Isahluko 16
UNkulunkulu Weqiniso Nekusasa Lakho
“Kulendawo yonke emangazayo, kunento eyodwa uMuntu angase azizwe eqiniseka ngayo. Ngokuqinisekile umuntu ngokwakhe akayona into engokomoya enkulu kunazo zonke eNdaweni Yonke. . . . Kunokuthile eNdaweni Yonke okukhulu kakhulu ngokomoya kunoMuntu ngokwakhe. . . . Umgomo womuntu uwukufuna ubudlelwane obuseduze nalokho okukhona okungalé kwendawo ebonakalayo, nokukufuna ngenhloso yokuziletha ekuvumelaneni nalokhu okungokoqobo okuphakeme futhi okungokomoya.”—An Historian’s Approach to Religion, ka-Arnold Toynbee.
1. (Hlanganisa nesethulo.) (a) Yini isazi-mlando uToynbee ayiqaphela ngomuntu nendawo yonke? (b) IBhayibheli lithi kuyini lokho okuthile “okungokoqobo okuphakeme futhi okungokomoya”?
PHAKATHI nengxenye enkulu yeminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha edlule, isintu siye safuna, ngentshiseko enkulu noma encane, ukuba sithole lokho “okungokoqobo okuphakeme futhi okungokomoya.” Inkolo ngayinye enkulu iye yanikeza lokho okungokoqobo igama elihlukile. Kuxhomeke ekutheni ungowayiphi inkolo—ungumHindu, umMuslim, umBuddha, umShinto, umConfucian, umTao, umJuda, umKristu, noma iyiphi enye—ninalo igama lalokhu “okungokoqobo okuphakeme futhi okungokomoya.” Kodwa iBhayibheli linikeza lokhu okungokoqobo igama, ubulili, nobuntu—uJehova, uNkulunkulu ophilayo. LowoNkulunkulu ohlukile wathi kuKoresi Omkhulu wasePheresiya: “Mina nginguJehova, akakho omunye; ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu; . . . Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo.”—Isaya 45:5, 12, 18; IHubo 68:19, 20.
UJehova—UNkulunkulu Wesiprofetho Esinokwethenjelwa
2. Uma sifuna ukuba nokwaziswa okunokwethenjelwa ngekusasa, ubani okumelwe siphendukele kuye, futhi ngani?
2 UJehova uyisiphetho esiyiso sokufuna kwesintu uNkulunkulu. UJehova uye wazembula ngokwakhe njengoNkulunkulu wesiprofetho ongabikezela isiphelo kusukela ekuqaleni. Wathi ngoIsaya umprofethi: “Khumbulani izinto zakuqala zamandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami, engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami, . . . yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza.”—Isaya 46:9-11; 55:10, 11.
3. (a) Yiziphi izenzakalo esingazibikezela kusengaphambili ngesiprofetho seBhayibheli? (b) Yini uSathane aye wayenza kwabangakholwa, futhi ngani?
3 Njengoba sinoNkulunkulu wesiprofetho onjalo onokwethenjelwa, singakwazi lokho okuzokwenzeka esimisweni sezwe sezinkolo ezihlukanisayo. Singabikezela futhi lokho okuyokwehlela izinhlangano zezombangazwe ezinamandla ezibonakala zilawula ikusasa lezwe. Ngisho nangaphezu kwalokho, singasibikezela isiphetho esilindele “unkulunkulu walelizwe,” uSathane, ‘ophuphuthekisile izingqondo zabangakholwa’ ngezinkolo eziningi eziye zadedisela isintu kude noNkulunkulu weqiniso, uJehova. Futhi kungani uSathane eye wenza lomsebenzi wokuphuphuthekisa? Ukuze “kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.”—2 Korinte 4:3, 4; 1 Johane 5:19.
4. Imiphi imibuzo ngomhlaba nekusasa lomuntu edinga ukuphendulwa?
4 Singakwazi futhi lokho okungalé kwalezenzakalo ezabikezelwa. Ingabe ekugcineni umhlaba uyotholakala ukusiphi isimo? Ungcolisiwe? Wonakalisiwe? Ungenamahlathi? Noma ingabe kuyoba nokudalwa kabusha komhlaba nohlanga lwesintu? Njengoba sizobona, iBhayibheli liyayiphendula yonke lemibuzo. Kodwa okokuqala ake siphendulele ukunakekela kwethu ezenzakalweni zesikhathi esizayo esiseduze.
“IBabiloni Elikhulu” Liyabonakala
5. Yini uJohane ayibona embonweni?
5 Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo yembulwa kumphostoli uJohane esiqhingini sasePhatmose ngonyaka ka-96 C.E. Iveza imibono ekhanyayo yezenzakalo ezinkulu ezizokwenzeka esikhathini sokuphela, okuyisikhathi, ngokobufakazi beBhayibheli, isintu ebesiphila kuso kusukela ngo-1914.a Kuleyomibono engokomfanekiso uJohane ayibona embonweni, omunye kwakungowesifebe esihlobe ngokweqile, nesingenasimilo, esibizwa ngokuthi “IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA.” Sasikusiphi isimo? “Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu.”—IsAmbulo 17:5, 6.
6. Kungani iBabiloni Elikhulu lingameleli ingxenye yezwe yezombangazwe ebusayo?
6 Lona wesifazane umelela bani? Asishiywa ukuba siziqagelele ukuthi ungubani. Ngenqubo yokubona lokho angeyikho kuqala, kungahlaluka ukuthi ungubani. Kuwo lowombono ofanayo, uJohane uzwa ingelosi ithi: “Woza lapha, ngikutshengise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi, afeba naso amakhosi omhlaba, nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.” Uma amakhosi, noma ababusi, bomhlaba befeba naso, khona-ke kusho ukuthi lesifebe asinakumelela ingxenye yezwe yezombangazwe ebusayo.—IsAmbulo 17:1, 2, 18.
7. (a) Kungani iBabiloni Elikhulu lingameleli ingxenye yezohwebo? (b) IBabiloni Elikhulu limelelani?
7 Khona lokho kulandisa kusitshela ukuthi “nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.” Ngakho-ke iBabiloni Elikhulu alinakumelela ingxenye yezwe yamabhizinisi, noma “abathengisi.” Nokho, umbhalo ophefumlelwe uthi: “Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi.” Iyiphi enye ingxenye eyinhloko yalesimiso sezwe esele efanelana nencazelo yesifebe esingokomfanekiso esifeba nababusi bezombangazwe, sihweba nezinkampane zezamabhizinisi, futhi sihlezi enkazimulweni phezu kwabantu, izixuku, izizwe, nezilimi? Yinkolo yamanga ngazo zonke izimo zayo ezihlukahlukene!—IsAmbulo 17:15; 18:2, 3.
8. Yimaphi amanye amaqiniso aqinisekisa ukuthi liyini iBabiloni Elikhulu?
8 Lokhu kubonakala kweBabiloni Elikhulu ukuthi lingubani kuqinisekiswa ukulilahla kwengelosi ngenxa ‘yokuthakatha kwalo izizwe zonke ezidukiswe yikho.’ (IsAmbulo 18:23) Zonke izinhlobo zokuthakatha zingezenkolo futhi ziphefumlelwe amademoni. (Duteronomi 18:10-12) Ngakho, iBabiloni Elikhulu kumelwe ukuba lifanekisela indikimba engokwenkolo. Ubufakazi obungokweBhayibheli bubonisa ukuthi liyiwo wonke umbuso kaSathane wezwe wenkolo yamanga, oshoshozelwa nguye ezingqondweni zabantu ukuze asuse ukunakekela kuNkulunkulu weqiniso, uJehova.—Johane 8:44-47; 2 Korinte 11:13-15; IsAmbulo 21:8; 22:15.
9. Yimiphi imicu efanayo etholakala ezinkolweni eziningi?
9 Njengoba sibonile kuyo yonke lencwadi, kunemicu efanayo kuyo yonke lenkimbinkimbi ekhungathekisayo yezinkolo zomhlaba. Imisuka yezinkolo eziningi isezinganekwaneni. Cishe zonke zihlanganiswe uhlobo oluthile lokukholelwa kulokho okuthiwa umphefumulo womuntu ongafi osindayo ekufeni futhi uye ekuphileni kwangemva kokufa noma uthuthele kwesinye isidalwa. Eziningi zinesici esifanayo sokukholelwa endaweni esabekayo yokuhlushwa kanye nokuzwiswa ubuhlungu ebizwa ngokuthi isihogo. Ezinye zihlanganiswe izinkolelo zasendulo zobuqaba zobuthathu emunye, oziqu-zintathu, nakonkulunkulukazi abangomama. Ngakho-ke, kumane nje kungokufanelekile ukuba zonke zihlanganiswe ndawonye ngaphansi komfanekiso owodwa ohlangene wesifebe “iBabiloni Elikhulu.”—IsAmbulo 17:5.
Isikhathi Sokubaleka Enkolweni Yamanga
10. Yisiphi isiphetho esiprofethiwe ngesifebe esingokwenkolo?
10 Yini iBhayibheli elibikezela ukuthi iyoba isiphetho sokugcina salesifebe esigubuzele imbulunga yonke? Ngolimi olungokomfanekiso, incwadi yesAmbulo ichaza ukubhujiswa kwaso ezandleni zengxenye yezombangazwe. Lena ifanekiswe ‘ngezimpondo eziyishumi’ ezisekela iZizwe Ezihlangene, “isilo esibomvu” esiwumfanekiso wesimiso sezombangazwe sikaSathane esigcwele igazi.—IsAmbulo 16:2; 17:3-16.b
11. (a) Kungani uNkulunkulu eyilahla inkolo yamanga? (b) Yini ezokwenzeka ngeBabiloni Elikhulu?
11 Lokhu kubhujiswa kombuso kaSathane wezwe wenkolo yamanga kuyoba umphumela wesahlulelo esibuhlungu sikaNkulunkulu kulezinkolo. Ziyobe zitholakale zinecala lokufeba ngokomoya ngenxa yokuzihlanganisa namashende azo ezombangazwe acindezelayo nokuwasekela kwazo. Inkolo yamanga iye yangcolisa izingubo zayo ngegazi elingenacala njengoba ngenxa yokushisekela ubuzwe iye yahlanganyela nesigaba esibusayo esiphakeme sesizwe ngasinye ezimpini zaso. Ngakho-ke, uJehova ukufaka ezinhliziyweni zengxenye yezombangazwe ukuba ifeze intando yakhe ngokumelene neBabiloni Elikhulu futhi ilibhubhise.—IsAmbulo 17:16-18.
12. (a) Yini okumelwe uyenze manje ukuze usindiswe lapho iBabiloni libhujiswa? (b) Yiziphi izimfundiso ezihlukanisa inkolo yeqiniso?
12 Njengoba izinkolo zezwe zijamelene nekusasa elinjalo, yini okumelwe uyenze? Impendulo ikulokho uJohane ezwa kushiwo yizwi elivela ezulwini lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo, ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.” Ngakho-ke, manje isikhathi sokulalela isiyalo sengelosi sokuphuma embusweni kaSathane wezwe wenkolo yamanga futhi sihlanganyele ekukhulekelweni kukaJehova kweqiniso. (Bheka ibhokisi, ekhasini 377.)—IsAmbulo 17:17; 18:4, 5; qhathanisa noJeremiya 2:34; 51:12, 13.
IArmagedoni Iseduze
13. Yiziphi izenzakalo okumelwe zenzeke ngokushesha?
13 IsAmbulo sithi “kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo.” Ngazo zonke izinkomba zeBhayibheli ezingokwesiprofetho, lolo “lusuku lunye,” noma isikhathi esifushane sokubhujiswa okusheshayo, manje siseduze. Eqinisweni, ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu kuyoholela enkathini ‘yosizi olukhulu’ efinyelela umvuthwandaba “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke . . . iHarmagedoni.” Leyompi yeArmagedoni iyoholela ekunqotshweni kwesimiso sikaSathane sezombangazwe nasekuphonsweni kwakhe kwalasha. Kuyoqala izwe elisha lokulunga!—IsAmbulo 16:14-16; 18:7, 8; 21:1-4; Mathewu 24:20-22.
14, 15. Yisiphi isiprofetho seBhayibheli ngokusobala esisondela ekugcwalisekeni kwaso?
14 Kakade, esinye isiprofetho seBhayibheli esivelele sisondela ekugcwalisekeni kwaso phambi kwamehlo ethu. Umphostoli uPawulu waprofetha futhi waxwayisa: “Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa, ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle, khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.”—1 Thesalonika 5:1-3.
15 Kungase kubonakale sengathi izizwe ebezikade zilwa zodwa futhi zingathembani manje zisondela ngokuxwaya esimweni ezizokwazi ngaso ukumemezela ukuthula nokulondeka komhlaba. Ngakho-ke, uma sibheka ngakolunye uhlangothi, siyazi ukuthi usuku lwesahlulelo sikaJehova phezu kwenkolo yamanga, izizwe, nombusi wazo, uSathane luseduze.—Zefaniya 2:3; 3:8, 9; IsAmbulo 20:1-3.
16. Kungani iseluleko sikaJohane sifaneleka kangaka namuhla?
16 Izigidi namuhla ziphila ukuphila kwazo ngokungathi yizinto ezibonakalayo kuphela ezihlala njalo futhi ezibaluleke kakhulu. Nokho, lokho lelizwe elonakele elikunikezayo kuwubala futhi kuyadlula. Kungakho iseluleko sikaJohane sifaneleka kangaka: “Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye, ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” Ingabe awunakukhetha ukuhlala kuze kube-phakade?—1 Johane 2:15-17.
Izwe Elisha Elithenjisiwe
17. Yini ikusasa eliyiphathele labo abafuna uNkulunkulu weqiniso?
17 Njengoba uNkulunkulu ezokwahlulela izwe ngoKristu Jesu, yini ezolandela? Emuva lé, emiBhalweni yesiHeberu, uNkulunkulu waprofetha ukuthi wayezofeza injongo yakhe yokuqala esintwini kulomhlaba, okungukuthi, ukuba nomkhaya wesintu olalelayo ojabulela ukuphila okuphelele emhlabeni oyipharadesi. Ukuzama kukaSathane ukugumbuqela leyonjongo akuzange kusishafise isithembiso sikaNkulunkulu. Ngakho, iNkosi uDavide yayingabhala: “Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho . . . Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:9-11, 29; Johane 5:21-30.
18-20. Yiziphi izinguquko ezizokwenzeka kulomhlaba?
18 Ngemva kwalokho umhlaba uyoba kusiphi isimo? Ingabe uyobe ungcoliswe ngokuphelele? Uwumlotha? Ungenamahlathi? Phinde! Ekuqaleni uJehova wayehlose ukuba umhlaba ube ipaki eliyipharadesi elihlanzekile, yonke into isesilinganisweni. Ithuba lalokho lisekhona naphezu kokuxhaphaza komuntu umhlaba. Kodwa uJehova uthembisile ukuthi ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ Isimo esisondela ekubhujisweni kwembulunga yonke siye saba khona kulelikhulu lama-20 leminyaka kuphela. Khona-ke, sinazo zonke izizathu zokukholelwa ukuthi ngokushesha uJehova uzothatha isinyathelo sokuvikela impahla yakhe, indalo yakhe.—IsAmbulo 11:18; Genesise 1:27, 28.
19 Lolushintsho luzokwenzeka ngokushesha ngaphansi kwelungiselelo likaNkulunkulu ‘lezulu elisha nomhlaba omusha.’ Aluyikusho isibhakabhaka esisha nonozungezilanga omusha, kodwa, kunalokho luyosho ububusi obusha obungokomoya phezu komhlaba owenziwe musha owakhiwe umphakathi wesintu esenziwe sisha. Kulelozwe elisha, ngeke libe khona ithuba lokuxhaphaza abanye abantu noma izilwane. Ngeke bube khona ubudlova noma ukuchithwa kwegazi. Ngeke kube khona ukungabi namakhaya, noma indlala, noma ukucindezelwa.—IsAmbulo 21:1; 2 Petru 3:13.
20 IZwi likaNkulunkulu lithi: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba-njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. . . . Impisi iyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube-ngukudla kwenyoka; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele, usho uJehova.”—Isaya 65:17-25.
Isisekelo Sezwe Elisha
21. Kungani izwe elisha liyinto eqinisekile?
21 Ungase ubuze, ‘Konke lokhu kuyokwenzeka kanjani?’ Ngoba “uNkulunkulu ongaqambi amanga [w]akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade” ukuthi isintu sasiyobuyiselwa futhi sibe nokuphila okuphakade sinokuphelela. Futhi isisekelo salelithemba yileso umphostoli uPetru asiveza encwadini yakhe yokuqala eyayiya kumaKristu agcotshiwe ayekanye nawo: “Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe-nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, sibe-nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo.”—Thithu 1:1, 2; 1 Petru 1:3, 4.
22. Yini ebalulekile ethembeni lezwe elisha, futhi ngani?
22 Uvuko lukaJesu Kristu lubalulekile ethembeni lezwe elisha lokulunga ngoba umiswe uNkulunkulu ukuba abuse esemazulwini phezu komhlaba ohlanziwe. UPawulu naye wayigcizelela indlela olubaluleke ngayo uvuko lukaKristu lapho ebhala: “Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo. Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. Ngokuba njengalokhu kuAdamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.”—1 Korinte 15:20-22.
23. (a) Kungani uvuko lukaKristu lubalulekile? (b) Yimuphi umyalo uJesu ovusiwe awunika abalandeli bakhe?
23 Ukufa kukaKristu komhlatshelo njengesihlengo esifanele novuko lwakhe kwabeka isisekelo sethemba ‘lezulu elisha,’ ububusi boMbuso, nohlanga lwesintu oluguquliwe, olwenziwe lusha, umphakathi ‘womhlaba omusha.’ Uvuko lwakhe futhi lwanezela umfutho ekushumayeleni nasekufundiseni okwenziwa abaphostoli bakhe abathembekile. Ukulandisa kuyasitshela: “Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyontaba uJesu [ovusiwe] ayebayalele yona; sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza. UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.”—Mathewu 19:28, 29; 28:16-20; 1 Thimothewu 2:6.
24. Yisiphi esinye isibusiso uvuko lukaJesu olusiqinisekisayo?
24 Uvuko lukaJesu luqinisekisa futhi esinye isibusiso ngesintu—uvuko lwabafileyo. Ukuvusa kukaJesu uLazaru kwabafileyo kwakuyisibonakaliso sovuko oluyohlanganisa abaningi ngokwengeziwe esikhathini esizayo. (Bheka amakhasi 249-50.) UJesu wayethé: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, abenzé ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenzé okubi ekuvukeni kokulahlwa.”—Johane 5:28, 29; 11:39-44; IzEnzo 17:30, 31.
25. (a) Yikuphi ukukhetha okuyotholakalela bonke ezweni elisha? (b) Luhlobo luni lwenkolo oluyoba khona ezweni elisha?
25 Yeka injabulo okuyiyo ukukwazi futhi ukwamukela abathandekayo bethu, isizukulwane ngasinye cishe senze lokho ngokuphumelelayo! Lapho ezweni elisha, ngalesosikhathi umuntu ngamunye uyokwazi ukunquma ngaphansi kwezimo eziphelele ukuthi uyomkhulekela yini uNkulunkulu weqiniso, uJehova, noma uyolahlekelwa ukuphila njengomphikisi. Yebo, ezweni elisha, kuyoba nenkolo eyodwa kuphela, uhlobo olulodwa lokukhulekela. Lonke udumo luyoya kuMdali onothando, futhi sonke isintu esilalelayo siyonanela amazwi omhubi: “Ngiyakukuphakamisa wena-Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade. . . . Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.”—IHubo 145:1-3; IsAmbulo 20:7-10.
26. Kungani kufanele uhlole iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli?
26 Manje njengoba usuziqhathanisile izinkolo ezinkulu zezwe, sikumema ukuba ulihlole ngokuqhubekayo iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, okusekelwe kulo izinkolelo zoFakazi BakaJehova. Zibonele ngokwakho ukuthi uNkulunkulu weqiniso angatholakala. Kungakhathaliseki ukuthi ungumHindu, umMuslim, umBuddha, umShinto, umConfucian, umTao, umJuda, umKristu, noma ungowolunye ukholo, manje isikhathi sokuhlola ubuhlobo bakho noNkulunkulu weqiniso nophilayo. Ngokunokwenzeka inkolo yakho wayinqunyelwa indawo owazalelwa kuyo, owawungenakwenza lutho ngakho. Ngokuqinisekile, akukho lutho olukulahlekelayo ngokuhlola lokho iBhayibheli elikushoyo ngoNkulunkulu. Empeleni, lokhu kungaba ithuba lokuphila kwakho konke lokwazi injongo kaNkulunkulu oyiNkosi enguMbusi ngalomhlaba nangesintu esikuwo. Yebo, ukufuna kwakho ngobuqotho uNkulunkulu weqiniso kunganeliswa ngokutadisha iBhayibheli nezithunywa zikaJehova, oFakazi bakhe, abakulethele lencwadi.
27. (a) Yisiphi isimemo uJesu asidlulisela kuwe? (b) Ngokuvumelana nesihloko salencwadi, yini uIsaya amema wonke umuntu ukuba ayenze?
27 UJesu wayenganteli lapho ethi: “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.” Ungaba phakathi kwalabo abamtholile uNkulunkulu weqiniso uma ulalela isigijimi somprofethi uIsaya: “Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze. Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba-nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu.”—Mathewu 7:7; Isaya 55:6, 7.
28. Obani abangakusiza ukuba uthole uNkulunkulu weqiniso?
28 Uma ufuna uNkulunkulu weqiniso, zizwe ukhululekile ukuthintana noFakazi BakaJehova.c Ngaphandle kwemali bayokujabulela ukukusiza ukuba umazi ngokuseduze uBaba nentando yakhe isikhathi sisekhona.—Zefaniya 2:3.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukuhlanganiswa okuningiliziwe kwezinsuku zokugcina, bheka ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., 1982, amakhasi 148-54.
b Ukuze uthole ukucatshangelwa okuningiliziwe kwaleziprofetho ezikusAmbulo, bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., 1988, izahluko 33-37.
c Ukuze uthole uhlu lwamakheli, bheka ekhasini 384.
[Ibhokisi/Isithombe esisekhasini 377]
Indlela Yokubona Inkolo Yeqiniso
1. Inkolo yeqiniso ikhulekela okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova.—Duteronomi 6:4, 5; IHubo 146:5-10; Mathewu 22:37, 38.
2. Inkolo yeqiniso isimema ukuba siye kuNkulunkulu ngoKristu Jesu.—Johane 17:3, 6-8; 1 Thimothewu 2:5, 6; 1 Johane 4:15.
3. Inkolo yeqiniso ifundisa futhi iqhube uthando olungenabugovu.—Johane 13:34, 35; 1 Korinte 13:1-8; 1 Johane 3:10-12.
4. Inkolo yeqiniso ihlala ingangcolisiwe ezombangazwe zezwe nezingxabano. Ayithathi-hlangothi ngesikhathi sempi.—Johane 18:36; Jakobe 1:27.
5. Inkolo yeqiniso yenza uNkulunkulu abe neqiniso ngokwamukela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu.—Roma 3:3, 4; 2 Thimothewu 3:16, 17; 1 Thesalonika 2:13.
6. Inkolo yeqiniso ayivumelani nempi noma ubudlova bomuntu siqu.—Mika 4:2-4; Roma 12:17-21; Kolose 3:12-14.
7. Inkolo yeqiniso ibahlanganisa ngokuphumelelayo abantu bazo zonke izinhlanga, izilimi, nezizwe. Ayishumayeli ubuzwe noma inzondo, kodwa uthando.—Isaya 2:2-4; Kolose 3:10, 11; IsAmbulo 7:9, 10.
8. Inkolo yeqiniso imelela ukukhonza uNkulunkulu, hhayi ngenzuzo yobugovu noma iholo, kodwa ngenxa yothando. Ayibakhazimulisi abantu. Ikhazimulisa uNkulunkulu.—1 Petru 5:1-4; 1 Korinte 9:18; Mathewu 23:5-12.
9. Inkolo yeqiniso imemezela uMbuso kaNkulunkulu njengethemba lomuntu eliqinisekile, hhayi ifilosofi ethile yezombangazwe noma yezenhlalo.—Marku 13:10; IzEnzo 8:12; 28:23, 30, 31.
10. Inkolo yeqiniso ifundisa iqiniso ngokuphathelene nenjongo kaNkulunkulu ngomuntu nomhlaba. Ayifundisi amanga angokwenkolo omphefumulo ongafi nokuhlushwa phakade esihogweni. Ifundisa ukuthi uNkulunkulu uluthando.—AbAhluleli 16:30, NW; Isaya 45:12, 18; Mathewu 5:5; 1 Johane 4:7-11; IsAmbulo 20:13, 14.
[Isithombe]
OFakazi bayashumayela eNetherlands
[Izithombe ekhasini 373]
Umhlaba ungaba yipharadesi—ngalokho kudingeka uhulumeni wezwe wokulunga, ohlala njalo, futhi uNkulunkulu uwuthembisile
[Isithombe ekhasini 374]
Ngaphambi kokubuyela ezulwini, uJesu wayala abafundi bakhe ukuba bashumayele futhi bafundise izindaba ezinhle emhlabeni wonke
[Isithombe ekhasini 379]
Uvuko lwabafileyo luyoletha injabulo emkhayeni wesintu emhlabeni kabanzi