-
“UNkulunkulu Wazamukela” Izipho ZaboIndlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
-
-
U-Abela Usifundisa Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova
10. U-Abela wasibekela kanjani isibonelo sokukhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa?
10 U-Abela wenza umnikelo wakhe kuJehova, azi ukuthi kufanele awuqondise kuye kuphela. Umnikelo ka-Abela wawungowezinga eliphezulu—wakhetha “amazibulo athile omhlambi wakhe.” Nakuba kungashiwo ukuthi wawanikela e-altare noma cha, kusobala ukuthi uNkulunkulu wayamukela indlela anikela ngayo isipho sakhe. Kodwa okuphawulekayo ngesipho sika-Abela yisisusa sakhe sokusinikela, okuyisibonelo esisafunda kuso namanje, nakuba sekwadlula iminyaka engu-6 000. U-Abela washukunyiswa ukuba nokholo kuNkulunkulu nokuthanda imithetho kaJehova elungile. Sazi kanjani?
11. Kungani uJesu athi u-Abela wayelungile?
11 Cabanga ngalokho uJesu akusho ngo-Abela, indoda ayeyazi kahle. UJesu wayephila ezulwini lapho u-Abela esemhlabeni. Wayeyithanda le ndodana ka-Adamu. (IzAga 8:22, 30, 31; Joh. 8:58; Kol. 1:15, 16) Ngakho wayesho into azibonela yona ngawakhe lapho ethi u-Abela wayeyindoda elungile. (Math. 23:35) Umuntu olungile ngumuntu ovumayo ukuthi uJehova nguye okufanele asho ukuthi yini elungile nengalungile. Kodwa wenza okungaphezu kwalokho—ubonisa ngamazwi nangezenzo ukuthi uyavumelana naleyo mithetho kaNkulunkulu. (Qhathanisa noLuka 1:5, 6.) Kuthatha isikhathi ukuzakhela idumela lokuba umuntu olungile. Ngakho, ngisho nangaphambi kokuba u-Abela anikele isipho sakhe kuNkulunkulu, kumelwe ukuba wayengumuntu owaziwa ngokuphila ngemithetho kaJehova. Kufanele ukuba kwakungelula lokho. Mancane amathuba okuthi umfowabo omdala wayeyisibonelo esihle kuye—uKhayini wayenenhliziyo embi. (1 Joh. 3:12) Umama ka-Abela akawulalelanga umthetho oqondile kaNkulunkulu, kanti uyise wamvukela uJehova, efuna ukuzinqumela yena ukuthi yini elungile nengalungile. (Gen. 2:16, 17; 3:6) U-Abela wabonisa isibindi ngempela ngokukhetha ukuphila ngendlela ehlukile kuneyomndeni wakhe!
12. U-Abela wayehluke kanjani kuKhayini?
12 Manje, phawula indlela umphostoli uPawulu ahlobanisa ngayo ukholo nokulunga. UPawulu wabhala: “Ngokholo u-Abela wanikela kuNkulunkulu umhlatshelo ongcono kunokaKhayini, futhi ngalolo kholo wafakazelwa ukuthi wayelungile.” (Heb. 11:4) Amazwi kaPawulu abonisa ukuthi, ngokungafani noKhayini, u-Abela washukunyiswa ukholo lwakhe kuJehova nasendleleni yaKhe yokwenza izinto, okuwukholo aba nalo ukuphila kwakhe konke futhi olwalusuka enhliziyweni.
13. Isibonelo sika-Abela sisifundisani?
13 Isibonelo sika-Abela sisifundisa ukuthi uNkulunkulu singamkhonza ngendlela emsulwa kuphela uma sinezisusa ezimsulwa ezinhliziyweni zethu—sinokholo kuJehova futhi sivumelana ngokuphelele nemithetho yakhe elungile. Ngaphezu kwalokho, sifunda ukuthi ukukhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa kudinga okungaphezu kwesenzo esisodwa sokubonisa ukuzinikela. Kuhilela ukuphila kwethu konke nendlela esiziphatha ngayo.
-