Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?
Uma Kunjalo–
Kungani eye wavumela ububi?
Ingabe ukuphila kuyoke kukhululeke enkathazweni?
UMA uNkulunkulu ekhona, kungani eye wavumela izinto ezimbi eziningi kangaka ukuba zenzeke kubantu kuwo wonke umlando? Uma enendaba ngempela ngathi, kungani evumela ububi nokuhlupheka kuqhubeke?
2 Abantu abacabangayo kuyo yonke indawo bayayibuza leyomibuzo. Futhi banesizathu esihle, ngoba emakhulwini amaningi eminyaka umkhaya wesintu uye wahlupheka kakhulu ezimpini ezimbi, ukuswelakala kokudla, ubumpofu, ubugebengu nezifo. Ukungabi nabulungisa nokucindezelwa nakho kuye kwabangela olukhulu usizi. Ngokufanayo futhi nomonakalo onjengezikhukhula nokuzamazama komhlaba. Ezikhathini eziningi, abantu abangenacala bahlushwa izinto ezingelona iphutha labo. Ingabe konke lokhu kuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu akanandaba ngalokho okwenzeka kithina? Ingabe likhona ithemba langempela lezwe elingcono, izwe lapho singakujabulela ngempela ngokugcwele ukuphila emhlabeni, sikhululekile kuzo zonke lezinkathazo?
3 Imibuzo enjalo ifuna izimpendulo eziyiqiniso, ezanelisayo. Kodwa akulona iqiniso, futhi akwanelisi, ukutshelwa ukuthi, “Kuyintando kaNkulunkulu ukuba sihlupheke,” noma, “Kukhona izinto esingenakuziqonda.” Uma uNkulunkulu adala indawo yonke esabekayo ehleleke ngokumangalisa kangaka, ngokuqinisekile kufanele abe nesizathu esihle sokuvumela isintu ukuba sibe esingahlelekile kangaka. Futhi uMdali onjalo ubengeke yini abe nendaba ngendalo yakhe engabantu ukuba asitshele ukuthi kungani evumele ububi? Bekungenakuba yini okunengqondo ngaye ukuba alungise lezizimo ezimbi ngesikhathi esifanele uma enawo amandla okwenza kanjalo? Noma yimuphi ubaba onothando ubengazenzela izingane zakhe lokho uma enamandla okukwenza. Ngokuqinisekile uMdali onamandla onke, onokuhlakanipha konke, nonothando akanakuzenzela okungaphansi izingane zakhe zasemhlabeni.
UBANI ONGAPHENDULA KANGCONO?
4 Ubani ongayiphendula kangcono imibuzo ngokuvumela kukaNkulunkulu ububi? Nokho, uma umangalelwe ngecala elithile, ubungathanda yini ukuba abantu balalele kuphela lokho abanye abakushoyo ngalo? Noma ubungathanda ukuzikhulumela ngokwakho ukuze uyikhanyise indaba engqondweni yanoma ubani ofuna ukwazi ngobuqotho? UNkulunkulu obekwa iphutha lokuvumela ububi. Njengoba azi kangcono ukuthi kungani ebuvumela, akunakuba yini okufanelekile ukumyeka azikhulumele ngokwakhe? Ukubheka izimpendulo kubantu akunakwanelisa neze, ngoba ngokuvamile banemiqondo ephikisanayo ngokuqondene nalezizinto.
5 Kukuphi lapho uNkulunkulu elungiselele khona izimpendulo? Kukhona umthombo owodwa kuphela uMdali athi uwunikeze igunya lokusitshela ukuthi yini eyenzeka nokuthi kungani. Lowomthombo yiBhayibheli, eliphawulayo: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16)a Lokhu akufanele kumangaze, ngoba uma uNkulunkulu ayenawo amandla okudala indawo yonke emangalisayo, ngokuqinisekile wayengaba umbhali wencwadi. Abantu abangelutho bayakwazi ukukhipha amazwi nemiqondo, ngisho nemifanekiso, ngamaza omoya angabonakali kuye emsakazweni wakho noma kuthelevishini. Ngakho kwakungenakuba neze umsebenzi onzima ngoMdali ongumninimandla onke ukuba akhiphe imicabango yakhe iye kubabhali abangabantu abathembekile futhi aqikelele ukuthi bayibhala phansi ngokuqondile. Kungalesosizathu umphostoli uPawulu ayengasho ngesibindi athi: “Kuthé lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili.”—1 Thesalonika 2:13.
6 Mhlawumbe awukaze ulihlole iBhayibheli. Nokho ungase ube nesithakazelo sokwazi ukuthi liqukethe umbhalo ophelele, ongokomlando oqondile okhona namuhla. Eqinisweni, isazi-mlando sekhulu lokuqala, uLuka owayengudokotela wezokwelapha, wakwazi ukulandelela uhlanga lukaJesu waseNazaretha ngomlando weminyaka eyizinkulungwane ezine, ngokulandelana, ngamagama abo bonke, kuhlehle kuze kuyofika kumuntu wokuqala. Njengoba iBhayibheli lihlehla lize liyofika ekuqaleni kokuba khona komuntu, lingasitshela ukuthi ubani onecala ngobubi, kungani uNkulunkulu abuvumela, nokuthi buyosuswa kanjani.
INGABE UNKULUNKULU ONECALA?
7 Uma othile enze icala, ubungazizwa kanjani uma kusolwa wena ngalo? Lokhu ubungakubheka njengokungafanele neze. Ubulungisa budinga ukuba onecala ajeziswe kuthi ongenacala akhululeke ecaleni. Uma umshayeli wemoto engalunaki uphawu lomgwaqo oluthi akame empambanweni yomgwaqo enezimoto eziningi, abese engena engozini enkulu ngenxa yalokho, akulona icala lomthetho. Uma umuntu eba isiminzi abese egula ngenxa yokudla ngokweqile, akulona icala lomlimi owatshala lokho kudla. Uma, naphezu kokukhuliswa kahle, insizwa ishiya ikhaya, ingasinaki iseluleko sikayise esihle bese ingena enkathazweni, akuyena uyise okufanele asolwe. Pho kungani uBaba osezulwini, uNkulunkulu, ebekwa icala uma abantu benza okungalungile? Akufanele yini icala libekwe lapho lifanele khona—kulowo onecala?
8 Kukhona okunye futhi kokucatshangelwa. Uma sisola uNkulunkulu ngezinto ezinjengendlala ebangelwa ukuntuleka kokudla, ubani esimbongayo ngamasimu akhiqizayo namasimu ezithelo akhiqiza inala yokudla emazweni amaningi? Uma sisola uNkulunkulu ngokugula, ubani esimbongayo ngesimiso esimangalisayo sokuzelapha komzimba? Uma sisola uNkulunkulu ngezindlu ezingamafuku ezisemadolobheni, ubani esimbongayo ngezintaba ezimangalisayo, amachibi acwebile, izimbali ezijabulisayo nemithi emihle? Ngokusobala, uma sisola uNkulunkulu ngezinkathazo zezwe bese sibonga yena futhi ngezinto ezinhle zomhlaba, lokho kuwukuziphikisa. UNkulunkulu onothando akanakukwenza kokubili okuhle nokubi ngesikhathi esifanayo.
9 Ukuthi uNkulunkulu akekho kwenza inkinga ibe nzima kakhulu. Ukukholelwa ukuthi lomhlaba nezinhlobo ezimangalisayo zendalo ezikuwona kwamane kwaba khona nje kuwukungawanaki amaqiniso. Iqiniso liwukuthi umhlaba uhlome kangcono kakhulu ukuba usekele ukuphila kunanoma iyiphi indlu, kodwa noma iyiphi indlu inomklami wayo ohlakaniphile nomakhi. Khona-ke kuthiwani ngaleplanethi enezimiso ezinhle ngokwedlulele zokusekela ukuphila eziwumoya, indawo namanzi? IBhayibheli ngokunengqondo lithi: “Ngokuba yileyondlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.” (Heberu 3:4) Kuyiqiniso, abanye abantu baphetha ngokuthi ngenxa yokuthi abantu benza izinto ezimbi kusho ukuthi uNkulunkulu akekho. Nokho, lokhu kufana nokuthi ngenxa yokuthi abantu abahlala ezindlini benza izinto ezimbi khona-ke izindlu azinabo abaklami noma abakhi. Kungafana futhi nokuthi ngenxa yokuthi umuntu wenza okuthile okubi kusho ukuthi akabonaze abe naye uyise.
10 Ubani-ke okufanele asolwe ngezinto ezimbi eziye zenzeka emkhayeni wesintu? Ingxenye enkulu yecala kufanele ibe kubantu ngokwabo. Ukungathembeki kwabantu nokukhungatheka kubangela ubugebengu. Ukuzazisa kwabantu nobugovu kubangela ukonakala kwemishado, inzondo nokubandlululana kwezinhlanga. Iphutha lomuntu nokungakhathali kubangela ukungcola. Ukuzigabisa kobuntu nobuphukuphuku kubangela izimpi; futhi uma izizwe zonke ngokuphuphutheka zilandela abaholi bezombangazwe ziye kulezozimpi, khona-ke kufanele zihlanganyele ecaleni lokuhlupheka. Indlala nobumpofu ngokuyinhloko kubangelwa ukunganaki kwabantu nobugovu. Cabangela lokhu: izwe lonke manje lichitha amaRandi angaphezu kwezigidi zezigidi ezingu-500 unyaka ngamunye ngezikhali. Ukuba yonke lemali yayisetshenziswa ngokufanelekile ekulimeni nasekwabeni ukudla ngokulinganayo nasekuqedeni izindawo zokuhlala ezingamafuku, ake ucabange nje ukuthi yini ebingenziwa!
11 Akufanele futhi uNkulunkulu asolwe ngobubi obenziwa ngegama lenkolo. Ngokwesibonelo, abefundisi bathandazela isibusiso sikaNkulunkulu ngezimpi zezizwe zakubo. Nokho ngokuvamile, nakuba esezinhlangothini ezimelene, amasosha asuke ebulalana angawenkolo efanayo! UNkulunkulu akanakusolwa ngalokho, ngoba akakuvumeli abakwenzayo, uthi labo abamthanda ngempela kufanele ‘bathandane.’ (Johane 13:34, 35) Uma bengenalo loluthando, khona-ke uNkulunkulu uthi ‘banjengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo.’ (1 Johane 3:10-12) Ukubulala abantu ngegama likaNkulunkulu, kungakhathaliseki noma kungenkathi yokuqulwa kwamacala ezihlubuki noma ezimpini, kuyefana nomkhuba wasendulo wokunikela ngezingane konkulunkulu bamanga, into uNkulunkulu uMninimandla onke athi ‘akayiyalanga futhi ayingenanga enhliziyweni yakhe.’—Jeremiya 7:31.
12 Ukuzigaxa kwabefundisi kwezombangazwe, ukusekela izimpi, nezimfundiso zamanga njengokuthi uNkulunkulu onecala ngokuhlupheka kwalelizwe, noma ukuthi ushisa ngisho nabantu emlilweni wesihogo ongokoqobo phakade, kuyenyanyeka kubantu abacabangayo, nakuNkulunkulu. Abaholi benkolo abafundisa futhi benze izinto ezimelene noNkulunkulu babizwa ngokuthi “abazenzisi” eZwini likaNkulunkulu, elithi futhi kubona: “Nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.” (Mathewu 23:27, 28) Eqinisweni, uJesu wathi ngabaholi benkolo abazenzisayo: “Nina ningabakayihlo uSathane.”—Johane 8:44.
13 Cha, uNkulunkulu akufanele asolwe ngobubi abantu ababenza ngokwabo. Futhi akufanele abekwe icala ngobubi obubusiswa ngabefundisi abathi bakhonza uNkulunkulu kodwa abangalikhulumi futhi bangalenzi iqiniso. Pho, ingabe kukhona okwakonakele ngendlela uNkulunkulu enza ngayo abantu? Ingabe wanikeza abantu isiqalo esibi?
ISIQALO ESIPHELELE
14 Lapho umuntu efunda izahluko ezimbili zokuqala zencwadi kaGenesise, kuba sobala kakhulu ukuthi lapho uNkulunkulu edala indoda nomfazi wabanikeza isiqalo esiphelele. Wabadala benemizimba nezingqondo okuphelele, ukuze ukugula nokufa kungabakhathazi. Ikhaya labo laliyinsimu ethandekayo, enjengepaki enezimbali ezithokozisayo, enezitshalo eziklabusayo nemithi ethela izithelo. Kwakungekho lapho kuntuleka khona. Ngokuphambene, kwakukhona inala. Futhi, uNkulunkulu wabeka phambi kwabazali bethu bokuqala umsebenzi othakazelisayo nemigomo eqabulayo. Wabayala ukuba bandise izimo ezifana nezepaki zalelopharadesi kuwo wonke umhlaba. Ngemva kwesikhathi babeyosizwa kulokhu yizingane eziningi eziphelele ababeyozizala. Ngaleyondlela, ngokuhamba kwesikhathi umkhaya wesintu wawuyoba isizwe esiphelele sabantu, esihlala emhlabeni oyipharadesi, sijabulela ukuphila okuphakade, futhi sibusa izilwane ngothando.
15 Kodwa kungani izinto zashintsha zaba usizi kangaka? Ingabe kungenxa yokuthi uNkulunkulu akazange abadale abantu bephelele kwasekuqaleni? Cha, akunjalo, ngoba uDuteronomi 32:4 uthi ngoNkulunkulu, “Umsebenzi wakhe uphelele.” Nokho, ukuphelela kobuntu kwakungasho ukuthi abantu ababili bokuqala babazi yonke into, noma babengenza yonke into, noma ukuthi babengenakukwenza okungalungile. Ngisho nezidalwa eziphelele zinayo imingcele. Ngokwesibonelo, kwakunemingcele engokomzimba. Uma zazingakudli ukudla, zingawaphuzi amanzi noma ziphefumule umoya zaziyokufa. Zazingeke futhi zenze izinto ezinjengokweqa umthetho wamandla adonsela phansi ngokugxuma endaweni ephakeme kakhulu kodwa zingalindeli ukuthi zingalimala. Futhi, zazinemingcele ngokwengqondo. Ngokusobala, uAdamu noEva babenokuningi kokukufunda, njengoba babengenakho okuhlangenwe nakho. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi babengafunda kangakanani, babengeke bazi okuningi njengoMdali wabo. Ngakho-ke, nakuba babephelele, babelinganiselwe ngokuba babe sendaweni yabantu benyama. Ukuphelela kwakusho nje ukuthi banakho konke, ukuthi kwakungekho sici ekwakhekeni kwabo okungokomzimba nokungokwengqondo.
16 Futhi, uNkulunkulu wadala abantu beyizidalwa ezikhululekile, bengaqondiswa nje umuzwa ongaphakathi, njengezilwane. Futhi ngokuqinisekile uyayazisa inkululeko enjalo. Awunakuthanda ukuba kube khona okuqondisa ngenkani, umzuzu ngamunye wokuphila kwakho, ngalokho okufanele ukwenze. Nokho, leyonkululeko kwakungeyona eyokuzibusa, okusho ukuthi, engenamingcele, kodwa kwakufanele ibe ngelinganiselwe. Kwakufanele isetshenziswe ngaphakathi kwemingcele yemithetho kaNkulunkulu. Leyomithetho emihle yayiyoba yingcosana futhi ibe lula, iklanywé ngokucabangela injabulo enkulu kakhulu yaso sonke isintu. Uthando lukaNkulunkulu ngabantu lwaboniswa ngokufuna kwakhe ukuba balalele imithetho yakhe, ngoba wayazi ukuthi ukuhlonipha leyomithetho kwakuyobalethela izinzuzo ezingapheli. Ukungamhloniphi uNkulunkulu nemithetho yakhe kwakuyophazamisa injabulo yabo. Kwakungeke kulethe lutho oluhle. Eqinisweni, kwakuyoletha inhlekelele ethile, ngoba uNkulunkulu waxwayisa uAdamu noEva ukuthi uma bemlahla ‘babeyokufa nokufa.’ (Genesise 2:17) Ngakho-ke ukuze baqhubeke bephila, babengadingi nje kuphela ukudla ukudla, ukuphuza amanzi nokuphefumula umoya, kodwa futhi ukuqondiswa uNkulunkulu nemithetho yakhe.
17 Kukhona esinye isizathu esibaluleke kakhulu esasenza ukuba abazali bethu bokuqala badinge ukuqhubeka bencike kuNkulunkulu. Lesosizathu siwukuthi abantu babengadalelwe ukuba baphathe izindaba zabo ngokuphumelelayo ngaphandle kokuthembela kuNkulunkulu. UNkulunkulu akazange abanikeze ilungelo noma amandla okwenza lokho. Njengoba iBhayibheli lisho: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Kungalesosizathu iBhayibheli lithi: “Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula.”—IzAga 28:26.
UBUBI BAQALA KANJANI?
18 Uma kwakunesiqalo esihle kanjalo, yini eyonakala? Yilokhu: abazali bethu bokuqala, uAdamu noEva, basebenzisa inkululeko yabo yokuzikhethela ngokungafanele. Banquma ukuzenzela ngeyabo indlela esikhundleni sokuzithoba ngaphansi komthetho kaNkulunkulu. Eqinisweni, owesifazane wacabanga ukuthi babeyoba ‘njengoNkulunkulu, bakwazi okuhle nokubi.’ (Genesise 3:5) Bafuna ukuzinqumela ngokwabo ukuthi yikuphi okuhle nokuthi yikuphi okubi, bathembele ekucabangeni kwabo. Abazange bawubone kusengaphambili umonakalo omkhulu owawuyoba umphumela wokucabanga ngaleyondlela. Kodwa yilokho okwenzeka, ngoba ‘uNkulunkulu akaqambi amanga.’ (Thithu 1:2) Lapho bezikhipha ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu, okwaba umphumela, ngomqondo obanzi, kufana nalokho okwenzekayo uma ukhipha iplagi yefeni esebenza ngogesi. Lapho isikhishiwe endaweni ethola kuyo umthombo wamandla, ifeni ihamba kancane bese kuthi ekugcineni ime. Ngokufanayo, lapho abantu ababili bokuqala bezikhipha eMthonjeni wokuphila, uJehova uNkulunkulu, baya ngokuwohloka base befa, njengoba uNkulunkulu ayexwayisile ukuthi kwakuyoba njalo.
19 Njengoba abazali bethu bokuqala bona kuNkulunkulu ngaphambi kokuba babe nezingane, ukungapheleli kwaba khona ngaphambi kokuzala kwabo ingane yabo yokuqala. UAdamu noEva bafana nephethini enesici. Konke okwavela kubo nakho kwakunesici. Babengadlulisela kubantwana babo kuphela lokho bona abase benakho manje—imizimba nezingqondo okungaphelele. Babengasaphelele ngoba base bewushiyile uMthombo osekela ukuphelela nokuphila, uJehova uNkulunkulu. Ngakho-ke ngokuvumelana nalokho iBhayibheli elikushoyo kwabaseRoma 5:12, wonke umuntu owazalwa kusukela ngalesosikhathi uye wazalelwa ekungaphelelini, ngakho-ke uvulekele ekuguleni, ukuguga nokufa. Kodwa uNkulunkulu akanakubekwa icala ngalokhu. UDuteronomi 32:5 uthi: “Bonile kuye; abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo.” NomShumayeli 7:29 uyaphawula: “UNkulunkulu wamenza umuntu waba-qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.”
20 Kodwa ingabe kunengqondo ukuthi ukungalaleli kwabantu ababili nje kungaba nemiphumela ewusizi kangaka kuwo wonke umuntu? Nokho, siyazi ukuthi ukunganaki komuntu oyedwa nje ekusingatheni isici esincane sokulondeka ekwakhiweni kwendlu kungaphumela engozini engasho ukulahleka kokuphila kwabantu abaningi. Ukwehluleka ukunakekela isici esifanayo edamini kungaphumela ekuqhumeni kwalo nezikhukhula ezingabangela umonakalo omkhulu. Isenzo esisodwa nje sokonakala kombusi singase sivule indlela yezenzo zobubi ezilandelanayo kuhulumeni, kuholele engozini enkulu ezigidini zabantu. Emkhayeni, uma ubaba nomama benza ukukhetha okungalungile, izingane zabo zingabhekana nemiphumela engathi sína. Abazali bethu bokuqala benza ukukhetha okungalungile. Ngenxa yalokho, wonke umkhaya wesintu wafakwa ekungaphelelini nasenhlekeleleni.
21 Njengoba umthetho kaNkulunkulu wawuhilelekile, nobuqotho bakhe futhi, wayengenakuyeka ukweqiwa kwalowomthetho kudlule nje ngaphandle kokuwugcizelela lowomthetho. Iyiphi inhlonipho abantu ababeyoba nayo ngaye noma ngomthetho wakhe ukuba akenzanga lutho ngakho? Siyabahlonipha yini namuhla ababusi abangayihloniphi imithetho yabo, noma abavumela abantu abathile bayiphule ngokuzithandela ngaphandle kwesijeziso? Ngakho, uNkulunkulu wafeza isijeziso ayesishilo sokungalaleli, esasiwukufa. Kodwa ngesihe wavumela abantu ababili bokuqala ukuba babe nezingane, okufanele sikwazise, ngoba ngaphandle kwalokho ngabe asizange sizalwe. Futhi nakuba singaphelele ngenxa yokwehluleka kuka-Adamu noEva, ingabe asikhethi yini ukuba siphile kunokuba sife?
22 Ingabe lokhu kusho ukuthi ububi bavela kubantu kuphela? Cha, kukhona okungaphezulu. Ukudala kukaNkulunkulu izidalwa ezihlakaniphile akugcinanga nje ngabantu. Kakade wayesedale amanye amadodana ahlakaniphile angenakubalwa ezulwini, izidalwa zomoya. Nakuba nawo futhi ayeyizidalwa ezikhululekile, ayedinga futhi ukuzithoba ngaphansi kwemithetho kaNkulunkulu emihle nenengqondo ukuze aqhubeke ephila. Nokho, esinye salezidalwa zomoya sazindla ngemiqondo emibi. Futhi uma umuntu ezindla ngokungalungile, lokho kungakhula kuze kufinyelele ezingeni lapho eyenza khona leyonto engalungile acabanga ngayo. Kungokufanayo futhi ngalesidalwa somoya. Sakha isifiso kusona ngokwaso kwaze kwaba sezingeni lapho sasishukumisela ukuba sibekele izenzo zikaNkulunkulu inselele. Satshela umka-Adamu, uEva, ukuthi babengase bangamlaleli uNkulunkulu futhi, njengoba sasho, “aniyikufa nokufa.” (Genesise 3:4) Sangabaza isidingo sabo sokuthembela kuMdali wabo ukuze baqhubeke bephila futhi bejabula. Eqinisweni, sabatshela ukuthi ukungalaleli kwakuyozenza ngcono izinto ngabo, kubabangele ukuba babe njengoNkulunkulu. Ngalendlela sangabaza ubuqiniso bukaNkulunkulu. Futhi ngokungabaza imithetho kaNkulunkulu, sabangela ukungabaza ngendlela kaNkulunkulu yokubusa—yebo, ngelungelo likaNkulunkulu lokubusa. Ngenxa yalokhu sabizwa ngokuthi uSathane, okusho umphikisi, nangokuthi uDeveli, okusho umnyundeli.
KUNGANI KUYE KWAVUNYELWA ISIKHATHI ESIDE KANGAKA?
23 Ngenxa yokuthi uNkulunkulu unamandla kangaka, kalula nje wayengaqothula lezihlubuki ezingabantu neziwumoya kwasekuqaleni. Kodwa lokho kwakungeke kuzixazulule izindaba ngokwanelisayo. Ngani? Ngenxa yokuthi kwakungewona amandla kaNkulunkulu abekelwe inselele. Izimpikiswano ezaphakanyiswa kwakungezokuziphatha. Futhi impikiswano ebalulekile kuzo kwakuyilena: Ingabe inkambo yokuhlubuka yayiyozibonakalisa iyimpumelelo? Ingabe ukubusa okungamnaki uNkulunkulu kwakungaletha izinzuzo ezihlala njalo kuwo wonke umkhaya wesintu? Ingabe ukubusa kukaNkulunkulu abantu kwakuyoba ngcono ngabo, noma ukubusa kwabantu kwakuyoba ngcono? UNkulunkulu, ngokuhlakanipha kwakhe, wayazi ukuthi, lena kanye nezinye izimpikiswano eziyinhloko ezaphakanyiswa, zaziyodinga isikhathi ukuba zixazululwe. Ngakho-ke wavumela isikhathi esithile esasiyonikeza abantu ithuba elanele lokufinyelela esicongweni sokufeza kwabo izinto ezingokwezombangazwe, ezenhlalo, ezemisebenzi nezingokwesayensi.
24 Lesosikhathi sasingeke nje sibe izinsuku ezimbalwa noma iminyaka embalwa. Kwakuyodlula izizukulwane eziningi ukuba impendulo ibonakale ngaphandle kokungabaza. Amacala ezinkantolo angathatha amasonto amaningi noma izinyanga ngisho nalapho kuhileleke khona abantu ababili kuphela. Izimpikiswano ezinkulu ezikhona ezihlangene nokubusa kukaNkulunkulu zifuna impendulo ephelele, hhayi ukuxazululwa okungaphelele. Ngalendlela ukuxazululwa kwalezimpikiswano akunakudinga ukuphindwa futhi nganoma yisiphi isikhathi esizayo. UNkulunkulu onothando wayengenakwamukela lutho olungaphansi kokuxazululwa okuphelele. Futhi siyajabula ngokuthi kunjalo, njengoba kuwukuxazululwa okunjalo kuphela okungavula indlela yokuthula nokulondeka okungapheli ngawo wonke umkhaya kaNkulunkulu wendawo yonke, ezulwini nasemhlabeni.
25 Manje cishe sekudlule iminyaka engu-6 000 kusukela kwaphakanyiswa izimpikiswano okokuqala. Uye waba yini umphumela wokukhululeka ekubusweni uNkulunkulu? Kuye kwazanywa zonke izinhlobo zohulumeni, zonke izinhlobo zezinhlelo zezenhlalo, zonke izinhlobo zezimiso zezomnotho, nazo zonke izinhlobo zezinkolo ezingamahlelo. Kodwa akukho lutho oluye lwaletha ukuthula kweqiniso, ukulondeka, impilo ehlala njalo nenjabulo. Umuntu angaqhosha yini ngentuthuko yezinto ezibonakalayo lapho iMpi Yezwe II nje iyodwa yabulala abantu abangaphezu kwezigidi ezingamashumi ayisihlanu? Ingabe kuyintuthuko yini ukuthumela abantu enyangeni, lapho wona lawomarokhethi afanayo anamakhanda empi enuzi engashanela isintu, nalapho futhi amakhulu ezigidi zabantu emhlabeni ehlushwa indlala nobumpofu ngesikhathi esifanayo lapho umuntu ehamba enyangeni? Kunabuhle buni ukuba nendlu enazo zonke izinto zokunethezeka lapho imikhaya ihlukana ngenxa yokuphikisana, lapho inani lezehlukaniso likhula njalo, lapho ukwesaba ubugebengu endaweni yakini kwanda, lapho ukungcola nezindlu ezingamafuku kukhula, lapho ukucindezeleka kwezomnotho kubangela izigidi zabantu ukuba zingabi namsebenzi, lapho iziyaluyalu, izimpi zezakhamuzi nokugumbuqelwa kohulumeni kuyizenzakalo zaminyaka yonke ezesabisa ikhaya lesintu nendlela yokuphila?
26 Iqiniso linjengoba nje uNobhala-Jikelele weZizwe Ezihlangene uKurt Waldheim avuma: “Naphezu kokuthuthuka ngokwezinto ezibonakalayo, ukuphila komuntu akukaze kube nomuzwa omkhulu kangaka wokungalondeki njengoba kunjalo namuhla.”b Incwadi ethi Environmental Ethics nayo iyaphawula: “Umuntu, owayedalelwe ukuphefumula umoya ohlanzekile, ukuphuza nokujabulela amanzi acwebile, nokujabulela ukubona izinto ezimzungezile, uye wazishintsha izinto ezimzungezile futhi uzithola engenakuhambisana nazo. Ulungiselela ukuzibulala kabuhlungu ngokwakhe.”c Ngokuqinisekile ukuvunyelwa isikhathi eside kobubi kufanele kubonise kubo bonke abantu abanengqondo ukuthi abantu abadalwanga benamandla okuqondisa izindaba zabo ngokuphumelelayo ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu. Futhi njengoba sekuneminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yokwehluleka komuntu njengobufakazi, akekho noyedwa ongabeka uNkulunkulu icala ngokungavumeli abantu isikhathi esanele sokuba bazihlolele. Isikhathi esivunyelwe siye saba ngesanele ukubonakalisa ukuthi indlela yokuhlubuka kuNkulunkulu iye yaba inhlekelele ephelele.
UBUBI BUZOPHELA NGOKUSHESHA
27 Umkhaya wesintu uludinga ngokuphuthumayo ushintsho lobungcono. Eqinisweni, sidinga isimiso esisha ngokuphelele. Njengoba isazi sezenhlalo yabantu uErich Fromm avuma, ububi emphakathini bungalungiswa “kuphela uma sonke isimiso njengoba besikhona phakathi neminyaka engu-6 000 edlule yomlando sisuswa kufakwe esihlukile ngokuphelele kusona.”d Yilokho kanye uNkulunkulu akuhlosile! Uma isikhathi sakhe asivumele sesiphelile, uNkulunkulu uye waqinisekisa ukuthi uzochoboza asuse sonke lesimiso esibi sezinto, kanye nalabo abasithandayo. “Ababi bonke uyakubabhubhisa.”—IHubo 145:20.
28 Kuyokwenzeka nini lokhu? Ngokushesha okukhulu, ngoba iZwi likaNkulunkulu liyabonisa ukuthi izinkathazo ezingakaze zibe khona eziye zahlupha umkhaya wesintu kusukela ekuqaleni kwempi yezwe yokuqala ngo-1914 zenza isibonakaliso esibonisa lokho eBhayibhelini okubizwa ngokuthi “izinsuku zokugcina.” IBhayibheli labikezela ukuthi ‘kulezinsuku zokugcina’ kuyoba khona izimpi zezwe, ubugebengu obukhulayo, indlala, ubhadane lwezifo, ukufuna ukuzijabulisa kwabaningi, ukuhlubuka ekukholelweni kuNkulunkulu, ukuzenzisa okungokwenkolo nokonakala, neziningi ezinye izenzakalo. Lezi zaziyofana nemigqa eseminweni yomuntu, zibonisa ngokuqinisekile isizukulwane sethu njengesokugcina lapho uNkulunkulu eyobekezelela lezozimo ezimbi. UJesu waprofetha ukuthi isikhathi sethu ngempela kwakuyoba esokuphela kwesimiso sezinto manje esibusa umhlaba.
29 UJesu futhi wathi ngokuqondene nesizukulwane sabantu esabona ukuqala ‘kwezinsuku zokugcina’ ngo-1914: “Ngiqinisile ngithi kini: Lesisizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.” (Mathewu 24:34) Lokhu kusho ukuthi abanye babantu ababephila ngesikhathi iMpi Yezwe I iqala ngo-1914 babeyobe besaphila ukuze babone ukuphela kwalesimiso sezinto samanje. Lesosizukulwane seMpi Yezwe I sesiyaguga manje, futhi lokhu kuwubufakazi obunamandla bokuthi ukuphela kobubi kusondela ngokushesha.
30 Lapho ukuphela kufika, uNkulunkulu uyobonisa amandla akhe amakhulu futhi angenele ngokuqondile ezindabeni zomuntu. Zonke izimiso zabantu ezimelene naye ziyochotshozwa. Isiprofetho sikaDaniyeli isahluko 2 ivesi 44, sithi ngalokhu: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” Lapho zonke izimiso zabantu ezilimazayo sezisusiwe, ukubusa kukaNkulunkulu phezu komhlaba kuyophatha ngokuphelele.
31 Ngakho, ukubusa kukaNkulunkulu kuyophathwa uhulumeni omusha, uhulumeni wasezulwini, uMbuso kaNkulunkulu. Lowo uhulumeni uJesu Kristu awenza isici esiyinhloko sokufundisa kwakhe. Futhi wabikezela ukuthi yiwona kuphela owawuyophatha wonke umhlaba ngesikhathi esifanele. Njengoba loMbuso uyobusa usezulwini, uqondiswa nguNkulunkulu, ngeke kube nengozi yokuba wonakaliswe ngabantu abanobugovu. Ngakho amandla okubusa ayobe elapho ayefanele khona kwasekuqaleni, ezulwini, kuNkulunkulu. Lapho ukubusa kukaNkulunkulu sekugcwele umhlaba, isithembiso sakhe siwukuthi “abakhileyo bezwe bafund[e] ukulunga.” (Isaya 26:9) Futhi akekho umuntu oyodukiswa inkolo yamanga, ngoba iyobe ingekho. Wonke umuntu oyobe ephila uyofundiswa iqiniso ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe, ukuze ngomqondo ophelele, “umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.
IZWE ELISHA LOKULUNGA
32 Ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, kuyoba khona umphakathi wesintu omusha ngokuphelele, umphakathi owenziwa ngabantu abesaba uNkulunkulu. Kulelozwe elisha, ukusinakekela okukhulu kukaNkulunkulu kuyoboniswa ngalokho akwenzayo. Ngokwesibonelo, izimpi azisenakuphinde zivimbele ukuthula nenjabulo yabantu. Ngani? Ngenxa yokuthi bonke abayobe besinde ekupheleni kwalelizwe lamanje elibi bayobe sebefundisiwe kakade ngezindlela zokuthula, ukuze umphakathi omusha wesintu ube nesiqalo esinokuthula. Khona-ke, bonke abayophila kulelizwe elisha bayoqhubeka bamukela imfundo efanayo ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Kungalesosizathu isithembiso seBhayibheli esithi uNkulunkulu “uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba” siyogcwaliseka nakanjani. (IHubo 46:8, 9) Kuyoba ngokuphelele kangakanani lokho kuthula? IZwi likaNkulunkulu lesiprofetho lithi: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:11.
33 Ngaphezu kwalokho, labo abayobe bephila kulelozwe elisha bayophendula umhlaba ube iPharadesi uNkulunkulu ayelihlosile kwasekuqaleni. Yeka ukuthi kuyoba umsebenzi owanelisa kanjani lowo ngesintu! Futhi njengoba ipharadesi liyobe selibuyiselwe, abantu bayokwazi ukujabulela ngokugcwele amachibi, imifula nezilwandle; amagquma, izintaba, amathafa nezigodi; izimbali ezithandekayo, izitshalo nemithi; kanye nezilwane ezithakazelisayo. Futhi ukuswelakala kokudla akusenakuphinde kwenzeke, ngoba “umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyosibusisa.” Yebo, “kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela.”—AmaHubo 67:6; 72:16.
34 Kanye nokuthula okuhlala njalo nokudla okuningi kuyokuba khona impilo yobungqabavu. Njengoba kunguNkulunkulu owadala umuntu, wazi kangcono kunanoma imuphi udokotela ukuthi ngokuqondile yini edingekile ukuze elaphe abakhubazekile, enze izimpumputhe zibone nezithulu zizwe, nokuthi angakuqeda kanjani konke ukugula, ukuguga nokufa. Amandla kaNkulunkulu okwenza lokhu aboniswa uJesu Kristu ngesilinganiso esincane ngesikhathi elapha emhlabeni. IBhayibheli liyasitshela: “Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona.”—Mathewu 15:30, 31.
35 UJesu wayebhekisela kuleliPharadesi lasemhlabeni lapho etshela umuntu owayelengiswe eduze kwakhe: “Uzakuba-nami eParadisi.” (Luka 23:43) Kodwa lowomuntu wafa. Ngakho-ke wayezongena kanjani ePharadesi? Ngelinye ilungiselelo elimangalisayo elibonisa ukuthi uNkulunkulu ukhathalela kangakanani—ngokuvuswa kwabafileyo. IBhayibheli lithi kuzEnzo 24:15: “Kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.” Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wavusa abantu abafileyo ukuze abonise amandla kaNkulunkulu okwenza lokhu ngaphansi kokubusa koMbuso wakhe.
36 Ingabe uthola lomqondo wokuvuka kwabafileyo kunzima ukuwukholelwa? Kodwa ngisho namanje ubona izinhlelo zethelevishini ezinabantu osekukudala bafa. Uyawezwa amazwi abo, uphawule izenzo zabo ubone nezici zabo. Uma umuntu ongelutho ekwazi ukugcina izinto ezinjalo emabhandeni ethelevishini, akunakuba nzima ngoNkulunkulu Ohlakaniphe Kakhulu ukuba agcine enkumbulweni yakhe umfanekiso oningiliziwe wobuntu nezici zomuntu ngamunye angathanda ukumdala futhi. Lokhu useye wakwenza, futhi uyovusela abantu abanjalo ekuphileni futhi. Ngalendlela, nabo futhi bayoba nethuba lokujabulela ukuphila ezweni likaNkulunkulu elisha. Futhi ngokugeqa amathuna, nangokwelapha abantu ekuguleni abakuzuza njengefa, ukuguga nokufa, uNkulunkulu “uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade.” (Isaya 25:8) Ngaleyondlela, abantu bayokwazi ukuphila phakade!
37 NgoMbuso wakhe, uNkulunkulu uyosishintsha ngokuphelele isimo esibi esiye saba khona isikhathi eside kangaka! Uyobonisa ukusinakekela kwakhe kuze kube phakade ngokuthulula izibusiso eziyokwenza okungaphezu kokupholisa amanxeba anoma ikuphi ukuphatheka kabi esiye sakuthola esikhathini esidlule. Ngalesosikhathi izinkathazo zesikhathi esidlule esiye sahlangana nazo kulesimiso samanje sezinto siyozikhumbula kalufifi, uma kungenzeka sizikhumbule. Isithembiso sikaNkulunkulu siwukuthi: “Ngiyadala izulu elisha [uhulumeni omusha wasezulwini phezu kwaso sonke isintu] nomhlaba omusha [umphakathi olungileyo wesintu]; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni. Kepha jabulani, nethabe kuze kube-phakade ngengikudalayo.” (Isaya 65:17, 18) Njengoba izibusiso ezinhle kanjalo sezingaphambili nje, ungabona ukuthi kungani iBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘uyokwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.’ Futhi yini engakuvimbela? Ngoba “ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:4.
UNKULUNKULU UNENDABA—INGABE THINA SINENDABA?
38 Iqiniso lokuthi uNkulunkulu uzoqeda ububi ngokushesha futhi angenise izwe elisha elijabulisayo libonisa ukuthi unendaba ngempela nathi. Kodwa ingabe thina sinendaba naye? Uma kunjalo, sidinga ukukubonisa. Yini okufanele siyenze? IBhayibheli lithi: “Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” (1 Johane 2:17) Uhlobo lwabantu uNkulunkulu alufunayo ezweni lakhe elisha yilabo abenza intando yakhe nabazithoba ngaphansi kobubusi bakhe obulungileyo. Lolu uhlobo lwabantu oluyolalela imithetho yakhe futhi luhlanganyele ekwenzeni “umhlaba omusha” indawo enhle okuyohlalwa kuyo. Abantu abaphikisa ukubusa kukaNkulunkulu bayoba inkathazo, ngakho-ke abanakuvunyelwa ukuba bahlale lapho.
39 Ingabe uyafuna ukuphila ezweni likaNkulunkulu elisha lokulunga? Khona-ke into yokuqala okufanele uyenze ukufunda izimfuneko zikaNkulunkulu zokuphila. Ingabe lokho kungokukhulu kakhulu ukuba ucelwe khona? Uma kunesipho somuzi omuhle endaweni efana nepaki, esingesamahhala, ubungeke yini uthathe isikhathi uzama ukuthola ukuthi ungasifanelekela kanjani? IZwi likaNkulunkulu linikeza okungaphezulu—ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi—uma sifuna ukuze sithole ukuthi intando yakhe iyini ngathi, bese siyenza. IBhayibheli lithi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
40 Ukufunda eBhayibhelini kuyonikeza futhi wena nomkhaya wakho ukuqondiswa okuwusizo okudingeka kakhulu ekuphileni kwansuku zonke kulezikhathi zenkathazo. Ngaphezu kwalokho, linikeza ukuthula kwengqondo kweqiniso njengoba lisitshela ukuthi kungani izimo zizimbi kangaka nokuthi ikusasa liphetheni. Okubaluleke kakhulu, liyokwenza uthuthukise uthando lweqiniso ngoNkulunkulu, ngenxa yokuthi “ungumvuzi walabo abamfunayo.”—Heberu 11:6.
41 OFakazi BakaJehova ngenjabulo nangenkululeko bayonikela ngesikhathi sabo ukuze bakusize ufunde okwengeziwe ngamalungiselelo kaNkulunkulu okuphila ezweni lakhe elisha. Ngokungangabazeki futhi, kuneminye imibuzo onayo ngoNkulunkulu nangeBhayibheli. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukuxoxa nawe ngayo ekhaya lakho, ngokusuka eBhayibhelini lakho. Khona-ke, kunokulandela inkambo yokuzibusa yokuphila noma ukuthembela ekucabangeni kwabantu abangaphelele, uyoqondiswa ulwazi olungcono kakhulu olukhona namuhla. Ngakho-ke, lapho sisekhona isikhathi uyakhuthazwa ukuba wenze njengoba iseluleko esiphefumlelwe eZwini likaNkulunkulu sisho: “Zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, . . . ngokuba uyanikhathalela [“unendaba nani,” NW].”—1 Petru 5:6, 7.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngaphandle kokuba kuboniswe ngenye indlela, inguqulo yeBhayibheli esetshenzisiwe, yiBhayibheli lesiZulu elivamile. Lapho kunoNW, kubonisa ukuthi ihunyushwe eBhayibhelini lesiNgisi iNew World Translation of the Holy Scriptures.
b ITimes yaseNew York kaNovember 6, 1972, k. 5.
c Environmental Ethics, eyabhalwa nguDonald R. Scoby, 1971, k. 17.
d IPost yaseNew York kaMarch 30, 1974, k. 35.
[Imibuzo Yesifundo]
1, 2. (a) Ingabe imibuzo ebekwe esigabeni sokuqala iyimibuzo oke wayibuza? (b) Yiziphi izimo ezibangela abantu ukuba babuze imibuzo enjalo?
3. Kungani kunengqondo ukuba umuntu akwazi ukuthola izimpendulo kulemibuzo?
4. Ubani osesimweni esingcono kakhulu sokusitshela ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi?
5. Ingabe kunengqondo ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu wabhala iBhayibheli? (2 Petru 1:21; Habakuki 2:2)
6. Umlando weBhayibheli uhlehla uze ufinyelele emuva kangakanani, ngakho ikuphi ukwaziswa elingasinikeza khona? (Luka 1:1-4; phawula uLuka 3:23-38.)
7. Uma kwenziwa ububi, ubani okufanele asolwe?
8. Ikuphi ukuziphikisa okuba khona uma sibeka uNkulunkulu icala ngokubi?
9. Ingabe kunengqondo ukuthi uNkulunkulu akekho ngenxa nje yokuthi abantu benza izinto ezingalungile? (Isaya 45:18)
10. Ingxenye enkulu yecala kufanele iye kubani ngobubi?
11. Njengoba abefundisi bethandazela amabutho ezizwe zakubo, ingabe kufanele kusolwe uNkulunkulu ngezimpi ezilwiwa yilawomabutho? (Isaya 1:15; IzAga 28:9)
12. Kungani abefundisi benkolo bebizwa ngokuthi “abazenzisi” eBhayibhelini? (Mathewu 15:7-9)
13. (a) Ngakho-ke ingabe kufanele kusolwe uNkulunkulu uma abantu, ngisho nabaholi benkolo, benza okungalungile? (b) Nokho, imiphi imibuzo esengabuzwa?
14. Chaza isiqalo uNkulunkulu asinikeza abazali bethu bokuqala. (Genesise 1:26-31; 2:7-9, 15)
15. Kusho ukuthini ukuphelela kobuntu, futhi akusho ukuthini?
16. Ukukhululeka kwesintu kwakulungiselelwe ukuba kusebenze kangcono ngaphakathi kwamiphi imingcele? (1 Petru 2:16)
17. Isiphi esinye isizathu esibalulekile esenza abantu badinge ukuncika kuNkulunkulu? (IHubo 146:3; Jeremiya 17:5-9)
18. Yini eyonakala ngokuqondene nabazali bethu bokuqala? (Jakobe 1:14, 15; IHubo 36:9)
19. Kungani lonke uhlanga lwesintu lwazalwa lungaphelele? (Roma 5:12)
20. Kungenzeka kanjani ukuba amaphutha abantu abambalwa aphumele ekulimaleni kwabaningi kangaka?
21. Kungani uNkulunkulu asifeza isigwebo sakhe sokufa, kodwa nokho isihe sakhe sabonakaliswa kanjani?
22. Ubani futhi onecala elikhulu ngobubi? (Mathewu 4:1-11; Efesu 6:12)
23, 24. Kungani izimpikiswano zazizothatha isikhathi eside ukuba zixazululwe?
25. Naphezu kokuthuthuka ngokwezinto ezibonakalayo, ingabe ukungathembeli komuntu kuNkulunkulu kumlethele ukuthula kweqiniso nenjabulo?
26. Isikhathi esiye savunyelwa siye sembulani ngokungathembeli komuntu kuNkulunkulu? (IHubo 127:1)
27. Lukhulu kangakanani ushintsho uNkulunkulu aluhlosile? (IzAga 2:21, 22; Roma 16:20)
28. IBhayibheli lisibiza ngokuthini isikhathi esiphila kuso, futhi ngani? (2 Thimothewu 3:1-5, 12, 13; Mathewu 24:3-14)
29. Sazi kanjani ukuthi ukuphela kwalesimiso kuseduze?
30. Kuyokwenzekani kuzo zonke izimiso zokubusa kwabantu manje ezibusa umhlaba? (Zefaniya 3:8; Isaya 1:28)
31. Imuphi uhulumeni uNkulunkulu ayowunikeza sonke isintu? (Mathewu 6:9, 10)
32. Ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, ukuthula kuyoba kukhulu kangakanani? (Isaya 2:2-4)
33. Umhlaba uyoba naluphi ushintsho?
34. Ikuphi ukwelashwa okungokomzimba okuyokwenziwa?
35, 36. Abantu abafileyo bayonikezwa kanjani ithuba lokuphila ezweni likaNkulunkulu elisha? (Johane 5:28, 29; Luka 7:11-15)
37. Kungani kungathiwa uNkulunkulu uyokwenza okungaphezu kokupholisa amanxeba anoma ikuphi ukuphatheka kabi abantu abaye bakuthola ngokungafanele?
38. Luhlobo luni lwabantu uNkulunkulu alufunayo ezweni lakhe elisha? (IHubo 37:37, 38)
39. Uma ufuna ukuphila okuphakade, ikuphi ukufuna okufanele ukwenze? (IzAga 2:1-6)
40. IBhayibheli linikeza ziphi izinzuzo ezengeziwe manje? (2 Thimothewu 3:16, 17)
41. Iluphi usizo oFakazi BakaJehova abayokunikeza lona mahhala?
[Ishadi ekhasini 22]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
KONKE ESIZUKULWANENI ESISODWA
1914
IZIMPI ZOMHLABA
INDLALA ENKULU
UBHADANE LWEZIFO
UBUGEBENGU BOBUDLOVA
UKUNGCOLA OKUSEMHLABENI
Ukuphela Kwale-simiso
[Isithombe ekhasini 6]
Uma kubekwa uNkulunkulu icala ngobumpofu nokungcola kwabantu . . .
[Isithombe ekhasini 7]
. . . Ubani okufanele abongwe ngobuhle bomhlaba namasimu awo akhiqizayo?
[Isithombe ekhasini 9]
Umhlaba ukuhlomele kangcono kakhulu ukusekela ukuphila kunanoma iyiphi indlu
[Isithombe ekhasini 9]
Njengoba indlu ngayinye inomakhi, kangakanani-ke ngomhlaba!
[Isithombe ekhasini 13]
IBhayibheli liyabonisa ukuthi injongo kaNkulunkulu kwakuwukwenza wonke umhlaba ube ipaki elihle, ipharadesi, ukuze abantu bawujabulele phakade
[Isithombe ekhasini 14]
Uma ifeni ikhishwa emthonjeni wayo wamandla, ihamba kancane bese ima. Ngokufanayo, lapho isintu siphuma kuNkulunkulu, kwaphumela ekuwohlokeni
[Isithombe ekhasini 16]
Lapho isici esincane sokulondeka singanakwa, ngisho nedamu elikhulu lingaqhuma. Lapho abazali bethu bokuqala beqa umthetho kaNkulunkulu, isikhukhula sobubi nokuhlupheka saqala
[Isithombe ekhasini 19]
Icala enkantolo lingathatha amasonto amaningi ngisho noma kuhileleke abantu ababili kuphela. Izimpikiswano ezihilela ukubusa kukaNkulunkulu kufanele zixazululwe ngokuphelele, phakade, futhi lokhu kudinga isikhathi esanele
[Isithombe ekhasini 24]
Ngeke zibe khona izimpi ezweni likaNkulunkulu elisha, njengoba “uphelisa izimpi”
[Isithombe ekhasini 25]
Abantu abasoze futhi bahlushwa indlala
[Isithombe ekhasini 25]
Umhlaba uyokhiqiza inala ngesibusiso sikaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 26]
Abantu abadala bayobuyiselwa ubungqabavu bobusha nempilo ephelele
[Isithombe ekhasini 27]
Bonke abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayobuyiselwa ekuphileni bahlanganiswe nabathandekayo babo
[Isithombe ekhasini 29]
Ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, ukuphila kuyoba injabulo kangangokuthi kuyoba ngaphezu nje kokupholisa amanxeba okungaphathwa kahle esiye sabhekana nakho ngokungafanele manje
[Isithombe ekhasini 31]
Uma ukuphila endaweni ethokozisayo kuphiwana ngakho, ubungenakufuna yini ukwazi ukuthi ungakufanelekela kanjani? Izwe likaNkulunkulu elisha linikeza okungaphezu kwalokho, kodwa kufanele sibe nesikhathi sokufunda ukuthi singakufanelekela kanjani