Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wabacabangela ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Uma kunjalo, uzokuthola kuthakazelisa ukukhumbula okulandelayo:
◻ Kungani imfundiso yokunqunyelwa kusengaphambili ingenangqondo?
Uma uNkulunkulu ayazi kusengaphambili futhi wanquma ngokuwela esonweni kuka-Adamu, bekuyosho ukuthi uJehova waba umsunguli wesono lapho enza umuntu futhi ubeyobe enecala labo bonke ububi nokuhlupheka kwesintu. Lokhu bekungeke kuvumelane neqiniso lokuthi uJehova unguNkulunkulu wothando ozonda ububi. (IHubo 33:5; IzAga 15:9; 1 Johane 4:8)—4/15, amakhasi 7, 8.
◻ Ekugcwalisekeni kuka-Isaya 2:2-4, yini abantu abavela ezizweni eziningi abayenzayo?
Njengoba begobhozela endlini kaJehova yokukhulekela, bayeka ‘nokufunda ukulwa’ ngoba baye babeka ithemba labo esivikelweni samabutho kaNkulunkulu asezulwini, asemi ngomumo ukuchitha zonke izitha zokuthula.—4/15, ikhasi 30.
◻ Angobani amaqhawe kaNkulunkulu okukhulunywa ngawo kuJoweli 3:10, 11?
Izikhathi ezingaba ngu-280 eBhayibhelini, uNkulunkulu weqiniso ubizwa ngokuthi “uJehova-Sebawoti [“wamabutho,” NW].” (2 AmaKhosi 3:14) La mabutho awuquqaba lwezingelosi ezinamandla zasezulwini, ezilungele ukwenza lokho uJehova athi mazikwenze.—5/1, ikhasi 23.
◻ Yisiphi isifundo esingasifunda ekufuneni kukaJehova ukuba uJobe athandazele labo ababemonile? (Jobe 42:8)
Ngaphambi kokuba uJobe abuyiselwe esimweni sempilo enhle, uJehova wafuna ukuba uJobe athandazele labo ababemonile. Lokhu kubonisa ukuthi uJehova ufuna sithethelele labo abasonayo ngaphambi kokuba izono zethu zithethelelwe. (Mathewu 6:12; Efesu 4:32)—5/1, ikhasi 31.
◻ Wayesho ukuthini uJakobe uma ethi: “Vumelani ukukhuthazela kuphelelise umsebenzi wako”? (Jakobe 1:4)
Ukukhuthazela ‘kunomsebenzi’ okufanele kuwenze. Isabelo sako siwukusenza siphelele kuzo zonke izici. Ngakho, ngokuvumela ukulingwa kuqhubeke kuze kudlule ngaphandle kokusebenzisa izindlela ezingezona ezingokomBhalo zokukuqeda, ngokushesha ukholo lwethu luyavivinyeka lucwengisiseke.—5/15, ikhasi 16.
◻ Kungani uNkulunkulu eye walinda isikhathi eside kangaka ngaphambi kokuxazulula izinkinga zesintu?
Indlela uJehova abheka ngayo isikhathi ihlukile kweyethu. KuNkulunkulu ongunaphakade, inkathi esuka ekudalweni kuka-Adamu kuze kube manje ayilingani ngisho nanesonto. (2 Petru 3:8) Kodwa kungakhathaliseki ukuthi sisibheka kanjani isikhathi, usuku ngalunye oludlulayo lusisondeza osukwini lukaJehova lokunqoba.—6/1, amakhasi 5, 6.
◻ Yini eshukumisa oFakazi BakaJehova?
Ukufundisa kukaJehova kuye kwaveza abantu abahlukile, abafundiswe ukuba bathandane, bathande nomakhelwane babo njengoba bezithanda bona. (Isaya 54:13) OFakazi BakaJehova bashukunyiswa uthando ukuba baqhubeke beshumayela naphezu kokunganakwa kanye nokuphikiswa umphakathi. (Mathewu 22:36-40; 1 Korinte 13:1-8)—6/15, ikhasi 20.
◻ Yini eshiwo amazwi kaJesu athi: “Zikhandleni ngamandla ukuba ningene ngomnyango owumngcingo”? (Luka 13:24)
Amazwi kaJesu asikisela ukuzabalaza, ukulwele ukwenza okwengeziwe. Amazwi akhe abonisa nokuthi abanye bangase bafune ‘ukungena emnyango’ ngendlela evumelana nezimo zabo nangokungajahi, bekwenza ngejubane elithandwa yibo. Ngakho ngamunye wethu angazibuza, ‘Ingabe ngisebenza ngenkuthalo?’—6/15, ikhasi 31.
◻ Abavusiwe ‘bayokwahlulelwa’ kanjani ‘ngokwalezozinto ezilotshwe emiqulwini ngokwezenzo zabo’? (IsAmbulo 20:12)
Le miqulu ayiwona umlando wezenzo zabo ezidlule; lapho befa, bakhululeka ezonweni ababezenze besaphila. (Roma 6:7, 23) Nokho, abantu abavusiwe bayobe besengaphansi kwesono sika-Adamu. Khona-ke, kumelwe ukuba le miqulu iyonikeza iziyalezo zaphezulu okuyomelwe wonke umuntu azilandele ukuze azuze ngokugcwele emhlatshelweni kaJesu Kristu.—7/1, ikhasi 22.
◻ Iziphi izifundo esingazifunda emfanekisweni kaJesu womSamariya onothando ngomakhelwane? (Luka 10:30-37)
Umfanekiso kaJesu ubonisa ukuthi umuntu olunge ngempela yilowo ongalaleli imithetho kaNkulunkulu kuphela kodwa olingisa nezimfanelo zakhe. (Efesu 5:1) Ubonisa nokuthi ukuba nothando ngomakhelwane kufanele kudlulele ngalé kwemingcele yobuzwe, isiko nenkolo. (Galathiya 6:10)—7/1, ikhasi 31.
◻ Iziphi izindawo ezintathu ongase uzazi kuzo izingane zakho futhi uzinikeze isiqondiso njengomzali?
(1) Siza izingane zakho zikhethe uhlobo olufanele lomsebenzi wokuziphilisa; (2) zilungiselele ukubhekana nokucindezeleka okungokomzwelo esikoleni nasemsebenzini; (3) zibonise indlela yokwanelisa izidingo zazo ezingokomoya.—7/15, ikhasi 4.
◻ Kungani uNkulunkulu aphumula “ngosuku lwesikhombisa”? (Genesise 2:1-3)
UNkulunkulu akazange aphumule ngoba ekhathele. Kunalokho, wayeka ukwenza umsebenzi wasemhlabeni ukuze avumele umsebenzi wezandla zakhe uziqhubekele futhi ufinyelele inkazimulo egcwele, kube udumo kuye.—7/15, ikhasi 18.
◻ Yiziphi izindlela ezintathu esingabonisa ngazo ubulungisa?
Okokuqala, kumelwe sizivumelanise nezindinganiso zokuziphatha zikaNkulunkulu. (Isaya 1:17) Okwesibili, sibonisa ubulungisa lapho siphatha abanye ngendlela esifuna uJehova asiphathe ngayo. (IHubo 130:3, 4) Okwesithathu, sibonisa ubulungisa bokuhlonipha uNkulunkulu lapho sihlanganyela ngenkuthalo emsebenzini wokushumayela. (IzAga 3:27)—8/1, amakhasi 14, 15.