ISahluko 39
INkosi Eyiqhawe Iyanqoba E-Armagedoni
Umbono 13—IsAmbulo 19:11-21
Isihloko: UJesu uhola amabutho asezulwini ukuba abhubhise isimiso sezinto sikaSathane
Isikhathi sokugcwaliseka: Ngemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu
1. Yini i-Armagedoni, futhi yini eholela kuyo?
I-ARMAGEDONI—igama elisabisayo kwabaningi! Kodwa kubathandi bokulunga, limelela usuku olukade lulindelwe lapho uJehova eyokhipha khona isahlulelo sokugcina ezizweni. Akuyona impi yomuntu kodwa ‘yimpi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’—usuku lwakhe lwempindiselo kubabusi bomhlaba. (IsAmbulo 16:14, 16; Hezekeli 25:17) Ngokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu, usizi olukhulu luyobe seluqalile kakade. Khona-ke, siqhutshwa uSathane, isilo sasendle esibomvu nezimpondo zaso eziyishumi siyogxilisa ukuhlasela kwaso kubantu bakaJehova. UDeveli, eyithukuthelele ngaphezu kwanoma yinini ngaphambili inhlangano kaNkulunkulu enjengomfazi, uzimisele ukusebenzisa iziphukuphuku zakhe ekulweni kuze kube sekugcineni nabasele benzalo yowesifazane. (IsAmbulo 12:17) Leli ithuba likaSathane lokugcina!
2. Ungubani uGogi wakwaMagogi, futhi uJehova umenza kanjani ukuba ahlasele abantu baKhe siqu?
2 Ukuhlasela kukaDeveli konya kuchazwe ngokucacile kuHezekeli isahluko 38. Lapho, uSathane othotshisiwe ubizwa ngokuthi ‘uGogi wezwe lakwaMagogi.’ UJehova ufaka izingwegwe ezingokomfanekiso emihlathini kaGogi, emdonsela ekuhlaseleni yena kanye nempi yakhe enkulu. Ukwenza kanjani lokhu? Ngokubangela ukuba uGogi abone oFakazi baKhe benjengabantu abangavikelekile ‘ababuthwe ezizweni, beqongelela umcebo nempahla, behlala enkabeni yomhlaba.’ Laba bavelele emhlabeni njengabantu okuwukuphela kwabo abaye benqaba ukukhulekela isilo sasendle nomfanekiso waso. Amandla abo nokuchuma okungokomoya kuyamthukuthelisa uGogi. Ngakho uGogi namabutho empi yakhe amaningi, kuhlanganise nesilo sasendle esivela olwandle nezimpondo zaso eziyishumi, bathuthelekela ukuzobulala. Nokho, ngokungafani neBhabhiloni Elikhulu, abantu bakaNkulunkulu abahlanzekile bajabulela isivikelo saphezulu!—Hezekeli 38:1, 4, 11, 12, 15; IsAmbulo 13:1.
3. UJehova uwachitha kanjani amabutho kaGogi ahlomile?
3 UJehova umchitha kanjani uGogi naso sonke isixuku sakhe? Lalela! “‘Ngiyombizela inkemba kuso sonke isifunda sami sezintaba,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova. ‘Inkemba yomuntu ngamunye iyomelana nomfowabo.’” Kodwa izikhali zenuzi noma zolunye uhlobo aziyikusetshenziswa kuleyo mpi, ngoba uJehova uyamemezela: “Ngiyozingenisa ekwahluleleni kanye naye, ngesifo esiwumshayabhuqe nangegazi; futhi ngiyonisa phezu kwakhe naphezu kwamaviyo akhe naphezu kwezizwe eziningi eziyobe zikanye naye imvula ekhukhulayo namatshe esichotho, umlilo nesibabule. Ngokuqinisekile ngiyozikhulisa ngizingcwelise ngizenze ngaziwe phambi kwamehlo ezizwe eziningi; ziyokwazi ukuthi nginguJehova.”—Hezekeli 38:21-23; 39:11; qhathanisa noJoshuwa 10:8-14; AbAhluleli 7:19-22; 2 IziKronike 20:15, 22-24; Jobe 38:22, 23.
Obizwa Ngokuthi “OThembekileyo NoQinisileyo”
4. UJohane umchaza kanjani uJesu Kristu emvunulweni yempi?
4 UJehova ubiza inkemba. Ubani lona osebenzisa le nkemba? Lapho sibuyela kusAmbulo, sithola impendulo komunye futhi umbono ovusa amadlingozi. Phambi kwamehlo kaJohane amazulu ayavuleka ukuze embule okuthile okumangaza ngempela—uJesu Kristu ngokwakhe embethe imvunulo yempi! UJohane uyasitshela: “Ngabona futhi izulu livulekile, bheka! ihhashi elimhlophe. Oligibele ubizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo, wahlulela futhi alwe ngokulunga. Amehlo akhe ayilangabi lomlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi.”—IsAmbulo 19:11, 12a.
5, 6. Yini eboniswa (a) “ihhashi elimhlophe”? (b) igama elithi “oThembekileyo noQinisileyo”? (c) amehlo ‘anjengelangabi lomlilo’? (d) ‘yimiqhele eminingi’?
5 Njengasembonweni wangaphambili wabagibeli bamahhashi abane, leli “hhashi elimhlophe” liwuphawu olufanelekayo lwempi yokulunga. (IsAmbulo 6:2) Futhi iyiphi emadodaneni kaNkulunkulu engaba elunge ukwedlula leli Qhawe elinamandla? Njengoba libizwa ngokuthi “oThembekileyo noQinisileyo,” kumelwe ukuba ‘lingufakazi othembekile noqinisile,’ uJesu Kristu. (IsAmbulo 3:14) Ulwela ukukhipha izahlulelo zikaJehova zokulunga. Kanjalo, usebenza esikhundleni sakhe njengoMahluleli kaJehova omisiwe, “uNkulunkulu Onamandla.” (Isaya 9:6) Amehlo akhe ayesabeka, ‘njengelangabi lomlilo,’ abheke ekubhujisweni kwezitha zakhe okuzayo okunjengomlilo.
6 Imiqhele isekhanda lale Nkosi eyiQhawe. Isilo sasendle uJohane asibona siphuma olwandle sasinemiqhele eyishumi, okubonisa ububusi baso besikhashana emhlabeni. (IsAmbulo 13:1) Nokho, uJesu ‘unemiqhele eminingi.’ Ububusi bakhe obukhazimulayo abunakuqhathaniswa, njengoba ‘eyiNkosi yalabo ababusa njengamakhosi noMbusi walabo ababusa njengababusi.’—1 Thimothewu 6:15.
7. Lingubani igama elilotshiwe uJesu analo?
7 Incazelo kaJohane iyaqhubeka: “Unegama elilotshiwe elingaziwa muntu ngaphandle kwakhe.” (IsAmbulo 19:12b) Kakade iBhayibheli liyakhuluma ngeNdodana kaNkulunkulu liyibiza ngamagama anjengokuthi Jesu, Imanuweli, nokuthi Mikayeli. Kodwa leli “gama” elingashiwongo libonakala limelele isikhundla namalungelo uJesu awajabulelayo phakathi nosuku lweNkosi. (Qhathanisa nesAmbulo 2:17.) Lapho echaza uJesu kusukela ngo-1914, u-Isaya uthi: “Igama lakhe kuyothiwa uMeluleki Omangalisayo, uNkulunkulu Onamandla, uYise Ongunaphakade, iSikhulu Sokuthula.” (Isaya 9:6) Umphostoli uPawulu wahlanganisa igama likaJesu namalungelo aKhe enkonzo aphakeme kakhulu lapho ebhala: “[U]Nkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphakeme [uJesu] futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama, ukuze egameni likaJesu wonke amadolo aguqe.”—Filipi 2:9, 10.
8. Kungani kunguJesu kuphela ongazi igama elilotshiwe, futhi uwahlanganyela nobani amanye amalungelo akhe aphakeme?
8 Amalungelo kaJesu ayingqayizivele. Ngaphandle kukaJehova ngokwakhe, uJesu kuphela ongaqonda ukuthi kusho ukuthini ukuba sesikhundleni esiphakeme kangaka. (Qhathanisa noMathewu 11:27.) Ngakho-ke, kuzo zonke izidalwa zikaNkulunkulu, uJesu kuphela ongaliqonda ngokugcwele leli gama. Nokho, uJesu uyamhlanganisa umlobokazi wakhe kwamanye ala malungelo. Ngakho wenza lesi sithembiso: “Onqobayo . . . ngiyoloba kuye . . . leliya gama lami elisha.”—IsAmbulo 3:12.
9. Yini eboniswa (a) ‘ukuvunula’ kukaJesu “ngengubo yangaphandle efafazwe ngegazi”? (b) ukubizwa kukaJesu ngokuthi “uLizwi KaNkulunkulu”?
9 UJohane uyanezela: “Uvunule ngengubo yangaphandle efafazwe ngegazi, igama abizwa ngalo uLizwi KaNkulunkulu.” (IsAmbulo 19:13) ‘Igazi’ likabani leli? Kungaba igazi lokuphila kukaJesu, elachitheka ngenxa yesintu. (IsAmbulo 1:5) Kodwa, kulo mongo, cishe libhekisele egazini lezitha zakhe elichithwa lapho kukhishwa izahlulelo zikaJehova kuzo. Sikhunjuzwa ngombono wangaphambili lapho kuvunwa umvini womhlaba futhi unyathelwa esikhamweni sewayini esikhulu solaka lukaNkulunkulu igazi lize lifike “ematomwini amahhashi”—okubonisa ukunqotshwa okukhulu kwezitha zikaNkulunkulu. (IsAmbulo 14:18-20) Ngokufanayo, igazi elifafazwe engutsheni kaJesu liqinisekisa ukuthi ukunqoba kwakhe kungunqamula-juqu futhi kuphelele. (Qhathanisa no-Isaya 63:1-6.) Manje futhi uJohane ukhuluma ngokubizwa kukaJesu ngegama elithile. Kulokhu yigama elaziwa kakhulu—“uLizwi KaNkulunkulu”—elibonakalisa le Nkosi eyiQhawe njengoMkhulumeli kaJehova Oyinhloko noMlweli weqiniso.—Johane 1:1; IsAmbulo 1:1.
Amaqhawe Akanye NoJesu
10, 11. (a) UJohane ukubonisa kanjani ukuthi uJesu akayedwa empini? (b) Yini eboniswa iqiniso lokuthi amahhashi amhlophe nokuthi abakhweli bamahhashi bambethe “ilineni elimhlophe, elihlanzekile, elicolekileyo”? (c) Obani abakha “amabutho” asezulwini?
10 UJesu akayedwa ekulweni le mpi. UJohane uyasitshela: “Amabutho ayesezulwini ayemlandela egibele amahhashi amhlophe, egqoké ilineni elimhlophe, elihlanzekile, elicolekileyo.” (IsAmbulo 19:14) Iqiniso lokuthi amahhashi “amhlophe” libonisa impi yokulunga. “Ilineni . . . elicolekileyo” libafanele abakhweli bamahhashi beNkosi, futhi ubumhlophe balo obuhlanzekile, obukhazimulayo bubonisa ukuma okumsulwa, okulungile phambi kukaJehova. Khona-ke, obani abakha la “mabutho”? Ngokungangabazeki, bahlanganisa izingelosi ezingcwele. Kwakusekuqaleni kosuku lweNkosi lapho uMikayeli nezingelosi zakhe bekhipha uSathane namademoni akhe ezulwini. (IsAmbulo 12:7-9) Ngaphezu kwalokho, “zonke izingelosi” ziyokhonza uJesu njengoba ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esikhazimulayo futhi ahlulela izizwe nabantu bomhlaba. (Mathewu 25:31, 32) Ngokuqinisekile, empini engunqamula-juqu, lapho izahlulelo zikaNkulunkulu zikhishwa okokugcina, uJesu futhi uyobe enezingelosi zakhe.
11 Nabanye futhi bayohileleka. Lapho eyisa isigijimi sakhe ebandleni laseThiyathira, uJesu wathembisa: “Onqobayo futhi agcine izenzo zami kuze kube sekupheleni ngiyomnika igunya phezu kwezizwe, igunya elifanayo nalelo nami engilamukele kuBaba, uyokwelusa abantu ngenduku yensimbi kangangokuthi bayophihlizwa babe izicucu njengezitsha zobumba.” (IsAmbulo 2:26, 27) Ngaphandle kokungabaza, lapho isikhathi sifika, labo babafowabo bakaKristu asebesezulwini kakade bayoba nengxenye ekwaluseni abantu nezizwe ngaleyo nduku yensimbi.
12. (a) Ingabe izinceku zikaNkulunkulu ezisemhlabeni ziyoba nengxenye ekulweni e-Armagedoni? (b) Abantu bakaJehova emhlabeni bahileleke kanjani e-Armagedoni?
12 Nokho, kuthiwani ngezinceku zikaNkulunkulu ezilapha emhlabeni? Isigaba sikaJohane ngeke sibe nangxenye ekulweni e-Armagedoni; ngokufanayo futhi nabangane baso abathembekile, labo bantu abavela kuzo zonke izizwe abebegelezela endlini kaJehova yokukhulekela engokomoya. Laba bantu abanokuthula kakade sebeye bakhanda izinkemba zabo zaba ngamageja. (Isaya 2:2-4) Kodwa, bahileleke kakhulu! Njengoba sesiphawulile kakade, abantu bakaJehova ababonakala bengavikelekile, yibo abahlaselwa ngonya uGogi naso sonke isixuku sakhe. Lokho kuwuphawu eNkosini kaJehova eyiQhawe, isekelwa amabutho asezulwini, ukuba iqale ukulwa impi yokuqothula lezo zizwe. (Hezekeli 39:6, 7, 11; qhathanisa noDaniyeli 11:44–12:1.) Njengezibukeli, abantu bakaNkulunkulu emhlabeni bayoba nesithakazelo esikhulu. I-Armagedoni iyosho ukusindiswa kwabo, futhi bayophila phakade njengababe ofakazi bokuzibonela bempi kaJehova enkulu yokuzilwela.
13. Sazi kanjani ukuthi oFakazi BakaJehova abamelene nabo bonke ohulumeni?
13 Ingabe lokhu kusho ukuthi oFakazi BakaJehova bamelene nabo bonke ohulumeni? Lutho neze! Bayasilalela iseluleko somphostoli uPawulu: “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme.” Bayaqaphela ukuthi uma nje isimiso samanje sisekhona, lawo ‘magunya aphakeme’ akhona ngemvume kaNkulunkulu ukuze alondoloze isilinganiso esithile sokuhleleka emphakathini wesintu. Kanjalo, oFakazi BakaJehova bakhokha intela, balalela imithetho, bahlonipha imithetho yomgwaqo, bathobela imithetho yokubhalisa, nokunye. (Roma 13:1, 6, 7) Ngaphezu kwalokho, balandela izimiso zeBhayibheli ekubeni ngabaneqiniso nabathembekile; ekuboniseni uthando ngomakhelwane, ekwakheni imikhaya eqinile, enokuziphatha okuhle; kanye nasekufundiseni abantwana babo ukuba babe yizakhamuzi eziyizibonelo. Ngale ndlela ababuyiseli nje kuphela “izinto zikaKhesari kuKhesari, kodwa [babuyisela] izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Luka 20:25; 1 Petru 2:13-17) Njengoba iZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi ohulumeni baleli zwe bangabesikhashana, oFakazi BakaJehova bakulungiselela kwamanje ukuphila okugcwele, ukuphila okuyikho, okuzojatshulelwa ngokushesha ngaphansi kokubusa koMbuso kaKristu. (1 Thimothewu 6:17-19) Nakuba bengeke babe nengxenye ekugumbuqeleni imibuso yaleli zwe, oFakazi baba nokwesaba kwenhlonipho ngenxa yalokho iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli eliNgcwele, elikushoyo ngokuqondene nesahlulelo uJehova azosikhipha e-Armagedoni.—Isaya 26:20, 21; Hebheru 12:28, 29.
Empini Yokugcina!
14. Yini efanekiselwa “inkemba ende ebukhali” ephuma emlonyeni kaJesu?
14 UJesu ukufeza ngaliphi igunya ukunqoba kwakhe? UJohane uyasazisa: “Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ende ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, futhi uyozelusa ngenduku yensimbi.” (IsAmbulo 19:15a) Leyo “nkemba ende ebukhali” imelele igunya likaJesu alinikwe uNkulunkulu lokukhipha imiyalo yokubhujiswa kwabo bonke abenqaba ukusekela uMbuso kaNkulunkulu. (IsAmbulo 1:16; 2:16) Lokhu kufanekisela okucacile kufana namazwi ka-Isaya: “[UJehova] wenza umlomo wami waba njengenkemba ebukhali. Ungifihle ethunzini lesandla sakhe. Kancane kancane wangenza ngaba umcibisholo ophucuziwe.” (Isaya 49:2) Lapha u-Isaya wafanekisela uJesu, omemezela izahlulelo zikaNkulunkulu futhi azikhiphe, njengokungathi ngomcibisholo ongageji.
15. Kuleli qophelo lesikhathi, ubani oyobe esedaluliwe kakade futhi wahlulelwa ukuze kuphawulwe ukuqala kwani?
15 Kuleli qophelo lesikhathi, uJesu uyobe esesithathile kakade isinyathelo egcwalisa amazwi kaPawulu: “Khona-ke, ngempela, ongenamthetho uyokwambulwa, iNkosi uJesu eyomqeda ngomoya womlomo wayo futhi imenze ize ngokubonakaliswa kokuba khona kwayo.” Yebo, ukuba khona kukaJesu (ngesiGreki, pa·rou·siʹa) kuye kwaboniswa kusukela ngo-1914 kuqhubeke ngokwambulwa nangokwahlulelwa komuntu ongenamthetho, abefundisi beLobukholwa. Lokho kuba khona kuyobonakaliswa ngokuphawulekayo lapho izimpondo eziyishumi zesilo sasendle esibomvu zikhipha leso sahlulelo futhi zichitha eLobukhowa, kanye nalo lonke iBhabhiloni Elikhulu. (2 Thesalonika 2:1-3, 8) Lokho kuyoba ukuqala kosizi olukhulu! Ngemva kwalokho, uJesu uphendulela ukunakekela kwakhe kokusele kwenhlangano kaSathane, ngokuvumelana nesiprofetho: “Uyoshaya umhlaba ngenduku yomlomo wakhe; futhi uyobulala omubi ngomoya wezindebe zakhe.”—Isaya 11:4.
16. AmaHubo noJeremiya ayichaza kanjani indima yeNkosi kaJehova eyiQhawe emisiwe?
16 INkosi eyiQhawe, njengomisiwe kaJehova, iyokwahlukanisa phakathi kwalabo abayosinda nalabo abayokufa. UJehova, ekhuluma ngokwesiprofetho nale Ndodana kaNkulunkulu, uthi: ‘Uyobaphula [ababusi bomhlaba] ngentonga yensimbi, ubaphahlaze babe izicucu njengokungathi isitsha sombumbi.’ Futhi uJeremiya ukhuluma nalabo baholi bohulumeni abonakele nezinceku zabo, uthi: “Hewulani, nina belusi, nikhamuluke! Bhuquzani, nina bomhlambi enibakhulu ngokubabazekayo, ngoba izinsuku zenu zokuhlaba nezokuhlakaza kwenu zigcwalisekile, futhi kumelwe niwe njengesitsha esifiselekayo!” Kungakhathaliseki ukuthi labo babusi bebebonakala befiseleka kanjani ezweni elonakele, igalelo elilodwa lentonga yensimbi yeNkosi liyobaphahlaza, njengokungathi liphahlaza isitsha esihle. Kuyoba njengoba nje uDavide aprofetha ngokuqondene neNkosi uJesu: “Induku yezikhwepha zakho uJehova uyoyithumela ivela eZiyoni, ethi: ‘Nqoba phakathi kwezitha zakho.’ UJehova uqobo engasesandleni sakho sokunene ngokuqinisekile uyowaphihliza amakhosi abe yizicucu ngosuku lwentukuthelo yakhe. Uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizwe; uyobangela ukuba kugcwale izidumbu.”—IHubo 2:9, 12; 83:17, 18; 110:1, 2, 5, 6; Jeremiya 25:34.
17. (a) UJohane usichaza kanjani isenzo sokubhubhisa seNkosi eyiQhawe? (b) Landisa ngezinye zeziprofetho ezibonisa indlela oluyoba inhlekelele ngayo usuku lwentukuthelo kaNkulunkulu ezizweni.
17 Le Nkosi eyiQhawe enamandla iyavela futhi esigcawini esilandelayo sombono: “Unyathela isikhamo sewayini sentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” (IsAmbulo 19:15b) Embonweni wangaphambili, uJohane wayesekubonile kakade ukunyathelwa ‘kwesikhamo sewayini esikhulu sentukuthelo kaNkulunkulu.’ (IsAmbulo 14:18-20) U-Isaya futhi uchaza isikhamo sewayini sembubhiso, futhi abanye abaprofethi balandisa ngendlela usuku lwentukuthelo kaNkulunkulu oluyoba yinhlekelele ngayo kuzo zonke izizwe.—Isaya 24:1-6; 63:1-4; Jeremiya 25:30-33; Daniyeli 2:44; Zefaniya 3:8; Zakariya 14:3, 12, 13; IsAmbulo 6:15-17.
18. Umprofethi uJoweli wembulani ngokuqondene nokwahlulela kukaJehova zonke izizwe?
18 Umprofethi uJoweli uhlanganisa isikhamo sewayini nokuza kukaJehova ‘ukuzokwahlulela zonke izizwe ezizungezile.’ Futhi nguJehova okhipha umyalo, ngokungangabazeki kuMahluleli okanye naYe, uJesu, kanye namabutho akhe asezulwini: “Fakani isikela, ngoba isivuno sesivuthiwe. Wozani, yehlani, ngoba isikhamo sewayini sesigcwele. Imigodi yesikhamo empeleni iyachichima; ngoba ububi bazo bube buningi kakhulu. Izixuku, izixuku zisethafeni eliphansi lesinqumo, ngoba usuku lukaJehova luseduze ethafeni eliphansi lesinqumo. Ilanga nenyanga ngokuqinisekile kuyoba mnyama, futhi izinkanyezi empeleni ziyokuhoxisa ukukhanya kwazo. UJehova uyobhonga eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Ngokuqinisekile izulu nomhlaba kuyozamazama; kodwa uJehova uyoba yisiphephelo sabantu bakhe nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli. Nina niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.”—Joweli 3:12-17.
19. (a) Uyophendulwa kanjani umbuzo obuzwe kweyoku-1 Petru 4:17? (b) Lithini igama elilotshwe engutsheni kaJesu, futhi kungani liyobonakala lifanelekile?
19 Ngempela, lolo kuyoba usuku lokulahlwa ngezizwe nabantu abangalaleli kodwa kube usuku lokukhululeka ngabo bonke abaye benza uJehova neNkosi yakhe eyiQhawe isiphephelo sabo! (2 Thesalonika 1:6-9) Isahlulelo esaqala endlini kaNkulunkulu ngo-1918 siyobe sesifike emvuthwandaba waso, siphendula umbuzo okweyoku-1 Petru 4:17: “Kuyoba yini ukuphela kwalabo abangazilaleli izindaba ezinhle zikaNkulunkulu?” UMnqobi okhazimulayo uyobe esesinyathele kwaze kwaba sekugcineni isikhamo sewayini, ebonisa ukuthi ungophakanyisiwe uJohane athi ngaye: “Engutsheni yakhe yangaphandle, ngisho nasethangeni lakhe, unegama elilotshiwe, iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi.” (IsAmbulo 19:16) Uye wazibonakalisa enamandla amakhulu kakhulu ukwedlula noma imuphi umbusi wasemhlabeni, noma iyiphi inkosi engumuntu. Isithunzi sakhe nenkazimulo kwedlulele. Uye waqhubeka “ngenjongo yeqiniso nokuthobeka nokulunga” futhi uye wanqoba phakade! (IHubo 45:4) Ezingutsheni zakhe ezifafazwe ngengazi kulotshwe igama alinikwe iNkosi EnguMbusi uJehova, anguMlweli wayo!
Isidlo Sakusihlwa Esikhulu SikaNkulunkulu
20. UJohane usichaza kanjani ‘isidlo sakusihlwa esikhulu sikaNkulunkulu,’ ekhumbuza ngasiphi isiprofetho sangaphambili esifuze lesi?
20 Embonweni kaHezekeli, ngemva kokubhujiswa kwesixuku sikaGogi, izinyoni nezilwane zasendle zimenyelwa esidlweni! Zihlanza umhlaba ngokudla izidumbu zezitha zikaJehova. (Hezekeli 39:11, 17-20) Amazwi kaJohane alandelayo akhumbuza ngaleso siprofetho ngokucacile: “Ngabona futhi ingelosi imi elangeni, yakhamuluka ngezwi elikhulu yathi kuzo zonke izinyoni ezindiza emkhathini: ‘Wozani lapha, buthanani ndawonye esidlweni sakusihlwa esikhulu sikaNkulunkulu, ukuba nidle inyama yamakhosi nenyama yezinduna zamabutho nenyama yamadoda anamandla nenyama yamahhashi neyalabo abawagibele, nenyama yabo bonke, eyabakhululekile neyezigqila eyabancane nabakhulu.’”—IsAmbulo 19:17, 18.
21. Yini eboniswa (a) ‘ukuma’ kwengelosi “elangeni”? (b) iqiniso lokuthi abafile bayoshiywa bedindilizile phezu komhlaba? (c) uhlu lwalabo abazidumbu zabo ziyoshiywa zingangcwatshiwe? (d) inkulumo ethi “esidlweni sakusihlwa esikhulu sikaNkulunkulu”?
21 Ingelosi “imi elangeni,” indawo enhle yokudonsa ukunakekela kwezinyoni. Izimema ukuba zilungele ukuzisuthisa ngenyama yalabo abazobulawa yiNkosi eyiQhawe namabutho ayo asezulwini. Iqiniso lokuthi abafile bayoshiywa phezu komhlaba libonisa ukuthi bayofa behlazeka obala. NjengoJezebeli wasendulo, ngeke bangcwatshwe ngokuhloniphekile. (2 AmaKhosi 9:36, 37) Uhlu lwalabo abazidumbu zabo ziyoshiywa obala libonisa ubukhulu bembubhiso: amakhosi, izinduna, amaqhawe, abakhululekile, nezigqila. Abekho abasalayo. Kuyosuswa yonke imikhondo yezwe elihlubukayo elimelene noJehova. Ngemva kwalokhu, ngeke lusaba khona ulwandle oluyaluzayo lwesintu esididekile. (IsAmbulo 21:1) Lesi ‘isidlo sakusihlwa esikhulu sikaNkulunkulu,’ njengoba kunguJehova omema izinyoni ukuba zihlanganyele kuso.
22. UJohane ukubeka kanjani ngamafuphi ukuqhubeka kwempi yokugcina?
22 UJohane ukubeka ngamafuphi ukuqhubeka kwempi yokugcina: “Ngabona futhi kubuthene ndawonye isilo sasendle namakhosi omhlaba namabutho awo ngenjongo yokulwa nalowo ohlezi ehhashini nebutho lakhe. Isilo sasendle sabanjwa, kwabanjwa kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo sasendle nalabo abakhulekela umfanekiso waso. Baphonswa bobabili besaphila echibini lomlilo ovutha isibabule. Kodwa bonke abanye babulawa ngenkemba ende yalowo osehhashini, inkemba eyaphuma emlonyeni wakhe. Zonke izinyoni zasutha inyama yabo.”—IsAmbulo 19:19-21.
23. (a) Kungamuphi umqondo ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke impi’ kuyolwiwa “e-Armagedoni”? (b) Isiphi isixwayiso “amakhosi omhlaba” aye ahluleka ukusilalela, futhi kwaba namuphi umphumela?
23 Ngemva kokuthululwa kwesitsha sesithupha solaka lukaJehova, uJohane ubike ukuthi ‘amakhosi ezwe lonke’ inkulumo-ze yobudemoni yawahlanganisela “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” Le mpi ilwelwa e-Armagedoni—ayiyona indawo engokoqobo, kodwa iyisimo somhlaba wonke esidinga ukukhishwa kwesahlulelo sikaJehova. (IsAmbulo 16:12, 14, 16, iBhayibheli lesiZulu elivamile) Manje uJohane ubona impi isihleliwe. Laphaya, abami bemelene noNkulunkulu, yiwo wonke “amakhosi omhlaba, namabutho awo.” Aye enqaba ngenkani ukuzithoba eNkosini kaJehova. Uwanikeze isixwayiso esifanele esigijimini esiphefumulelwe: “Yangani indodana, ukuze [uJehova] [a]ngavuthi ngolaka futhi ningashabalali endleleni.” Njengoba engazange azithobe ekubuseni kukaKristu, kumelwe afe.—IHubo 2:12.
24. (a) Yisiphi isahlulelo esikhishwa esilweni nakumprofethi wamanga, futhi kungamuphi umqondo “besaphila”? (b) Kungani kumelwe ukuba ‘ichibi lomlilo’ lingokomfanekiso?
24 Isilo esinamakhanda ayisikhombisa, esinezimpondo eziyishumi esiphuma olwandle, esimelela inhlangano kaSathane yezombangazwe, siphonswa ekusithekeni, kanye nomprofethi wamanga, umbuso wezwe wesikhombisa. (IsAmbulo 13:1, 11-13; 16:13) “Besaphila,” noma besasebenza ekumelaneni kwabo ngobunye nabantu bakaNkulunkulu emhlabeni, baphonswa “echibini lomlilo.” Ingabe leli ichibi lomlilo lingokoqobo? Cha, njengoba nje nesilo nomprofethi wamanga kungezona izilwane ezingokoqobo. Kunalokho, uphawu lokubhujiswa okuphelele, kokugcina, indawo okungabuywa kuyo. Lapha yilapho, kamuva, ukufa neHayidesi, kanye noDeveli ngokwakhe, beyophonswa khona. (IsAmbulo 20:10, 14) Ngokuqinisekile akusona isihogo sokuhlushwa phakade kwabakhohlakele, njengoba wona kanye umqondo wendawo enjalo wenyanyeka kuJehova.—Jeremiya 19:5; 32:35; 1 Johane 4:8, 16.
25. (a) Bangobani labo ‘ababulawa ngenkemba ende yalowo osehhashini’? (b) Ingabe kumelwe silindele ukuthi bakhona kulabo ‘ababulewe’ abayovuswa?
25 Bonke abanye ababengeyona ingxenye yohulumeni ngokuqondile kodwa nokho ababeyingxenye engenakulungiseka yaleli zwe lesintu elonakele ngokufanayo “babulawa ngenkemba ende yalowo osehhashini.” UJesu uyobahlulela njengabafanelwe ukufa. Njengoba ngokuqondene nabo lingaphawuliwe ichibi lomlilo, ingabe kumelwe silindele ukuthi bayovuswa? Akukho lapho sitshelwa khona ukuthi labo ababulewe uMahluleli kaJehova ngaleso sikhathi bayovuswa. Njengoba uJesu ngokwakhe asho, bonke labo abangezona “izimvu” baya “emlilweni ophakade olungiselwe uDeveli nezingelosi zakhe,” okungukuthi, “ekunqunyweni kwaphakade.” (Mathewu 25:33, 41, 46) Lokhu kuletha emvuthwandaba ‘usuku lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’—2 Petru 3:7; Nahume 1:2, 7-9; Malaki 4:1.
26. Landisa kafushane ngomphumela we-Armagedoni.
26 Ngale ndlela, yonke inhlangano kaSathane yasemhlabeni iyaphela. “Izulu langaphambili” lobubusi bezombangazwe selidlulile. ‘Umhlaba,’ isimiso esibonakala sengathi simi phakade uSathane aye wasakha emakhulwini eminyaka, manje sibhujiswe ngokuphelele. ‘Ulwandle,’ isintu esikhohlakele esimelene noJehova, alusekho. (IsAmbulo 21:1; 2 Petru 3:10) Nokho, yini uJehova ayibekele uSathane ngokwakhe? UJohane uyaqhubeka esitshela.