Indalo
Incazelo: Indalo, njengoba ichazwe eBhayibhelini, isho ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke waklama futhi wabangela ukuba kube nendawo yonke, kuhlanganise nabanye abantu bomoya nazo zonke izinhlobo eziyisisekelo zokuphila phezu komhlaba.
Kulelizwe lesimanje lesayensi, ingabe kunengqondo ukukholelwa endalweni?
“Imithetho yemvelo yendawo yonke inemba kangangokuthi asinabunzima bokwakha umkhumbi-mkhathi undize uye enyangeni futhi sikwazi ukulinganisa isikhathi sokuhamba kwawo ngisho nangengxenye yomzuzwana. Lemithetho kumelwe ukuba yamiswa ngothile.”—Icashunwe kuWernher von Braun, owaba nengxenye enkulu ekuthumeleni abantu-nyoni baseMelika enyangeni.
Indawo yonke ebonakalayo: Uma uthola iwashi lokubala isikhathi ngokunembile, ubungaphetha ngokuthi lenzeka ngengozi ngokuphephetheka kwezinhlayiya zothuli ndawonye? Ngokusobala, othile ohlakaniphile walakha. Kukhona ngisho “iwashi” elimangalisa ngokwengeziwe. Amaplanethi azungeza ilanga lethu, kanye nezinkanyezi ezisendaweni yonke, ahamba ngejubane elinembe ngaphezu kwamaningi amawashi aklanywa futhi akhiwe ngumuntu. Umthala ilanga lethu namaplanethi alo elikuwo uhlanganisa izinkanyezi ezingaphezu kwezigidi eziyizi-100 000, futhi izazi zezinkanyezi zilinganisela ukuthi kukhona izigidi eziyizi-100 000 zemithala enjalo endaweni yonke. Uma iwashi liwubufakazi bomklamo wokuhlakanipha, kangakanani-ke ngendawo yonke enkulu ngokungenakulinganiswa neyinkimbinkimbi ngokungaphezulu! IBhayibheli lichaza uMklami wayo ngokuthi “uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka.”—Isaya 42:5; 40:26; IHu. 19:1.
Iplanethi enguMhlaba: Uma uhamba ogwadule olungenalutho, bese ufika endlini enhle, enakho konke futhi yafakwa nokudla, ubungakholelwa ukuthi yaba khona lapho ngokuqhuma nje okwazenzekela? Cha; ubungabona ukuthi othile onokuhlakanipha okufanele wayakha. Nokho, izazi zesayensi azikakutholi ukuphila kunoma iyiphi iplanethi ezungeza ilanga lethu ngaphandle komhlaba; ubufakazi obukhona bubonisa ukuthi lawa amanye awanalutho. Leplanethi, njengoba incwadi iThe Earth isho, “iyisimangaliso sendalo, indingilizi exakile.” (New York, 1963, Arthur Beiser, k. 10) Isebangeni elifanele ukusuka elangeni ukuze abantu baphile, futhi ihamba ngejubane elifanele ukuze ihlale isemjikelezweni wayo. Umkhathi, wohlobo olutholakala luzungeze umhlaba kuphela, wakhiwe isilinganiso esifanelekile sezinhlobo zomoya osekela ukuphila. Ngokumangalisayo, ukukhanya okuvela elangeni, icarbon dioxide esemoyeni, amanzi nokusansimbi okuvela emhlabathini ovundile kuyahlangana ukuba kuveze ukudla kwabahlala emhlabeni. Ingabe konke kwaba khona ngenxa yokuqhuma okwakungenakuvinjelwa emkhathini? IScience News iyavuma: “Kubonakala sengathi izimo ezinjalo eziqondile nezinempilo zazingenakuvele zibe khona nje.” (August 24 no-31, 1974, k. 124) Isiphetho seBhayibheli singesinengqondo uma lithi: “Yileyondlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.”—Heb. 3:4.
Ingqondo yomuntu: Amacomputer anamuhla angumkhiqizo wokucwaninga okujulile nokuklama kokucophelela. Awamananga nje “aba khona.” Kuthiwani ngengqondo yomuntu? Ngokungafani nengqondo yanoma isiphi isilwane, ingqondo yosana lomuntu iphindwa kathathu ngobukhulu ngonyaka wokuqala. Ukuthi isebenza kanjani kuseyimfihlakalo ezazini zesayensi. Kubantu, kukhona amandla akhelwe ngaphakathi okufunda izilimi ezixakile, ukwazisa ubuhle, ukuqamba umculo, ukucabanga imvelaphi nencazelo yokuphila. Udokotela ohlinzayo wengqondo uRobert White wathi: “Akukho okunye engingakusho ngaphandle kokuvuma ukuba khona kweSihlakaniphi Esiphakeme, okuyisona esaklama futhi saveza ubuhlobo bengqondo nobuchopho okungenakukholeka—okungokuthile okungaphezu kwamandla omuntu ukukuqonda.” (The Reader’s Digest, September 1978, k. 99) Ukwakheka kwalesimangaliso kuqala eqandeni elincane esizalweni. Ngokuhlakanipha okumangalisayo, umlobi weBhayibheli uDavide wathi kuJehova: “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.”—IHu. 139:14.
Ingqamuzama ephilayo: Ingqamuzana eyodwa ephilayo ngezinye izikhathi kuthiwa iwuhlobo “oluvamile” lokuphila. Kodwa isilwane esinengqamuzana eyodwa singazitholela ukudla, sikugaye, sikhiphe okungcolileyo, sizakhele indlu sijabulele ngisho nobulili. Ingqamuzama ngayinye yomzimba womuntu iye yafaniswa nedolobha elibiyelwe, elinohulumeni oyinhloko wokugcina ukuthula, elinomshini wokuphehla amandla, izimboni zokukhiqiza amaprotheni, isimiso sezokuthutha esiyinkimbinkimbi, kanye nabaqaphi bokuqondisa okuvunyelwa ukuba kungene. Umzimba womuntu oyedwa wakhiwe izingqamuzana eziningi kangangezigidi zezigidi eziyizi-100 000. Yeka ukufaneleka kwamazwi eHubo 104:24: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho, yonke uyenzile ngokuhlakanipha”!
Ingabe iBhayibheli liyawuvumela umqondo wokuthi uNkulunkulu wasebenzisa ukuziphendukela kwemvelo ukuze aveze izinhlobo ezihlukahlukene zezinto eziphilayo?
UGenesise 1:11, 12 uthi utshani nemithi yenziwa ukuba iveze “ngezinhlobo zayo.” Amavesi 21, 24, 25 anezela ukuthi uNkulunkulu wadala izilwane zasemanzini, izilwane ezindizayo nezilwane zasezweni, zonke “ngezinhlobo zazo.” Lapha akukho okusikisela ukuba uhlobo olulodwa oluyisisekelo luphenduke lube olunye.
Ngokuqondene nomuntu, uGenesise 1:26 ubika ukuthi uNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze.” Ngakho wayezoba nezimfanelo ezinjengezikaNkulunkulu, hhayi nje imikhuba eyayiyoba ukuthuthukiswa kwaleyo yezilwane. UGenesise 2:7 uyanezela: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu [hhayi nje ohlotsheni oluthile lokuphila olwase lukhona kodwa] ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila.” Akukho nokuncane ukusikiselwa kokuziphendukela kwemvelo lapha, kodwa, kunalokho, kuyincazelo yendalo entsha.
Ingabe uNkulunkulu wadala zonke lezigidi zezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo ezikhona emhlabeni namuhla?
UGenesise isahluko 1 umane athi nje uNkulunkulu wadala ngazinye “ngezinhlobo zazo.” (Gen. 1:12, 21, 24, 25) Lapho elungiselela uZamcolo wembulunga yonke ngosuku lukaNowa, uNkulunkulu waqondisa ukuba amalungu amelele ‘uhlobo’ ngalunye lwezilwane zasezweni nezilwane ezindizayo afakwe emkhunjini. (Gen. 7:2, 3, 14) ‘Uhlobo’ ngalunye lunamandla ofuzo ezinhlobonhlobo eziningi. Kanjalo kubikwa ukuthi kunezinhlobo ezihlukahlukene ezingaphezu kwama-400 zezinja nezingafika kuma-250 zezinhlobo zamahhashi. Zonke izinhlobo ezizalanayo zanoma iluphi uhlobo lwesilwane zimane ‘ziwuhlobo’ olulodwa lukaGenesise. Ngokufanayo, zonke izinhlobonhlobo zabantu—abaseMpumalanga, abaseAfrika, abaseCaucasia, nalabo abade njengamaDinka aseSudan angamamitha amabili nabafushane njengezichwe ezingaphezuywana kwemitha ubude—bavela kubantu bokuqala ababili, uAdamu noEva.—Gen. 1:27, 28; 3:20.
Yini ebangela ukufana okuyisisekelo ekwakhekeni kwezinto eziphilayo?
“UNkulunkulu wadala izinto zonke.” (Efe. 3:9) Ngakho yonke into inoMklami Omkhulu ofanayo.
“Konke kwavela ngaye [iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, eyaba uJesu Kristu emhlabeni], ngaphandle kwakhe akuvelanga-lutho kukho konke okuvelileyo.” (Joh. 1:3) Ngakho kwakuneNgcweti Yomsebenzi eyodwa uJehova enza ngayo imisebenzi yakhe yendalo.—IzAga 8:22, 30, 31.
Zavelaphi izinto okwenziwa ngazo indawo yonke?
Izazi zesayensi ziye zafunda ukuthi into ekhona iwuhlobo lwamandla acindezelwe ndawonye. Lokhu kubonakala ekuqhumeni kwezikhali zenuzi. Isazi sezinkanyezi uJosip Kleczek uthi: “Eziningi futhi mhlawumbe zonke izinhlayiya zezinto zingase zakhiwe ngokwenza amandla abe yileyonto.”—The Universe (Boston, 1976), Umq. 11, k. 17.
Amandla anjalo ayengase avelephi? Ngemva kokubuza, “Ngubani odalile lezozinto [izinkanyezi namaplanethi] na?” IBhayibheli liyaphawula ngokuqondene noJehova uNkulunkulu, “Ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.” (Isaya 40:26) Ngakho uNkulunkulu ngokwakhe unguMthombo wawo wonke “amandla” ayedingeka ekudaleni indawo yonke.
Ingabe yonke indalo ebonakalayo yafezwa ngezinsuku eziyisithupha nje phakathi neminyaka eyizi-6 000 kuya kweyizi-10 000 edlule?
Amaqiniso awavumelani nesiphetho esinjalo: (1) Ukukhanya okuvela esigaxeni esisezulwini okuthiwa iAndromeda kungabonakala ebusuku obucwebile enyakatho yenkabazwe. Kuthatha cishe iminyaka eyizi-2 000 000 ngalokho kukhanya ukuba kufike emhlabeni, okubonisa ukuthi indawo yonke kumelwe okungenani ibe izigidi zeminyaka ubudala. (2) Imikhiqizo yokuguga kwamadwala emhlabeni ifakazela ukuthi ukwakheka kwamanye amadwala akuzange kuphazamiseke eminyakeni eyizinkulungwane zezigidi.
UGenesise 1:3-31 akakhulumeli ukudalwa kwasekuqaleni kwezinto ezithintekayo noma izindikimba zasezulwini. Ukhulumela ukulungiswa komhlaba owawusukhona kakade ukuze abantu bahlale kuwo. Lokhu kwahlanganisa ukudalwa kwezinhlobo eziyisisekelo zohlaza, izilwane zasemanzini, izilwane ezindizayo, izilwane zasezweni, nabantu bokuqala ababili. Konke lokhu kuthiwa kwenziwa ngesikhathi ‘sezinsuku’ eziyisithupha. Nokho, igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “usuku” lisho izinto ezihlukahlukene, kuhlanganise ‘nesikhathi eside; isikhathi esihlanganisa isenzakalo esingavamile.’ (Old Testament Word Studies, Grand Rapids, Mich.; 1978, W. Wilson, k. 109) Igama elisetshenzisiwe livumela umqondo wokuthi “usuku” ngalunye lwalungaba izinkulungwane zeminyaka ubude.