Isahluko 10
Isiprofetho SeBhayibheli Oye Wasibona Sigcwaliseka
Ingabe wake wazibuza ukuthi kungani izinto zihluke kangaka namuhla uma ziqhathaniswa nendlela ezazingayo eminyakeni eyikhulu edlule? Ezinye izinto zingcono. Emazweni amaningi, izifo ezazibulala esikhathini esidlule ngokuvamile manje ziyelapheka, nomuntu ovamile ujabulela izinga lokuphila okhokho bakhe ababengaphuphi nokuphupha ngalo. Ngakolunye uhlangothi, ikhulu lethu leminyaka liye laba nezimpi ezimbi kakhulu nezinye zezenzo zonya ezimbi kakhulu kuwo wonke umlando. Ukuchuma kwesintu—ngisho nokuqhubeka kwaso siphila—kusongelwa ukukhula kwenani labantu, inkinga yokungcola, nokunqwatshelwaniswa ezizweni zonke kwezikhali ezenziwe ngenuzi, ukuhlasela ngamagciwane abulalayo kanye namakhemikhali. Kungani lelikhulu lama-20 leminyaka lihluke kangaka emakhulwini eminyaka angaphambili?
1. (Hlanganisa nesethulo.) (a) Liye lahluka kanjani ikhulu lama-20 leminyaka emakhulwini eminyaka angaphambili? (b) Yini eyosisiza ukuba siqonde ukuthi kungani izikhathi zethu zihluke kangaka?
IMPENDULO yalombuzo iphathelene nesiprofetho seBhayibheli esiphawulekayo oye wasibona sigcwaliseka. Isiprofetho esabikezelwa uJesu ngokwakhe, futhi ngaphandle kokunikeza ubufakazi bokuphefumlelwa kweBhayibheli, sibonisa ukuthi siphila eduze nezinguquko ezivusa amadlingozi kakhulu emhlabeni. Isiphi lesiprofetho? Futhi sazi kanjani ukuthi siyagcwaliseka?
Isiprofetho SikaJesu Esikhulu
2, 3. Imuphi umbuzo abafundi bakaJesu abambuza wona, futhi siyitholaphi impendulo yakhe?
2 IBhayibheli lisitshela ukuthi ngaphambi nje kokufa kukaJesu, abafundi bakhe babexoxa ngezakhiwo zethempeli ezinkulu eJerusalema; babehlatshwe umxhwele ubukhulu bazo nokuqina kwazo okwakusobala. Kodwa uJesu wathi: “Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”—Mathewu 24:1, 2.
3 Abafundi bakaJesu kumelwe ukuba abamangaza lawomazwi akhe futhi kamuva beza kuye befuna ukwaziswa okwengeziwe, bethi: “Sitshele, ziyokwenzeka nini lezizinto, futhi siyoba yini isibonakaliso sokuba-khona kwakho nesokuphela kwesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3, NW) Impendulo kaJesu itholakala engxenyeni esele kaMathewu izahluko 24 no-25. Amazwi akhe alotshiwe futhi nakuMarku isahluko 13 noLuka isahluko 21. Lesi ngokusobala kwakuyisiprofetho esibaluleke kakhulu esabikezelwa uJesu ngesikhathi esemhlabeni.
4. Iziphi izinto ezihlukene abafundi bakaJesu ababezibuza?
4 Eqinisweni, abafundi bakaJesu babebuza izinto ezingaphezu kweyodwa. Okokuqala, baphakamisa lombuzo: “Ziyokwenzeka nini lezizinto?” okungukuthi, Liyobhujiswa nini iJerusalema nethempeli lalo? Ngokuqhubekayo, babefuna ukwazi isibonakaliso esasiyobonisa ukuthi ukuba khona kukaJesu njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini kwase kuqalile nokuthi isiphelo salesimiso sezinto sasiseduze.
5. (a) Ikuphi ukugcwaliseka kokuqala kwesiprofetho sikaJesu okwakukhona, kodwa amazwi akhe ayeyokuthola nini ukugcwaliseka kwawo okuphelele? (b) UJesu wayiqala kanjani impendulo yakhe embuzweni wabafundi?
5 Empendulweni yakhe, uJesu wawacabangela womabili lamaphuzu. Amaningi amazwi akhe agcwaliseka ngokoqobo emuva ekhulwini lokuqala leminyaka, phakathi neminyaka eyaholela ekubhujisweni okwesabekayo kweJerusalema ngo-70 C.E. (Mathewu 24:4-22) Kodwa isiprofetho sakhe sasiyoba ngisho nokubaluleka okukhulu kamuva, eqinisweni ezinsukwini zethu. Khona-ke, wathini uJesu? Waqala ngokusho amazwi alotshwe emavesini 7 no-8: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube-khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo.”
6. Amazwi kaJesu kuMathewu 24:7, 8 asikhumbuza siphi isiprofetho esifanayo?
6 Ngokusobala, ukuba-khona kukaJesu njengeNkosi yasezulwini kwakuyophawulwa isiyaluyalu esikhulu emhlabeni. Lokhu kuqinisekiswa isiprofetho esifanayo esitholakala encwadini yesAmbulo: umbono wabagibeli bamahhashi abane besAmbulo. (IsAmbulo 6:1-8) Owokuqala walabagibeli bamahhashi ufanekisela uJesu ngokwakhe njengeNkosi enqobayo. Abanye abagibeli namahhashi abo bafanekisela izenzakalo emhlabeni eziphawula ukuqala kokubusa kukaJesu: impi, indlala, nokufa ngaphambi kwesikhathi ngokubulawa izinto ezihlukahlukene. Ingabe siyazibona leziprofetho ezimbili zigcwaliseka namuhla?
IMpi!
7. Yini efanekiselwa ngokwesiprofetho ukugabavula komgibeli wehhashi wesibili wesAmbulo?
7 Ake sizibhekisise ngokuseduze. Okokuqala, uJesu wathi: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso.” Lesi kwakuyisiprofetho sempi. Owesibili wabagibeli bamahhashi abane besAmbulo ngokufanayo wafanekisela impi. Siyafunda: “Kwase kuphuma elinye ihashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.” (IsAmbulo 6:4) Manje, isintu besilokhu silwa izimpi izinkulungwane zeminyaka. Khona-ke, kungani lamazwi kufanele abe nokubaluleka okukhethekile osukwini lwethu?
8. Kungani besingalindela impi ukuba ibe isici esivelele sesibonakaliso?
8 Khumbula ukuthi impi ngokwayo ayisona isibonakaliso sokuba khona kukaJesu. Isibonakaliso sihlanganiswa yiyo yonke imininingwane yesiprofetho sikaJesu eyenzeka enkathini efanayo. Kodwa impi iyisici sokuqala esaphawulwa, ngakho singase silindele ukuba lesisici sigcwaliseke ngendlela evelele eyayiyobamba ukunakekela kwethu. Futhi wonke umuntu kumelwe avume ukuthi izimpi zalelikhulu lama-20 leminyaka azinakufaniswa nezinye kuwo wonke umlando ongaphambili.
9, 10. Iziprofetho mayelana nempi zaqala kanjani ukugcwaliseka?
9 Ngokwesibonelo, azikho izimpi zangaphambili—ezinonya nezibhubhisayo njengoba eziningi zazinjalo—ezasondela ngisho nokusondela ngezinga lokubhubhisa ezimpini zezwe ezimbili zekhulu lama-20 leminyaka. Phela, impi yezwe yokuqala ekugcineni yabangela ukufa kwabantu abacishe babe izigidi eziyi-14, inani elingaphezu kwenani lawo wonke umphakathi wamazwe amaningi. Ngempela, “waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane.”
10 Ngokwalesiprofetho, umgibeli wehhashi wesibili wesAmbulo ofanekisela impi “wanikwa nenkemba enkulu.” Lokho kugcwaliseka kanjani? Ngalendlela: Izikhali zempi zaba ezibulala kakhulu ngokwengeziwe. Ehlome ngezinqola zempi, izindiza, isisi esinobuthi esibulalayo, imikhumbi-ngwenya, nombayimbayi abangadubula iziqhumane ezifinyelela ibanga eliqhele ngamakhilomitha amaningi, umuntu uye waba ingcweti ngokwengeziwe ekubulaleni umakhelwane wakhe. Futhi kusukela ngempi yezwe yokuqala ‘inkemba enkulu’ iye yaba ebhubhisa ngisho nangokwengeziwe—ngenxa yokusetshenziswa kwezinto ezinjengokuxhumana ngemisakazo, iradar, izibhamu eziyinkimbinkimbi, ukuhlasela ngokusebenzisa amagciwane namakhemikhali ayingozi, iziciba-mlilo, amabhomu enapalm, izinhlobo ezintsha zamabhomu, izikhali ezicitshwayo ezingaqondiswa kusuka kwelinye izwekazi kuya kwelinye, imikhumbi-ngwenya yenuzi, izindiza ezithuthukisiwe, nemikhumbi yempi emikhulu.
‘Ukuqala Kwemihelo’
11, 12. Kungayiphi indlela impi yezwe yokuqala yayimane nje ‘ingukuqala kwemihelo’?
11 Amavesi okuqala esiprofetho sikaJesu aphetha ngalamazwi: “Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo.” Lokhu eqinisweni kwakunjalo ngempi yezwe yokuqala. Ukuphela kwayo ngo-1918 akuzange kulethe ukuthula isikhathi eside. Yalandelwa ngokushesha izenzo zempi ezilinganiselwe kodwa ezinonya e-Ethiopia, eLibya, eSpain, eRussia, eNdiya, nakwamanye amazwe. Kwase kufika impi yezwe yesibili esabekayo, eyabulala izisulu ezingaba izigidi ezingama-50 zamabutho nezabantu ababengekho empini.
12 Ngaphezu kwalokho, naphezu kwezivumelwano zokuthula zezikhathi ezithile nokudamuka kwempi okwesikhashana, isintu sisesempini. Ngo-1987 kwabikwa ukuthi kwakulwiwa izimpi ezinkulu ezingama-81 kusukela ngo-1960, ezabulala amadoda, abesifazane, nabantwana abangu-12 555 000. Ngonyaka ka-1987 kwalwiwa izimpi eziningi ngaphezu kwanoma imuphi unyaka ongaphambili emlandweni ogciniwe.1 Ngaphezu kwalokho, ukulungiselela impi nezindleko zakhona, manje okufinyelela ingqikithi yamaRandi acishe abe ngu-2 550 000 000 000 unyaka ngamunye, kukhinyabeza umnotho wezwe.2 Isiprofetho sikaJesu ‘sesizwe sivukela esinye isizwe nombuso omunye umbuso’ ngokuqinisekile siyagcwaliseka. Ihhashi elibomvu lempi liyaqhubeka ligabavula ngamandla emhlabeni. Kodwa kuthiwani ngesici sesibili sesibonakaliso?
Ukuntuleka Kokudla!
13. Iziphi izenzakalo ezidabukisayo ezabikezelwa uJesu, futhi umbono womgibeli wehhashi wesithathu wesAmbulo usisekela kanjani isiprofetho sikaJesu?
13 UJesu wabikezela: “Kube-khona indlala . . . izindawo ngezindawo.” Phawula indlela lokhu okuvumelana ngayo nokugabavula kowesithathu wabagibeli bamahhashi abane besAmbulo. Ngaye siyafunda: “Ngase ngibona, bheka, nanto ihashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe. Ngase ngizwa kwangathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: Imbenge kakolweni ngodenariyu nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu; kepha amafutha newayini ungakoni.” (IsAmbulo 6:5, 6) Yebo, ukuntuleka okukhulu kokudla!
14. Iziphi izindlala ezinkulu kusukela ngo-1914 eziye zagcwalisa isiprofetho sikaJesu?
14 Kungenzeka yini ukuthi lesiprofetho siyagcwaliseka namuhla, lapho amanye amazwe eye afinyelela amazinga aphakeme kangako okuphila? Ukuthi nhlá nje ezweni lilonke kusishiya singenakungabaza ukuthi impendulo iyini. Ngokomlando, indlala iye yadalwa izimpi nezinhlekelele ezingokwemvelo. Khona-ke, akumangalisi, ukuthi ikhulu lethu leminyaka elibe nengxenye engaphezu kweyanele yezinhlekelele nezimpi, liye lahlushwa indlala ngokuphindaphindiwe. Izingxenye eziningi zomhlaba ziye zahlushwa izinhlekelele ezinjalo kusukela ngo-1914. Omunye umbiko unohlu lwezindlala ezinkulu ezingaphezu kwama-60 kusukela ngo-1914, emazweni aqhelelene kakhulu njengeGrisi, iNetherlands, iU.S.S.R., iNigeria, iChad, iChile, iPeru, iBangladesh, iBengal, iKampuchea, iEthiopia, neJapane.3 Ezinye zalezindlala ziye zathatha iminyaka eminingi futhi zabangela ukufa kwabayizigidi.
15, 16. Ikuphi okunye ukuntuleka kokudla okubhubhisa ngempela namuhla?
15 Nakuba izindlala ezinkulu ngokuvamile zimenyezelwa kakhulu, ngemva kwesikhashana ziyadlula futhi abasindile kancane kancane babuyela ekuphileni okuvamile uma kuqhathaniswa. Nokho, olunye uhlobo lokuntuleka kokudla olusongela ngokwengeziwe luye lwakhula phakathi nekhulu lama-20 leminyaka. Lolu aluhlasimulisi kangako futhi ngenxa yalokhu ngokuvamile alunakwa. Kodwa luyaphikelela unyaka ngamunye. Lolu uhlupho olukhulu lokuntuleka kokudla okunomsoco olukhathaza abantu abafinyelela oyedwa kwabahlanu enanini labantu kunozungezilanga wethu futhi libulala abaphakathi kwezigidi eziyi-13 kuya ku-18 unyaka ngamunye.4
16 Ngamanye amazwi, loluhlobo lokuntuleka kokudla njalo ngezinsuku ezimbili lubulala cishe abantu abaningi kunababulawa ibhomu yeathomu eHiroshima. Ngempela, njalo ngeminyaka emibili, kunabantu abaningi ababulawa imiphumela yendlala kunamasosha abulawa yiMpi Yezwe I neMpi Yezwe II zihlangene. Ingabe iye yaba khona “indlala . . . izindawo ngezindawo” kusukela ngo-1914? Yebo, ngokuqinisekile!
Ukuzamazama Komhlaba
17. Ikuphi ukuzamazama komhlaba okubhubhisayo okwenzeka ngokushesha ngemva kuka-1914?
17 NgoJanuary 13, 1915, lapho impi yezwe yokuqala yayisenezinyanga ezimbalwa nje iqalile, ukuzamazama komhlaba kwagadla eAbruzzi, eItaly, futhi kwathatha ukuphila kwabantu abayizi-32 610. Lenhlekelele enkulu isikhumbuza ukuthi izimpi kanye nokuntuleka kokudla phakathi nokuba khona kukaJesu kwakuyohambisana nokunye: “Kube-khona . . . nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.” Njengempi nendlala, ukuzamazama komhlaba kwaseAbruzzi kwakumane nje “kungukuqala kwemihelo.”a
18. Isiprofetho sikaJesu mayelana nokuzamazama komhlaba siye sagcwaliseka kanjani?
18 Ikhulu lama-20 leminyaka liye laba ikhulu leminyaka lokuzamazama komhlaba, futhi ngenxa yokuthuthuka kwemithombo yezindaba, sonke isintu siyiqaphela kakhulu incithakalo okuye kwayidala. Uma siphawula nje okumbalwa, ngo-1920 kwafa abangu-200 000 ekuzamazameni komhlaba kwaseChina; ngo-1923, kwafa abangaba ngu-99 300 ekuzamazameni kwaseJapane; ngo-1935, okunye ukuzamazama kwabulala abangu-25 000 kulokho manje okubizwa ngokuthi iPakistan, kanti bangu-32 700 abafa eTurkey ngo-1939. Kunabangu-66 800 abafa ekuzamazameni komhlaba ePeru ngo-1970. Futhi ngo-1976, abangaba ngu-240 000 (noma, ngokweminye imithombo, abangu-800 000) bafa eTangshan, eChina. Muva nje, ngo-1988, kunabangu-25 000 abafa ekuzamazameni komhlaba okunamandla kakhulu eArmenia.b Ngokuqinisekile, ‘ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo’!6
“Isifo Esibulalayo”
19. Imuphi umniningwane owengeziwe wesibonakaliso owabikezelwa uJesu futhi wafanekiselwa umgibeli wehhashi wesine wesAmbulo?
19 Omunye umniningwane wesiprofetho sikaJesu uphathelene nesifo. Ekulandiseni kwakhe, umvangeli uLuka uloba ukuthi uJesu wabikezela “nobici [izifo eziwumshayabhuqe] . . . izindawo ngezindawo.” (Luka 21:11) Lokhu futhi kuyavumelana nombono ongokwesiprofetho wabagibeli bamahhashi abane besAmbulo. Umgibeli wehhashi wesine ubizwa ngokuthi ukuFa. Ufanekisela ukufa ngaphambi kwesikhathi ngokubulawa izimbangela eziningana, kuhlanganise “[nesifo esibulalayo, NW], nangezilwane zomhlaba.”—IsAmbulo 6:8.
20. Yisiphi isibhadalala esivelele esasiwukugcwaliseka ngokwengxenye kwesiprofetho sikaJesu ngezifo eziwumshayabhuqe?
20 Emuva ngo-1918 no-1919, abantu abangaphezu kuka-1 000 000 000 bahlatshwa umkhuhlane waseSpain futhi abangaphezu kuka-20 000 000 bafa. Lesifo sabulala abantu abaningi kunalabo ababulawa impi enkulu ngokwayo.7 Futhi “isifo esibulalayo,” noma ‘isifo esiwumshayabhuqe,’ siyaqhubeka sikhathaza lesizukulwane, naphezu kwentuthuko enkulu ephawulekayo kwezokwelapha. Kungani kunjalo? Okokuqala, amazwe ampofu awazitholi njalo izinzuzo zentuthuko engokwesayensi. Abantu abampofu bayahlupheka futhi babulawe izifo ezingalapheka ukuba imali eyengeziwe yayenziwe yatholakala.
21, 22. Abantu kokubili emazweni anothile nampofu baye bahlushwa kanjani “isifo esibulalayo”?
21 Ngakho, abantu abangaba izigidi eziyi-150 emhlabeni wonke bahlushwa umalaleveva. Abanye abayizigidi ezingaba ama-200 baguliswa isichenene. Isifo sikaChagas sihlupha abantu abacishe babe izigidi eziyishumi. Abacishe babe izigidi ezingama-40 bahlushwa ubumpumputhe obudalwa imifula. Izifo ezimbi ezinjengohudo zibulala abantwana abayizigidi unyaka ngamunye.8 Isifo sofuba nochoko ziseyinkinga yezempilo ephawulekayo. Ngokuvelele, abampofu balelizwe bahlushwa ‘izifo eziwumshayabhuqe izindawo ngezindawo.’
22 Kodwa kungokufanayo nangabacebile. Ngokwesibonelo, umkhuhlane uhlupha abacebile nabampofu ngokufanayo. Ngo-1957 olunye uhlobo lomkhuhlane lwabangela ukufa kwabangu-70 000 eUnited States iyodwa. EJalimane kulinganiselwa ukuthi umuntu oyedwa kwabayisithupha ekugcineni uyongenwa umdlavuza.9 Izifo ezithathelwana ngokobulili nazo futhi zigadla kwabacebile nabampofu. Isipatsholo, isifo esithathelwanayo esibikwa ngokuvame kakhulu eUnited States, sihlupha abaningi kangangamaphesenti ayi-18,9 omphakathi wezingxenye ezithile zeAfrika.10 Ugcunsula, ichlamydia, nesifo sesikhumba sezitho zobulili zingezinye ‘zezifo eziwumshayabhuqe’ ezidluliselwa ngobulili neziwubhadane.
23. Isiphi “isifo esibulalayo” muva nje esiye savelela ezihlokweni ezinkulu zamaphephandaba?
23 Eminyakeni yamuva, “isifo esibulalayo” sengculaza (AIDS) naso futhi siye sangena ohlwini ‘lwezifo eziwumshayabhuqe.’ Ingculaza iyisifo esisabekayo ngoba kuze kube manje, njengoba kulotshwa lencwadi, ayikho indlela yokuselapha ebonakalayo, futhi inani lezisulu zaso liyaqhubeka landa. UDkt. Jonathan Mann, umqondisi woHlelo Olukhethekile Ngengculaza lweWHO (INhlangano Yomhlaba Yezempilo), wathi: “Silinganisela futhi ukuthi kunabantu abayizigidi eziyisihlanu kuya kweziyi-10 emhlabeni namuhla abangenwe igciwane lengculaza (HIV).”11 Ngokokunye ukulinganisela okunyathelisiwe, igciwane lengculaza lihlasela isisulu esisha umzuzu ngamunye. “Isifo esibulalayo” ngempela! Kodwa kuthiwani ngesiprofetho sokufa okubangelwa izilwane zasendle?
‘Izilwane Zomhlaba’
24, 25. (a) Umprofethi uHezekeli wabhekisela kuluphi uhlobo ‘lwesilwane’? (b) Yini uJesu ayisho ‘ngezilwane’ ezaziyoba matasa emhlabeni phakathi nokuba khona kwakhe?
24 Iqiniso liwukuthi, lapho izilwane zasendle ziphawulwa kulezinsuku emaphephandabeni, kungenxa yokuba izinhlobo ezithile zisengozini noma ziseduze nokuqothulwa. ‘Izilwane zomhlaba’ zisongelwa kakhulu abantu kunokuba abantu basongelwe yizo. Naphezu kwalokhu, kwamanye amazwe, izilwane zasendle njengezingwe zaseNdiya, zisathatha inani elandayo lokuphila kwabantu.
25 Nokho, iBhayibheli lidonsela ukunakekela kwethu kolunye uhlobo lwesilwane sasendle esiye sabangela ukwesaba okungokoqobo eminyakeni yamuva. Umprofethi uHezekeli waqhathanisa abantu abanobudlova nezilwane zasendle lapho ethi: “Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.” (Hezekeli 22:27) Lapho eprofetha ‘ngokwanda kokungabi namthetho,’ eqinisweni, uJesu wayesho ukuthi ‘izilwane’ ezinjalo zaziyoba matasa emhlabeni phakathi nokuba khona kwakhe. (Mathewu 24:12) Umlobi weBhayibheli uPawulu unezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina” abantu babeyoba ‘abathandimali abangazithibi, abangenabumnene, nabangathandi okuhle.’ (2 Thimothewu 3:1-3) Ingabe kuye kwaba njalo kusukela ngo-1914?
26-28. Imiphi imibiko evela kuwo wonke umhlaba ebonisa ukuthi ‘izilwane’ eziyizigebengu zinyonyobela umhlaba?
26 Ngokuqinisekile kuye kwaba njalo. Uma uhlala cishe kunoma yiliphi idolobha elikhulu emhlabeni, kakade usuyakwazi lokhu. Kodwa uma ukungabaza, cabangela nje lezingcaphuno ezilandelayo zamaphephandaba amuva. EColombia: “Ngonyaka odlule amaphoyisa abhalisa . . . amacala okubulala acishe abe ngu-10 000 nawokuphanga kuhlonyiwe angu-25 000.” EVictoria, eAustralia: “Ukwenyuka Okukhulu Kobugebengu Obukhulu.” EUnited States: “Ukubulala ENew York Kuphokophele Izinga Eliyingqopha-mlando.” “IDetroit idlule iGary, Ind., ngonyaka odlule njengedolobha elikhulu elinezinga lokubulala eliphakeme kunawo wonke esizweni—izakhamuzi ezingu-58 kwezingu-100 000.”
27 EZimbabwe: “Ukubulawa kwezinsana kuye kwangenela izilinganiso ezinkulu.” EBrazil: “Kunobugebengu obuningi lapha, nokwanda okukhulu kokuphatha izikhali, kangangokuba izindaba zobudlova azisavusi sithakazelo.” ENew Zealand: “Ukuhlaselwa ngokobulili nobugebengu bobudlova kuyaqhubeka kuyinkathazo enkulu emaphoyiseni.” “Izinga lobudlova labantu baseNew Zealand komunye nomunye lingachazwa kuphela njengobuqaba.” ESpain: “ISpain ilwisana nenkinga yobugebengu obukhulayo.” EItaly: “IMafia yaseSicily ngemva kokunqotshwa, ivuka ngegagasi elisha lokubulala.”
28 Lokhu kumane nje kuyisibonelo esincane semibiko yamaphephandaba eyavela ngaphambi nje kokunyatheliswa kwalencwadi. Ngokuqinisekile, “izilwane” zinyonyobela umhlaba, okubangela abantu abaningi bathuthumele ngokulondeka kwabo.
Ukushumayela Izindaba Ezinhle
29, 30. Siyini isimo esingokwenkolo kweLobukholwa, ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJesu?
29 Inkolo yayiyothinteka kanjani phakathi nesikhathi sezinkathazo sokuba khona kukaJesu? Ngakolunye uhlangothi, uJesu waprofetha ukuthi kwakuyoba nokwanda emsebenzini wenkolo: “Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.” (Mathewu 24:11) Ngakolunye uhlangothi, wabikezela ukuthi kweLobukholwa lilonke, ukuba nesithakazelo kuNkulunkulu kwakuyoncipha. “Kuzakuphola uthando lwabaningi.”—Mathewu 24:12.
30 Lokhu ngempela kuchaza lokho okwenzekayo namuhla kweLobukholwa. Ngakolunye uhlangothi, amasonto ayinhloko ayawa yonke indawo ngenxa yokuntula ukusekelwa. Emazweni ayewubuProthestani kakhulu enyakatho Yurophu naseNgilandi, inkolo imane nje ifile. Ngesikhathi esifanayo, iSonto lamaKatolika lihlushwa ukuntuleka kwabapristi nokusekelwa okunciphayo. Ngakolunye uhlangothi, kuye kwaba nokwanda kwamaqembu enkolo aqembukayo. Amahlelo asekelwe ezinkolweni zaseMpumalanga ayanda, kuyilapho abavangeli bamathelevishini abahahayo bephanga izigidi zamaRandi.
31. Yini uJesu ayibikezela esiza ekuboneni amaKristu eqiniso namuhla?
31 Nokho, kuthiwani ngobuKristu beqiniso, inkolo eyafika noJesu yashunyayelwa abaphostoli bakhe? Yayiyobe isekhona phakathi nokuba khona kukaJesu, kodwa yayizoqashelwa kanjani? Kunezinto eziningana eziphawula ubuKristu beqiniso, futhi enye yazo iphawulwe esiprofethweni sikaJesu esikhulu. AmaKristu eqiniso ayeyobe ematasa emsebenzini wokushumayela womhlaba wonke. UJesu waprofetha: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”—Mathewu 24:14.
32. Yiliphi iqembu okuyilo lodwa eliye lagcwalisa isiprofetho sikaJesu esilotshwe kuMathewu 24:14?
32 Lokhu kushumayela kuyenzeka manje ngezinga elikhulu kakhulu! Namuhla, iqembu lenkolo elibizwa ngokuthi oFakazi BakaJehova limatasa emsebenzini wokushumayela omkhulu kakhulu emlandweni wobuKristu. (Isaya 43:10, 12) Emuva ngo-1919, lapho izinkolo ezinkulu zeLobukholwa ezithambekele kwezombangazwe zisekela iNhlangano Yezizwe enqunyelwe ukufa, oFakazi BakaJehova babelungiselelwa lomkhankaso wokushumayela wembulunga yonke.
33, 34. Izindaba ezinhle zoMbuso ziye zashunyayelwa ngezinga elingakanani kuwo wonke umhlaba?
33 KwakunoFakazi abacishe babe izi-10 000 kuphela emuva ngalesosikhathi, kodwa babewazi umsebenzi okwakumelwe wenziwe. Ngesibindi, baqalisa umsebenzi wokushumayela. Baqaphela ukuthi ukwehlukaniswa kwabefundisi nabantu abaphansi kwakuphambene nakho kokubili imiyalo yeBhayibheli nesibonelo sabaphostoli. Ngakho bonke ngothi lwabo, bafunda indlela yokukhuluma nomakhelwane babo ngoMbuso kaNkulunkulu. Baba inhlangano yabashumayeli.
34 Njengoba isikhathi siqhubeka, labashumayeli babekezelela ukuphikiswa okunamandla. EYurophu, babephikiswa izinhlobo ezihlukahlukene zemibuso yomashiqela. EUnited States naseCanada, babhekana nezinselele ezingokomthetho nokuhlaselwa izixuku. Kwamanye amazwe, kuye kwadingeka banqobe ubandlululo lwezenkolo lobuhlanya nokushushiswa ngonya omashiqela abayizidlova. Eminyakeni yamuva, kuye kwadingeka futhi ukuba bamelane nomoya wokungabaza nowokuzitika oye wakhula. Kodwa baye bakhuthazela kwaze kwaba sephuzwini lapho, namuhla, kunabangaphezu kwezigidi ezintathu nengxenye babo emazweni angu-212. Izindaba ezinhle zoMbuso azikaze ngaphambili zishunyayelwe kabanzi kangaka—ukugcwaliseka okuhlaba umxhwele kwalesici sesibonakaliso!
Kusho Ukuthini Konke Lokhu?
35. (a) Ukugcwaliseka kwesiprofetho namuhla kusiza kanjani ekuboniseni ukuphefumlelwa kwaphezulu kweBhayibheli? (b) Ukugcwaliseka kwesibonakaliso esanikezwa uJesu kusho ukuthini ngosuku lwethu?
35 Ngaphandle kokungabaza sibona ukugcwaliseka kwesibonakaliso esikhulu esanikezwa uJesu. Leliqiniso linezela ebufakazini bokuthi iBhayibheli ngempela liphefumlelwe nguNkulunkulu. Akekho umuntu owayengabikezela kusenesikhathi eside kangaka ngaphambili izenzakalo ezaziyokwenzeka phakathi nalelikhulu lama-20 leminyaka. Ngaphezu kwalokho, ukugcwaliseka kwesibonakaliso kusho ukuthi siphila esikhathini sokuba khona kukaJesu nesokuphela kwalesimiso sezinto. (Mathewu 24:3) Lokhu kubonisani? Yini ehilelekile ekubeni khona kukaJesu? Futhi siyini lesimiso sezinto esiphelayo? Ukuze siphendule lemibuzo, sidinga ukucabangela obunye ubufakazi obunamandla bokuphefumlelwa kweBhayibheli: ukuvumelana kwalo kwangaphakathi okuphawulekayo. Sizoxoxa ngalokhu ngokulandelayo futhi sibone indlela isihloko seBhayibheli esikhulu ngisho namanje esifinyelela ngayo umvuthwandaba owethusayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Okungenani kwakunokuzamazama komhlaba okuyisihlanu phakathi kuka-1914 no-1918 okwafinyelela isilinganiso samandla se-8 noma ngaphezulu esilinganisweni sikaRichter—okunamandla ngokwengeziwe kunokuzamazama komhlaba kwaseAbruzzi. Nokho, lokhu kuzamazama komhlaba kwenzeka ezindaweni ezikude zalembulunga, ngakho akuzange kudonse isithakazelo esikhulu njengoba kwenza ukuzamazama komhlaba kwaseItaly.5
b Kuye kwabikwa amanani ahlukahlukayo ngenani lezisulu zezinye zalezinhlekelele. Nokho, zonke zazibhubhisa ngokwedlulele.