-
Kuyini Ukuphumula KukaNkulunkulu?INqabayokulinda—2011 | Julayi 15
-
-
1, 2. Ukuhunyushwa ngokunembile kukaGenesise 2:3 kusenza siphethe ngokuthini, futhi imiphi imibuzo ephakamayo?
ESAHLUKWENI sokuqala sikaGenesise sifunda ukuthi uNkulunkulu walungisa umhlaba ngezinsuku eziyisithupha ezingokomfanekiso ukuze abantu bahlale kuwo. Ukuphela kwenkathi ngayinye kuphawulwa ngala mazwi: “Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa.” (Gen. 1:5, 8, 13, 19, 23, 31) Nokho, ngokuphathelene nosuku lwesikhombisa, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngoba ngalo ubephumule kuwo wonke umsebenzi wakhe ayewudalile.”—Gen. 2:3.
2 Phawula ukuthi isenzo esithi “ubephumule” sikusiphi isimo. Lokhu kusikisela ukuthi usuku lwesikhombisa—“usuku” lukaNkulunkulu lokuphumula—lwalusaqhubeka ngo-1513 B.C.E. lapho uMose ebhala incwadi kaGenesise. Ingabe usuku lukaNkulunkulu lokuphumula lusaqhubeka? Uma kunjalo, singangena yini kulo namuhla? Izimpendulo zale mibuzo zibaluleke kakhulu kithi.
-
-
Kuyini Ukuphumula KukaNkulunkulu?INqabayokulinda—2011 | Julayi 15
-
-
5. Yayiyini injongo yosuku lwesikhombisa, futhi leyo njongo iyogcwaliseka nini ngokuphelele?
5 Ukuze siphendule lo mbuzo, kumelwe sikhumbule injongo yosuku lwesikhombisa. UGenesise 2:3 uyayichaza: “UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa.” Lolo suku ‘lwangcweliswa’—noma, uJehova walubekela eceleni—ukuze enze injongo yakhe ifezeke ngokuphelele. Leyo njongo iwukuba emhlabeni kube namadoda nabesifazane abalalelayo, abazowunakekela wona nakho konke okuphilayo okukuwo. (Gen. 1:28) UJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, “iNkosi yesabatha,” bebelokhu ‘besebenza kuze kube manje’ ukuze leyo njongo ifezeke. (Math. 12:8) Usuku lukaNkulunkulu lokuphumula luyoqhubeka kuze kube yilapho injongo yakhe isigcwaliseke ngokuphelele ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane.
-