-
Izwe Elisha Liseduze!INqabayokulinda—1991 | Julayi 15
-
-
“Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.
-
-
Izwe Elisha Liseduze!INqabayokulinda—1991 | Julayi 15
-
-
“Izulu elisha” liwuMbuso wasezulwini kaJesu Kristu. “Umhlaba omusha” awuyona enye imbulunga ewumhlaba, kodwa umphakathi omusha wabantu kuleplanethi—bonke abayizikhonzi ezilalelayo zoMbuso kaKristu, ngaphandle kokwahlukana kohlanga, ubuzwe, noma izilimi. (Qhathanisa neHubo 96:1.) Izulu nomhlaba kwamanje okungokomfanekiso—isimiso sezinto sikaDeveli nohlelo lwaso lohulumeni oluthonywa uSathane namademoni akhe—kuyobe sekubhujisiwe. (1 Johane 5:19, qhathanisa neNW.) Nakuba izilwandle ezingokoqobo ziyosala, ulwandle olungokomfanekiso lwesintu esiyaluzayo, esibi luyobe lungasekho.
-