJohane uyasitshela: “Amakhosi omhlaba afeba nalo futhi aphila ngokunethezeka kokungabi namahloni ayokhala futhi azishaye elusizi ngalo, lapho ebuka umusi wokusha kwalo, kuyilapho emela kude ngenxa yokwesaba ukuhlushwa kwalo, ethi, ‘Kwaze kwakubi, kwaze kwakubi, muzi omkhulu, Bhabhiloni, wena muzi onamandla, ngoba ukwahlulelwa kwakho kufike ngehora elilodwa!’”—IsAmbulo 18:9, 10.
2. (a) Njengoba izimpondo eziyishumi ezingokomfanekiso zesilo sasendle esibomvu zibhubhisa iBhabhiloni Elikhulu, kungani “amakhosi omhlaba” elusizi ngokuphela kwalo? (b) Kungani amakhosi alusizi emela kude nomuzi olahliwe?
2 Ukusabela kwezizwe kungase kubonakale kumangaza uma kucatshangelwa iqiniso lokuthi iBhabhiloni labhujiswa izimpondo eziyishumi ezingokomfanekiso zesilo sasendle esibomvu. (IsAmbulo 17:16) Kodwa lapho iBhabhiloni selingasekho, “amakhosi omhlaba” ngokusobala ayoqaphela ukuthi laliwusizo kangakanani kuwo ekugcineni abantu bexolile futhi bethobile. Abefundisi baye babiza izimpi ngokuthi zingcwele, basebenza njengababuthi bamasosha, futhi bashumayeza intsha ukuba iye empini. Inkolo iye yaba isihenqo sobungcwele ababusi abonakele abaye basebenza ngemva kwaso ekucindezeleni abantu abavamile. (Qhathanisa noJeremiya 5:30, 31; Mathewu 23:27, 28.) Nokho, phawula ukuthi la makhosi alusizi manje amele kude nomuzi olahliwe. Awasondeli eduze ngokwanele ukuba awusize. Adabukile ngokuwubona uphela kodwa awadabukile ngokwanele ukuba azifake engozini ngenxa yawo.
Abathengisi Bayakhala Futhi Bayalila
3. Obani abanye abadabukayo ngokubhubha kweBhabhiloni Elikhulu, futhi uJohane unikeza ziphi izizathu zalokhu?
3 Akuwona wodwa amakhosi omhlaba adabukayo ngokudlula kweBhabhiloni Elikhulu. “Abathengisi abahambahambayo bomhlaba, nabo bayalikhalela futhi bayalililela, ngoba akusekho muntu oyophinde athenge impahla yabo, impahla yegolide neyesiliva neyetshe eliyigugu neyamaparele neyelineni elicolekileyo neyokunsomi nekasilika neyokubomvu; nayo yonke into yokhuni olunephunga elimnandi nazo zonke izinhlobo zezinto zezinyo lendlovu nazo zonke izinhlobo zezinto ezenziwe ngokhuni oluyigugu nangethusi nangensimbi nangemabula; kanye nesinamoni nesinongo saseNdiya nempepho namafutha anamakha nenhlaka yempepho newayini namafutha omnqumo nofulawa ocolekileyo nokolweni nezinkomo nezimvu, namahhashi nezinqodlana nezigqila nemiphefumulo yabantu. Yebo, izithelo ezinhle umphefumulo wakho owawuzifisa awusenazo [Bhabhiloni Elikhulu], nazo zonke izinto ezimnandi nezinto ezinhle zishabalale zakuphelela, abantu ngeke baphinde nanini bazithole.”—IsAmbulo 18:11-14.
4. Kungani “abathengisi abahambahambayo” bekhala futhi belila ngenxa yokuphela kweBhabhiloni Elikhulu?
4 Yebo, iBhabhiloni Elikhulu lalingumngane omkhulu nomthengi omuhle wabathengisi abacebile. Ngokwesibonelo, emakhulwini eminyaka adlule izindlu zezindela namasonto eLobukholwa ziye zazitholela isilingaliso esikhulu segolide, isiliva, amatshe ayigugu, ukhuni olunenani eliphezulu, nezinye izinhlobo zengcebo engokoqobo. Ngaphezu kwalokho, isibusiso senkolo siye saba phezu kokuthenga kokusaphaza nemicimbi yokuzitika ngotshwala ehambisana nokugujwa kukaKhisimusi odelela uKristu nezinye izinsuku okuthiwa zingcwele. Abavangeli beLobukholwa baye bangena emazweni akude, bevulela “abathengisi abahambahambayo” baleli zwe izimakethe ezintsha. EJapane yekhulu leminyaka le-17, ubuKatolika, obabufike nabahwebi, bahileleka ngisho nasempini yezakhamuzi. Ibika ngempi engunqamula-juqu eyayilwelwa phakathi kwezindonga zesigodlo sase-Osaka, i-Encyclopædia Britannica ithi: “Amabutho aseTokugawa azithola elwa nesitha esimafulege aso ayehlotshiswe ngesiphambano nangemifanekiso yoMsindisi noSt James, usanta ongumbheki weSpain.” Iqembu elanqoba lawashushisa futhi labuqeda ubuKatolika kulelo zwe. Ngokufanayo ukuhlanganyela kwesonto ezindabeni zezwe namuhla ngeke kulilethele izibusiso.
5. (a) Izwi elivela ezulwini likuchaza kanjani ngokuqhubekayo ukulila ‘kwabathengisi abahambahambayo’? (b) Kungani abathengisi nabo ‘bemela kude’?
5 Izwi elivela ezulwini liqhubeka lithi: “Abathengisi abahambahambayo balezi zinto, abaceba ngalo, bayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlushwa kwalo futhi bayokhala balile, bathi, ‘Kwaze kwakubi, kwaze kwakubi—muzi omkhulu, ogqoké ilineni elicolekileyo nokunsomi nokubomvu, ohlotshiswe ngomhlobiso wegolide nangetshe eliyigugu neparele, ngoba ingcebo enkulu kangaka iye yachithwa ngehora elilodwa!’” (IsAmbulo 18:15-17a) Ngokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu, “abathengisi” bayalila ngokulahleka kwalowo mlingane wabo kwezentengiselwano. Yiqiniso, “kwaze kwakubi, kwaze kwakubi” ngabo. Nokho, phawula ukuthi izizathu zabo zokulila zingezobugovu ngokuphelele nokuthi—njengamakhosi—‘bamela kude.’ Abasondeli eduze ngokwanele ukuze babe usizo eBhabhiloni Elikhulu.
6. Izwi elivela ezulwini likuchaza kanjani ukulila kokaputeni bemikhumbi namatilosi, futhi kungani bekhala?
6 Ukulandisa kuyaqhubeka: “Bonke okaputeni bemikhumbi nabo bonke abantu abahamba olwandle beya nomaphi, namatilosi nabo bonke abaziphilisa ngolwandle, bamela kude bakhamuluka njengoba bebuka umusi wokusha kwalo bathi, ‘Yimuphi umuzi onjengalo muzi omkhulu?’ Bazithela ngothuli emakhanda abo bakhamuluka, bekhala futhi belila, bathi, ‘Kwaze kwakubi, kwaze kwakubi—umuzi omkhulu, lowo bonke abanemikhumbi olwandle abaceba kuwo ngenxa yokunotha kwawo, ngoba uye wachithwa ngehora elilodwa!’” (IsAmbulo 18:17b-19) IBhabhiloni lasendulo lalingumuzi wezentengiselwano futhi linemikhumbi eminingi. Ngokufanayo, iBhabhiloni Elikhulu liqhuba ibhizinisi elikhulu ‘ngamanzi amaningi’ angabantu balo. Lokhu kunikeza izikhonzi zalo eziningi zenkolo imisebenzi yokuziphilisa. Yeka imbibizane yezomnotho ukubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu okuyoba yiyo kulaba! Awusoze waba khona omunye umthombo wendlela yokuziphilisa onjengalo.
Ukujabula Ngokubhujiswa Kwalo
7, 8. Izwi elivela ezulwini lisiletha kanjani isigijimi salo emvuthwandaba ngokuqondene neBhabhiloni Elikhulu, futhi obani abayosabela kulawo mazwi?
7 Lapho iBhabhiloni lasendulo ligumbuqelwa amaMede namaPheresiya, uJeremiya wathi ngokwesiprofetho: “Amazulu nomhlaba nakho konke okukukho ngokuqinisekile kuyokhamuluka ngenjabulo ngeBhabhiloni.” (Jeremiya 51:48) Lapho iBhabhiloni Elikhulu libhujiswa, izwi elivela ezulwini liletha isigijimi salo emvuthwandaba, lithi ngeBhabhiloni Elikhulu: “Thokoza ngawo, wena zulu, nani bangcwele nani baphostoli nani baprofethi, ngoba uNkulunkulu uye wafuna ngokwahlulela ukuba kukhishwe isijeziso sawo ngenxa yenu!” (IsAmbulo 18:20) UJehova nezingelosi bayojabula ngokubona ukubhujiswa kwesitha sikaNkulunkulu esidala, njengoba beyojabula nabaphostoli nabaprofethi abangamaKristu okuqala, manje asebevusiwe futhi bathatha izindawo zabo elungiselelweni labadala abangu-24.—Qhathanisa neHubo 97:8-12.
8 Ngempela, bonke ‘abangcwele’—kungakhathaliseki ukuthi asebevuselwe ezulwini noma abasaphila emhlabeni—bayomemeza ngenjabulo, njengoba kuyokwenza isixuku esikhulu sezinye izimvu ezikanye nabo. Ngesikhathi esifanele, wonke amadoda athembekile asendulo ayovuselwa esimisweni esisha sezinto, nawo futhi ayohlanganyela ekujabuleni. Abantu bakaNkulunkulu abazange bazame ukuziphindiselela kubashushisi babo benkolo yamanga. Baye bakhumbula amazwi kaJehova: “Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.” (Roma 12:19; Duteronomi 32:35, 41-43) Nokho, uJehova manje usephindisele. Lonke igazi elichithwe iBhabhiloni Elikhulu liyobe seliphindiselwe.
Ukuphonsa Itshe Lokugaya Elikhulu
9, 10. (a) Yini ingelosi enamandla manje eyenzayo neyishoyo? (b) Isiphi isenzo esifuze leso esenziwa ingelosi enamandla yesAmbulo 18:21 esenzeka esikhathini sikaJeremiya, futhi saqinisekisani? (c) Siqinisekisani isenzo esenziwa ingelosi enamandla ebonwa uJohane?
9 Lokho uJohane akubonayo ngokulandelayo kuqinisekisa ukuthi ukwahlulela kukaJehova iBhabhiloni Elikhulu kungokokugcina: “Ingelosi enamandla yaqukula itshe elinjengetshe lokugaya elikhulu yaliphonsa olwandle, yathi: ‘Kanjalo iBhabhiloni umuzi omkhulu liyophonswa phansi ngokusheshayo, futhi ngeke liphinde litholakale.’” (IsAmbulo 18:21) Ngesikhathi sikaJeremiya, kwenziwa isenzo esifanayo esinencazelo enamandla engokwesiprofetho. UJeremiya waphefumlelwa ukuba abhale encwadini “yonke inhlekelele eyayiyokwehlela iBhabhiloni.” Leyo ncwadi wayinika uSeraya futhi wamtshela ukuba aye eBhabhiloni. Eselapho, elandela iziyalezo zikaJeremiya, uSeraya wafunda isimemezelo ngokumelene nomuzi: “O Jehova, wena ngokwakho ukhulumile ngokumelene nale ndawo, ukuze uyinqume kungabe kusaba namuntu owakhileyo kuyo, umuntu ngisho nesilwane esifuywayo, kodwa ukuba ibe ngamahlane ayincithakalo kuze kube nini nanini.” USeraya wabe esebophela itshe encwadini futhi wayiphonsa emfuleni i-Ewufrathe, ethi: “Lena yindlela iBhabhiloni eliyocwila ngayo lingaphinde likhuphuke ngenxa yenhlekelele engiyilethayo phezu kwalo.”—Jeremiya 51:59-64.
10 Ukuphonswa kwencwadi eboshwe netshe emfuleni kwakuyisiqinisekiso sokuthi iBhabhiloni laliyocwila ekusithekeni, lingabe lisavuka. Ngokufanayo ukubona kukamphostoli uJohane ingelosi enamandla yenza isenzo esifanayo kuyisiqinisekiso sokuthi injongo kaJehova ngeBhabhiloni Elikhulu iyogcwaliseka. Isimo seBhabhiloni lasendulo esiyincithakalo ngokuphelele namuhla sikufakazela ngokunamandla lokho okuyokwehlela inkolo yamanga esikhathini esizayo esiseduze.
11, 12. (a) Ingelosi enamandla manje ithini eBhabhiloni Elikhulu? (b) UJeremiya waprofetha wathini ngokuqondene neJerusalema elihlubukayo, futhi kwakusho ukuthini ngosuku lwethu?
11 Manje ingelosi enamandla ikhuluma neBhabhiloni Elikhulu, ithi: “Umsindo wabahlabeleli ababetha ihabhu nowabaculi nowababethi bemitshingo nowabashayi becilongo awusayuphinde uzwakale kuwe, futhi akukho ngcweti yanoma yimuphi umsebenzi eyophinde itholakale kuwe, futhi akukho msindo wetshe lokugaya oyophinde uzwakale kuwe, akukho kukhanya kwesibani okuyophinde kukhanye kuwe, futhi akukho zwi lomkhwenyana nelomlobokazi eliyophinde lizwakale kuwe; ngoba abathengisi bakho abahambahambayo babengamadoda omhlaba asezikhundleni eziphezulu, ngoba izizwe zonke zadukiswa ukusebenzelana kwakho nemimoya.”—IsAmbulo 18:22, 23.
12 Ngamazwi afanayo, uJeremiya waprofetha ngokuqondene neJerusalema elihlubukayo: “Ngizobhubhisa kubo umsindo wokwethaba nomsindo wokujabula, izwi lomkhwenyana nezwi likamakoti, umsindo wetshe lokugaya nokukhanya kwesibani. Lonke leli zwe liyoba yindawo ebhuqiwe, into eshaqisayo.” (Jeremiya 25:10, 11) Njengengxenye eyinhloko yeBhabhiloni Elikhulu, eLobukholwa liyoba incithakalo engenakuphila, njengoba kwaboniswa ngokucacile isimo seJerusalema esiyincithakalo ngemva kuka-607 B.C.E. ELobukholwa elake lajabula futhi laxokozela ngomsindo wansuku zonke liyozithola linqotshiwe futhi lilahliwe.
13. Yiluphi ushintsho olungalindelekile oluzuma iBhabhiloni Elikhulu, futhi ‘abathengisi balo abahambahambayo’ bathinteka kanjani?
13 Ngempela, njengoba ingelosi lapha itshela uJohane, lonke iBhabhiloni Elikhulu liyoguquka ekubeni umbuso onamandla wezizwe zonke, libe izwe elingenamsebenzi, elomile elinjengogwadule. ‘Abathengisi balo abahambahambayo,’ kuhlanganise nosozimali abaphambili baye basebenzisa inkolo yalo ukuze bazuze bona siqu noma njengesembozo, futhi abefundisi baye bakuthola kunenzuzo ukuhlanganyela nabo ukugqama. Kodwa labo bathengisi ngeke besaba neBhabhiloni Elikhulu njengomlekeleli wabo. Ngeke lisazikhohlisa izizwe zomhlaba ngemikhuba yalo yenkolo eyimfihlakalo.
Icala Legazi Elisabekayo
14. Yisiphi isizathu ingelosi enamandla esinikezayo ngobunzima besahlulelo sikaJehova, futhi yini uJesu ngokufanayo ayisho lapho esemhlabeni?
14 Ekuphetheni, ingelosi enamandla ichaza ukuthi kungani uJehova ahlulela iBhabhiloni Elikhulu kanzima kangaka. “Yebo,” kusho ingelosi, “kwatholakala kulo igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke abaye babulawa emhlabeni.” (IsAmbulo 18:24) Lapho esemhlabeni, uJesu watshela abaholi benkolo eJerusalema ukuthi babenecala lalo “lonke igazi elilungileyo elichithwe emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo” kuya phambili. Ngokufanelekile, leso sizukulwane esiyisigwegwe sabhujiswa ngo-70 C.E. (Mathewu 23:35-38) Namuhla, esinye isizukulwane sabathandi benkolo sinecala legazi ngenxa yokushushisa kwaso izinceku zikaNkulunkulu.
15. ISonto LamaKatolika eJalimane lobuNazi laba kanjani necala legazi ngezindlela ezimbili?
15 Encwadini yakhe ethi The Catholic Church and Nazi Germany, uGuenter Lewy uyabhala: “Lapho oFakazi BakaJehova bevinjelwa eBavaria ngo-April 13 [1933] iSonto lamukela ngisho nesabelo elasinikwa uMnyango Wemfundo Nezenkolo sokubika noma iliphi ilungu laleli hlelo elisaqhuba inkolo eyenqatshelwe.” Kanjalo iSonto LobuKatolika lihlanganyela icala lokufaka izinkulungwane zoFakazi emakamu okuhlushwa; izandla zalo zingcoliswe igazi lokuphila kwamakhulu oFakazi ababulawa. Lapho oFakazi abasebasha, njengoWilhelm Kusserow, bebonisa ukuthi bazimisele ukufa ngesibindi bebulawa iqembu labadubuli, uHitler wanquma ukuthi iqembu labadubuli lalingenaso isihluku esanele kwabenqaba ngenxa kanembeza ukuhlanganyela empini; ngakho umfowabo kaWilhelm uWolfgang, eneminyaka engu-20 ubudala, wabulawa ngokunqunywa. Ngesikhathi esifanayo, iSonto LamaKatolika lalikhuthaza amaKatolika aseJalimane asemasha ukuba afele emabuthweni ezwe lawo. Icala legazi lesonto lisobala!
16, 17. (a) Yiliphi icala legazi okumelwe libekwe iBhabhiloni Elikhulu, futhi iVatican yaba kanjani necala legazi ngokuqondene namaJuda afa ekubulaleni kwamaNazi? (b) Iyiphi enye indlela inkolo yamanga enecala ngayo ngokubulawa kwezigidi zabantu ezikhathini zanamuhla?
16 Nokho, isiprofetho sithi igazi labo “bonke abaye babulawa emhlabeni” kumelwe libizwe eBhabhiloni Elikhulu. Ngokuqinisekile lokho kuye kwaba njalo ezikhathini zanamuhla. Ngokwesibonelo, njengoba icebo lamaKatolika lasiza ekubekeni uHitler embusweni waseJalimane, iVatican ihlanganyela ecaleni legazi elikhulu ngokuqondene namaJuda ayizigidi eziyisithupha afa ekubulaleni kwamaNazi. Ngaphezu kwalokho, esikhathini sethu kuye kwabulawa abantu abangaphezu kwezigidi eziyikhulu emakhulwini amaningi ezimpi. Ingabe inkolo yamanga kumelwe isolwe ngalokhu? Yebo, ngezindlela ezimbili.
17 Indlela yokuqala iwukuthi izimpi eziningi zihlangene nokungezwani okungokwenkolo. Ngokwesibonelo, ubudlova obabuphakathi kwamaMuslim namaHindu eNdiya ngo-1946-48 babunesisusa esingokwenkolo. Kwafa amakhulu ezinkulungwane. Ingxabano eyayiphakathi kwe-Iraq ne-Iran ngawo-1980 yayihlangene nokungezwani kwamahlelo, kwabulawa kuyo amakhulu ezinkulungwane. Ubudlova phakathi kwamaKatolika namaProthestani eNyakatho Ireland buye bathatha izinkulungwane zokuphila. Ehlola lokhu, umlobeli wephephandaba uC. L. Sulzberger wathi ngo-1976: “Kuyiqiniso elidabukisayo ukuthi cishe ingxenye noma ngaphezulu yezimpi ezilwiwayo manje emhlabeni wonke ziyizingxabano ezingokwenkolo ngokuqondile noma zihilela izingxabano ezingokwenkolo.” Ngempela, bekulokhu kunjalo kuwo wonke umlando onesiyaluyalu weBhabhiloni Elikhulu.
18. Iyiphi indlela yesibili izinkolo zezwe ezinecala legazi ngayo?
18 Iyiphi indlela yesibili? Ngokubheka kukaJehova, izinkolo zezwe zinecala legazi ngoba azizange zibafundise ngokwanelisayo abalandeli bazo iqiniso lezimfuneko zikaJehova ezincekwini zakhe. Azizange zibafundise ngokwanelisayo abantu ukuthi abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso kumelwe balingise uJesu Kristu futhi babonise uthando kwabanye kungakhathaliseki ukuthi badabuka kusiphi isizwe. (Mika 4:3, 5; Johane 13:34, 35; IzEnzo 10:34, 35; 1 Johane 3:10-12) Ngenxa yokuthi izinkolo ezakha iBhabhiloni Elikhulu azizange zizifundise lezi zinto, abalandeli bazo baye badonsekela emsingeni wempi yezizwe zonke. Yeka ukuthi lokhu kwaba sobala kanjani ezimpini zezwe ezimbili zengxenye yokuqala yekhulu lama-20, zombili ezaqala kweLobukholwa futhi zaphumela ekubulalaneni kwabantu bezinkolo ezifanayo! Uma bonke ababezisholo ukuthi bangamaKristu babenamathele ezimisweni zeBhayibheli, lezo zimpi zazingeke zibe khona.
19. Iliphi icala legazi elisabekayo iBhabhiloni Elikhulu elinalo?
19 UJehova ubeka icala lakho konke lokhu kuchithwa kwegazi emahlombe eBhabhiloni Elikhulu. Ukuba abaholi benkolo, futhi ikakhulukazi labo abakweLobukholwa, babafundisa abantu babo iqiniso leBhayibheli, kwakungeke kuchitheke igazi eliningi kangaka. Khona-ke, ngempela, ngokuqondile noma ngenye indlela, iBhabhiloni Elikhulu—isifebe esikhulu nombuso wezwe wenkolo yamanga—kumelwe liphendule kuJehova hhayi ngenxa ‘yegazi labaprofethi nelabangcwele’ kuphela eliye labashushisa futhi lababulala kodwa futhi nangenxa yegazi “labo bonke abaye babulawa emhlabeni.” Ngempela iBhabhiloni Elikhulu lithwele icala legazi elisabekayo. Liyobe liphume nobomvu lapho libhujiswa okokugcina!
[Ibhokisi ekhasini 270]
Inkokhiso Yokuhoxa
Encwadini yakhe ethi The Catholic Church and Nazi Germany uGuenter Lewy uyabhala: “Ukuba zisuka nje ubuKatolika baseJalimane banamathela esimisweni sokumelana ngokuqinile nombuso wamaNazi, umlando wezwe wawungaba ohlukile. Ngisho noma lo mzamo ekugcineni wawungahluleka ukunqoba uHitler futhi uvimbele bonke ubulelesi bakhe obuningi, ngalo mqondo wawuyobe ulenyuse ngokungenakulinganiswa idumela leSonto lokuziphatha. Ngokungenakuphikwa, ukuphikisa okunjalo kwakungalahlekisela abantu abaningi ukuphila, kodwa le minikelo yayiyobe yenzelwe umgomo ongcono kunayo yonke. Engenakuthembela kubantu basekhaya, uHitler wayengeke alinge aye empini futhi ukuphila okuyizigidi ezingokoqobo kwakungasindiswa. . . . Lapho izinkulungwane zamaJalimane amelene nobuNazi zihlushwa zize zife emakamu okuhlushwa kaHitler, lapho izazi zasePoland zibulawa, lapho amakhulu ezinkulungwane amaRashiya efa ngenxa yokuphathwa njengamaSlav Untermenschen [abantu abaphansi], nalapho abantu abangu-6 000 000 bebulawa ngoba ‘bengewona ama-Aryan,’ iziphathimandla zeSonto LobuKatolika eJalimane zawusekela umbuso owawenza lobu bulelesi. UPapa eRoma, inhloko engokomoya nomfundisi ophakeme wokuziphatha weSonto LamaRoma Katolika, wathula.”—Amakhasi 320, 341.
[Isithombe ekhasini 268]
“Kwaze kwakubi, kwaze kwakubi,” kusho ababusi
[Isithombe ekhasini 268]
“Kwaze kwakubi, kwaze kwakubi,” kusho abathengisi