Qaphela “Izwi Lezihambi”
“Isihambi azisoze zasilandela kodwa ziyosibalekela, ngoba azilazi izwi lezihambi.”—JOHANE 10:5.
1, 2. (a) UMariya usabela kanjani lapho uJesu embiza ngegama, futhi lokhu kubonisa maphi amazwi kaJesu ayewasho ngaphambili? (b) Yini esenza sikwazi ukuhlala siseduze noJesu?
UJESU ovusiwe ubuka owesifazane omi eduze kwethuna lakhe elingenalutho. Umazi kahle. UMariya Magdalena. Eminyakeni ecishe ibe mibili ngaphambili wayemphulukise emademonini. Kusukela ngaleso sikhathi uMariya ubehamba naye nabaphostoli bakhe, enakekela izidingo zabo zansuku zonke. (Luka 8:1-3) Kodwa namuhla uMariya uyakhala, ulusizi ngoba ubone uJesu efa, futhi manje kwasidumbu sakhe asisabonwa! Ngakho uJesu uyambuza: “Sifazane, ukhalelani? Ufuna bani na?” Ecabanga ukuthi umgcini-nsimu, uyaphendula: “Mnumzane, uma umthathile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngizomthatha.” UJesu ube esethi: “Mariya!” Ngaso leso sikhathi uyayizwa indlela ayijwayele akhuluma ngayo naye. “Mfundisi!” ebabaza ngentokozo. Abese emgona.—Johane 20:11-18.
2 Le ndaba ikubonisa ngendlela ethinta inhliziyo lokho uJesu ayekusho esikhathini esithile ngaphambili. Ezifanisa nomalusi futhi abalandeli bakhe ebafanisa nezimvu, uthi umalusi ubiza izimvu zakhe ngegama futhi ziyalazi izwi lakhe. (Johane 10:3, 4, 14, 27, 28) Yebo, njengoba nje imvu imuzwa umalusi, noMariya wamuzwa uMalusi wakhe, uKristu. Kunjalo nangabalandeli bakaJesu namuhla. (Johane 10:16) Njengoba nje indlebe ebukhali yemvu iyenza ihlale iseduze nomalusi wayo, nokuba bukhali kwethu ngokomoya kuyosenza sizilandele eduze izinyathelo zikaMalusi wethu Omuhle, uJesu Kristu.—Johane 13:15; 1 Johane 2:6; 5:20.
3. Yimiphi eminye yemibuzo ephakanyiswa umfanekiso kaJesu wesibaya sezimvu?
3 Nokho, ngokwawo futhi lo mfanekiso, ikhono lemvu lokuzwa amazwi abantu liyenza ingagcini nje ngokwazi umngane wayo kodwa futhi nesitha sayo. Akuve kubalulekile lokho ngoba sinabaphikisi abangamaqili. Bangobani? Basebenza kanjani? Singazivikela kanjani? Ukuze sithole izimpendulo, ake sibone ukuthi yini enye uJesu ayishoyo emfanekisweni wakhe wesibaya sezimvu.
‘Ongangeni Ngesango’
4. Ngokomfanekiso kamalusi, ubani ezimlandelayo izimvu futhi ubani ezingamlandeli?
4 UJesu uthi: “Ongena ngesango ungumalusi wezimvu. Umlindisango uyamvulela, nezimvu ziyalilalela izwi lakhe, futhi ubiza izimvu zakhe ngamagama aziholele ngaphandle. Lapho esezikhiphe zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngoba ziyalazi izwi lakhe. Isihambi azisoze zasilandela kodwa ziyosibalekela, ngoba azilazi izwi lezihambi.” (Johane 10:2-5) Phawula, uJesu ulisebenzisa kathathu igama elithi “izwi.” Kabili ukhuluma ngezwi likamalusi, kodwa okwesithathu ukhuluma ‘ngezwi lezihambi.’ Hlobo luni lwesihambi alushoyo uJesu?
5. Kungani singasibonisi umoya wokungenisa izihambi isihambi esishiwo kuJohane isahluko 10?
5 UJesu akakhulumi ngesihambi thina esingathanda ukusibonisa umoya wokungenisa izihambi—okuyinkulumo esho “ukuthanda izihambi” ngolimi lweBhayibheli lokuqala. (Hebheru 13:2) Emfanekisweni kaJesu, lesi sihambi akusona isivakashi esimenyiwe. ‘Asingeni ngesango esibayeni sezimvu kodwa sikhwela kwenye indawo. Siyisela nomphangi.’ (Johane 10:1) Ubani umuntu wokuqala okukhulunywa ngaye eZwini likaNkulunkulu owaba isela nomphangi? USathane uDeveli. Ubufakazi baloko sibuthola encwadini kaGenesise.
Isikhathi Elazwakala Ngaso Okokuqala Izwi Lesihambi
6, 7. Kungani kungafaneleka ukubiza uSathane ngokuthi isihambi nesela?
6 UGenesise 3:1-5 uchaza indlela elazwakala ngayo okokuqala izwi lesihambi emhlabeni. Ukulandisa kuthi uSathane waya kowesifazane wokuqala, u-Eva, esebenzisa inyoka futhi wakhuluma naye ngendlela edukisayo. Kuyavunywa, kule ndaba uSathane akabizwa ngempela ngokuthi “isihambi.” Noma kunjalo, izenzo zakhe zibonisa ukuthi ngezindlela eziningi wayefana nesihambi esichazwe emfanekisweni kaJesu okuJohane isahluko 10. Cabanga ngezinye zezinto ezifanayo.
7 UJesu uthi isihambi siyazishekelela izisulu zaso ezisesibayeni sezimvu. Ngokufanayo, noSathane akaqondanga ngqo esisulwini sakhe, wathuma inyoka. Le ndlela yobugebengu yadalula ubunjalo bukaSathane—uyisitha esiyiqili. Ngaphezu kwalokho, isihambi esisesibayeni sezimvu sihlose ukuphanga okunguyena mnini wezimvu izimvu zakhe. Eqinisweni, sibi nakakhulu kunesela ngoba sihlose “nokubulala nokubhubhisa.” (Johane 10:10) Ngokufanayo, uSathane naye wayeyisela. Ngokukhohlisa u-Eva, wantshontshela uNkulunkulu ukuzinikela kuka-Eva. Akagcinanga lapho, uSathane walethela abantu ukufa. Ngakho ungumbulali.
8. USathane wawasonta kanjani amazwi nezinhloso zikaJehova?
8 Ukungathembeki kukaSathane kwabonakala endleleni asonta ngayo amazwi nezinhloso zikaJehova. Wabuza u-Eva: “Ingabe uNkulunkulu ushilo ngempela ukuthi akumelwe nidle kuyo yonke imithi?” USathane wenza sengathi ushaqekile, njengokungathi uthi: ‘Yini nje ukungacabangeli okungaka kukaNkulunkulu?’ Wanezela: “UNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo nakanjani amehlo enu ayovuleka.” Phawula la mazwi akhe: “UNkulunkulu uyazi.” Kunjengokungathi uSathane wayethi: ‘Ngiyakwazi mina uNkulunkulu akwaziyo. Ngiyazazi izinhloso zakhe, zimbi.’ (Genesise 2:16, 17; 3:1, 5) Ngokudabukisayo, u-Eva no-Adamu abazange balifulathele izwi lalesi sihambi. Kunalokho, balilalela futhi bazilethela usizi bona nenzalo yabo.—Roma 5:12, 14.
9. Kungani kufanele silindele ukulizwa izwi lezihambi namuhla?
9 USathane usebenzisa izindlela ezifanayo ukuze adukise abantu bakaNkulunkulu namuhla. (IsAmbulo 12:9) ‘Unguyise wamanga’ futhi labo abazama ukudukisa izinceku zikaNkulunkulu njengaye, bangabantwana bakhe. (Johane 8:44) Ake sizwe ezinye zezindlela elizwakala ngazo izwi lalezi zihambi namuhla.
Izindlela Elizwakala Ngazo Izwi Lezihambi Namuhla
10. Iyiphi enye yezindlela elizwakala ngayo izwi lezihambi?
10 Imibono ekhohlisayo. Umphostoli uPawulu uthi: “Ningathatheki yizimfundiso ezihlukahlukene nezingaziwa.” (Hebheru 13:9) Hlobo luni lwezimfundiso? Njengoba zingasenza ‘sithatheke,’ kuyacaca ukuthi uPawulu usho izimfundiso ezizamazamisa ukuzimelela kwethu ngokomoya. Obani abakhuluma lezi zimfundiso ezingaziwa? UPawulu watshela iqembu labadala abangamaKristu: “Phakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda, akhulume izinto ezisontekile ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.” (IzEnzo 20:30) Yebo, namuhla njengasosukwini lukaPawulu, abantu abathile ababeke baba sebandleni lobuKristu manje bazama ukudukisa izimvu ngokukhuluma “izinto ezisontekile”—amaqiniso angaphelele namanga aluhlaza cwe. Njengoba umphostoli uPetru esho, basebenzisa “amazwi enkohliso”—amazwi afana neqiniso kodwa ebe engenalusizo kuhle kwemali yomgunyathi.—2 Petru 2:3.
11. Amazwi akweyesi-2 Petru 2:1, 3 ayiveza kanjani indlela esetshenziswa izihlubuki nenhloso yazo?
11 UPetru uyaqhubeka aveze izindlela zezihlubuki ngokuthi ‘ziyongenisa ngesinyenyela amahlelo abhubhisayo.’ (2 Petru 2:1, 3) Njengoba nje isela emfanekisweni kaJesu wesibaya sezimvu lingangeni ‘ngesango esibayeni sezimvu kodwa likhwela kwenye indawo,’ nezihlubuki ziza kithi ngezindlela eziyisinyenyela. (Galathiya 2:4; Jude 4) Zihloseni? UPetru uyanezela: ‘Ziyonixhaphaza.’ Ngempela, noma izihlubuki zona zingathini ukuze zizithethelele, inhloso yangempela yalezi zitha ‘ukweba nokubulala nokubhubhisa.’ (Johane 10:10) Ziqapheleni izihambi ezinjalo!
12. (a) Abangane bethu bangasenza kanjani sizwe izwi lezihambi? (b) Amaqhinga kaSathane afana kanjani nawezihambi namuhla?
12 Abangane abalimazayo. Izwi lezihambi lingase lizwakale ngalabo esizimatanisa nabo. Abangane abalimazayo bafaka ikakhulukazi intsha engozini. (1 Korinte 15:33) Khumbula, uSathane wadumba u-Eva—owayemncane futhi engenakho okuhlangenwe nakho kulaba bantu ababili bokuqala. Wamenza wakholwa ukuthi uJehova wayemncishe inkululeko ngokungafanele, kanti empeleni uyena owayebancisha inkululeko. UJehova wayezithanda izidalwa zakhe ezingabantu futhi eyikhathalela inhlalakahle yazo. (Isaya 48:17) Ngokufanayo nanamuhla, izihambi zizama ukwenza nina basha nikholwe ukuthi abazali benu abangamaKristu banincisha inkululeko ngokungafanele. Kungase kunithinte kanjani okushiwo yilezo zihambi? Enye intombazane engumKristu iyavuma: “Izingane zasekilasini zalwenza buthaka ukholo lwami okwesikhashana. Zazingibelesela ngokuthi inkolo yami ingincisha inkululeko futhi ayinangqondo.” Kodwa iqiniso liwukuthi abazali benu bayanithanda. Ngakho lapho izingane zesikole zizama ukuninxenxela ekubeni ningabathembi abazali benu, musani ukukhohliseka njengo-Eva.
13. Iyiphi inkambo ehlakaniphile eyalandelwa uDavide, futhi iyiphi enye yezindlela esingamlingisa ngayo?
13 Ngokuqondene nabangane abalimazayo, umhubi uDavide uthi: “Angizange ngihlale nabantu abangebona abeqiniso; futhi angingeni nalabo abafihla lokho abayikho.” (IHubo 26:4) Nalapha futhi, uyasibona yini isici eziphawuleka ngaso izihambi? Ziyazifihla ukuthi zingobani—njengoba nje noSathane azifihla ngokusebenzisa inyoka. Namuhla abanye abantu abonakele bayazifihla bona nezinhloso zabo zangempela ngokusebenzisa i-Internet. Ezingosini zezingxoxo, izikhohlakali zabantu abadala zingase zizenze ngisho nezingane ukuze zinidonsele ophathe. Basha, sicela niqaphe ngazo zonke izindlela, funa nilimale ngokomoya.—IHubo 119:101; IzAga 22:3.
14. Ngezinye izikhathi abezindaba balisakaza kanjani izwi lezihambi?
14 Ukumangalelwa ngamanga. Nakuba eminye imibiko yezindaba ikhuluma kahle ngoFakazi BakaJehova, ngezinye izikhathi abezindaba bavuma ukusetshenziselwa ukusakaza izwi lezihambi elisibandlululayo. Ngokwesibonelo, kwelinye izwe umbiko wezindaba waqamba amanga wathi oFakazi babecheme nombuso kaHitler ngesikhathi seMpi Yezwe II. Kwelinye, umbiko othile wamangalela oFakazi ngokuthi bacekela phansi amasonto. Emazweni amaningana abezindaba bamangalela oFakazi ngokuthi benqaba ukwelapha izingane zabo nokuthi bazivuna ngamabomu izono ezingathí sina zamakholwa abakanye nawo. (Mathewu 10:22) Noma kunjalo, abantu abaqotho abasazi kahle bayazi ukuthi sibhecwa ngobende.
15. Kungani kungekona ukuhlakanipha ukukholwa yikho konke okushiwo abezindaba?
15 Yini okufanele siyenze uma sibhekene nokumangalelwa okusakazwa izwi lezihambi ezinjalo? Kuhle silalele iseluleko esisencwadini yezAga 14:15: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” Akukona ukuhlakanipha ukukholwa yiyo yonke into okuthiwa iyiqiniso eshiwo abezindaba. Nakuba ngokuqinisekile kungekona konke ukwaziswa kwezwe esingakwethembi, siyazi ukuthi “lonke izwe lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19.
“Zivivinyeni Izinkulumo Eziphefumulelwe”
16. (a) Indlela ezenza ngayo izimvu eziyizilwane ikubonisa kanjani ukuba yiqiniso kwamazwi kaJesu akuJohane 10:4? (b) IBhayibheli lisikhuthaza ukuba senzeni?
16 Nokho, singazi kanjani ngokuqinisekile ukuthi sisebenzelana nomngane noma nesitha? UJesu uthi izimvu zilandela umalusi “ngoba ziyalazi izwi lakhe.” (Johane 10:4) Akukona ukubukeka kwangaphandle kukamalusi okwenza izimvu zimlandele; yizwi lakhe. Incwadi ekhuluma ngamazwe aseBhayibhelini ithi isivakashi esithile sake sagomela ngokuthi izimvu zimazi ngezingubo zakhe umalusi, hhayi ngezwi lakhe. Umalusi waphendula ngokuthi yizwi ezilaziyo. Ukuze afakazele lokhu, washintshana nalesi sivakashi ngezingubo. Sesigqoke izingubo zikamalusi, isivakashi sabiza izimvu, kodwa aziyanga kuso. Zazingalazi izwi laso. Kodwa lapho sezibizwa umalusi, yize ayengagqokile izingubo zakhe, azichithanga sikhathi, zaya kuye. Ngakho umuntu angase abukeke njengomalusi, kodwa ezimvwini, akusho ukuthi unguye. Kuba njengokungathi izimvu zivivinya izwi lomuntu ozibizayo, ziliqhathanise nelikamalusi. IZwi likaNkulunkulu lithi asenze okufanayo nathi—‘sivivinye izinkulumo eziphefumulelwe ukuze sibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini.’ (1 Johane 4:1; 2 Thimothewu 1:13) Yini eyosisiza senze kanjalo?
17. (a) Kwenzeka kanjani ukuba sazi izwi likaJehova? (b) Ulwazi ngoJehova lusenza sikwazi ukwenzani?
17 Kuyaqondakala ukuthi uma silazi kahle izwi likaJehova, noma isigijimi sakhe, siyolizwa kalula izwi lesihambi. IBhayibheli liveza indlela esingaluthola ngayo lolo lwazi. Lithi: “Izindlebe zakho ziyozwa izwi ngemva kwakho lithi: ‘Nansi indlela. Hambani ngayo.’” (Isaya 30:21) Lelo “zwi” elingemva kwethu livela eZwini likaNkulunkulu. Njalo lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu, kuba njengokungathi sizwa izwi likaMalusi wethu Omkhulu, uJehova. (IHubo 23:1) Ngakho, lapho silitadisha ngokwengeziwe iBhayibheli, siya silazi kahle izwi likaNkulunkulu. Uma sesilazi kahle, siyokwazi ukulizwa masinyane izwi lezihambi.—Galathiya 1:8.
18. (a) Kuhilelani ukwazi izwi likaJehova? (b) NgokukaMathewu 17:5, kungani kufanele silalele izwi likaJesu?
18 Yini enye ehilelekile ekwazini izwi likaJehova? Ngaphandle kokulizwa, kuhileleke nokulilalela. Awuphinde uphawule u-Isaya 30:21. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Nansi indlela.” Yebo, ngokutadisha iBhayibheli, sizwa iziqondiso zikaJehova. Uyaqhubeka ayale: “Hambani ngayo.” UJehova ufuna sikwenze lokho esikuzwayo. Ngakho, ngokukusebenzisa esikufundayo, sibonisa ukuthi asigcinanga nje ngokuzwa izwi likaJehova kodwa futhi sililalelile. (Duteronomi 28:1) Ukulalela izwi likaJehova kusho nokulalela izwi likaJesu, ngoba nguJehova ngokwakhe owathi asibokwenza kanjalo. (Mathewu 17:5) UJesu, uMalusi Omuhle, uthi asenzeni? Usifundisa ukwenza abafundi nokwethemba “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45; 28:18-20) Ukulalela izwi lakhe kusho ukuphila kwethu okuphakade.—IzEnzo 3:23.
“Ziyosibalekela”
19. Kufanele sisabele kanjani ezwini lezihambi?
19 Kufanele sisabele kanjani-ke ezwini lezihambi? Ngendlela ezisabela ngayo izimvu. UJesu uthi: “Isihambi azisoze zasilandela kodwa ziyosibalekela.” (Johane 10:5) Sisabela ngendlela ekabili. Eyokuqala, ‘asisoze sasilandela’ isihambi. Yebo, siyasenqaba nje kwaphela. Empeleni, ngesiGreki okwabhalwa ngaso iBhayibheli, igama elithi “-soze” lidlulisa indlela enamandla kakhulu yokuphika. (Mathewu 24:35; Hebheru 13:5) Eyesibili, ‘siyosibalekela,’ noma sisifulathele. Le ndlela iyona kuphela elungile yokusabela kulabo abazimfundiso zabo ziphambene nezwi likaMalusi Omuhle.
20. Siyosabela kanjani lapho sibhekene (a) nezihlubuki ezikhohlisayo, (b) nabangane abalimazayo, (c) nemibiko yezindaba ebandlululayo?
20 Ngakho, lapho sinqwamana nabantu abakhuluma imibono yezihlubuki, siyofuna ukwenza okushiwo iZwi likaNkulunkulu: “Niqaphele labo ababangela ukuhlukana nezimo ezingabangela ukukhubeka ngokuphambene nemfundiso eniyifundile, futhi nibagweme.” (Roma 16:17; Thithu 3:10) Ngokufanayo, intsha engamaKristu ebhekene nezingozi ezivela kubangane abalimazayo iyofuna ukusebenzisa iseluleko uPawulu asinika uThimothewu osemusha: “Balekela izifiso zobusha.” Futhi lapho abezindaba besimangalela ngamanga, siyokhumbula iseluleko esiqhubekayo sikaPawulu kuThimothewu: ‘[Labo abalalela izwi lezihambi] bayophendulelwa ezindabeni ezingamanga. Nokho, wena hlala usangulukile kuzo zonke izinto.’ (2 Thimothewu 2:22; 4:3-5) Kungakhathaliseki ukuthi izihambi zingase zilulalise kanjani ulimi, siyakubalekela konke okungachitha ukholo lwethu.—IHubo 26:5; IzAga 7:5, 21; IsAmbulo 18:2, 4.
21. Yimuphi umvuzo olindele labo abalenqabayo izwi lezihambi?
21 Ngokwenqaba izwi lezihambi, amaKristu agcotshwe ngomoya alalela amazwi kaMalusi Omuhle akuLuka 12:32. Lapho, uJesu uthi kuwo: “Ungesabi, mhlambi omncane, ngoba uYihlo ukwamukele ukuba aninike umbuso.” Ngokufanayo, “ezinye izimvu” zikulindele ngabomvu ukuzwa amazwi kaJesu athi: “Wozani, nina enibusiswe nguBaba, nizuze ifa lombuso enawulungiselelwa kusukela ekusungulweni kwezwe.” (Johane 10:16; Mathewu 25:34) Yeka umvuzo omnandi osilindele uma silenqaba “izwi lezihambi”!
Uyakhumbula?
• Kungani imfanela uSathane incazelo yesihambi esemfanekisweni kaJesu wesibaya sezimvu?
• Lizwakala kanjani namuhla izwi lezihambi?
• Singalizwa kanjani izwi lezihambi?
• Kufanele sisabele kanjani ezwini lezihambi?
[Isithombe ekhasini 15]
UMariya wamuzwa ngezwi uKristu
[Isithombe ekhasini 16]
Isihambi asiqondi ngqo ezimvwini
[Isithombe ekhasini 18]
Sisabela kanjani ezwini lezihambi?