ISahluko 41
Usuku LukaNkulunkulu Lokwahlulela—Umphumela Walo Ojabulisayo!
Umbono 15—IsAmbulo 20:11–21:8
Isihloko: Uvuko oluvamile, uSuku Lokwahlulela, nezibusiso zamazulu amasha nomhlaba omusha
Isikhathi sokugcwaliseka: UkuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane
1. (a) Isintu salahlekelwa yini lapho u-Adamu no-Eva bona? (b) Iyiphi injongo kaNkulunkulu engazange iguquke, futhi sazi kanjani?
NJENGABANTU, sadalelwa ukuba siphile phakade. Ukuba u-Adamu no-Eva babeyilalele imiyalo kaNkulunkulu, babengeke bafe. (Genesise 1:28; 2:8, 16, 17; UmShumayeli 3:10, 11) Kodwa lapho bona, bona nenzalo yabo balahlekelwa ukuphelela nokuphila, futhi ukufa kwabusa phezu kwesintu njengesitha esinonya. (Roma 5:12, 14; 1 Korinte 15:26) Nokho, injongo kaNkulunkulu yokuba abantu abaphelele baphile phakade emhlabeni oyipharadesi ayizange iguquke. Ngenxa yothando lwakhe olukhulu ngesintu, wathumela emhlabeni iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu, owanikela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele njengesihlengo “sabaningi” benzalo ka-Adamu. (Mathewu 20:28; Johane 3:16) Manje uJesu angasebenzisa le nzuzo engokomthetho yomhlatshelo wakhe ukuba abuyisele abantu abakholwayo ekuphileni okuphelele emhlabeni oyipharadesi. (1 Petru 3:18; 1 Johane 2:2) Yeka isizathu esihle ngesintu sokuba “sijabule sithokoze”!—Isaya 25:8, 9.
2. Yini uJohane ayibikayo kusAmbulo 20:11, futhi siyini “isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe”?
2 USathane esevalelwe kwalasha, ukuBusa kukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane kuyaqala. Manje ‘sekuwusuku’ uNkulunkulu “ajonge ukwahlulela ngalo umhlaba owakhiwe ngokulunga ngomuntu ammisile.” (IzEnzo 17:31; 2 Petru 3:8) UJohane uyamemezela: “Ngabona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nalowo owayehlezi kuso. Umhlaba nezulu kwabaleka phambi kwakhe, indawo yako ayibange isatholakala.” (IsAmbulo 20:11) Siyini lesi “sihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe”? Asinakuba okunye ngaphandle kwesihlalo sokwahlulela ‘sikaNkulunkulu uMahluleli wabo bonke.’ (Hebheru 12:23) Manje uzokwahlulela isintu ngokuqondene nokuthi ubani oyozuza emhlatshelweni kaJesu wesihlengo.—Marku 10:45.
3. (a) Yini eboniswa iqiniso lokuthi isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu kuthiwa “sikhulu” futhi “simhlophe”? (b) Ubani oyokwahlulela ngoSuku Lokwahlulela, futhi ngasiphi isisekelo?
3 Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu “sikhulu,” okugcizelela ubukhulu bukaJehova njengeNkosi EnguMbusi, futhi “simhlophe,” okudonsela ukunakekela ekulungeni kwakhe okungenaphutha. UnguMahluleli omkhulu wesintu. (IHubo 19:7-11; Isaya 33:22; 51:5, 8) Nokho, uye waphathisa uJesu Kristu umsebenzi wokwahlulela: “UYise akahluleli muntu nhlobo, kodwa ukuphathise iNdodana konke ukwahlulela.” (Johane 5:22) Abakanye noJesu ngabangane bakhe abangu-144 000, “[a]banikwa amandla okwahlulela . . . iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:4) Noma kunjalo, izindinganiso zikaJehova ezinqumayo ukuthi yini eyokwenzeka kumuntu ngamunye phakathi noSuku Lokwahlulela.
4. Kusho ukuthini ukuthi “umhlaba nezulu kwabaleka”?
4 Kukanjani ukuthi “umhlaba nezulu kwabaleka”? Leli yilo lelo zulu elamuka njengomqulu ekuvulweni kophawu lwesithupha—imibuso yabantu ebusayo ‘ebekelwe umlilo futhi eyagcinwa kuze kube sosukwini lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ (IsAmbulo 6:14; 2 Petru 3:7) Umhlaba isimiso sezinto esihleliwe esingaphansi kwalobu bubusi. (IsAmbulo 8:7) Ukubhujiswa kwesilo sasendle namakhosi omhlaba namabutho awo, kanye nalabo abamukela uphawu lwesilo sasendle nalabo abakhulekela umfanekiso waso, kuwukubaleka kwaleli zulu nomhlaba. (IsAmbulo 19:19-21) Lapho isahlulelo sesikhishiwe emhlabeni nasezulwini likaSathane, uMahluleli Omkhulu umemezela olunye uSuku Lokwahlulela.
Usuku Lokwahlulela Lweminyaka Eyinkulungwane
5. Ngemva kokuba umhlaba omdala nezulu elidala kubalekile, obani abasalayo ukuba bahlulelwe?
5 Obani abaseleyo ukuba bahlulelwe ngemva kokuba umhlaba omdala nezulu elidala kubalekile? Akuyona insali egcotshiwe yabangu-144 000, ngoba laba sebahlulelwe kakade futhi babekwa uphawu. Uma bekhona abagcotshiwe abasaphila emhlabeni ngemva kwe-Armagedoni, kumelwe bafe ngokushesha ngemva kwalokho futhi bamukele umvuzo wabo wasezulwini ngovuko. (1 Petru 4:17; IsAmbulo 7:2-4) Nokho, izigidi zesixuku esikhulu manje eziphume osizini olukhulu zimi obala “phambi kwesihlalo sobukhosi.” Kakade laba sebeye babalwa njengabalungile ukuze basinde ngenxa yokholo lwabo egazini likaJesu elachitheka, kodwa ukwahlulelwa kwabo kumelwe kuqhubeke phakathi neminyaka eyinkulungwane njengoba uJesu eqhubeka ebaqondisa “emithonjeni yamanzi okuphila.” Khona-ke, lapho sebebuyiselwe ekupheleleni kobuntu futhi ngemva kwalokho bavivinywa, kuyothiwa balungile ngomqondo ophelele. (IsAmbulo 7:9, 10, 14, 17) Abantwana abasinda osizini olukhulu kanye nanoma ibaphi abantwana abazalwa isixuku esikhulu phakathi neMinyaka Eyinkulungwane ngokufanayo bayodinga ukwahlulelwa phakathi neminyaka eyinkulungwane.—Qhathanisa noGenesise 1:28; 9:7; 1 Korinte 7:14.
6. (a) Isiphi isixuku esikhulu uJohane asibonayo, futhi yini eboniswa amazwi athi “abakhulu nabancane”? (b) Ngokuqinisekile ziyovuswa kanjani izigidi ezingenakubalwa ezisenkumbulweni kaNkulunkulu?
6 Nokho, uJohane ubona abantu abaningi kakhulu kunesixuku esikhulu esisindile. Inani laso liyofinyelela izinkulungwane zezigidi! “Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi, futhi imiqulu yavulwa.” (IsAmbulo 20:12a) “Abakhulu nabancane” bahlanganisa abavelele kanye nabangavelele besintu abaye baphila futhi bafa kulo mhlaba phakathi neminyaka engu-6 000 edlule. EVangelini umphostoli uJohane alibhala ngokushesha ngemva kwesAmbulo, uJesu wathi ngoYise: “Uyinike [iNdodana uJesu] negunya lokuba yahlulele, ngoba iyiNdodana yomuntu. Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo baphume.” (Johane 5:27-29) Yeka umsebenzi omangalisayo—ukuqedwa kokufa nemingcwabo kuwo wonke umlando! Ngokungangabazeki lezo zigidi ezingenakubalwa ezisenkumbulweni kaNkulunkulu ziyovuswa kancane kancane ukuze isixuku esikhulu—esincane kakhulu ngokuqhathaniswa—sikwazi ukusingatha izinkinga ezingase ziphakame ngoba abavusiwe ekuqaleni bangase bathambekele ekulandeleni indlela yabo endala yokuphila, nobuthaka bayo benyama nesimo sayo sengqondo.
Obani Abavuswayo Futhi Bahlulelwe?
7, 8. (a) Yimuphi umqulu ovulwayo, futhi yini eyenzekayo ngemva kwalokho? (b) Obani abangeke bavuswe?
7 UJohane uyanezela: “Kodwa nomunye umqulu wavulwa; umqulu wokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngokwalezo zinto ezazilotshwe emiqulwini ngokwezenzo zabo. Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidesi kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa ngamunye ngokwezenzo zabo.” (IsAmbulo 20:12b, 13) Umbukwane omangalisayo ngempela! ‘Ulwandle, ukufa, neHayidesi’ ngakunye kunengxenye, kodwa phawula ukuthi ngalinye lalawa magama alizimele.a UJona, lapho esesiswini senhlanzi futhi kanjalo esolwandle, wakhuluma ngaye njengoseShiyoli, noma eHayidesi. (Jona 2:2) Uma umuntu ebanjwe ekufeni okungenxa ka-Adamu, khona-ke cishe useHayidesi futhi. La magama angokwesiprofetho anikeza isiqinisekiso esiqinile sokuthi akekho oyoshiywa.
8 Yebo, kunesibalo esingaziwa salabo abangeke bavuswe. Phakathi kwalaba kuyoba nababhali nabaFarisi abangaphendukanga abenqaba uJesu nabaphostoli bakhe, “umuntu ongenamthetho” ongokwenkolo, namaKristu agcotshiwe ‘aye awa.’ (2 Thesalonika 2:3; Hebheru 6:4-6; Mathewu 23:29-33) UJesu wakhuluma futhi ngabantu abanjengezimbuzi ekupheleni kwezwe abaya “emlilweni ophakade olungiselwe uDeveli nezingelosi zakhe,” okungukuthi, “ekunqunyweni kwaphakade.” (Mathewu 25:41, 46) Alukho uvuko ngalaba!
9. Umphostoli uPawulu ubonisa kanjani ukuthi abanye bayokwenzelwa umusa okhethekile ngovuko, futhi laba bahlanganisa obani?
9 Ngakolunye uhlangothi, abanye bayokwenzelwa umusa ngokukhethekile ovukweni. Umphostoli uPawulu wakubonisa lokhu lapho ethi: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Ngokuqondene novuko lwasemhlabeni, “abalungile” bayohlanganisa amadoda nabesifazane abathembekile basendulo—u-Abrahama, uRahabi, nabaningi abanye—okwathiwa balungile ngokuqondene nobungane noNkulunkulu. (Jakobe 2:21, 23, 25) Kuleli qembu elifanayo kuyoba nalezo ezinye izimvu ezilungile ezafa zithembekile kuJehova ezikhathini zanamuhla. Cishe, bonke labo bagcini bobuqotho bayovuswa ekuqaleni kokuBusa KukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane. (Jobe 14:13-15; 27:5; Daniyeli 12:13; Hebheru 11:35, 39, 40) Ngokungangabazeki abaningi balaba abalungile abavusiwe bayonikezwa amalungelo akhethekile okwengamela umsebenzi okhethekile wokubuyisela iPharadesi.—IHubo 45:16; qhathanisa no-Isaya 32:1, 16-18; 61:5; 65:21-23.
10. Kulaba abazovuswa, obani “abangalungile”?
10 Nokho, bangobani “abangalungile” abaphawulwe kuzEnzo 24:15? Laba bahlanganisa isixuku esikhulu sesintu esiye safa phakathi nawo wonke umlando, ikakhulukazi labo abaphila ‘ngezikhathi zokungazi.’ (IzEnzo 17:30) Laba, ngenxa yendawo abazalelwa kuyo noma isikhathi abaphila ngaso, abazange babe nalo ithuba lokufunda ukuthobela intando kaJehova. Ngaphezu kwalokho, kungenzeka kube nabathile abasizwa isigijimi sensindiso kodwa abangazange basabele ngokugcwele ngaleso sikhathi noma abafa ngaphambi kokuba bathuthukele ekuzinikezeleni nobhapathizo. Ngovuko abanjalo kuyodingeka benze ukulungisa okwengeziwe ekucabangeni kwabo nasenkambweni yabo yokuphila uma bezozuza kuleli thuba lokwamukela ukuphila okuphakade.
Umqulu Wokuphila
11. (a) Uyini “umqulu wokuphila,” futhi amagama obani abhalwe kulo mqulu? (b) Kungani umqulu wokuphila uyovulwa phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane?
11 UJohane ukhuluma ‘ngomqulu wokuphila.’ Lona umbhalo ogciniwe walabo abasohlwini lokwamukela ukuphila okuphakade kuJehova. Amagama abafowabo bakaJesu abagcotshiwe, awabesixuku esikhulu, nawamadoda athembekile asendulo, njengoMose, aye alotshwa kulo mqulu. (Eksodusi 32:32, 33; Daniyeli 12:1; IsAmbulo 3:5) Okwamanje, abekho ‘kwabangalungile’ abavusiwe okubhalwe amagama abo emqulwini wokuphila. Ngakho umqulu wokuphila uyovulwa phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane ukuze kubhalwe amagama abanye abafanelekayo. Labo abamagama abo awabhalwa emqulwini wokuphila ‘baphonswa echibini lomlilo.’—IsAmbulo 20:15; qhathanisa namaHebheru 3:19.
12. Yini eyonquma ukuthi igama lomuntu liyabhalwa yini emqulwini wokuphila ovuliwe, futhi uMahluleli kaJehova omisiwe wasibeka kanjani isibonelo?
12 Khona-ke, yini eyonquma ukuthi igama lomuntu liyabhalwa emqulwini wokuphila ovuliwe ngaleso sikhathi? Isici esiyinhloko siyoba esifanayo nokwakuyiso ezinsukwini zika-Adamu no-Eva: ukulalela uJehova. Njengoba umphostoli uJohane abhalela amaKristu athandekayo akanye nawo: “Izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:4-7, 17) Endabeni yokulalela, uMahluleli kaJehova omisiwe wabeka isibonelo: “Nakuba [uJesu] ayeyiNdodana, wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo; futhi ngemva kokuba enziwe waphelela waba isisusa sensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.”—Hebheru 5:8, 9.
Ukuvula Eminye Imiqulu
13. Abavusiwe kumelwe bakubonise kanjani ukulalela kwabo, futhi iziphi izimiso okumelwe bazilandele?
13 Laba abavusiwe kumelwe bakubonise kanjani ukulalela kwabo? UJesu ngokwakhe wabhekisela emiyalweni emibili emikhulu, ethi: “Owokuqala ngothi, ‘Yizwa, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa, futhi kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.’ Owesibili yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’” (Marku 12:29-31) Kukhona futhi nezimiso zikaJehova ezimisiwe okumelwe bazilandele, njengokulahla ukweba, ukuqamba amanga, ukubulala, nokuziphatha okubi.—1 Thimothewu 1:8-11; IsAmbulo 21:8.
14. Yimiphi eminye imiqulu evulwayo, futhi iquketheni?
14 Nokho, uJohane usanda kuphawula eminye imiqulu eyovulwa phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:12) Kuyoba yimiphi lena? Ngezinye izikhathi, uJehova uye wanikeza iziyalo ezikhethekile ngokuqondene nezimo ezikhethekile. Ngokwesibonelo, ngosuku lukaMose wanikeza uhlu oluningiliziwe lwemithetho eyayisho ukuphila ngama-Israyeli uma ayelalela. (Duteronomi 4:40; 32:45-47) Phakathi nekhulu lokuqala leminyaka, kwanikezwa imiyalo emisha yokusiza abantu abathembekile ukuba balandele izimiso zikaJehova ngaphansi kwesimiso sezinto sobuKristu. (Mathewu 28:19, 20; Johane 13:34; 15:9, 10) Manje uJohane ubika ukuthi abafileyo kumelwe “[bahlulelwe] ngokwalezo zinto ezazilotshwe emiqulwini ngokwezenzo zabo.” Khona-ke, ngokusobala ukuvulwa kwaleyo miqulu kuyomemezela izimfuneko zikaJehova eziningiliziwe ngesintu phakathi neminyaka eyinkulungwane. Ngokusebenzisa ekuphileni kwabo iziqondiso nemiyalo ekule miqulu, abantu abalalelayo bayokwazi ukwelula izinsuku zabo, ekugcineni bafinyelele ukuphila okuphakade.
15. Luhlobo luni lomkhankaso wemfundo oluyodingeka phakathi novuko, futhi cishe uvuko luyoqhubeka kanjani?
15 Yeka umkhankaso omkhulu oyodingeka wemfundo engokwasezulwini! Ngo-2005 oFakazi BakaJehova bebeqhuba emhlabeni wonke, ngokwesilinganiso, izifundo zeBhayibheli ezingu-6 061 534 ezindaweni ezihlukahlukene. Kodwa ngokungangabazeki ngovuko, kuyoqhutshwa izifundo eziyizigidi ezingenakubalwa, ezisekelwe eBhayibhelini nasemiqulwini emisha! Bonke abantu bakaNkulunkulu kuyodingeka babe abafundisi futhi bazikhandle. Ngokungangabazeki abavusiwe, njengoba bethuthuka, bayohlanganyela kuleso simiso esibanzi sokufundisa. Cishe, uvuko luyoqhubeka ngendlela yokuthi labo abaphilayo babe nenjabulo yokwamukela nokufundisa amalungu omkhaya angaphambili nabangane, nabo futhi, abangamukela futhi bafundise abanye. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 15:19-28, 58.) OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha abakhuthele ekusakazeni iqiniso namuhla babeka isisekelo esihle samalungelo abathemba ukuba nawo phakathi novuko.—Isaya 50:4; 54:13.
16. (a) Amagama obani angeke abhalwe emqulwini wokuphila? (b) Bangobani abaluvuko lwabo luyoba ‘ngolokuphila’?
16 Ngokuqondene novuko lwasemhlabeni, uJesu wathi “abenze okuhle baphumele ovukweni lokuphila, ababenomkhuba wokwenza okubi ovukweni lokwahlulelwa.” Lapha ‘ukuphila’ ‘nokwahlulelwa’ kuyaphikisana, okubonisa ukuthi labo “ababenomkhuba wokwenza okubi” ngemva kokufundiswa ngemiBhalo nangemiqulu ephefumulelwe bahlulelwa njengabangakufanele ukuphila. Amagama abo ngeke abhalwe emqulwini, noma encwadini, yokuphila. (Johane 5:29) Kuyoba njalo nganoma ibaphi abebelandela inkambo yokwethembeka ngaphambili, kodwa, ngezizathu ezithile, baphambuka phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane. Amagama angase acinywe. (Eksodusi 32:32, 33) Ngakolunye uhlangothi, labo abalandela ngokuthobeka izinto ezibhalwe emiqulwini bayogcina amagama abo ebhaliwe emqulwini wokuphila, futhi baqhubeke bephila. Kubo, uvuko luyobe lube ‘olokuphila.’
Ukuphela Kokufa NeHayidesi
17. (a) Isiphi isenzakalo esimangalisayo uJohane asichazayo? (b) Ligeqwa nini iHayidesi? (c) Ukufa okungenxa ka-Adamu ‘kuyophonswa’ nini “echibini lomlilo”?
17 Ngokulandelayo, uJohane uchaza okuthile okumangalisa ngempela! “Ukufa neHayidesi kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kusho ukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Ngaphezu kwalokho, noma ubani ongatholakalanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.” (IsAmbulo 20:14, 15) Ekupheleni koSuku Lokwahlulela lweminyaka eyinkulungwane, “ukufa neHayidesi” kuyobe kususwe ngokuphelele. Kungani lokhu kuhilela iminyaka eyinkulungwane? IHayidesi, ithuna elivamile laso sonke isintu, liyageqwa lapho kuvuswa owokugcina osenkumbulweni kaNkulunkulu. Kodwa uma nje noma ibaphi abantu besangcoliswe isono esizuzwe njengefa, ukufa okungenxa ka-Adamu kusekubo. Bonke abavusiwe emhlabeni, kanye nesixuku esikhulu esisinde e-Armagedoni, kuyodingeka balalele lokho okubhalwe emiqulwini kuze kube yilapho inzuzo yesihlengo sikaJesu isisetshenziswe ngokuphelele ekususeni ukugula, ukuguga, nokunye ukukhubazeka okuzuzwe njengefa. Khona-ke ukufa okungenxa ka-Adamu, kanye neHayidesi, ‘kuphonswa echibini lomlilo.’ Ngeke kusaba khona kuze kube phakade!
18. (a) Umphostoli uPawulu uyichaza kanjani impumelelo yokubusa kukaJesu njengeNkosi? (b) Yini uJesu ayenzayo ngomkhaya wesintu ophelele? (c) Yiziphi ezinye izinto ezenzeka ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane?
18 Kanjalo, isimiso umphostoli uPawulu asichazayo encwadini yakhe eya kwabaseKorinte siyofika esiphelweni: “Ngoba [uJesu] kumelwe abuse njengenkosi kuze kube yilapho uNkulunkulu esebeke zonke izitha ngaphansi kwezinyawo zakhe. Njengesitha sokugcina, ukufa [okungenxa ka-Adamu] kuzokwenziwa ize.” Kwenzekani ngokulandelayo? “Lapho zonke izinto sezibekwe ngaphansi kwakhe, khona-ke neNdodana ngokwayo iyozithoba kuLowo owabeka zonke izinto ngaphansi kwayo.” Ngamanye amazwi, uJesu ‘unikela umbuso kuNkulunkulu wakhe noYise.’ (1 Korinte 15:24-28) Yebo, uJesu, esenqobe ukufa okungenxa ka-Adamu ngenzuzo yomhlatshelo wakhe wesihlengo, uyonikela umkhaya wesintu ophelele kuYise, uJehova. Ngokusobala kukuleli qophelo, ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, lapho uSathane ekhululwa khona futhi kwenzeka uvivinyo lokugcina ukuze lunqume ukuthi amagama obani ayohlala ebhalwe phakade emqulwini wokuphila. “Zikhandleni ngamandla” ukuze amagama enu abe phakathi kwawo!—Luka 13:24; IsAmbulo 20:5.
[Umbhalo waphansi]
a Labo abavuswe olwandle ngeke bahlanganise abantu abonakele ababhubha ngoZamcolo wosuku lukaNowa; leyo mbumbhiso yayingeyokugcina, njengoba kuyoba njalo ukukhishwa kwesahlulelo sikaJehova osizini olukhulu.—Mathewu 25:41, 46; 2 Petru 3:5-7.
[Isithombe ekhasini 298]
“Abangalungile” abavusiwe abalalela imiqulu evulwa phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane nabo angabhalwa amagama abo emqulwini wokuphila