ISahluko 15
“Ngubani Okufanelekelayo Ukuvula Umqulu?”
1. Kwenzekani manje embonweni kaJohane?
UPHAKEME! UYESABEKA! Unjalo umbono oshukumisayo wesihlalo sobukhosi sikaJehova endaweni yaso phakathi kwezibani zomlilo, amakherubi, abadala abangu-24, nolwandle lwengilazi. Kodwa Johane, yini oyibonayo ngokulandelayo? UJohane ugxilisa ukunakekela kuyo kanye indawo ebalulekile yalo mbono wasezulwini, esitshela: “Esandleni sokunene saLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi ngabona umqulu ulotshwé ngaphakathi nangaphandle, uvalwé waqiniswa ngezimpawu eziyisikhombisa. Ngabona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: ‘Ngubani okufanelekelayo ukuvula umqulu athukulule izimpawu zawo na?’ Kodwa kwakungekho noyedwa ezulwini noma emhlabeni noma ngaphansi komhlaba owayekwazi ukuwuvula umqulu noma abheke ngaphakathi kuwo. Ngakhala kakhulu ngoba engekho owatholakala ekufanelekela ukuwuvula lo mqulu noma ukubheka ngaphakathi kuwo.”—IsAmbulo 5:1-4.
2, 3. (a) Kungani uJohane elangazelela ukuba kutholakale othile ozovula umqulu, kodwa abonakala eyini amathemba alokho? (b) Yini abantu bakaNkulunkulu abagcotshiwe abebeyilindele ngokulangazela esikhathini sethu?
2 UJehova ngokwakhe, iNkosi EnguMbusi wayo yonke indalo, uphethe lo mqulu. Kumelwe ukuba ugcwele ukwaziswa okubalulekile, ngoba ubhalwe ngaphambili nangemuva. Manje sifuna ukwazi. Uquketheni lo mqulu? Sikhumbula isimemo sikaJehova kuJohane: “Khuphukela lapha, ngizokubonisa izinto okumelwe zenzeke.” (IsAmbulo 4:1) Ngokulangazela okukhulu, sibheka phambili ekufundeni ngalezo zinto. Maye, umqulu uvalwe waqiniswa, uvalwe wananyathiselwa ngezimpawu eziyisikhombisa!
3 Ingabe ingelosi enamandla izomthola othile ofanelekayo ukuba avule lo mqulu? Ngokwe-Kingdom Interlinear, lo mqulu “uphezu kwesandla sokunene” sikaJehova. Lokhu kusikisela ukuthi usentendeni yesandla sakhe evuliwe. Kodwa kubonakala sengathi akekho ezulwini noma emhlabeni ofanelekayo ukuba amukele futhi avule lowo mqulu. Ngisho nangaphansi komhlaba, phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezifile, akekho ofanelekele lolo dumo. Akumangalisi ukuthi uJohane uphatheke kabi! Mhlawumbe ngeke azazi “izinto okumelwe zenzeke.” Nasosukwini lwethu, abantu bakaNkulunkulu abagcotshiwe baye balindela ngokulangazela ukuba uJehova athumele ukukhanya kwakhe neqiniso mayelana nesAmbulo. Lokhu wayezokwenza ngokuqhubekayo ngesikhathi esimisiwe sokugcwaliseka kwesiprofetho, ukuze ahole abantu bakhe endleleni ‘yensindiso enkulu.’—IHubo 43:3, 5.
Lowo Okufanelekelayo
4. (a) Ubani otholakalayo okufanelekele ukuvula umqulu nezimpawu zawo? (b) Isigaba sikaJohane nabangane baso manje bahlanganyela kumuphi umvuzo nelungelo?
4 Yebo, ukhona okwaziyo ukuvula umqulu! UJohane uyalandisa: “Kodwa omunye wabadala uthi kimi: ‘Yeka ukukhala. Bheka! INgonyama yesizwe sakwaJuda, impande kaDavide, inqobile ukuze iwuvule umqulu nezimpawu zawo eziyisikhombisa.’” (IsAmbulo 5:5) Ngakho Johane, sula lezo zinyembezi! Isigaba sikaJohane nabangane baso abathembekile namuhla nabo baye babekezelela amashumi eminyaka yovivinyo olunzima lapho belindele ngesineke ukukhanyiselwa. Yeka umvuzo oduduzayo esinawo manje ngokuqonda lo mbono, futhi yeka ilungelo okuyilo ukuhlanganyela ekugcwalisekeni kwawo ngokumemezela isigijimi sawo kwabanye!
5. (a) Yisiphi isiprofetho esakhulunywa ngokuqondene noJuda, futhi babusa kuphi abazukulu bakaJuda? (b) Ubani uShilo?
5 Ah, “iNgonyama yesizwe sakwaJuda”! UJohane ujwayelene nesiprofetho uJakobe, ukhokho wesizwe samaJuda, asisho ngokuqondene nendodana yakhe yesine, uJuda: “UJuda uyiwundlu lengonyama. Uyokwenyuka, ndodana yami, usuka enyamazaneni. Wakhothama, wazelula njengengonyama, futhi njengengonyama, ubani ongalokotha amvuse? Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nobhoko lomyali phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike uShilo; futhi uyolalelwa izizwe zonke.” (Genesise 49:9, 10) Uhlu lobukhosi lwabantu bakaNkulunkulu lwasuka kuJuda. Kusukela kuDavide, wonke amakhosi abusa eJerusalema kwaze kwaba yilapho abaseBhabhiloni bewuchitha lowo muzi ayengabazukulu bakaJuda. Kodwa akekho noyedwa kuwo owayenguShilo uJakobe aprofetha ngaye. Elithi Shilo lisho “Lowo [Olungelo] Lingelakhe.” Ngokwesiprofetho, leli gama lalikhomba kuJesu, lowo manje uMbuso kaDavide ongowakhe phakade.—Hezekeli 21:25-27; Luka 1:32, 33; IsAmbulo 19:16.
6. Kungayiphi indlela uJesu ‘ayeyihlumela’ likaJese futhi ‘eyimpande kaDavide’?
6 UJohane ukuqaphela ngokushesha ukubhekisela ‘empandeni kaDavide.’ Ngokwesiprofetho uMesiya othenjisiwe ubizwa kokubili ngokuthi “ihlumela esiphunzini sikaJese [uyise weNkosi uDavide]” nangokuthi “impande kaJese eyobe imi njengesibonakaliso ezizweni.” (Isaya 11:1, 10) UJesu wayeyihlumela likaJese, ezalwa ohlwini lobukhosi lukaDavide, indodana kaJese. Ngaphezu kwalokho, njengempande kaJese, uYena owabangela ukuba uhlanga lobukhosi bukaDavide luhlume futhi, elunikeza ukuphila nokusekelwa phakade.—2 Samuweli 7:16.
7. Yini eyenza uJesu afaneleke ukuthatha umqulu esandleni saLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi?
7 Ngokuvelele uJesu, njengomuntu ophelele, nguye owakhonza uJehova ngobuqotho nangaphansi kovivinyo olunzima. Wanikeza impendulo ephelele enseleleni kaSathane. (IzAga 27:11) Kanjalo, wayengasho njengoba asho ngobusuku obungaphambi kokufa kwakhe komhlatshelo, “mina ngilinqobile izwe.” (Johane 16:33) Ngalesi sizathu, uJehova wanikeza uJesu ovusiwe “lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” Uyena yedwa kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu ofanelekayo ukwamukela lo mqulu, ngombono wokwenza kwaziwe isigijimi sawo esibalulekile.—Mathewu 28:18.
8. (a) Ngokuqondene noMbuso, yini ebonisa ukufaneleka kukaJesu? (b) Kungani kufanelekile ukuba omunye wabadala abangu-24 embulele uJohane umuntu okufanelekele ukuvula umqulu?
8 Ngempela, kufanelekile ukuba uJesu avule lo mqulu. Kusukela ngo-1914 uye wabekwa esihlalweni njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya, futhi lowo mqulu wembula okuningi ngokuqondene noMbuso nalokho oyokufeza. UJesu walifakazela ngokwethembeka iqiniso loMbuso ngesikhathi elapha emhlabeni. (Johane 18:36, 37) Wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukuza koMbuso. (Mathewu 6:9, 10) Waqalisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso ekuqaleni kwenkathi yobuKristu futhi waprofetha ngomvuthwandaba walowo msebenzi wokushumayela ngesikhathi sokuphela. (Mathewu 4:23; Marku 13:10) Ngokufanayo, kungokufanelekile ukuba omunye wabadala abangu-24 embulele uJohane ukuthi uJesu nguye oyovula izimpawu. Ngani? Ngoba laba badala bahlezi ezihlalweni zobukhosi futhi bathwele imiqhele, njengoba beyizindlalifa noKristu eMbusweni wakhe.—Roma 8:17; IsAmbulo 4:4.
‘IWundlu Elahlatshwa’
9. Esikhundleni sengonyama, yini uJohane ayibona imi “phakathi kwesihlalo sobukhosi,” futhi uyichaza kanjani?
9 UJohane uyabheka ukuze abone le “Ngonyama yesizwe sakwaJuda.” Kodwa yeka isimanga! Kuvela isimo esingokomfanekiso esihluke ngokuphelele: “Ngabona kumi phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa eziphilayo ezine naphakathi kwabadala, iwundlu, kunjengokungathi lihlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa, okungamehlo asho imimoya eyisikhombisa kaNkulunkulu ethunyelwe emhlabeni wonke.”—IsAmbulo 5:6.
10. Lingubani “iwundlu” uJohane alibona, futhi kungani leli gama lifaneleka?
10 Khona kanye phakathi nendawo, eceleni kwesihlalo sobukhosi, phakathi neziyingi ezakhiwe izidalwa eziphilayo ezine nabadala abangu-24, kukhona iwundlu! Ngokungangabazeki ngokushesha uJohane uqaphela leli wundlu ‘njengeliyiNgonyama yesizwe sakwaJuda’ ‘nempande kaDavide.’ Uyazi ukuthi, eminyakeni engaphezu kwengu-60 ngaphambili, uJohane uMbhapathizi wethula uJesu kumaJuda ayebukele ‘njengeWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!’ (Johane 1:29) Phakathi nakho konke ukuphila kwakhe esemhlabeni, uJesu wahlala engangcolisiwe yizwe—njengewundlu elingenabala—ukuze anikele ngokuphila kwakhe okungenacala njengomhlatshelo ngenxa yesintu.—1 Korinte 5:7; Hebheru 7:26.
11. Kungani kungekhona ukumkhipha isithunzi ukubiza uJesu okhazinyulisiwe ‘ngewundlu kunjengokungathi lihlatshiwe’?
11 Ingabe kuwukumehlisa noma ukumkhipha isithunzi ngandlela-thile ukuveza uJesu okhazinyulisiwe ‘njengewundlu kunjengokungathi lihlatshiwe’? Lutho neze! Iqiniso lokuthi uJesu wahlala ethembekile kwaze kwaba sekufeni laliwukwehlulwa okukhulu kukaSathane nokunqoba okukhulu kukaJehova uNkulunkulu. Ukuveza uJesu ngale ndlela kukubonisa ngokucacile ukunqoba kwakhe izwe likaSathane futhi kuyisikhumbuzo sothando olujulile uJehova noJesu abanalo ngesintu. (Johane 3:16; 15:13; qhathanisa nabaseKolose 2:15.) Kanjalo uJesu ukhonjwa njengeNzalo ethenjisiwe, ekufanelekele ngokuvelele ukuvula umqulu.—Genesise 3:15.
12. Zifanekiselani izimpondo zeWundlu eziyisikhombisa?
12 Yini enye enezela ekuqondeni kwethu leli “wundlu”? Linezimpondo eziyisikhombisa. Ngokuvamile eBhayibhelini izimpondo ziwuphawu lwamandla noma igunya, futhi isikhombisa sibonisa ukuphelela. (Qhathanisa neyoku-1 Samuweli 2:1, 10; IHubo 112:9; 148:14.) Ngakho, izimpondo zeWundlu eziyisikhombisa zimelela ukuphelela kwamandla uJehova awanikeze uJesu. “[U]ngaphezulu kakhulu kwabo bonke ohulumeni namagunya namandla nobukhosi nawo wonke amagama aqanjiwe, kungekhona kulesi simiso sezinto kuphela, kodwa nakwesizayo.” (Efesu 1:20-23; 1 Petru 3:22) UJesu uye wasebenzisa amandla, amandla obuhulumeni, ikakhulukazi kusukela ngo-1914 lapho uJehova embeka esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yasezulwini.—IHubo 2:6.
13. (a) Afanekiselani amehlo eWundlu ayisikhombisa? (b) Yini iWundlu eliyenzayo?
13 Ngaphezu kwalokho, uJesu ugcwele umoya ongcwele ngokuphelele, njengoba kufanekiselwa amehlo eWundlu ayisikhombisa, ‘ayimimoya eyisikhombisa kaNkulunkulu.’ UJesu ungumzila ukugcwala kwamandla kaJehova ayisiphekupheku okugelezela ngawo ezincekwini zaKhe zasemhlabeni. (Thithu 3:6) Ngokusobala, kungalo moya ofanayo abona ngawo esezulwini okwenzeka lapha emhlabeni. NjengoYise, uJesu unenhlakanipho ephelele. Akukho angakuboni. (Qhathanisa neHubo 11:4; Zakariya 4:10.) Ngokucacile, le Ndodana—umgcini wobuqotho owanqoba izwe; iNgonyama yesizwe sakwaJuda; impande kaDavide; owanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu; onegunya eliphelele, ukugcwala komoya ongcwele, nokuhlakanipha okuphelele okuvela kuJehova uNkulunkulu—yebo, lona ukufanele ngokuvelele ukuthatha umqulu esandleni sikaJehova. Ingabe uyangabaza ukwamukela lokhu kuthunywa kwenkonzo enhlanganweni kaJehova ephakeme? Cha! Kunalokho, ‘waya wawuthatha [umqulu] ngaso leso sikhathi esandleni sokunene saLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi.’ (IsAmbulo 5:7) Yeka isibonelo esihle sokuvuma ngokuzithandela!
Izingoma Zokudumisa
14. (a) Izidalwa ezine nabadala abangu-24 zisabela kanjani ekuthatheni kukaJesu umqulu? (b) Ukwaziswa okwamukelwa uJohane ngabadala abangu-24 kukuqinisekisa kanjani ukuthi bangobani nezikhundla zabo?
14 Basabela kanjani labo abanye abaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaJehova? “Lapho lithatha lo mqulu, izidalwa ezine eziphilayo nabadala abangamashumi amabili nane bawa phansi phambi kweWundlu, yilowo nalowo enehabhu nezitsha zegolide ezazigcwele impepho, impepho isho imithandazo yabangcwele.” (IsAmbulo 5:8) Njengezidalwa ezine eziphilayo ezingamakherubi phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, abadala abangu-24 bakhothamela uJesu beqaphela igunya lakhe. Kodwa laba badala yibona bodwa abaphethe amahabhu nezitsha zempepho. Futhi yibona bodwa manje abahlabelela ingoma entsha. (IsAmbulo 5:9) Kanjalo bafana nabangu-144 000 ‘baka-Israyeli kaNkulunkulu’ ongcwele, nabo futhi abaphethe amahabhu futhi abahlabelela ingoma entsha. (Galathiya 6:16; Kolose 1:12; IsAmbulo 7:3-8; 14:1-4) Ngaphezu kwalokho, abadala abangu-24 babonakaliswa befeza umsebenzi wasezulwini wobupristi, owafanekiselwa yilowo wabapristi kwa-Israyeli wasendulo ababeshisela uJehova impepho etabernakele—umsebenzi owaphela emhlabeni lapho uNkulunkulu esusa uMthetho kaMose, ewubethela esigxotsheni sokuhlushwa sikaJesu. (Kolose 2:14) Isiphi isiphetho esifinyelela kuso ngakho konke lokhu? Ukuthi lapha abanqobi abagcotshiwe babonakala besesabelweni sabo sokugcina ‘njengabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, bebusa njengamakhosi kanye naye iminyaka eyinkulungwane.’—IsAmbulo 20:6.
15. (a) Kwa-Israyeli, ubani kuphela owayenelungelo lokungena eNgcwelengcwele yetabernakele? (b) Kungani kwakuyindaba yokufa nokuphila ngompristi omkhulu ukuba ashise impepho ngaphambi kokungena eNgcwelengcwele?
15 Kwa-Israyeli wasendulo, ukungena eNgcwelengcwele phambi kokuba khona okungokomfanekiso kukaJehova kwakungokompristi omkhulu kuphela. Kuyena, ukuphatha impepho kwakuyindaba yokufa nokuphila. UMthetho kaJehova wathi: “[U-Aroni] kumelwe athathe umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo avuthayo avela e-altare phambi kukaJehova, agcwalise izandla zombili ngempepho ecolekileyo enamakha, akulethe ngaphakathi kwesihenqo. Kumelwe futhi abeke impepho phezu komlilo phambi kukaJehova, ifu lempepho lisibekele isembozo soMphongolo esiphezu kobuFakazi, ukuze angafi.” (Levitikusi 16:12, 13) Kwakungenakwenzeka ngompristi omkhulu ukuba angene ngokuphumelelayo eNgcwelengcwele ngaphandle kokuba ashise impepho.
16. (a) Ngaphansi kwesimiso sezinto sobuKristu, obani abangena eNgcwelengcwele engokomfuziselo? (b) Kungani amaKristu agcotshiwe kumelwe ‘ashise impepho’?
16 Esimisweni sezinto sobuKristu akuyena nje umPristi Ophakeme ongokomfuziselo, uJesu Kristu kuphela, ekugcineni ongena eNgcwelengcwele engokomfuziselo, indawo yobukhona bukaJehova ezulwini, kodwa futhi ngamunye wabapristi abangaphansi abangu-144 000. (Hebheru 10:19-23) Akunakwenzeka ngalaba bapristi ukungena kule Ngcwelengcwele, njengoba lapha bemelelwe abadala abangu-24, ngaphandle kokuba ‘bashise impepho,’ okungukuthi, banikele ngemikhuleko nangokunxusa njalonjalo kuJehova.—Hebheru 5:7; Jude 20, 21; qhathanisa neHubo 141:2.
Ingoma Entsha
17. (a) Iyiphi ingoma entsha abadala abangu-24 abayihlabelelayo? (b) Ngokuvamile inkulumo ethi “ingoma entsha” isetshenziswa kanjani eBhayibhelini?
17 Manje kunkeneneza ingoma emnandi. Ihlatshelelelwa iWundlu abangane balo abangabapristi, abadala abangu-24: “Bahlabelela ingoma entsha, bethi: ‘Uyakufanelekela ukuthatha umqulu uvule izimpawu zawo, ngoba wena wahlatshwa futhi ngegazi lakho wathengela uNkulunkulu abantu kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe.’” (IsAmbulo 5:9) Amazwi athi “ingoma entsha” avela izikhathi eziningana eBhayibhelini futhi ngokuvamile abhekisela ekudumiseni uJehova ngenxa yesenzo esithile samandla sokukhulula. (IHubo 96:1; 98:1; 144:9) Ngakho, le ngoma yintsha ngoba umhlabeleli wayo manje angamemezela imisebenzi kaJehova emangalisayo eyengeziwe futhi abonise ukwazisa okuvuselelwe ngegama laKhe elikhazimulayo.
18. Abadala abangu-24 bamdumisa ngenxa yani uJesu ngengoma yabo entsha?
18 Nokho, lapha abadala abangu-24 bahlabelela ingoma entsha phambi kukaJesu kunaphambi kukaJehova. Kodwa isimiso sisafana. Badumisa uJesu ngenxa yezinto ezintsha yena, njengeNdodana kaNkulunkulu, azenzile ngenxa yabo. Ngegazi lakhe, waba umlamuleli wesivumelwano esisha futhi kanjalo wenza kwaba nokwenzeka ukuzalwa kwesizwe esisha njengempahla kaJehova ekhethekile. (Roma 2:28, 29; 1 Korinte 11:25; Hebheru 7:18-25) Amalungu alesi sizwe esisha esingokomoya avela ezizweni eziningi ezingokwenyama, kodwa uJesu wawahlanganisela ebandleni elilodwa njengesizwe esisodwa.—Isaya 26:2; 1 Petru 2:9, 10.
19. (a) Yisiphi isibusiso ama-Israyeli angokwenyama angazange asibone ngenxa yokungathembeki kwawo? (b) Yisiphi isibusiso isizwe esisha sikaJehova esisijabulelayo?
19 Lapho uJehova enza ama-Israyeli abe isizwe emuva ezinsukwini zikaMose, wenza nawo isivumelwano futhi wathembisa ukuthi uma ehlala ethembekile kuleso sivumelwano, ayeyoba umbuso wabapristi phambi kwakhe. (Eksodusi 19:5, 6) Ama-Israyeli awathembekanga futhi awazange akubone ukugcwaliseka kwaleso sithembiso. Ngakolunye uhlangothi, isizwe esisha, esenziwa ngenxa yesivumelwano esisha uJesu angumlamuleli waso, siye sahlala sithembekile. Ngakho-ke amalungu aso athola ilungelo lokubusa umhlaba njengamakhosi nokuba akhonze njengabapristi, esiza abafanelekayo ngezinhliziyo phakathi kwesintu ukuba babuyisane noJehova. (Kolose 1:20) Kunjengoba nje ingoma entsha ikubeka: “Wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, futhi bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” (IsAmbulo 5:10) Yeka injabulo labo badala abangu-24 abanayo ekuhlabeleleleni uJesu okhazinyulisiwe ingoma entsha yokudumisa!
Iqembu Lasezulwini Labahlabeleli
20. Iyiphi ingoma yokudumisa iWundlu manje ehlatshelelwayo?
20 Basabela kanjani kule ngoma entsha abanye besixuku esikhulu sasezulwini senhlangano kaJehova? UJohane uyajabula ukubona ukuvumelana kwabo okuqotho: “Ngabona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi ezizungeze isihlalo sobukhosi nezidalwa eziphilayo nabadala, isibalo sazo sasingamashumi ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane nezinkulungwane zezinkulungwane, zithi ngezwi elikhulu: ‘IWundlu elahlatshwa liyakufanelekela ukwamukela amandla nengcebo nokuhlakanipha namandla nodumo nenkazimulo nesibusiso.’” (IsAmbulo 5:11, 12) Yeka ingoma yokudumisa ehlaba umxhwele!
21. Ingabe ukudunyiswa kweWundlu kuyabehlisa ubukhosi noma isikhundla sikaJehova? Chaza.
21 Ingabe lokhu kusho ukuthi uJesu manje ngandlela-thile usethathele uJehova uNkulunkulu isikhundla nokuthi yonke indalo isidumisa yena esikhundleni sikaYise? Lutho! Kunalokho, le ngoma yokudumisa ivumelana nalokho umphostoli uPawulu akubhala: “[U]Nkulunkulu wamphakamisela [uJesu] esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama, ukuze egameni likaJesu wonke amadolo aguqe, awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlaba, futhi zonke izilimi zivume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.” (Filipi 2:9-11) UJesu lapha udunyiswa ngenxa yengxenye yakhe ekuxazululeni impikiswano ebalulekile phambi kwendalo yonke—ukulwelwa kobukhosi bukaJehova obufanelekile bendawo yonke. Ngempela, yeka inkazimulo lokhu okuye kwayiletha kuYise!
Ingoma Ekhulayo
22. Amazwi avela endaweni yasemhlabeni ahlanganyela kuyiphi ingoma?
22 Embonweni ochazwa uJohane, izixuku zasezulwini zidumisa uJesu ngengoma emnandi zivuma ukuthembeka kwakhe negunya lakhe lasezulwini. Kulokhu, amazwi avela endaweni yasemhlabeni ahlanganyela nazo njengoba nalawa futhi ehlanganyela ekudumiseni bobabili uYise neNdodana. Njengoba nje izenzo zendodana engumuntu zingaletha udumo olukhulu kubazali, kanjalo inkambo kaJesu yokwethembeka yaziwa kuyo yonke indalo “kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.” Kanjalo, uJohane uyaqhubeka ebika: “Zonke izidalwa ezisezulwini nasemhlabeni nangaphansi komhlaba nezisolwandle nazo zonke izinto ezikukho, ngazizwa zithi: ‘KuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube isibusiso nodumo nenkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade.’”—IsAmbulo 5:13.
23, 24. (a) Yini ebonisa isikhathi ingoma eyayiyoqala ngaso ezulwini, futhi nini emhlabeni? (b) Le ngoma ikhula kanjani ngomsindo njengoba iminyaka idlula?
23 Ihlatshelelwa nini le ngoma emnandi? Yaqala ekuqaleni kosuku lweNkosi. Ngemva kokuba uSathane namademoni akhe bekhishiwe ezulwini, “zonke izidalwa ezisezulwini” zahlanganyela ndawonye kule ngoma yokudumisa. Futhi, njengoba umlando ubonisa, kusukela ngo-1919 isixuku esandayo emhlabeni siye sahlanganisa amazwi aso ekudumiseni uJehova, sanda sisuka ezinkulungwaneni ezimbalwa siya ngaphezulu kakhulu kwezigidi eziyisithupha ngonyaka ka-2005.a Ngemva kokuba isimiso sikaSathane sasemhlabeni sesibhujisiwe, ‘zonke izidalwa ezisemhlabeni’ ziyohlabelela izindumiso zikaJehova neNdodana yakhe. Ngesikhathi sikaJehova esifanele, kuyoqala uvuko lwezigidi ezingenakubalwa zabafileyo, khona-ke ‘zonke izidalwa ezingaphansi komhlaba’ ezisenkumbulweni kaNkulunkulu ziyoba nethuba lokuhlanganyela ekuhubeni le ngoma.
24 Kakade, ‘kusukela emkhawulweni womhlaba, olwandle, naseziqhingini,’ izigidi zabantu zihlabelela igama elisha kanye nenhlangano kaJehova yomhlaba wonke. (Isaya 42:10; IHubo 150:1-6) Lokhu kudumisa kwenjabulo kuyofinyelela iqophelo eliphezulu ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane, lapho isintu sesilethwe ekupheleleni. Leyo nyoka endala, umkhohlisi omkhulu, uSathane uqobo lwakhe, uyobe esebhujiswa ekugcwalisekeni okuphelele kukaGenesise 3:15, futhi emvuthwandaba wokunqoba, yonke indalo ephilayo, eyomoya nengabantu, iyohlabelela ngobunye: “KuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube isibusiso nodumo nenkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade.” Ngeke kube nezwi eliyokwehluka endalweni yonke.
25. (a) Ukufunda ukulandisa kukaJohane ngale ngoma yendawo yonke kusishukumisela ukuba senzeni? (b) Yisiphi isibonelo esihle esisibekelwa yizidalwa ezine eziphilayo nabadala abangu-24 njengoba umbono uphela?
25 Yeka isikhathi senjabulo okuyoba yiso! Ngokuqinisekile, lokho uJohane akuchazayo lapha kwenza izinhliziyo zethu ziphuphume injabulo futhi kusishukumisela ukuba sihlanganyele nezixuku zasezulwini ekuhlabeleleni ngobuqotho izindumiso zikaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Asizimisele yini ngaphezu kwanoma yinini ngaphambili ukukhuthazela emisebenzini elungileyo? Uma senza kanjalo, singalindela ukuba, ngosizo lukaJehova, ngabanye sibe lapho emvuthwandaba ojabulisayo, sinezele amazwi ethu kuleyo ngoma yokudumisa yomhlaba wonke. Ngokuqinisekile, izidalwa ezine eziphilayo ezingamakherubi namaKristu agcotshiwe avusiwe kuvumelana ngokuphelele, ngoba umbono uphetha ngala mazwi: “Izidalwa ezine eziphilayo zathi: ‘Amen!’ abadala bawa phansi bakhuleka.”—IsAmbulo 5:14.
26. Yini okumelwe sibe nokholo kuyo, futhi yini iWundlu elilungele ukuyenza?
26 Kwangathi, mfundi othandekayo, ungabonisa ukholo emhlatshelweni weWundlu—“okufanelekelayo”—futhi ubusiswe emizamweni yakho yokuthobeka yokukhulekela nokukhonza uJehova—“Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi.” Vumela isigaba sikaJohane sikusize namuhla njengoba sinikeza “isilinganiso” esidingekayo “sokudla [okungokomoya] ngesikhathi esifanele.” (Luka 12:42) Kodwa bheka! IWundlu lilungiselela ukuvula izimpawu eziyisikhombisa. Yikuphi ukwambulelwa okujabulisayo manje esibekelwe khona?
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ishadi elisekhasini 64.
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 86]