-
Amathemba Amahle Esintu Epharadesi LenjabuloINqabayokulinda—1989 | Agasti 1
-
-
2 “UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube-ngamagama azo. Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle.”—Genesise 2:19, 20.
3. Kungani kwakungekho kwesaba ngoAdamu nangendalo eyizilwane?
3 Umuntu wabiza ihhashi ngokuthi isus, inkunzi ngokuthi ishohr, imvu ngokuthi iseh, imbuzi ngokuthi iʽez, inyoni ngokuthi iʽohph, ijuba ngokuthi iyoh·nahʹ, ipikoko ngokuthi ituk·kiʹ, ibhubesi ngokuthi i’ar·yehʹ noma i’ariʹ, ibhere ngokuthi idov, imfene ngokuthi iqohph, inja ngokuthi ikeʹlev, inyoka ngokuthi ina·chashʹ, njalonjalo.a Lapho eya emfuleni owawugeleza usuka ensimini yase-Edene, wabona izinhlanzi. Waqamba izinhlanzi ngokuthi da·gahʹ. Umuntu owayengahlomile wayengazesabi lezilwane, ezasekhaya nezasendle, noma izinyoni, futhi nazo azimesabanga, njengoba zazimqaphela ngemizwa ukuthi mkhulu kunazo, ungowohlobo lokuphila oluphakeme. Zaziyizidalwa zikaNkulunkulu, ziphiwé nguYe ukuphila, futhi umuntu wayengenasifiso noma ukuthambekela kokuzilimaza noma ukuziphuca ukuphila kwazo.
4. Yini esingaphetha ngayo ngokuqondene nokuqamba kuka-Adamu zonke izilwane nezinyoni, futhi kumelwe ukuba lokhu kwaba luhlobo luni lokuhlangenwe nakho?
4 Ukuthi umuntu waboniswa isikhathi eside kangakanani izilwane zasekhaya nezasendle nezidalwa zamazulu ezindizayo, ukulandisa akusitsheli. Konke kwakuqondiswa futhi kuhlelwe ngokwaphezulu. Ngokunokwenzeka uAdamu wathatha isikhathi ehlola isilwane ngasinye esihlukile, eqaphela imikhuba yaso esahlukanisayo nokwakheka; khona-ke wayekhetha igama elalizosifanela ngokukhethekile. Lokhu kwakungasho ukudlula kwesikhathi esiningi ngokuphawulekayo. Kwakungokuhlangenwe nakho okuthakazelisa kakhulu ngoAdamu ukuba ngaleyondlela ajwayelane nezidalwa eziphilayo zalomhlaba ngezinhlobo zazo eziningi, futhi kwadinga ikhono elikhulu lokucabanga namandla okukhuluma ngaye ukuba ahlukanise ngasinye salezidalwa eziphilayo eziyizinhlobonhlobo ngegama elifanelekile.
-
-
Amathemba Amahle Esintu Epharadesi LenjabuloINqabayokulinda—1989 | Agasti 1
-
-
7 UAdamu wayengabonga kakhulu ngalowomlando wendalo ovusa amadlingozi. Wachaza izinto eziningi. Ngokwamagama asetshenzisiwe, waqonda ukuthi kwakunezinkathi zesikhathi ezinde ezintathu uNkulunkulu azibiza ngokuthi izinsuku ngokwendlela yaKhe yokukala isikhathi, ngaphambi kwenkathi yesine yokudala uNkulunkulu enza ngayo izinkanyiso ezimbili ezinkulu ukuba zivele emkhathini wamazulu ukuze ziphawule usuku lomuntu olufushane kakhulu olungamahora angama-24. Lolusuku lomuntu olufushane emhlabeni lwaluyisikhathi esisukela ekushoneni kwenkanyiso enkulu kuya ekushoneni kwayo okulandelayo. UAdamu waqaphela futhi ukuthi kwakuyoba khona isikhathi esiyiminyaka kuye, futhi ngokungangabazeki ngokushesha waqala ukubala iminyaka yakhe yokuphila. Inkanyiso enkulu emkhathini wamazulu wayiyomenza akwazi ukwenza lokhu. Kodwa ngokuqondene nezinsuku ezinde zikaNkulunkulu zokudala, umuntu wokuqala waqaphela ukuthi ngalesikhathi wayephila osukwini lwesithupha lomsebenzi kaNkulunkulu wokudala wasemhlabeni. Ngalesosikhathi kwakungakashiwo lutho kuye ngokuphela kwalolosuku lwesithupha lokudala zonke lezozilwane zasezweni nolokudala umuntu yedwa. Manje wayengaluqonda uhlelo lokudalwa kwemifino, okuphila emanzini, izinyoni, nezilwane zasezweni. Kodwa njengoba ayeyedwa ensimini yase-Edene, uAdamu wayengekhona ukubonakaliswa okugcwele, okuphelele kwenjongo kaNkulunkulu yothando ngomuntu ePharadesi lakhe lasemhlabeni.
Ukudala Owesifazane Wokuqala
8, 9. (a) Yini umuntu ophelele ayiqaphela ngokuqondene nendalo eyizilwane, kodwa waphetha ngokuthini ngokuqondene naye siqu? (b) Kungani kwakufaneleka ukuthi umuntu ophelele angamceli umngane kuNkulunkulu? (c) Ukulandisa kweBhayibheli kukuchaza kanjani ukudalwa komfazi wokuqala ongumuntu?
8 Umuntu wokuqala, enomqondo ophelele namandla okuqaphela, wabona ukuthi emkhakheni wezinyoni nezilwane, kwakukhona ezesilisa nezesifazane nokuthi phakathi kwazo zazizala izinhlobo zazo. Kodwa ngomuntu ngokwakhe, kwakungakabi njalo. Uma lokhu ayekubona kwamenza wacabanga ngokujabulela ubungane, akatholanga mngane ofanelekayo phakathi kwanoma iziphi izilwane emkhakheni wezilwane, hhayi ngisho naphakathi kwezimfene. UAdamu wayengaphetha ngokuthi wayengenamngane ngoba uma wayekhona, uNkulunkulu wayengeke yini amlethe kuye lowomngane? Umuntu wayedalwe ehlukile kuzo zonke lezozinhlobo zezilwane, futhi wayenzelwe ukuba abe ngohlukile! Akazange athambekele ekuzinqumeleni izindaba ngokwakhe futhi abe ithatha acele umngane kuNkulunkulu uMdali wakhe. Kwakufaneleka ukuba umuntu ophelele ayishiyele kuNkulunkulu yonke indaba, ngoba ngokushesha ngemva kwalokho wathola ukuthi uNkulunkulu wayesefinyelele kwezaKhe iziphetho ngalesimo. Ngokuqondene nalokhu kanye nalokho manje okwenzeka, ukulandisa kuyasitshela:
9 “Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye. UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama. UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu. Wayesethi umuntu: Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwé endodeni. Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba-nyamanye. Babehamba-ze bobabili, uAdamu nomkakhe, bengenamahloni.”—Genesise 2:20-25.
-