Ingabe UJehova Uyakuqaphela Okwenzayo?
UBUNGAWUPHENDULA kanjani lowo mbuzo? Abaningi bebengathi: ‘Ngiyakholelwa ukuthi uNkulunkulu wakuqaphela lokho okwafezwa amadoda afana noMose, uGideyoni, noDavide, kodwa ngiyangabaza ukuthi unesithakazelo kunoma yini mina engingayenza. Angiyena neze uMose, uGideyoni, noma uDavide.’
Kuyiqiniso ukuthi amanye amadoda athembekile ezikhathini zeBhayibheli enza izenzo zokholo ezimangalisayo. ‘Anqoba imibuso, avala imilomo yezingonyama, amisa amandla omlilo, futhi aphunyuka osikweni lwenkemba.’ (Hebheru 11:33, 34) Abanye, nokho, babonisa ukholo lwabo ngezindlela ezingamangalisi kangako, kodwa iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu wayiqaphela neyabo imisebenzi yokholo. Ngokwesibonelo, cabanga ngezibonelo zemiBhalo zikamalusi, umprofethi, kanye nomfelokazi.
Umalusi Wenza Umhlatshelo
Yini oyikhumbulayo ngo-Abela, indodana yesibili ka-Adamu no-Eva? Ungase ukhumbule ukuthi wafela ukholo, okuyinto engabhekana nabambalwa kithi. Kodwa uNkulunkulu waqaphela u-Abela okokuqala ngesinye isizathu.
Ngolunye usuku, u-Abela wathatha ezinye zezilwane eziyikhethelo emhlambini wakhe wenza ngazo umhlatshelo kuNkulunkulu. Isipho sakhe singase sibhekwe njengesingelutho namuhla, kodwa uJehova wasiqaphela futhi wabonisa nokusamukela. Nokho, akukhona lokho kuphela. Eminyakeni ecishe ibe ngu-4 000 kamuva, uJehova waphefumulela umphostoli uPawulu ukuba abhale ngakho encwadini yamaHebheru. Ngemva kweminyaka eminingi kangaka, uNkulunkulu wayengakawukhohlwa lowo mhlatshelo owubala!—Hebheru 6:10; 11:4.
Wanquma kanjani u-Abela ukuthi hlobo luni lomhlatshelo anganikela ngalo? IBhayibheli alisho, kodwa kumelwe ukuba wacabanga ngokujulile ngale ndaba. Wayengumalusi, ngakho akuyona into eyayingalindelekile ukuba anikele ngokuthile emhlanjini wakhe. Nokho, phawula ukuthi wanikela ngekhethelo—“amaqatha awo anonile.” (Genesise 4:4) Kusengenzeka futhi ukuthi wazindla ngamazwi kaJehova enyokeni ensimini yase-Edene: “Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.” (Genesise 3:15; IsAmbulo 12:9) Nakuba ayengaqondi ukuthi ungubani “owesifazane” kanye “nenzalo” yakhe, kungenzeka ukuthi u-Abela waqaphela ukuthi ‘ukulinyazwa kwesithende’ senzalo yowesifazane kwakuyohilela ukuchitheka kwegazi. Ngokuqinisekile waqaphela ukuthi akukho lutho olwalunenani elidlula isidalwa esiphilayo. Kunoma yikuphi, umhlatshelo awunikela wawufaneleka ngempela.
Njengo-Abela, amaKristu namuhla anikela imihlatshelo kuNkulunkulu. Awanikeli ngamazibulo omhlambi, kodwa “umhlatshelo wokudumisa, okuwukuthi, isithelo sezindebe ezivuma obala igama [likaNkulunkulu].” (Hebheru 13:15) Izindebe zethu zivuma obala lapho sihlanganyela ukholo lwethu nabanye.
Ungathanda ukuthuthukisa izinga lomhlatshelo wakho? Khona-ke, cabangisisa ngezidingo zabantu ensimini yakini. Yini ebakhathazayo? Ziyini izithakazelo zabo? Yiziphi izici zesigijimi seBhayibheli ezingabakhanga? Isikhathi ngasinye usensimini, hlaziya izintshumayelo ozisebenzisile unombono wokuthuthukisa impumelelo yakho. Futhi lapho ukhuluma ngoJehova, khuluma ngokuqiniseka, ngokusuka enhliziyweni. Yenza umhlatshelo wakho ube “umhlatshelo wokudumisa” ngempela.
Umprofethi Ushumayela Komakhelwane Abangalaleli
Cabanga manje ngomprofethi u-Enoke. Kungenzeka ukuthi kwakunguye kuphela ufakazi kaJehova uNkulunkulu. Ingabe nawe, njengo-Enoke, nguwe wedwa kini okhonza uJehova ngokwethembeka? Ingabe ekilasini ofunda kulo noma lapho usebenza khona, nguwe wedwa ophila ngezimiso zeBhayibheli? Uma kunjalo, ungase ubhekane nezinselele. Abangane, izihlobo, ofunda nabo, noma osebenza nabo bangase bakuyengele ukuba weqe imithetho kaNkulunkulu. Bangase bathi: “Akekho ozokwazi ukuthi wenzeni. Ngeke sisho.” Bangase baphikelele ngokuthi kuwubuwula ukukhathazeka ngezindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha ngoba uNkulunkulu akanandaba nokuthi wenzani. Becasulwa ukuthi awucabangi futhi awenzi njengabo, bangenza konke okusemandleni abo ukuphula ubuqotho bakho.
Kuyavunywa, akulula ukumelana nalezo zingcindezi, kodwa akuyona into engenakwenzeka. Cabanga ngo-Enoke, indoda yesikhombisa ohlwini kusuka ku-Adamu. (Jude 14) Ngesikhathi u-Enoke ezalwa, abantu abaningi babengasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle. Inkulumo yabo yayiyichilo; ukuziphatha kwabo “kwakushaqisa.” (Jude 15) Baziphatha ngendlela efana kakhulu neyabantu namuhla.
U-Enoke wabhekana kanjani nesimo? Impendulo yalowo mbuzo iyathakazelisa kithi namuhla. Nakuba u-Enoke kungenzeka ukuthi wayewukuphela kwendoda emhlabeni eyayikhulekela uJehova ngaleso sikhathi, wayengeyedwa ngempela. U-Enoke wahamba noNkulunkulu.—Genesise 5:22.
Ukujabulisa uNkulunkulu kwakuyinto ephambili ekuphileni kuka-Enoke. Wayazi ukuthi ukuhamba noNkulunkulu kwakusho okungaphezu nje kokuphila ukuphila kokuziphatha okuhle, okuhlanzekile. UJehova wayelindele ukuba ashumayele. (Jude 14, 15) Abantu babedinga ukuxwayiswa ngokuthi izenzo zabo zokungamhloniphi uNkulunkulu zazibonakala. U-Enoke waqhubeka ehamba noNkulunkulu iminyaka engaphezu kuka-300—isikhathi eside kakhulu kunaleso noma ubani kithi aye wasikhuthazelela. Waqhubeka njalo ehamba noNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni kwakhe.—Genesise 5:23, 24.
Njengo-Enoke, nathi siye sathunywa ukuba sishumayele. (Mathewu 24:14) Ngaphandle kokufakaza endlini ngendlu, sizama ukufinyelela izihlobo, osomabhizinisi esijwayelene nabo, nesifunda nabo ngezindaba ezinhle. Ngezinye izikhathi, nokho, singase singabaze ukukhuluma ngesibindi. Ingabe kunjalo ngawe? Ungalilahli ithemba. Lingisa amaKristu okuqala, bese uthandazela isibindi kuNkulunkulu. (IzEnzo 4:29) Ungakhohlwa ukuthi uma nje usahamba noNkulunkulu, awuwedwa nanini.
Umfelokazi Ulungiselela Isidlo
Cabanga nje, umfelokazi ongashiwongo ngegama wathola izibusiso ezimbili ngenxa yokulungisa isidlo esingatheni! Wayengeyena umIsrayeli, wayengowezizwe, owayephila ekhulwini leshumi B.C.E. edolobheni laseZarefati. Ngasekupheleni kwesikhathi eside sesomiso nendlala, ukudla kwalo mfelokazi kwase kuphela. Wayesesele nofulawa omncane nje kuphela namafutha anele ukuba aziphekele yena nendodana yakhe isidlo sokugcina.
Kuwo lowo mnyama, kwafika isivakashi. Kwakungu-Eliya umprofethi kaNkulunkulu, owacela ukuphiwa ingcosana yokudla komfelokazi. Kwakukuncane kakhulu ngendlela yokuthi kwakungamanele yena nendodana yakhe, futhi ngokuqinisekile wayengenalutho ayengalunika isihambi. Kodwa u-Eliya wamqinisekisa, ngezwi likaJehova, ukuthi uma emupha ukudla kwakhe, yena nendodana yakhe babengeke balambe. Kwadingeka ukholo ukuze akholelwe ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli wayezomqaphela, umfelokazi wezizwe. Nokho, wamkholelwa u-Eliya, futhi uJehova wamvuza. “Imbiza enkulu kafulawa ayizange iphele nembiza encane yamafutha ayizange iphele, ngokwezwi likaJehova ayelikhulume ngo-Eliya.” Owesifazane nendodana yakhe bakuthola njalo ukudla kwaze kwaphela indlala.—1 AmaKhosi 17:8-16.
Nokho, umfelokazi wayesalindelwe esinye isibusiso. Esikhathini esithile ngemva kwaleso simangaliso, indodana yakhe ethandekayo yagula, yafa. Eshukunyiswa isihawu, u-Eliya wancenga uJehova ukuba avuse umfana. (1 AmaKhosi 17:17-24) Lokho kwakuyodinga isimangaliso esasingakaze senzeke ngaphambili. Awukho umlando womuntu owake wavuswa ngaphambili! Ingabe uJehova wayezophinde ambonise umusa lo mfelokazi wezizwe? Wawubonisa. UJehova wanika u-Eliya amandla okuvusa umfana. Kamuva uJesu waphawula ngokuqondene nalona wesifazane owabusiswa, wathi: ‘Kwakukhona abafelokazi abaningi kwa-Israyeli, nokho, u-Eliya wathunyelwa eZarefati kuphela, kumfelokazi othile ezweni laseSidoni.’—Luka 4:25, 26.
Isimo sezomnotho namuhla siyantengantenga, ngisho nasemazweni athuthukile. Ezinye izinkampane ezinkulu ziye zadiliza izisebenzi ebezisebenza ngokwethembeka phakathi namashumi eminyaka. Ebhekene nengozi yokulahlekelwa umsebenzi, umKristu angalingwa ukuba asebenze isikhathi esiningi esengeziwe, enethemba lokuthi inkampane izomgcina. Ukwenza kanjalo kungamshiya engenasikhathi sokuya emihlanganweni yobuKristu, ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini, noma ukunakekela izidingo ezingokomzwelo nezingokomoya zomkhaya wakhe. Nokho, ubona ukuthi kumelwe agcine lo msebenzi kungakhathaliseki ukuthi kusho ukuthini lokho.
UmKristu osesimweni esinjalo sobunzima bezomnotho unesizathu sokukhathazeka. Kunzima ukuthola umsebenzi kulezi zinsuku. Iningi lethu alilweli ukuceba, kodwa njengomfelokazi waseZarefati, sifuna ukuba nokudla. Nokho, umphostoli uPawulu usikhumbuza ukuthi uNkulunkulu wathi: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.” Singasho ngesibindi sithi: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?” (Hebheru 13:5, 6) UPawulu wabeka ukuphila kwakhe engozini ngenxa yaleso sithembiso, futhi uJehova wamnakekela njalo. UNkulunkulu uyosenzela okufanayo uma singamshiyi.
Singase sibe nomuzwa wokuthi asisoze senza izenzo eziphawuleka njengezabantu abangokomoya abafana noMose, uGideyoni, noDavide, kodwa singalulingisa ukholo lwabo. Futhi singazikhumbula izenzo ezilula zokholo ezenziwa u-Abela, u-Enoke, nomfelokazi waseZarefati. UJehova unesithakazelo kuzo zonke izenzo zokholo—ngisho nezincane. Lapho umfundi osaba uNkulunkulu engafuni ukwamukela izidakamizwa kontanga, lapho isisebenzi esingumKristu sinqaba ukuyengelwa ekuziphatheni okubi emsebenzini, noma lapho uFakazi osekhulile ngokwethembeka eya emihlanganweni yebandla naphezu kwamahlalakhona nempilo ebuthaka, uJehova uyakubona lokho. Futhi uyajabula!—IzAga 27:11.
Ingabe Wena Uyakuqaphela Okwenziwa Abanye?
Yebo, uJehova uyakuqaphela esikwenzayo. Ngakho, njengabalingisi bakaNkulunkulu, kumelwe sikuphaphamele ukuqaphela imizamo yabanye. (Efesu 5:1) Kungani ungabhekisisi izinselele amaKristu okanye nawo abhekana nazo ukuze aye emihlanganweni yebandla, ahlanganyele enkonzweni yasensimini, ngisho nokwenza imisebenzi yansuku zonke?
Khona-ke, bazise abakhulekeli bakaJehova okanye nabo ukuthi uyayazisa imizamo yabo. Kuyobajabulisa ukuthi uye wayiqaphela, futhi ukukhathalela kwakho kuyosiza ekubaqinisekiseni ukuthi noJehova uyayiqaphela.