Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Yilindele KuJehova Induduzo
    INqabayokulinda—1996 | Novemba 1
    • 5 Ngalendlela, umbhangqwana onesono waqala ukufa. Lapho ekhipha isigwebo sokufa, uNkulunkulu wathi futhi ku-Adamu: “Umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho. Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle.” (Genesise 3:17, 18) Ngakho u-Adamu no-Eva balahlekelwa ithuba lokwenza umhlaba owawungalinyiwe ube ipharadesi. Njengoba base bexoshiwe e-Edene, kwakumelwe bazikhandle bezama ukuthola ukudla emhlabathini owawuqalekisiwe. Njengoba inzalo yabo yayisizuze njengefa lesi simo sokona nesokufa, yaba nesidingo esikhulu senduduzo.—Roma 5:12.

  • Yilindele KuJehova Induduzo
    INqabayokulinda—1996 | Novemba 1
    • 8 Injongo kaJehova yaba ukubhubhisa lelozwe elibi ngozamcolo wendawo yonke, kodwa waqale wayala uNowa ukuba akhe umkhumbi wokulondoloza ukuphila. Ngaleyo ndlela, abantu nezilwane basindiswa. Yeka indlela uNowa nomkhaya wakhe okumelwe ukuba bazizwa bekhululeke ngayo ngemva kukaZamcolo njengoba bephuma emkhunjini bephumela emhlabeni ohlanziwe! Yeka indlela okwaduduza ngayo ukuthola ukuthi isiqalekiso emhlabeni sase sisusiwe, okwenza umsebenzi wokulima waba lula kakhulu! Ngempela, isiprofetho sikaLameka sabonakala siyiqiniso, futhi uNowa waphila ngokuvumelana nencazelo yegama lakhe. (Genesise 8:21) Njengenceku kaNkulunkulu ekholekile, uNowa wasetshenziswa ekuletheni isilinganiso esithile ‘senduduzo’ esintwini. Nokho, ithonya elibi likaSathane nezingelosi zakhe ezingamademoni alizange liphele ngoZamcolo, futhi isintu siyaqhubeka sibubula ngaphansi komthwalo wesono, ukugula, nokufa.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela