Amathemba Epharadesi Asekhona Naphezu Kokungalaleli Kwesintu
1. Njengoba isikhathi sesidlulile, indoda nowesifazane bokuqala bakuphi futhi endaweni enjani?
ISIKHATHI sesidlulile. Indoda nowesifazane bokuqala abasahambi-ze ngobumsulwa. Sebembethe—bembethe izambatho ezinde zesikhumba sesilwane. Bangaphandle nje kwesango eliya ensimini ephelele yase-Edene. Bayifulathele insimu. Babheka umhlaba ophambi kwabo. Babona umhlaba ongalinyiwe kuphela. Ngokucacile awunaso isibusiso sikaNkulunkulu. Phambi kwabo kubonakala ameva namakhakhasi. Akuwona yini lona umhlaba ababethunywe ukuba bawunqobe? Yebo, kodwa indoda nowesifazane bokuqala abekho lapho manje ngenjongo yokwandisela insimu yase-Edene ezweni elinjalo elingalinyiwe.
2. Kungani lendoda nowesifazane bengazami ukuphinda bangene ensimini eyiPharadesi?
2 Njengoba bebona okwehluke kanjena, kungani bengaphenduki futhi baphinde bangene ensimini eyiPharadesi? Kulula ukusho kanjalo, kodwa bheka ukuthi yini esemva kwabo endleleni engena ensimini. Izidalwa abangakaze bazibone ngaphambili, ngisho nangaphakathi ensimini, amakherubi, nenkemba evuthayo eziphendukelayo njalonjalo. Lendoda nowesifazane abasoze bakwazi ukudlula lapho bephila bangene ensimini!—Genesise 3:24.
3. Yini eyenzekile eziguqule ngokuphawuleka kangaka izimo zombhangqwana wokuqala?
3 Kwenzekeni? Akuyona imfihlakalo eyinkimbinkimbi kangangokuthi ingadida isayensi izinkulungwane zeminyaka. Kuchazwe kalula. Indoda nowesifazane bokuqala babeyobona amathemba amangalisayo ukuthunywa kwabo uNkulunkulu okwakuwabeke phambi kwabo ngosuku lwabo lomshado kodwa ngombandela wokuthi bayolalela uYise wasezulwini ngisho nasendabeni encane. Ukulalela kwabo okuphelele kwakuzovivinywa ngokunqatshelwa kokudla okukodwa: Akumelwe basidle isithelo ‘somuthi wokwazi okuhle nokubi.’ (Genesise 2:16, 17) Uma babenza kanjalo ngokuphambene nemiyalo kaNkulunkulu, babeyokufa nokufa. Yilokho uAdamu, njengomprofethi kaNkulunkulu, akutshela umkakhe, isidalwa esingumuntu esincane. Kodwa ngokumangalisayo, leyona·chashʹ, leyonyoka, yabuphika ubuqiniso balokho uNkulunkulu ayekutshele uAdamu ekuxwayiseni kwaKhe ngokudla ‘emthini wokwazi okuhle nokubi’ owenqatshelwe. Inyoka yakhohlisa owesifazane ukuba akholelwe ukuthi ukwephula umthetho kaNkulunkulu nokudla isithelo esenqatshelwe kwakuyophumela ekubeni kwakhe njengoNkulunkulu futhi kumenze akhululeke ekuqondisweni uNkulunkulu ekunqumeni ukuthi yini elungile nokuthi yini engalungile.—Genesise 3:1-5.
Akuwona Umlando Oyinganekwane
4, 5. Umphostoli uPawulu ukubonisa kanjani ukuthi ukulandisa ngokukhohlisa kwenyoka owesifazane wokuqala kwakungeyona inganekwane?
4 Ingabe akukholeki? Ingabe kuzwakala kufana nenganekwane, umlando oqanjiwe ongasekelwe emaqinisweni ngakho ongamukeleki ezingqondweni ezikhanyiselwe zabantu abadala besimanje? Cha, akunjalo kumbhali ozincwadi zakhe zisafundwa kabanzi, umbhali othembekile, umphostoli okhethwe ngokukhethekile, owayekwazi ukushaya emhloleni kwalokho ayekubhala. Ebhalela ibandla lamaKristu angabantu abadala emzini waseKorinte owawuhlakaniphile ngokwezwe, lomphostoli uPawulu wathi: “Nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa uEva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.”—2 Korinte 11:3.
5 UPawulu wayengeke abhekisele enganekwaneni, ensumansumaneni, futhi asebenzise into enjalo eqanjiwe ukuze aveze iphuzu lakhe kulawomaKorinte, ayejwayelene kahle kakhulu nezinganekwane zenkolo yamaGreki yobuqaba. Ecaphuna emiBhalweni yesiGreki ephefumlelwe, athi ‘iyizwi likaNkulunkulu,’ umphostoli uPawulu waqinisekisa ukuthi “inyoka yamkhohlisa uEva ngobuqili bayo.” (1 Thesalonika 2:13) Ngaphezu kwalokho, lapho ebhalela umbonisi ongumKristu owayephathiswe umsebenzi wokufundisa “isibonelo samazwi aphilayo,” umphostoli uPawulu wathi: “UAdamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho uEva. Futhi uAdamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka.”—2 Thimothewu 1:13; 1 Thimothewu 2:13, 14.
6. (a) Ukona kuka-Adamu kuNkulunkulu kwahluka kanjani kulokho kowesifazane? (b) Kungani singaqiniseka ngokuthi owesifazane wayengaqambi indaba engekho ngenyoka?
6 Ukukhohliswa kowesifazane inyoka kuyiqiniso, akuyona inganekwane, njengoba nje nemiphumela yokudla kwakhe ngokungalaleli isithelo esenqatshelwe ingamaqiniso omlando abuhlungu. Ngemva kokona kanjalo kuNkulunkulu, wanxenxa umyeni wakhe ukuba ahlanganyele naye ekudleni, kodwa ukudla kwakhe kwakungengenxa yokuthi naye wayekhohlisiwe. (Genesise 3:6) Indaba yokulandisa kwabo kamuva kuNkulunkulu ithi: “UAdamu wathi: Owesifazane, owangipha yena ukuba abe-nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla. UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: Yini lokhu okwenzileyo na? Owesifazane wathi: Inyoka ingikhohlisile, ngadla.” (Genesise 3:12, 13) Lona wesifazane wayengaqambi indaba engekho ngaleyona·chashʹ, leyonyoka, futhi uJehova uNkulunkulu akazange abheke incazelo yakhe njengengamanga, insumansumane. Wasebenzelana naleyonyoka njengeyayibe ithuluzi ekukhohlisweni komuntu wesifazane ukuba one kuYe, uNkulunkulu noMdali wakhe. Kwakungaba ukuzehlisa isithunzi ngoNkulunkulu ukusebenzelana nenyoka yasenganekwaneni.
7. (a) Ukulandisa kweBhayibheli kukuchaza kanjani ukwahlulela kukaNkulunkulu inyoka? (b) Inyoka eyakhohlisa owesifazane wokuqala ingasikhohlisa kanjani nathi? (Hlanganisa nokukhulumela okusembhalweni waphansi.)
7 Kuchaza ukuyahlulela kukaNkulunkulu leyonyoka ensimini yase-Edene, ukulandisa kuthi: “UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” (Genesise 3:14, 15) Noma iyiphi inkantolo enengqondo ehluzekile isebenza ngamaqiniso futhi ihlunge ubufakazi bangempela, hhayi izinganekwane. UJehova uNkulunkulu wayengesona isiphukuphuku, isilima, ngokukhipha isigwebo sakhe enyokeni eyinganekwane kodwa wayekhipha isahlulelo esidalweni sangempela esasikhona, nesasinecala. Ngeke kube okuhlekisayo, kodwa kungaba okudabukisayo uma yona kanye leyonyoka ingasikhohlisa isenze sicabange ukuthi ayizange ibe khona, ukuthi yayimane nje iyinganekwane, ukuthi yayingenacala nganoma yini eyayingalungile emhlabeni.a
8. Isiphi isahlulelo uNkulunkulu asikhipha kowesifazane, namiphi imiphumela emadodakazini nakubazukulu bakhe besifazane?
8 Uyibheka njengeyiqiniso inkulumo yowesifazane ehilela inyoka, umlando oqondene nomfazi walendoda uthi: “Wathi kowesifazane: Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba-sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” (Genesise 3:16) Akukho lutho olunjengalolu olwaluhlanganiswe esibusisweni sikaNkulunkulu ekushadeni kwakhe noAdamu lapho uNkulunkulu ethi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba.” (Genesise 1:28) Lokho kuthunywa okubusisekile kombhangqwana wabantu ophelele kwabonisa ukukhulelwa okuningi ngalona wesifazane kodwa akubonisanga kukhandleka okungadingekile nezinhlungu zokubeletha ezidlulele futhi akubonisanga kucindezelwa kwakhe umyeni wakhe. Lesisahlulelo esashiwo kowesifazane ongumoni sasiyothinta amadodakazi akhe nabazukulu bakhe besifazane izizukulwane ngezizukulwane.
Umthetho KaNkulunkulu Wakhuliswa Isigwebo Esakhishwa KuAdamu
9, 10. (a) Isiphi isixwayiso uNkulunkulu ayesinike uAdamu ngokuqondile, futhi yini eyayiyoba imiphumela ukuba uNkulunkulu wayenamathele esigwebweni esinjalo? (b) Isiphi isahlulelo uNkulunkulu asikhipha kuAdamu?
9 Nokho, iziphi izimo ezishintshile owesifazane ayezozihlanganyela nendoda ayeyinxenxe ukuba ihlanganyele naye ekoneni? Kulendoda, uNkulunkulu wayesho lokhu ngokuqondile: “Kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” (Genesise 2:17) Ingabe uNkulunkulu, uMahluleli, wayeyobambelela esigwebweni esiwujuqu kanjalo ngenxa nje yokudla kuka-Adamu ucezu lwesithelo? Cabanga ukuthi ukukhishwa kwalesosijeziso kwakuyosho ukuthini! Sona ngokwaso sasiyolibhubhisa lelothemba elivusa amadlingozi uAdamu noEva ababelijabulele ngosuku lwabo lomshado, ithemba lokugcwalisa wonke umhlaba ngenzalo yabo, nohlanga lwesintu oluphelele luhlala phakade ngokuthula emhlabeni oyipharadesi lulusha njalo, lunobuhlobo bokuthula noNkulunkulu walo uYise wasezulwini! Ngokuqinisekile, uNkulunkulu wayengeke ayenze ibhuntshe injongo yakhe siqu enhle ngesintu nangekhaya lomuntu lasemhlabeni ngokuphoqelela isigwebo sokufa kubazali bokuqala abangabantu baso sonke isintu! Kodwa lalela isimemezelo sasezulwini njengoba silotshwe ngokucacile ekulandiseni kweBhayibheli:
10 “Wayesethi kuAdamu: Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowomuthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho. Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle. Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”—Genesise 3:17-19.
11. Imaphi amaqiniso ngokuqondene nokulalela abonisa ukufaneleka kwesahlulelo sikaNkulunkulu kuAdamu?
11 Lesisahlulelo sasho ukukhishwa kwesijeziso sokufa kumuntu kungakhathaliseki ukuthi iba yini imiphumela enjongweni kaNkulunkulu yokuba nomhlaba oyipharadesi ogcwele amadoda nabesifazane abaphelele abahleli ndawonye ngothando nangokuthula futhi beyilima beyinakekela kuze kube-phakade insimu eyiPharadesi lomhlaba wonke. Umuntu wayelalele izwi lomkakhe esikhundleni sokulalela izwi likaNkulunkulu elalimtshele ukuba angadli ‘emthini wokwazi okuhle nokubi’ owenqatshelwe. Futhi uma yena ngokwakhe engazange alilalele izwi likaNkulunkulu noMdali wakhe, wayeyobafundisa yini abantwana bakhe ngokuphindaphindiwe ukuba benze kanjalo? Isibonelo sakhe siqu sasingaba yini usizo ekubafundiseni ukulalela uJehova uNkulunkulu?—Qhathanisa neyoku-1 Samuweli 15:22.
12, 13. (a) Isono sika-Adamu sasiyobathinta kanjani abantwana bakhe? (b) Kungani kwakungamfanele uAdamu ukuphila phakade ePharadesi noma ngisho nasemhlabeni?
12 Ingabe abantwana baka-Adamu babeyokwazi ukugcina umthetho kaNkulunkulu ngokuphelele, njengoba yena ngokwakhe ekupheleleni kobuntu ake akwazi ukukwenza? Ngokusebenza kwemithetho yofuzo, wayengeke yini adlulisele kubantwana bakhe ubuthaka nokuthambekela kwakhe kokungalilaleli izwi likaNkulunkulu futhi alalele elinye izwi? Umlando oyiqiniso unikeza izimpendulo zalemibuzo.—Roma 5:12.
13 Ingabe umuntu onjalo, ngenxa nje yesidalwa esingumuntu, owaphambuka ekumlaleleni ngokuphelele uNkulunkulu ngokubonakalisa uthando oluphelele ngoNkulunkulu wayefanelwe ukuphila phakade ePharadesi noma ngisho nasemhlabeni? Ingabe kwakungaba ngisho nawokulondekile ukumvumela ukuba aphile emhlabeni phakade? Ingabe ukuvunyelwa kwakhe ukuba aphile phakade emhlabeni esonweni sakhe kwakuyowukhulisa umthetho kaNkulunkulu futhi kubonise ukwahlulela kwakhe ngokulunga okuphelele, noma ingabe kwakuyofundisa ukungawuhloniphi umthetho kaNkulunkulu futhi kusikisele ukuthi izwi likaNkulunkulu alinakwethenjelwa?
Ukuxoshwa Ensimini Yase-Edene
14. Umlando weBhayibheli ukuchaza kanjani ukuthatha kukaNkulunkulu isinyathelo ngokumelene noAdamu nomkakhe?
14 Umlando weBhayibheli uyasitshela ukuthi uNkulunkulu wazinquma kanjani lezindaba: “UJehova uNkulunkulu wabenzela uAdamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa. UJehova uNkulunkulu wathi: Bheka, Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube-phakade. UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwé kuwo. Wamxosha uAdamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.”—Genesise 3:21-24.
15. (a) UNkulunkulu wakubonisa kanjani ukuwucabangela umuzwa wamahloni uAdamu nomkakhe ababa nawo ngokuba-nqunu? (b) Umbhangqwana wokuqala waxoshwa kanjani ensimini yase-Edene? (c) Iziphi izimo ezishintshile uAdamu nomkakhe ababebhekene nazo ngaphandle kwensimu yase-Edene?
15 UMahluleli waphezulu wabonisa ukucabangela ngomuzwa wamahloni izoni uAdamu nomkakhe ezaba nawo ngokuba nqunu. Ngendlela ethile engashiwongo, wabenzela izambatho ezinde zezikhumba esikhundleni sezembozo zasokhalweni ezenziwe ngamahlamvu omkhiwane athungiwe ababezenzele zona. (Genesise 3:7) Izambatho zesikhumba zaziyohlala isikhathi eside futhi zibanikeze isivikelo esengeziwe emeveni nasemakhakhasini nakwezinye izinto ezilimazayo ezingaphandle kwensimu yase-Edene. Ngenxa yokuba nonembeza abalimele ngemva kokona, babezame ukucasha phambi kukaNkulunkulu phakathi kwemithi yasensimini yase-Edene. (Genesise 3:8) Manje, ngemva kokuba begwetshiwe, bezwa uhlobo oluthile lokucindezela kwaphezulu ngokuxoshwa ensimini nguNkulunkulu. Baxoshwa bayiswa ngasempumalanga, futhi ngokushesha bazithola bengaphandle kwensimu, bexoshwe phakade kuyo. Babengasenakusebenza ukuze bayandise leyonsimu futhi banwebele izimo zayo zePharadesi emaphethelweni omhlaba. Kusukela manje kuya phambili, babezodla isinkwa esenziwe ngezitshalo zasemasimini, kodwa sasingeke sibasekele kuze kube phakade ekuphileni kobuntu. Babesusiwe ‘emthini wokuphila.’ Ngemva kwesikhathi esithile—esingakanani?—kumelwe bafe!
Injongo KaJehova Yokuqala Ayinakwehlulwa
16. Yini uNkulunkulu ayengajonganga ukuyenza, futhi ngani?
16 Ingabe manje uNkulunkulu wanquma ukuwubhubhisa umhlaba, kanye nenyanga nelanga nezinkanyezi, kukhukhulela-ngoqo wendawo yonke ngenxa yalezidalwa ezimbili zothuli ezonile kuye? Uma wayengenza into enjalo, lokhu kwakungeke yini kusho ukuthi wehluliwe enjongweni yakhe ekhazimulayo, ngenxa nje yalokho ina·chashʹ eyakuqalisa? Ingabe inyoka nje yayingayibhidliza yonke injongo kaNkulunkulu? Wayeyichazile injongo yakhe kuAdamu noEva ngosuku lwabo lomshado lapho ebabusisa futhi ebatshela ukuthi iyini injongo yakhe ngabo: Ukugcwalisa wonke umhlaba ngohlanga lwesintu oluphelele, wonke umhlaba ulethwa ekupheleleni kwensimu yase-Edene, naso sonke isintu sibusa ngokuthula zonke izidalwa eziphansi ezisemhlabeni nasemanzini awo. Umbono ohlaba umxhwele wenjongo kaNkulunkulu efeziwe, emalungiselelo ayo wawenza ngezinsuku eziyisithupha zokudala esikhathini esiyiminyaka eyizinkulungwane! Ingabe manje lenjongo etusekayo kwakumelwe ishiywe ingafezekanga ngenxa nje yenyoka nokungalaleli kombhangqwana wokuqala ongabantu? Lutho neze!—Qhathanisa noIsaya 46:9-11.
17. Yini uNkulunkulu ayezimisele ukuyenza ngokuqondene nosuku lwesikhombisa, futhi ngalesosizathu lolusuku luyophela kanjani?
17 Kwakusewusuku lokuphumula, usuku lwesikhombisa, lukaJehova uNkulunkulu. Wayezimisele ukulubusisa nokulwenza lube ngcwele. Wayengeke avumele lutho ukuba lulwenze lube usuku oluqalekisiwe, futhi noma isiphi isiqalekiso esasiyocetshwa yinoma ubani ukuba sehlele lolusuku lwakhe lokuphumula wayeyosivimba futhi asenze sibe isibusiso, enze lolosuku lugcine lubusisiwe. Kwakuyoshiya wonke umhlaba uyindawo engcwele, nentando kaNkulunkulu yenziwa lapha emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini, futhi lokhu kwenziwa uhlanga lwabantu abaphelele.—Qhathanisa noMathewu 6:10.
18, 19. (a) Kungani inzalo ehluphekayo yombhangqwana wokuqala ongabantu ingajabula? (b) Ziyoxoxa ngani izinhlu ezilandelayo zeNqabayokulinda?
18 UNkulunkulu akazizwanga ekhungathekile. Akazange ayilahle injongo yakhe. Wazimisela ukuzilwela njengongethenjwa ngokugcwele kokubili ozimisela injongo futhi akwenze ngokugcwele lokho akujongile, lonke udumo luye kuye. (Isaya 45:18) Inzalo engaphelele, ehluphekayo yombhangqwana wabantu wokuqala onesono ingajabula futhi ibheke phambili ekufezeni kukaNkulunkulu ngokwethembeka injongo yakhe yasekuqaleni nezinzuzo ezihlala njalo kuyo. Kakade, sekudlule izinkulungwane zeminyaka yalolusuku lokuphumula, futhi kumelwe ukuthi iseduze ingxenye yokugcina yalolusuku eyoba nesibusiso sakhe esikhethekile. “Ukuhlwa” kosuku lwakhe lokuphumula kuyadlula, futhi njengakuzo zonke izinsuku eziyisithupha zokudala ezandulelayo, ‘ukusa’ kumelwe kufike. Lapho lokhu “ukusa” kufinyelela ukuphelela kwakho futhi kwenza ukuba ukugcwaliseka okukhazimulayo kwenjongo kaNkulunkulu engaguquki kubonakale ngokugcwele kubo bonke ababukele, kuyoba nokwenzeka ukubhala ukuthi: ‘Kwaba ngukuhlwa kwaba-ngukusa, usuku lwesikhombisa.’ Ithemba elimangalisayo ngempela!
19 Konke lokhu kuvusa uhlevane ukucabanga ngakho! Futhi kwezinye izinhlu zeNqabayokulinda, kunokwengeziwe okuyoshiwo ngamathemba ajabulisayo ePharadesi aphambi kwesintu esilalelayo, abathandi bomthetho kaNkulunkulu.
[Umbhalo waphansi]
a KusAmbulo 12:9, uSathane uDeveli ubizwa ngokuthi “inyoka endala”; futhi kuJohane 8:44, uJesu Kristu ukhuluma ngaye ngokuthi ‘uyise wamanga.’
Ubungathini?
◻ Kungani umbhangqwana wokuqala ongabantu walahlekelwa ikhaya lawo eliyiPharadesi?
◻ Kungani sazi ukuthi ukukhohliswa kukaEva inyoka kwakungeyona inganekwane?
◻ Isiphi isigwebo uNkulunkulu asisho kowesifazane?
◻ Isiphi isigwebo uNkulunkulu asisho kuAdamu, futhi kungani lokhu kwakhulisa umthetho kaNkulunkulu?
◻ Kungani uNkulunkulu engazizwanga ekhungathekile ngokuqondene nenjongo yakhe yokuba umhlaba ugcwaliswe ngabantu abaphelele ePharadesi?