ISahluko 14
Ubuhle Besihlalo Sobukhosi SikaJehova Sasezulwini
Umbono 2—IsAmbulo 4:1–5:14
Isihloko: Izehlakalo ezisabisayo phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu sokwahlulela
Isikhathi sokugcwaliseka: Lo mbono uveza izehlakalo ezenzeka kusukela ngo-1914 kuze kube sekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane nangalé, lapho konke okudaliweyo okusezulwini nokusemhlabeni kuyodumisa uJehova.—IsAmbulo 5:13
1. Kungani kufanele sibe nesithakazelo esijulile emibonweni uJohane ayihlanganyela nathi?
UJOHANE uqala ukuhlanganyela nathi eminye imibono eshukumisa umphefumulo. Ngomoya usalokhu esosukwini lweNkosi. Ngakho, lokho akuchazayo kunencazelo ejulile ngathi esiphila ngokoqobo kulolo suku. Ngale mibono, uJehova ususa ukungabonakali ezintweni zasezulwini futhi usinikeza umbono wakhe siqu wezahlulelo zakhe ezizokhishwa emhlabeni. Ngaphezu kwalokho, kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lasezulwini noma lasemhlabeni, lezi zambulo zisisiza ukuba sibone indawo yethu enjongweni kaJehova. Ngakho, sonke kufanele siqhubeke sinesithakazelo esikhulu emazwini kaJohane: “Uyajabula lowo ofunda ngokuzwakalayo nalabo abezwa amazwi alesi siprofetho, futhi abagcina izinto ezilotshwe kuso.”—IsAmbulo 1:3.
2. Yikuphi okuhlangenwe nakho uJohane aba nakho manje?
2 Lokho uJohane akubonayo ngokulandelayo kudlula noma yini evezelwa umuntu wanamuhla nge-video! Uyabhala: “Ngemva kwalezi zinto ngabona, bheka! umnyango ovulekile ezulwini, izwi lokuqala engalizwa lalinjengelecilongo, likhuluma nami, lithi: ‘Khuphukela lapha, ngizokubonisa izinto okumelwe zenzeke.’” (IsAmbulo 4:1) UJohane esembonweni ungena emazulwini angabonakali obukhona bukaJehova, aphakeme kakhulu kunomkhathi obonakalayo njengoba uhlolwa osonkanyezi, aphakeme kakhulu ngisho nangaphezu kwemithala yendawo yonke ebonakalayo. Njengokungathi ungena ngomnyango ovuliwe, uJohane umenywa ukuba anelise amehlo akhe ngombono omangalisayo wamazulu okugcina omoya lapho uJehova ngokwakhe esesihlalweni sakhe sobukhosi. (IHubo 11:4; Isaya 66:1) Yeka ilungelo!
3. Izwi ‘elinjengelecilongo’ lisikhumbuza ngani, futhi ngokungangabazeki livela kubani?
3 IBhayibheli alimvezi umnikazi waleli “zwi lokuqala.” Njengezwi likaJesu elinamandla elizwakale ekuqaleni, linomsindo oyalayo onjengowecilongo. (IsAmbulo 1:10, 11) Lisikhumbuza ngokukhala okukhulu kwecilongo okwakubonisa ukuba khona kukaJehova eNtabeni iSinayi. (Eksodusi 19:18-20) Ngokungangabazeki, ukubizwa kwabantu lapha kuvela kuJehova. (IsAmbulo 1:1) Uvule umnyango ukuze uJohane, embonweni, angene endaweni engcwelengcwele kuyo yonke indawo yobukhosi bukaJehova.
Ukuba Khona KukaJehova Okukhazimulayo
4. (a) Usho ukuthini umbono kaJohane ngamaKristu agcotshiweyo? (b) Usho ukuthini lo mbono ngalabo abathemba labo liwukuphila phakade emhlabeni?
4 Yini uJohane ayibonayo? Lalela, njengoba manje ehlanganyela nathi okuhlangenwe nakho kwakhe okuhle: “Ngemva kwalezi zinto masinyane ngaba semandleni omoya: bheka! isihlalo sobukhosi sasisendaweni yaso ezulwini, kukhona ohlezi phezu kwalesi sihlalo sobukhosi.” (IsAmbulo 4:2) Ngokuphazima kweso, uJohane uthathwa ngokomoya amandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku uyiswa kusona kanye isihlalo sobukhosi sikaJehova. Yeka ukuthi kuvusa amadlingozi kanjani ngoJohane! Lapha unikezwa kusengaphambili umbono okhazimulayo walawo mazulu lapho yena namanye amaKristu agcotshiwe bebekelwe khona ‘ifa elingenakonakala nelingangcolile nelingabuni.’ (1 Petru 1:3-5; Filipi 3:20) Ngalabo abathemba labo liwukuphila phakade emhlabeni, umbono kaJohane futhi unencazelo ejulile. Ubasiza ukuba baqonde inkazimulo yokuba khona kukaJehova neyesimiso esibusayo sasezulwini uJehova asisebenzisa ekwahluleleni izizwe futhi kamuva ekubuseni ukuphila kwabantu emhlabeni. Ngempela uJehova unguNkulunkulu wokuhlela okusezingeni eliphezulu!
5. Yikuphi okungokoqobo uJohane akubonayo okwakufanekiselwa isembozo somphongolo wesivumelwano?
5 Okuningi kwalokho uJohane akubonayo laphaya ezulwini kufuze izici zetabernakele ehlane. Lalakhiwe eminyakeni engaba ngu-1 600 ngaphambili njengendawo engcwele yokukhulekela kweqiniso kwama-Israyeli. ENgcwelengcwele yalelo tabernakele kwakunomphongolo wesivumelwano, futhi uJehova ngokwakhe wayekhuluma ephezu kwesembozo segolide elimsulwa salowo Mphongolo. (Eksodusi 25:17-22; Hebheru 9:5) Kanjalo, isembozo soMphongolo sasebenza njengophawu lwesihlalo sobukhosi sikaJehova. Manje uJohane ubona okungokoqobo kwalokho okwakufanekiselwa: iNkosi EnguMbusi uJehova ngokwakhe ihlezi ebuhleni obumangalisayo esihlalweni sayo sobukhosi esiphakeme sasezulwini!
6. Yimuphi umbono ngoJehova uJohane asinikeza wona, futhi kungani lokhu kufaneleka?
6 Ngokungafani nabaprofethi bangaphambili ababa nemibono yesihlalo sobukhosi sikaJehova, uJohane akamchazi ngokuningiliziwe oNgcwele ohlezi kuso. (Hezekeli 1:26, 27; Daniyeli 7:9, 10) Kodwa uJohane usinikeza umbono wakhe ngaLowo osesihlalweni sobukhosi ngala mazwi: “Lowo owayehlezi, ubonakala, njengetshe lejaspi netshe eliyigugu elinombala obomvu, futhi isihlalo sobukhosi sizungezwe uthingo olubonakala lunjengesimaragidu.” (IsAmbulo 4:3) Yeka ubuhle obungenakuqhathaniswa! UJohane ubona ubuhle obucwathile, obukhazimulayo obufana nobamatshe ayigugu akhanyayo, acwebezelayo. Yeka ukuthi lokhu kuvumelana ngokufaneleke kanjani nencazelo yomphostoli uJakobe ngoJehova ‘njengoYise wezinkanyiso zasezulwini’! (Jakobe 1:17) Ngokushesha ngemva kokubhala isAmbulo, uJohane ngokwakhe wathi: “UNkulunkulu ungukukhanya futhi abukho nhlobo ubumnyama kuye.” (1 Johane 1:5) Yeka uMuntu okhazimulayo uJehova anguye ngempela!
7. Yini esingayifunda eqinisweni lokuthi kukhona uthingo oluzungeze isihlalo sobukhosi sikaJehova?
7 Phawula ukuthi uJohane ubona uthingo oluzungeze isihlalo sobukhosi, olunombala oluhlaza njengowesimaragidu. Igama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi uthingo (irʹis) lisikisela isimo esiyisiyingi ngokuphelele. Uthingo luthintwe okokuqala eBhayibhelini ngokuqondene nosuku lukaNowa. Ngemva kokuba amanzi kaZamcolo ebohlile, uJehova wabangela ukuba kuvele uthingo emafwini, futhi wachaza lokho olwalukufanekisela ngala mazwi: “Ngimisa uthingo lwami efwini, futhi luyoba isibonakaliso sesivumelwano phakathi kwami nomhlaba. Ngokuqinisekile ngiyosikhumbula isivumelwano sami esiphakathi kwami nani nayo yonke imiphefumulo ephilayo phakathi kwayo yonke inyama; futhi amanzi ngeke aphinde abe uzamcolo wokuchitha yonke inyama.” (Genesise 9:13, 15) Khona-ke, yini umbono wasezulwini owawungayikhumbuza uJohane? Uthingo alubona kumelwe ukuba lwamkhumbuza ngesidingo sobuhlobo obunokuthula noJehova, obunjengalobo obujatshulelwa isigaba sikaJohane namuhla. Futhi lwalungagcizelela kuye ukucwatha nokuthula kokuba khona kukaJehova, ukucwatha okuyonabela kuso sonke isintu esilalelayo lapho uJehova endlala itende lakhe phezu kwesintu emphakathini womhlaba omusha.—IHubo 119:165; Filipi 4:7; IsAmbulo 21:1-4.
Ukuqonda Abadala Abangu-24
8. Obani uJohane ababona bezungeze isihlalo sobukhosi, futhi laba bamelele obani?
8 UJohane wayazi ukuthi abapristi babemiselwe ukukhonza etabernakele lasendulo. Ngakho kungenzeka wamangala lapho ebona lokho akuchaza ngokulandelayo: “Kukhona izihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane zizungeze isihlalo sobukhosi, futhi kulezi zihlalo zobukhosi ngabona kuhlezi abadala abangamashumi amabili nane begqoke izingubo zangaphandle ezimhlophe, emakhanda abo kunemiqhele yegolide.” (IsAmbulo 4:4) Yebo, esikhundleni sabapristi kukhona abadala abangu-24, abasezihlalweni zobukhosi futhi banemiqhele njengamakhosi. Bangobani laba badala? Abasibo abanye ngaphandle kwabagcotshiwe bebandla lobuKristu, bevuswe kwabafileyo futhi besendaweni yasezulwini uJehova abathembisa yona. Sikwazi kanjani lokho?
9, 10. Sazi kanjani ukuthi abadala abangu-24 bamelele ibandla lamaKristu agcotshiwe esikhundleni salo esikhazimulayo sasezulwini?
9 Okokuqala, bafake imiqhele. IBhayibheli likhuluma ngamaKristu agcotshiwe njengazuza ‘umqhele ongonakali’ nafinyelela ukuphila okungenasiphelo—ukungafi. (1 Korinte 9:25; 15:53, 54) Kodwa njengoba laba badala abangu-24 behlezi ezihlalweni zobukhosi, imiqhele yegolide kule ndaba imelele igunya lasebukhosini. (Qhathanisa nesAmbulo 6:2; 14:14.) Lokhu kusekela isiphetho sokuthi abadala abangu-24 bamelele abalandeli bakaJesu abagcotshiwe esikhundleni sabo sasezulwini, ngoba uJesu wenza nabo isivumelwano sokuhlala ezihlalweni zobukhosi eMbusweni wakhe. (Luka 22:28-30) UJesu kuphela nalaba badala abangu-24—hhayi ngisho nezingelosi—abachazwa njengababusa ezulwini phambi kukaJehova.
10 Lokhu kuvumelana nesithembiso uJesu asenza ebandleni laseLawodikeya: “Onqobayo ngiyomnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi.” (IsAmbulo 3:21) Kodwa isabelo sasezulwini sabadala abangu-24 asilinganiselwe ekubuseni njengohulumeni. Esingenisweni sencwadi yesAmbulo, uJohane wathi ngoJesu: “Wasenza saba ngumbuso, abapristi kuNkulunkulu wakhe noYise.” (IsAmbulo 1:5, 6) Laba bayikho kokubili amakhosi nabapristi. “Bayoba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse njengamakhosi kanye naye iminyaka eyinkulungwane.”—IsAmbulo 20:6.
11. Kungani kufaneleka ukuba isibalo sabadala sibe ngu-24, futhi lesi sibalo sisho ukuthini?
11 Yini ephawulekayo ngesibalo u-24, ekutheni uJohane ubona abadala abangu-24 bezungeze isihlalo sobukhosi? Ngezindlela eziningi, laba bafanekiselwa abapristi abathembekile bakwa-Israyeli wasendulo. Umphostoli uPetru wabhalela amaKristu agcotshiwe: “Niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi bobukhosi, isizwe esingcwele, isizwe esiyimpahla ekhethekile.” (1 Petru 2:9) Ngokuthakazelisayo, lobo bupristi bobuJuda basendulo bahlukaniswa baba yizigaba ezingu-24. Isigaba ngasinye sasabelwe amasonto aso onyakeni ukuba sikhonze phambi kukaJehova, ukuze inkonzo engcwele inikelwe ngokunganqamuki. (1 IziKronike 24:5-19) Khona-ke, kuyafaneleka ukuthi kunabadala abangu-24 abavezwe embonweni kaJohane wobupristi basezulwini ngoba lobu bupristi bukhonza uJehova njalonjalo, ngokungayeki. Lapho sebuphelele, kuyoba nezigaba ezingu-24, ngasinye sinabanqobi abangu-6 000, ngoba isAmbulo 14:1-4 sisitshela ukuthi abangu-144 000 (24 x 6 000) “bathengwa kubantu” ukuba bame eNtabeni iSiyoni yasezulwini neWundlu, uJesu Kristu. Njengoba isibalo u-12 sifanekisela inhlangano elinganiselwe ngokwasezulwini, u-24 uyaliphinda—noma aliqinise—ilungiselelo elinjalo.
Imibani, Amazwi, Nokuduma
12. Yini uJohane ayibonayo nayizwayo ngokulandelayo, futhi “imibani, namazwi, nokuduma kwezulu” kusikhumbuza ngani?
12 Yini uJohane ayibonayo nayizwayo ngokulandelayo? “Esihlalweni sobukhosi kuphuma imibani, namazwi, nokuduma kwezulu.” (IsAmbulo 4:5a) Yeka ukuthi kusikhumbuza kanjani ngokunye ukubonakaliswa okumangalisayo kwamandla kaJehova asezulwini! Ngokwesibonelo, lapho uJehova “ehlela phezu” kweNtaba iSinayi, uMose wabika: “Ngosuku lwesithathu lapho kusa laqala ukuduma kwaba nemibani, kwaba nefu elinzima phezu kwentaba kanye nomsindo omkhulu wophondo. . . . Lapho umsindo wophondo uqhubeka ukhula kakhulu, uMose waqala ukukhuluma, noNkulunkulu weqiniso wamphendula ngezwi.”—Eksodusi 19:16-19.
13. Yini efanekiselwa yimibani ephuma esihlalweni sobukhosi sikaJehova?
13 Phakathi nosuku lweNkosi, uJehova wenza ukuba amandla akhe nokuba khona kwakhe kubonakale ngendlela ephakeme. Cha, hhayi ngombani ongokoqobo, ngoba uJohane ubona izibonakaliso. Khona-ke, imibani imeleleni? Phela ukubaniza kwemibani kungakhanyisa, kodwa futhi kungashaya umuntu afe. Ngakho, le mibani evela esihlalweni sobukhosi sikaJehova ikufanekisela kahle ukubaniza okukhanyiselayo aye waqhubeka ekunikeza abantu bakhe, futhi okuphawuleka nangaphezulu, izigijimi zakhe zokwahlulela ezinjengomlilo.—Qhathanisa neHubo 18:14; 144:5, 6; Mathewu 4:14-17; 24:27.
14. Amazwi aye azwakala kanjani namuhla?
14 Kuthiwani ngamazwi? Lapho uJehova ehlela eNtabeni iSinayi, izwi lakhuluma noMose. (Eksodusi 19:19) Amazwi avela ezulwini akhipha imiyalo nezimemezelo eziningi encwadini yesAmbulo. (IsAmbulo 4:1; 10:4, 8; 11:12; 12:10; 14:13; 16:1, 17; 18:4; 19:5; 21:3) Namuhla, uJehova futhi uye wakhipha imiyalo nezimemezelo kubantu bakhe, ekhulisa ukuqonda kwabo iziprofetho nezimiso zeBhayibheli. Ukwaziswa okukhanyiselayo kuye kwembulwa njalo emihlanganweni yezizwe, futhi amaqiniso anjalo eBhayibheli aye amenyezelwa emhlabeni wonke. Umphostoli uPawulu wathi ngabashumayeli abathembekile bezindaba ezinhle: “Phela, eqinisweni, ‘izwi labo laphumela kuwo wonke umhlaba, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba owakhiwe.’”—Roma 10:18.
15. Yikuphi ukuduma okuye kwaphuma esihlalweni sobukhosi phakathi nale ngxenye yosuku lweNkosi?
15 Ngokuvamile ukuduma kulandela umbani. UDavide wabhekisela ekudumeni okungokoqobo ‘njengezwi likaJehova.’ (IHubo 29:3, 4) Lapho uJehova elwela uDavide ezitheni zakhe, kwakuthiwa ukuduma kuvela kuYe. (2 Samuweli 22:14; IHubo 18:13) U-Elihu watshela uJobe ukuthi izwi likaJehova lalizwakala njengokuduma, njengoba enza “izinto ezinkulu esingenakuzazi.” (Jobe 37:4, 5) Phakathi nale ngxenye yosuku lweNkosi, uJehova uye ‘waduma,’ exwayisa ngezenzo ezinkulu azozenza ezitheni zakhe. Lokhu kuqeqebula okungokomfanekiso kokuduma kuye kwananela kwaphinda kwananela emhlabeni wonke. Uyajabula uma usebenzisa ulimi lwakho ngokuhlakanipha ekunezeleni kulesi simemezelo esidumayo!—Isaya 50:4, 5; 61:1, 2.
Izibani Zomlilo Nolwandle Lwengilazi
16. Yini eshiwo “izibani zomlilo eziyisikhombisa”?
16 Yini enye uJohane ayibonayo? Lokhu: “Kukhona izibani zomlilo eziyisikhombisa ezivuthayo phambi kwesihlalo sobukhosi, lezi zisho imimoya eyisikhombisa kaNkulunkulu. Phambi kwesihlalo sobukhosi kukhona okunjengokungathi ulwandle lwengilazi olunjengekristalu.” (IsAmbulo 4:5b, 6a) UJohane ngokwakhe uyasitshela incazelo yezibani eziyisikhombisa: “Lezi zisho imimoya eyisikhombisa kaNkulunkulu.” Isikhombisa sifanekisela ukuphelela kwaphezulu; ngakho, izibani eziyisikhombisa kumelwe zimelele ukuphelela kwamandla akhanyisayo omoya ongcwele. Yeka ukuthi isigaba sikaJohane sibonga kanjani namuhla ngokuthi siye saphathiswa lokhu kukhanyiselwa, kanye nomthwalo wokukudlulisela kubantu bomhlaba abalambile ngokomoya! Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi unyaka ngamunye amakhophi angamakhulu ayizigidi omagazini INqabayokulinda ayaqhubeka ekhipha lokhu kukhanya ngezilimi ezicishe zibe ngu-150!—IHubo 43:3.
17. Lufanekiselani “ulwandle lwengilazi olunjengekristalu”?
17 UJohane futhi ubona “ulwandle lwengilazi olunjengekristalu.” Lokhu kungafanekiselani ngokuqondene nalabo abamenyelwe emagcekeni kaJehova asezulwini? UPawulu wakhuluma ngendlela uJesu angcwelisa ngayo ibandla, “elihlanza ngokuligeza ngamanzi esebenzisa izwi.” (Efesu 5:26) Ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu watshela abafundi bakhe: “Nina senihlungiwe kakade ngenxa yezwi engilikhulume kini.” (Johane 15:3) Ngakho, lolu lwandle lwengilazi olufana nekristalu kumelwe lumelele iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe elihlanzayo. Labo bobupristi bobukhosi abeza phambi kukaJehova kumelwe ukuba baye bahlanzwa ngokuphelele ngeZwi lakhe.
Bheka—‘Izidalwa Ezine Eziphilayo’!
18. Yini uJohane ayibonayo maphakathi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi?
18 Manje uJohane ubona esinye isici. Uyabhala: “Kwakunezidalwa ezine eziphilayo zigcwele amehlo ngaphambili nangemuva, ziphakathi kwesihlalo sobukhosi futhi zisizungezile.”—IsAmbulo 4:6b.
19. Yini efanekiselwa izidalwa ezine eziphilayo, futhi sikwazi kanjani lokhu?
19 Zimeleleni lezi zidalwa? Umbono owabikwa omunye umprofethi, uHezekeli, uyasisiza ukuba sithole impendulo. UHezekeli wabona uJehova esesihlalweni sobukhosi enqoleni yasezulwini, eyayikanye nezidalwa eziphilayo ezinezici ezifana nalezo ezichazwa uJohane. (Hezekeli 1:5-11, 22-28) Kamuva, uHezekeli waphinda futhi wabona leso sihlalo sobukhosi esiyinqola sikanye nezidalwa eziphilayo. Nokho, kulokhu wabhekisela ezidalweni eziphilayo njengamakherubi. (Hezekeli 10:9-15) Izidalwa ezine eziphilayo uJohane azibonayo kumelwe ukuba zimelele amakherubi kaNkulunkulu amaningi—izidalwa zesigaba esiphezulu enhlanganweni yaKhe yomoya. UJohane wayengenakukucabangela njengokungavamile ukubona amakherubi eseduze kangaka noJehova, ngoba elungiselelweni letabernakele lasendulo, amakherubi amabili egolide ayebekwe phezu kwesembozo somphongolo wesivumelwano, owawumelele isihlalo sobukhosi sikaJehova. Phakathi kwala makherubi, izwi likaJehova laliyala isizwe.—Eksodusi 25:22; IHubo 80:1.
20. Kungayiphi indlela kungathiwa izidalwa ezine eziphilayo “ziphakathi kwesihlalo sobukhosi futhi zisizungezile”?
20 Lezi zidalwa ezine eziphilayo “ziphakathi kwesihlalo sobukhosi futhi zisizungezile.” Lokhu kusho ukuthini ngempela? Kungase kubonise ukuthi zizungeze isihlalo sobukhosi ngendlela yokuthi ngasinye simi phakathi nendawo yohlangothi ngalunye. Ngakho, abahumushi be-Today’s English Version bahumusha inkulumo yokuqala yesiGreki ngale ndlela: “zizungeze isihlalo sobukhosi ohlangothini ngalunye lwaso.” Ngenye indlela, le nkulumo ingase isho ukuthi izidalwa ezine eziphilayo zisendaweni ephakathi ezulwini lapho isihlalo sobukhosi sikhona. Cishe, yingakho i-Jerusalem Bible ihumusha le nkulumo kanje: “phakathi nendawo, zingunge isihlalo sobukhosi uqobo.” Into ebalulekile ukusondela kwamakherubi esihlalweni sobukhosi sikaJehova, okuqhathaniseka nalokho kwamakherubi uHezekeli awabona echosheni ngalinye lenqola kaJehova engokwenhlangano. (Hezekeli 1:15-22) Konke lokhu kuvumelana namazwi eHubo 99:1: “UJehova ngokwakhe usebé yinkosi. . . . Uhlezi phezu kwamakherubi.”
21, 22. (a) UJohane uzichaza kanjani izidalwa ezine eziphilayo? (b) Yini emelelwe ukubukeka kwaleso naleso sezidalwa ezine eziphilayo?
21 UJohane uyaqhubeka: “Isidalwa esiphilayo sokuqala sinjengengonyama, isidalwa esiphilayo sesibili sinjengenkunzi, isidalwa esiphilayo sesithathu, sinobuso obunjengobomuntu, kanti isidalwa esiphilayo sesine sinjengokhozi olundizayo.” (IsAmbulo 4:7) Kungani lezi zidalwa ezine eziphilayo zibukeka zihlukene kangaka, esinye kwesinye? Lezi zidalwa eziphilayo ezingafani ngokusobala ziqokomisa izimfanelo zikaNkulunkulu ezikhethekile. Okokuqala, kukhona ingonyama. EBhayibhelini ingonyama isetshenziswa njengophawu lwesibindi, ikakhulukazi ekufuneni ukulunga. (2 Samuweli 17:10; IzAga 28:1) Ngakho, ingonyama iyimelela kahle imfanelo kaNkulunkulu yobulungisa obunesibindi. (Duteronomi 32:4; IHubo 89:14) Isidalwa sesibili esiphilayo sifana nenkunzi. Inkunzi ikukhumbuza yiphi imfanelo? Kuma-Israyeli inkunzi yayiyimpahla eyigugu ngenxa yamandla ayo. (IzAga 14:4; bheka futhi uJobe 39:9-11.) Khona-ke, inkunzi, imelela amandla, amandla amakhulu anikezwa uJehova.—IHubo 62:11; Isaya 40:26.
22 Isidalwa sesithathu esiphilayo sinobuso obufana nobomuntu. Lokhu kumelwe ukuba kumelele uthando olunjengolukaNkulunkulu, njengoba emhlabeni kungumuntu kuphela owadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, enemfanelo ephakeme yothando. (Genesise 1:26-28; Mathewu 22:36-40; 1 Johane 4:8, 16) Ngokungangabazeki, amakherubi abonisa le mfanelo njengoba ekhonza esihlalweni sobukhosi sikaJehova. Kuthiwani manje ngesidalwa sesine esiphilayo? Lesi sibukeka sifana nokhozi olundizayo. UJehova ngokwakhe ubhekisela ekhonweni lokhozi lokubona: “Amehlo alo alokhu ebheke emajukujukwini.” (Jobe 39:29) Ngakho, ukhozi lukufanekisela kahle ukuhlakanipha okukhulu. UJehova unguMthombo wokuhlakanipha. Amakherubi akhe abonisa ukuhlakanipha kwaphezulu njengoba elalela imiyalo yakhe.—IzAga 2:6; Jakobe 3:17.
Izindumiso ZikaJehova Ziyankeneneza
23. Yini efanekiselwa yiqiniso lokuthi izidalwa ezine eziphilayo ‘zigcwele amehlo,’ futhi yini egcizelelwa ukuba kwazo namabhangqa amathathu amaphiko?
23 UJohane uyaqhubeka nencazelo yakhe: “Ngokuqondene nalezi zidalwa ezine eziphilayo, ngasinye sazo ngokuhluka kwaso sinamaphiko ayisithupha; nxazonke nangaphansi egcwele amehlo. Aziphumuli imini nobusuku njengoba zithi: ‘Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.’” (IsAmbulo 4:8) Lokhu kugcwala kwamehlo kusikisela ukubona okuphelele nokufinyelela kude. Lezi zidalwa ezine eziphilayo zenza kanjalo ngokungayeki, ngoba azidingi ukulala. Zilingisa Lowo okubhalwe ngaye ukuthi: “Ngokuqondene noJehova, amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) Enamehlo amaningi kangako, amakherubi angabona yonke indawo. Akukho angenakukubona. Kanjalo akulungele kahle ukukhonza uNkulunkulu emsebenzini wakhe wokwahlulela. Ngaye kuthiwa: “Amehlo kaJehova akuyo yonke indawo, aqapha ababi nabahle.” (IzAga 15:3) Futhi ngamabhangqa amathathu amaphiko—njengoba isibalo sokuthathu sisetshenziselwa ukugcizelela eBhayibhelini—amakherubi angahamba ngejubane lonyazi ekumemezeleni nasekukhipheni izahlulelo zikaJehova.
24. Amakherubi amdumisa kanjani uJehova, futhi kusho ukuthini?
24 Lalela! Imnandi, ishukumisa umphefumulo, ingoma yokudumisa amakherubi ayihlabelelela uJehova: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.” Nalapha futhi, ubuthathu bubonisa amandla. Amakherubi abugcizelela ngokunamandla ubungcwele bukaJehova uNkulunkulu. UnguMthombo neNdinganiso yokugcina yobungcwele. Futhi ‘uyiNkosi engunaphakade,’ njalo ‘ungu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokugcina, isiqalo nesiphetho.’ (1 Thimothewu 1:17; IsAmbulo 22:13) Amakherubi awaphumuli njengoba ememezela izimfanelo zikaJehova ezingenakulinganiswa phambi kwayo yonke indalo.
25. Izidalwa ezine eziphilayo zimunye kanjani nabadala abangu-24 ekudumiseni uJehova?
25 Izulu lamazulu liyankeneneza ngezindumiso kuJehova! Incazelo kaJohane iyaqhubeka: “Noma nini lapho izidalwa eziphilayo zinikela inkazimulo nodumo nokubonga kuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, Lowo ophila kuze kube phakade naphakade, abadala abangamashumi amabili nane bawa phansi phambi kwaLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi bakhulekele Lowo ophila kuze kube phakade naphakade, baphonse imiqhele yabo phambi kwesihlalo sobukhosi, bathi: ‘Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.’” (IsAmbulo 4:9-11) Kuyo yonke imiBhalo, lokhu okunye kokumenyezelwa okuhle kunakho konke kwenhlonipho kuJehova, uNkulunkulu wethu neNkosi EnguMbusi!
26. Kungani abadala abangu-24 bephonsa imiqhele yabo phambi kukaJehova?
26 Abadala abangu-24 banesimo sengqondo esifana naleso uJesu asibonisayo, baze baphonse ngisho nemiqhele yabo phansi phambi kukaJehova. Kukude kakhulu nemiqondo yabo ukuziphakamisa phambi kukaNkulunkulu. Baqaphela ngokuthobeka ukuthi ukuphela kwenjongo yobukhosi babo iwukuletha udumo nenkazimulo kuye, njengoba nje uJesu enza ngaso sonke isikhathi. (Filipi 2:5, 6, 9-11) Ngokuzithoba, bayakuvuma ukuba kwabo phansi futhi bayavuma ukuthi ukubusa kwabo kuxhomeke ebukhosini bukaJehova. Ngakho, basekuvumelaneni okuqotho namakherubi nayo yonke indalo ethembekile ekunikezeni udumo nenkazimulo kuNkulunkulu owadala zonke izinto.—IHubo 150:1-6.
27, 28. (a) Kumelwe isithinte kanjani incazelo kaJohane yalo mbono? (b) Yimiphi imibuzo ephakamayo ngokuqondene nalokho uJohane akubonayo nakuzwayo ngokulandelayo?
27 Ubani ongeshukunyiswe ukufunda ukulandisa kukaJohane lo mbono? Uyakhazimula, muhle! Kodwa okungokoqobo kumelwe ukuba kunjani? Bona kanye ubukhosi bukaJehova kumelwe bushukumise noma ubani onenhliziyo enokwazisa ukuba ahlanganyele nezidalwa ezine nabadala abangu-24 ekumdumiseni, kokubili ngomthandazo nangokumemezela obala igama laKhe. Lona uNkulunkulu amaKristu anelungelo lokuba ofakazi bakhe namuhla. (Isaya 43:10) Khumbula ukuthi umbono kaJohane usebenza osukwini lweNkosi, lapho sikhona manje. “Imimoya eyisikhombisa” ihlale ikhona ukuba isiqondise futhi isiqinise. (Galathiya 5:16-18) IZwi likaNkulunkulu liyatholakala namuhla ukuba lisisize ukuba sibe ngcwele ekukhonzeni uNkulunkulu ongcwele. (1 Petru 1:14-16) Ngokuqinisekile, siyajabula ukufunda ngokuzwakalayo amazwi alesi siprofetho. (IsAmbulo 1:3) Yeka isikhuthazo asinikezayo sokuba sithembeke kuJehova futhi singalivumeli izwe ukuba lisiphambukise ekuhlabeleleni ngenkuthalo izindumiso zakhe!—1 Johane 2:15-17.
28 Kuze kube manje, uJohane uye wachaza lokho akubonayo lapho emenyelwa ukuba angene ngalowo mnyango ovuliwe ezulwini. Okuvelele kakhulu, ubika ukuthi uJehova, kubo bonke ubuhle bobukhosi baKhe nesithunzi, uhlezi esihlalweni saKhe sobukhosi sasezulwini. Uzungezwe yinhlangano enamandla kunazo zonke—ekhazimulayo ebuhleni nasekuthembekeni kwayo. INkantolo yaphezulu iyaqhubeka. (Daniyeli 7:9, 10, 18) Inkundla isilungele ukuba kwenzeke okuthile okungavamile. Kuyini, futhi kusithinta kanjani thina namuhla? Asibukele njengoba umbono wembuleka!
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 75]
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 78]