Ukulwisana Namandla Esono Enyameni Ebuthaka
“Ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka [komoya, NW] kungukuphila nokuthula.”—ROMA 8:6.
1. Abantu babedalelwe yiphi injongo?
“UNKULUNKULU wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.” (Genesise 1:27) Umfanekiso uwukubonakaliswa kwento ethile noma umthombo wayo. Ngakho, abantu badalwa ukuba babe ukubonakaliswa kwenkazimulo kaNkulunkulu. Ngokubonisa izimfanelo zikaNkulunkulu—ezinjengothando, ubuhle, ubulungisa, nengokomoya—kuyo yonke imizamo yabo, baletha ukubonga nodumo kuMdali, kanye nenjabulo nokwaneliseka kubo.—1 Korinte 11:7; 1 Petru 2:12.
2. Umbhangqwana wabantu wokuqala walugeja kanjani uphawu?
2 Umbhangqwana wabantu wokuqala, owadalwa uphelele, wawuyihlonyiselwe kahle lendima. Njengezibuko ezicwazimuliswe kahle, babekwazi ukubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu ngokukhazimula okukhulu nangokwethembeka. Nokho, bavumela lobobucwazicwazi ukuba bugqwale lapho ngamabomu bekhetha ukungamlaleli uMdali noNkulunkulu wabo. (Genesise 3:6) Kamuva, babengasenakuyibonakalisa ngokuphelele inkazimulo kaNkulunkulu. Basilelwa inkazimulo kaNkulunkulu, belahlekelwa injongo yokuba kwabo abadalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, bona.a
3. Siyini ngempela isono?
3 Lokhu kusisiza ukuba siqonde ukuthi siyini ngempela isono, esonakalisa ukubonakalisa komuntu umfanekiso nenkazimulo kaNkulunkulu. Isono senza umuntu abe ongengcwele, okungukuthi, abe ongahlanzekile nongcolile ngomqondo ongokomoya nowokuziphatha. Sonke isintu, njengoba siyinzalo ka-Adamu no-Eva, sizalelwa kulesosimo esingcolile nesingahlanzekile, siyehluleka ukufeza lokho uNkulunkulu akulindele kuso njengezingane zakhe. Ube yini umphumela? IBhayibheli liyachaza: “Njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.”—Roma 5:12; qhathanisa no-Isaya 64:6.
Amandla Esono Enyameni Ebuthaka
4-6. (a) Abantu abaningi basibheka kanjani isono namuhla? (b) Uyini umphumela wemibono yanamuhla ngesono?
4 Abantu abaningi namuhla abazicabangi njengabangahlanzekile, abangcolile, noma abanesono. Eqinisweni, igama elithi isono liye lashabalala ngokoqobo ohlwini lwamagama olimi lwabantu abaningi. Mhlawumbe bangakhuluma ngamaphutha, ukungacopheleli, nokungacabangi kahle. Kodwa bayakhuluma yini ngesono? Abalokothi! Ngisho nakulabo abathi basakholelwa kuNkulunkulu, “izimfundiso zakhe zihlanganiswe zaba iqoqo lezinkolelo zokuziphatha kunokuba zibe isimiso semithetho yokuziphatha, ‘ukusikisela okungu-10’ kunokuba kube imiyalo engu-10,” kuphawula u-Alan Wolfe, uprofesa wesayensi yezokuhlalisana kwabantu.
5 Uyini umphumela wokucabanga ngalendlela? Ukuphika, noma okungenani ukungakushayi mkhuba ukuba ngokoqobo kwesono. Lokhu kuye kwaveza isizukulwane sabantu esinombono osontekile ngokuphathelene nokulungile nokungalungile, esizizwa sikhululekile ukuzibekela izindinganiso zaso zokuziphatha futhi esingenawo umuzwa wokulandisa kunoma ubani nganoma yini esikhetha ukuyenza. Kubantu abanjalo, ukuzizwa ungenacala kuwukuphela kwesici esinqumayo sokubona ukuthi inkambo ethile ifanele yini noma cha.—IzAga 30:12, 13; qhathanisa noDuteronomi 32:5, 20.
6 Ngokwesibonelo, ohlelweni oluthile lwezingxoxo lwethelevishini, kwamenywa intsha ukuba iveze imibono yayo ngokuphathelene nalokho okubizwa ngokuthi izono ezinkulu eziyisikhombisa.b “Ukuzidla akusona isono,” kusho omunye wayo. “Kumelwe uzizwe ukhululekile.” Ngokuphathelene nobuvila, omunye wathi: “Kuhle ukuba njalo ngezinye izikhathi. . . . Ngezinye izikhathi kuhle ukuphumula futhi uzinike isikhathi sokuba wedwa.” Ngisho nowayephethe lengxoxo wanikeza lokhu kukhulumela okufushane: ‘Izono ezinkulu eziyisikhombisa azizona izenzo ezimbi kodwa, kunalokho, zingamandla abantu aqhubezelayo asembulungeni yonke angase akhathaze futhi ajabulise kakhulu.’ Yebo, umuzwa wecala unyamalale nesono, ngoba, vele, ukuzizwa unecala kuphambene kakhulu nokuzizwa ukhululekile.—Efesu 4:17-19.
7. NgokweBhayibheli, isono sibathinta kanjani abantu?
7 Ngokuphambene kakhulu nakho konke lokhu, iBhayibheli ngokusobala lithi: “Bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Ngisho nomphostoli uPawulu wavuma: “Ngiyazi ukuthi kimi, kungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle; ngokuba intando ikhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho, ngokuba okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza.” (Roma 7:18, 19) UPawulu lapha wayengazidabukeli ngokweqile. Kunalokho, ngenxa yokuthi wayeyiqaphela ngokugcwele indlela isintu esisilelwe ngayo inkazimulo kaNkulunkulu, wayekuzwa kakhulu ukucindezela kwamandla esono enyameni ebuthaka. “Wo mina-muntu wosizi,” esho, “ngubani oyakungikhulula kulomzimba wokufa na?”—Roma 7:24.
8. Imiphi imibuzo okufanele sizibuze yona? Ngani?
8 Uyini umbono wakho ngalendaba? Ungase uvume ukuthi njengenzalo ka-Adamu, wena, njengabo bonke abanye, awuphelele. Kodwa lololwazi lukuthonya kanjani ukucabanga kwakho nendlela yakho yokuphila? Ingabe ukwamukela njengento engenakugwenywa futhi umane uqhubeke wenza ngokuvumelana nokuthambekela kwakho okungokwemvelo? Noma ingabe wenza umzamo oqhubekayo wokulwisana namandla esono enyameni ebuthaka, ulwela ukubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu ngokucwazimula ngangokunokwenzeka kukho konke okwenzayo? Lokhu kufanele ngamunye wethu akukhathalele ngokungathi sína uma sicabangela lokho uPawulu akusho: ‘Abenyama banaka okwenyama, kepha abomoya banaka okomoya. Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka komoya kungukuphila nokuthula.’—Roma 8:5, 6, qhathanisa ne-NW.
Ukunaka Okwenyama
9. Kungani ‘ukunaka kwenyama kungukufa’?
9 Wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi “ukunaka kwenyama kungukufa”? Igama elithi ‘inyama’ ngokuvamile eBhayibhelini lisetshenziswa ekuboniseni umuntu esesimweni sakhe sokungapheleli, ‘ethatshathwe esonweni’ njengenzalo ka-Adamu owahlubuka. (IHubo 51:5; Jobe 14:4) Ngakho, uPawulu wayeyala amaKristu ukuba angagxilisi izingqondo zawo ekuthambekeleni, ezinkanukweni, nasezifisweni ezinesono zenyama engaphelele, ebuthaka. Ngani? Kwenye indawo uPawulu wasitshela lokho imisebenzi yenyama eyikho wayesenezela lesixwayiso: “Abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—Galathiya 5:19-21.
10. Kusho ukuthini “ukunaka”?
10 Kodwa awukho yini umehluko omkhulu phakathi kokunaka okuthile nokukwenza? Yiqiniso, ukucabanga ngokuthile akuholeli ekukwenzeni ngaso sonke isikhathi. Nokho, ukunaka kungaphezu nje kokuba nomcabango odlulayo. Igama elasetshenziswa uPawulu lithi phroʹne·ma ngesiGreki, futhi lisho “indlela yokucabanga, (ukugxilisa) ingqondo, . . . umgomo, isifiso esinamandla, ukuphishekela.” Ngakho-ke, “ukunaka kwenyama” kusho ukulawulwa, ukuqondiswa, ukubuswa, nokuqhutshwa izinkanuko zenyama ebuthaka.—1 Johane 2:16.
11. UKayini wayinaka kanjani inyama, futhi waba yini umphumela?
11 Leliphuzu liboniswe kahle inkambo eyalandelwa uKayini. Lapho kuvela umona nokuthukuthela enhliziyweni kaKayini, uJehova uNkulunkulu wamxwayisa: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.” (Genesise 4:6, 7) UKayini wayebhekene nokukhetha. Ingabe ‘wayeyokwenza kahle,’ okungukuthi, abeke ingqondo yakhe, umgomo, nesifiso esinamandla kokuhle? Noma wayeyoqhubeka enaka inyama futhi agxilise ingqondo yakhe ekuthambekeleni okubi okwakucashe enhliziyweni yakhe? Njengoba uJehova achaza, isono ‘sasihlezi ngasemnyango,’ silindele ukubhozomela nokushwabadela uKayini uma ayeyosivumela. Esikhundleni sokulwa kanye ‘nokubusa’ inkanuko yakhe yenyama, uKayini wayivumela ukuba imbuse—okwaholela esiphethweni esiyinhlekelele.
12. Yini okufanele siyenze ukuze singahambi “endleleni kaKayini”?
12 Kuthiwani ngathi namuhla? Ngokuqinisekile asifuni ukuhamba “endleleni kaKayini,” njengoba uJuda abubula ngokuphathelene nabathile phakathi kwamaKristu ekhulu lokuqala. (Juda 11) Akufanele silulaze futhi sicabange ukuthi ukuzitika okuncane noma ukuphula kancane imithetho ngezikhathi ezithile akunangozi. Ngokuphambene, kufanele sikuphaphamele ukubona noma yiliphi ithonya lokungamesabi uNkulunkulu nelonakalisayo okungenzeka lingene enhliziyweni nasengqondweni yethu futhi silisuse ngokushesha ngaphambi kokuba ligxile. Ukulwisana namandla esono enyameni ebuthaka kuqala ngaphakathi.—Marku 7:21.
13. Umuntu ‘angahungwa kanjani izinkanuko zakhe’?
13 Ngokwesibonelo, ungase ubone isigcawu esishaqisayo noma esihlasimulisayo noma umfanekiso othile osikisela isenzo esingafanele noma ovusa inkanuko. Kungase kube isithombe esisencwadini noma umagazini, isigcawu esithile kuyibhayisikhobho noma kuthelevishini, isikhangiso esisoqwembeni, noma isenzakalo esenzeka ngokoqobo. Lokho ngokwakho akudingekile ukuba kuthuse, njengoba kungenzeka—futhi—kuyenzeka. Nokho, nakuba lomfanekiso noma isigcawu kungase kuthathe imizuzwana embalwa nje, kungase kuhlale engqondweni futhi kulokhu kubuya ngezikhathi ezithile. Yini oyenzayo lapho lokho kwenzeka? Ingabe uthatha isinyathelo ngokushesha ukuze ulwe nalowomcabango futhi uwukhiphe engqondweni yakho? Noma uyawuvumela ukuba uhlale engqondweni yakho, mhlawumbe uzindle ngalokho isikhathi ngasinye lapho lowomcabango ubuya? Ukwenza lokhu kwamuva kuwukuzifaka engozini yokuqala uchungechunge lwezenzakalo ezachazwa uJakobe: “Yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe sizala ukufa.” Yingakho uPawulu athi: “Ukunaka kwenyama kungukufa.”—Jakobe 1:14, 15; Roma 8:6.
14. Yini esibhekene nayo nsuku zonke, futhi kufanele sisabele kanjani?
14 Njengoba siphila ezweni lapho ukuziphatha okubi kobulili, ubudlova, nokuthanda izinto ezibonakalayo kudunyiswa khona—kuqokonyiswa obala nangokukhululekile ezincwadini, komagazini, emabhayisikobho, ezinhlelweni zethelevishini, nasemculweni othandwayo—sihlaselwa ngokoqobo imicabango nemibono engalungile nsuku zonke. Usabela kanjani? Ingabe konke lokhu kuyakuhlekisa futhi kukwenze uzizwe ujabule? Noma ingabe uzizwa ngendlela uLoti olungileyo azizwa ngayo, “ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho . . . wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho”? (2 Petru 2:7, 8) Ukuze siphumelele ekulwisaneni namandla esono enyameni ebuthaka, kudingeka sinqume ukwenza njengoba umhubi enza: “Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi.”—IHubo 101:3.
Ukunaka Komoya
15. Yiluphi usizo esinalo lokulwisana namandla esono akithi?
15 Okuthile okungasisiza ukuba silwisane namandla esono enyameni ebuthaka yilokho uPawulu aqhubeka ekusho: ‘Ukunaka [komoya] kungukuphila nokuthula.’ (Roma 8:6) Ngakho, kunokuba sibuswe inyama, kumelwe sivumele ingqondo yethu ithonywe umoya futhi sichume ezintweni zomoya. Ziyini? KweyabaseFilipi 4:8, uPawulu wenza uhlu lwazo: “Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.” Ake sicabangisise futhi sithole ukuqonda okungcono ngalokho okufanele siqhubeke sizindla ngakho.
16. Yiziphi izimfanelo uPawulu asikhuthaza ukuba ‘siqhubeke sizindla ngazo’ futhi ngayinye ihilelani?
16 Okokuqala nje, uPawulu wanikeza uhlu lwezimfanelo zokuziphatha eziyisishiyagalombili. Siyaqaphela ukuthi amaKristu awaboshelwe ekucabangeni kuphela ngezindaba ezingokomBhalo noma ezingokwemfundiso ngaso sonke isikhathi. Kunezindaba nezihloko eziningi esingagxilisa kuzo izingqondo zethu. Kodwa okubalulekile ukuthi kumelwe zifinyelele indinganiso yezimfanelo zokuziphatha ezachazwa uPawulu. Kufanele sinakekele isigaba ngasinye ‘sezinto’ ezakhonjwa uPawulu. Ake sizicabangele ngokulandelana.
◻ “Okuyiqiniso” kuhilela okungaphezu nje kokuba yiqiniso noma amanga. Kusho ukuba neqiniso, ukuba qotho, ukuba othembekile, okuthile okungokoqobo, hhayi nje ukuzenza ubonakale sengathi unjalo.—1 Thimothewu 6:20.
◻ “Okuhloniphekayo” kubhekisela ezintweni ezinesizotha nezihloniphekile. Kuvusa umuzwa wenhlonipho, okuthile okuphakeme, okunesithunzi, nokuhloniphekile kunokuyinhlamba nokululazayo.
◻ “Okulungileyo” kusho ukuhlangabezana nendinganiso kaNkulunkulu, hhayi eyomuntu. Abantu bezwe bagcwalisa izingqondo zabo ngamacebo angalungile, kodwa thina kufanele sicabange futhi sijatshuliswe yizinto ezilungile emehlweni kaNkulunkulu.—Qhathanisa neHubo 26:4; Amose 8:4-6.
◻ “Okumhlophe” akusho okumsulwa nokungcwele ekuziphatheni (kobulili noma ngezinye izindlela) kuphela kodwa futhi engqondweni nasesisuseni. “Ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe,” kusho uJakobe. UJesu, ‘omsulwa,’ uyiSibonelo sethu esiphelele sokucatshangelwa.—Jakobe 3:17; 1 Johane 3:3, NW.
◻ “Okuthandekayo” yilokho okuvusa futhi kusishukumisele ekubeni sithande abanye. Kumelwe “siqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,” kunokuba sigxilise izingqondo zethu ezintweni ezivusa inzondo, ukungezwani, nombango.—Heberu 10:24.
◻ “Okutusekayo” akusho nje ukuba “onedumela elihle” noma “okhulunyelwa kahle” kodwa futhi, ngomqondo wokwenza, kusho ukuba owakhayo notusayo. Sigxilisa izingqondo zethu ezintweni ezinempilo nezakhayo kunasezintweni ezilulazayo nezicasulayo.—Efesu 4:29.
◻ “Okuhle” ngokuyinhloko kusho “ubuhle” noma “ubuhle bokuziphatha,” kodwa kungase kusho noma yiluphi uhlobo lobuhle. Ngakho, singazazisa izimfanelo eziwusizo, okutusekayo, nokufezwe abanye okuvumelana nendinganiso kaNkulunkulu.
◻ Izinto ‘ezibongekayo’ zinjalo ngempela uma ukubonga kuvela kuNkulunkulu noma egunyeni eliqashelwa nguye ngokufanele.—1 Korinte 4:5; 1 Petru 2:14.
Isithembiso Sokuphila Nokuthula
17. Yiziphi izibusizo esizithola ‘ngokunaka komoya’?
17 Lapho silandela isiyalo sikaPawulu futhi ‘siqhubeka sizindla ngalezizinto,’ siyophumelela ‘ekunakeni komoya.’ Umphumela awunakuba isibusiso sokuphila kuphela, okungukuthi, ukuphila okuphakade ezweni elisha elithenjisiwe, kodwa futhi uyoba ukuthula. (Roma 8:6) Ngani? Ngoba izingqondo zethu zivikelekile ethonyeni elibi lezinto ezingokwenyama, futhi asisathintwa kakhulu ukulwa okulusizi phakathi kwenyama nomoya njengoba kwachazwa uPawulu. Ngokumelana nethonya lenyama, sizuza futhi ukuthula noNkulunkulu “ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu.”—Roma 7:21-24; 8:7.
18. Iyiphi impi elwiwa uSathane, futhi singanqoba kanjani?
18 USathane namanxusa akhe benza konke abangakwenza ukuze bagqwalise ukubonakalisa kwethu inkazimulo kaNkulunkulu. Bazama ukulawula izingqondo zethu ngokuzihlasela ngezinkanuko zenyama, bazi ukuthi lokhu ekugcineni kuyoholela ekubeni nobutha noNkulunkulu nasekufeni. Kodwa singanqoba kulempi. NjengoPawulu, nathi singamemezela: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu” ngokusilungiselela izindlela zokulwisana namandla esono enyameni ebuthaka.—Roma 7:25.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokuvamile iBhayibheli lisebenzisa igama lesiHeberu elithi cha·taʼʹ negama lesiGreki elithi ha·mar·taʹno ukuchaza “isono.” Womabili lamagama asho “ukugeja,” ngomqondo wokwehluleka noma ukungakwazi ukufinyelela umgomo, uphawu, noma indinganiso okumelwe ifinyelelwe.
b Ngokwesiko, izono ezinkulu eziyisikhombisa ukuzidla, umhawu, inkanuko, umona, ukuminza, intukuthelo, nobuvila.
Ungachaza?
◻ Siyini isono, futhi singaba kanjani namandla enyameni ebuthaka?
◻ Singalwisana kanjani ‘nokunaka kwenyama’?
◻ Yini esingayenza ukuze sithuthukise ‘ukunaka komoya’?
◻ ‘Ukunaka komoya’ kukuletha kanjani ukuphila nokuthula?
[Isithombe ekhasini 15]
UKayini wavumela ukuba ukuthambekela kwenyama kumbuse kwaholela ekulimaleni kwakhe siqu
[Izithombe ekhasini 16]
Ukunaka komoya kusho ukuphila nokuthula