Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • “Okwambuliweyo Kungokwethu”
    INqabayokulinda—1986 | Meyi 15
    • Izimfihlakalo ZikaJehova Ezambuliweyo

      3. Iziphi izambulo zenjongo yakhe uJehova azenza kuAdamu noEva?

      3 Ngokujabulisayo, uJehova ubelokhu ekhululeke kakhulu ekwambuleni ulwazi. Kusukela esikhathini sokudala, uNkulunkulu kancane kancane uye wanikeza abakhulekeli bakhe konke ukwaziswa abakudingayo ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene. (IzAga 11:9; UmShumayeli 7:12) Ekuqaleni, wachaza ukuthi uAdamu noEva nenzalo yabo bebeyobusa phezu komhlaba nezilwane zawo. (Genesise 1:28, 29) Nokho, uSathane wathonyela uAdamu noEva esonweni, futhi kwaba nzima ukubona indlela injongo yaphezulu eyayingafezeka ngayo kube inkazimulo kuNkulunkulu. Nokho, ngokushesha uJehova waqala ukuchaza izindaba. Wembula ukuthi, ngesikhathi esifanele, kwakuyovela “inzalo” yokulunga eyayiyoqeda imisebenzi kaSathane nabalandeli bakhe.—Genesise 3:15.

      4, 5. Iziphi ezinye izambulo uJehova azenza, futhi obani ababeyimizila ayeyisebenzisa?

      4 Kumelwe ukuba amadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu baba nemibuzo eminingi ngaleyoNzalo. Yayiyoba ubani? Yayiyofika nini? Yayiyosizuzisa kanjani isintu? Njengoba kwakudlula amakhulu eminyaka, uJehova wanikeza izambulo ezengeziwe ngezinjongo zakhe, futhi ekugcineni wayiphendula yonke lemibuzo. Ngaphambi kukaZamcolo, waphefumlela uEnoke ukuba aprofethe ngokubhujiswa okuzayo kwenzalo kaSathane. (Juda 14, 15) Cishe eminyakeni eyizi-2 400 ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, wanikeza uNowa isambulo sokuthi ukuphila negazi lomuntu kungcwele—iqiniso elalizoba nokubaluleka okuvelele lapho kufika iNzalo ethenjisiwe.—Genesise 9:1-7.

      5 Ngemva kosuku lukaNowa, uJehova wembula ulwazi olubalulekile ngokusebenzisa ezinye izinzalamizi ezithembekile. Ekhulwini lama-20 B.C.E., uAbrahama wathola ukuthi iNzalo ethenjisiwe yayiyoba omunye wabazukulu bakhe. (Genesise 22:15-18) Lesithembiso saba okuthile okuyigugu kwendodana ka-Abrahama ulsaka nomzukulu wakhe uJakobe (kamuva owabizwa ngokuthi uIsrayeli). (Genesise 26:3-5; 28:13-15) Khona-ke, ngoJakobe, uJehova wembula ukuthi leNzalo, “uShilo,” yayiyoba umbusi onamandla ozalwe ohlwini lwendodana yakhe uJuda.—Genesise 49:8-10, qhathanisa neNW.

  • “Okwambuliweyo Kungokwethu”
    INqabayokulinda—1986 | Meyi 15
    • 7, 8. (a) Ikuphi okunye ukwaziswa okwengeziwe uJehova akwembula ngeNzalo eyayiza? (b) Kwalondolozwa kanjani “okwambuliweyo,” futhi ubani owembula ukuqondwa okufanelekile kwezinto ezinjalo?

      7 Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wenza izambulo eziningi ngeNzalo. Ngomhubi, uNkulunkulu wembula ukuthi izizwe zaziyoyenqaba iNzalo yakhe kodwa iNzalo yayiyonqoba ngosizo lukaJehova. (IHubo 2:1-12) NgoIsaya, wembula ukuthi leNzalo yayiyoba “iNkosi yokuthula” kodwa futhi nokuthi yayiyohlupheka ngenxa yezono zabanye. (Isaya 9:6; 53:3-12) Ngekhulu lesishiyagalombili B.C.E., uJehova waze wembula ngisho nendawo okwakuzozalelwa kuyo leNzalo, futhi ekhulwini lesithupha B.C.E., wembula uhlelo lwezikhathi zenkonzo yakhe.—Mika 5:2; Daniyeli 9:24-27.

  • “Okwambuliweyo Kungokwethu”
    INqabayokulinda—1986 | Meyi 15
    • 11, 12. Iziphi ezinye izambulo ezimangalisayo ezenziwa ngalomzila omusha?

      11 Iqiniso eliyinhloko ‘lalezimfihlakalo’ laliwukuthi uJesu Kristu, iNzalo ethenjisiwe, wayesevelile. (Galathiya 3:16) UJesu ‘wayewuShilo,’ lowo onelungelo lokubusa isintu, futhi uJehova wammisa njengeNkosi yoMbuso ekugcineni owawuyobuyisela iPharadesi kulomhlaba. (Isaya 11:1-9; Luka 1:31-33) UJesu futhi wayewumPristi oMkhulu omiswe uJehova, owanikela ngokuphila kwakhe okumsulwa, okuphelele njengesihlengo sesintu—ukusetshenziswa okumangalisa kakhulu kwesimiso sobungcwele begazi. (Heberu 7:26; 9:26) Kusukela lapho, isintu esikholwayo sasinethemba lokuzuza lokho kuphila kobuntu okuphelele okwalahlwa uAdamu.—1 Johane 2:1, 2.

      12 Futhi leNzalo ethenjisiwe yayiwumlamuleli, yenza isivumelwano esisha esathatha indawo yesivumelwano soMthetho esidala sasebenza phakathi kwabalandeli bayo noYise wasezulwini. (Heberu 8:10-13; 9:15) Ngesisekelo salesivumelwano esisha, ibandla lobuKristu elalisacathula lathatha indawo yesizwe sikaIsrayeli engokwenyama, laba uIsrayeli ongokomoya, “inzalo ka-Abrahama” engokomoya kanye noJesu, nabaphathi ‘bokwambuliweyo.’ (Galathiya 3:29; 6:16; 1 Petru 2:9) Ngokungaphezulu—okuthile amaJuda ayengakucabangi—abeZizwe bamenywa ukuba babe yingxenye yalowoIsrayeli omusha ongokomoya! (Roma 2:28, 29) AmaIsrayeli angokomoya angamaJuda nangewona amaJuda athunywa ndawonye ukuba enze abafundi bakaJesu kuwo wonke umhlaba. (Mathewu 28:19, 20) Ngalokho, “okwambuliweyo” kwaba yinto yezizwe zonke.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela