Indima Yomama Eyaziswayo
INDIMA yomama ngokuvamile ibilokhu ingaziswa, ize ibukelwe phansi imbala. Eminyakeni engamashumi ambalwa edlule, abanye abantu baqala ukubukela phansi umsebenzi wokunakekela izingane. Babecabanga ukuthi ukunakekela izingane akubalulekile kunomsebenzi wokuziphilisa futhi kwakubonakala sengathi kuyacindezela ngandlela-thile. Nakuba abantu abaningi bengase bayithole iyinqaba nje le ndlela yokucabanga, omama ngokuvamile benziwa bacabange ukuthi ukunakekela ikhaya nezingane kuwumsebenzi ophansi. Abanye baze bacabange nokuthi owesifazane kudingeka ayosebenza ukuze akwazi ukuwasebenzisa ngokugcwele amakhono akhe.
Noma kunjalo, izingane namadoda amaningi sebeyayazisa indima kamama ekhaya. UCarlo, okhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ePhilippines, uyachaza: “Ngilapha nje namuhla kungenxa yemfundo umama anginika yona. Ubaba wayesiphatha ngesandla esiqinile futhi eshesha nasekujeziseni, kodwa umama wayesisiza ngokusichazela izizathu nangokubonisana nathi. Ngiyayazisa ngempela indlela yakhe yokufundisa.”
UPeter, eNingizimu Afrika, ungenye yezingane eziyisithupha ezakhuliswa umama owayengafundile kangako. Uyise wahamba ekhaya wabashiya dengwane. Ecabanga ngakho, uPeter uthi: “Njengoba umama ayeyisisebenzi sasezindlini futhi ehlanza amahhovisi, wayengaholi imali etheni. Kwakunzima kakhulu ngaye ukuba akwazi ukusikhokhela sonke imali yesikole. Sasivame ukulala singadlile. Kwakuyinselele ngisho nokukhokha intela yendlu ukuze nje sibe nendawo yokufihl’ ikhanda. Naphezu kwazo zonke lezi zingqinamba, umama wayengadangali. Wasifundisa ukuba singaziqhathanisi nabanye abantu. Ukube kwakungengenxa yokuzinikela kwakhe ngesibindi, sasingeke neze siphumelele ngendlela esaphumelela ngayo ekuphileni.”
Enye indoda yaseNigeria, u-Ahmed, iveza indlela ezizwa ngayo ngosizo lomkayo ekukhuliseni izingane zabo: “Ngiyazisa kakhulu indima yomkami. Uma ngingekho ekhaya, ngiye ngiqiniseke ukuthi izingane zinakekelwa kahle. Kunokuba ngicabange ukuthi umkami ubangisana nami, ngiye ngimbonge ngitshele nezingane ukuthi kufanele zimhloniphe ngendlela efana nsé nezingihlonipha ngayo.”
Enye indoda yasePalestine ayikwesabi ukuncoma umkayo ngendlela aphumelela ngayo ekufezeni indima yakhe yobumama: “ULina uye wafeza lukhulu ekuqeqesheni indodakazi yethu futhi nguyena onendima enkulu ekufundiseni umkhaya wethu ngoNkulunkulu. Ngicabanga ukuthi impumelelo yakhe ibangelwa izinkolelo zenkolo yakhe.” ULina ungomunye woFakazi BakaJehova futhi ulandela izimiso zeBhayibheli ekuqeqesheni indodakazi yakhe.
Iziphi ezinye zalezi zimiso? Uyini umbono weBhayibheli ngomama? Iyiphi indlela ababaziswa futhi behlonishwa ngayo omama ezikhathini zakuqala njengabafundisi bezingane zabo?
Umbono Onokulinganisela Ngomama
Lapho owesifazane edalwa wanikezwa indima ehloniphekile ekhaya. Incwadi yokuqala yeBhayibheli ithi: “UJehova uNkulunkulu waqhubeka wathi: ‘Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi, abe umphelelisi wakhe.’” (Genesise 2:18) Ngakho u-Eva, owesifazane wokuqala, wadalwa ngenjongo yokuba abe ngumphelelisi ka-Adamu. Wadalwa ngendlela yokuba akufanelekele ngokuphelele ukuba umsizi ka-Adamu. U-Eva wayezoba yingxenye yenjongo kaNkulunkulu ngabo, eyayiwukuba bazale abantwana babanakekele futhi banakekele nomhlaba kanye nezilwane ezikuwo. Njengomngane weqiniso, wayezosiza u-Adamu ekwenzeni izinqumo ezinengqondo futhi amkhuthaze. Yeka ukuthi u-Adamu wajabula kanjani lapho ethola lesi sipho esihle esivela kuMdali!—Genesise 1:26-28; 2:23.
Kamuva, uNkulunkulu wamisa iziqondiso ezichaza indlela okwakumelwe baphathwe ngayo abesifazane. Ngokwesibonelo, omama bakwa-Israyeli kwakufanele bahlonishwe, bangaphathwa ngendelelo. Uma indodana ‘iqalekisa uyise nonina,’ kwakumelwe ijeziswe ngokubulawa. Intsha engamaKristu yayalwa ukuba ‘ilalele abazali bayo.’—Levitikusi 19:3; 20:9; Efesu 6:1; Duteronomi 5:16; 27:16; IzAga 30:17.
Ngaphansi kokuqondisa komyeni wakhe, umama kwakufanele abe ngumfundisi wamadodana kanye namadodakazi akhe. Abafana bayalwa ukuba ‘bangawushiyi umthetho kanina.’ (IzAga 6:20) Kanti futhi izAga isahluko 31 ‘zinomyalezo onohlonze unina [weNkosi uLemuweli] ayinika wona eyiqondisa.’ Wayala indodana yakhe ngokuhlakanipha ukuba igweme ukweqisa otshwaleni, ethi: “Akukhona okwamakhosi ukuphuza iwayini noma okwezikhulu eziphakeme ukuba zithi: ‘Luphi uphuzo oludakayo?’ ukuze umuntu angaphuzi abese ekhohlwa okunqunyiwe futhi aphendukezele udaba lwanoma ubani kubantwana bokuhlupheka.”—IzAga 31:1, 4, 5.
Ngaphezu kwalokho, zonke izinsizwa ezicabangela ukushada kungaba ukuhlakanipha ukuba zicabange ngendlela unina weNkosi uLemuweli achaza ngayo “umfazi onekhono.” Wathi: “Inani lakhe lilidlula kude elamakhorali.” Ngemva kokuchaza imisebenzi ebalulekile lo mfazi ayenzayo endlini yakhe, wabe esethi: “Ukukhanga kungase kube yinkohliso, nobuhle bungase bube yize; kodwa owesifazane owesaba uJehova nguye ozitholela udumo.” (IzAga 31:10-31) Kusobala-ke ukuthi lapho uMdali edala owesifazane wamnika isikhundla esihloniphekile kanye nomthwalo okwakufanele awufeze ekhaya.
Ebandleni lobuKristu ngokufanayo, amakhosikazi nawomama bayahlonishwa futhi bayaziswa. Eyabase-Efesu 5:25 ithi: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu.” Insizwa enguThimothewu, leyo unina nogogo wayo abayifundisa ukuba ihloniphe “imibhalo engcwele,” yanikezwa lo myalo ophefumulelwe: ‘Ncenga abesifazane abadala njengawonyoko.’ (2 Thimothewu 3:15; 1 Thimothewu 5:1, 2) Ngakho, indoda kufanele ihloniphe owesifazane osekhulile imthathe njengonina. Ngempela, uNkulunkulu uyabazisa abesifazane futhi ubanikeza isikhundla esihloniphekile.
Mtshele Ukuthi Uyamazisa
Enye indoda eyakhulela ezweni lapho abesifazane babebukelwa khona phansi iyalandisa: “Ngafundiswa ukuthi indoda iyona umakhonya, futhi ngiye ngabona indlela abesifazane abaphathwa kabi ngayo nendlela abangahlonishwa ngayo. Ngakho kuye kwadingeka ukuba ngilwe kanzima ukuze ngikwazi ukubheka abesifazane ngendlela uMdali ababheka ngayo—njengabaphelelisi, noma abasizi ekhaya futhi njengamalungu eqembu elibambisene ekufundiseni izingane. Nakuba kunzima ukuba ngimtuse umkami, ngiye ngaqaphela ukuthi izingane zami zinezimfanelo ezinhle ngenxa yokuzikhandla kwakhe.”
Ngempela, omama abawufezayo umthwalo wabo wokufundisa bangaziqhenya kufanele ngendima yabo. Lona umsebenzi umuntu angadela konke ngenxa yawo. Bayakufanelekela ukunconywa nokuba batshelwe ngokusuka enhliziyweni indlela abaziswa ngayo. Sifunda lukhulu komama—imikhuba ewusizo olukhulu ekuphileni, ukuziphatha ngenhlonipho okubaluleke kakhulu ekwakheni ubuhlobo obuhle nabanye, futhi ezimweni eziningi izingane zifundiswa onina zisencane ukuba zesabe uNkulunkulu zifundiswe nendlela yokuziphatha ukuze ziqhubeke zihamba endleleni efanele. Uke wamtshela yini umama wakho muva nje ukuthi umazisa kangakanani ngalokho akwenzele kona?
[Isithombe ekhasini 17]
UPeter wafundiswa ngunina ukuba angadangali
[Isithombe ekhasini 18]
U-Ahmed ulwazisa kakhulu usizo lomkakhe ekukhuliseni izingane zabo
[Isithombe ekhasini 18]
Umyeni kaLina uthi yizinkolelo zenkolo yomkakhe ezenza indodakazi yabo iziphathe kahle