Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbv isihloko 27
  • Genesise 1:26—“Masenze umuntu ngomfanekiso wethu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Genesise 1:26—“Masenze umuntu ngomfanekiso wethu”
  • Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incazelo kaGenesise 1:26
  • Umongo kaGenesise 1:26
  • Amanga mayelana noGenesise 1:26
  • Yini Ngempela Eshiwo UGenesise?
    I-Phaphama!—1988
  • UMBONO WEBHAYIBHELI
    I-Phaphama!—2015
  • Genesise 1:1—“Ekuqaleni UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Ukuphila Kunenjongo Enhle
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
Bheka Okunye
Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
ijwbv isihloko 27

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Genesise 1:26—“Masenze abantu ngomfanekiso wethu”

“Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi: “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu, afane nathi, athotshelwe izinhlanzi zolwandle, izilwane ezindizayo zamazulu, izilwane ezifuywayo nayiwo wonke umhlaba nazo zonke izilwane ezihamba emhlabeni.”—Genesise 1:26, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

“UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”—Genesise 1:26, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo kaGenesise 1:26

Abantu badalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu okwenza bakwazi ukuba nezimfanelo uNkulunkulu anazo, njengothando, uzwela nobulungisa. Lokho kusenza sibone ukuthi kungani abantu bekwazi ukulingisa ubuntu bukaNkulunkulu.

“UNkulunkulu wathi: ‘Masenze umuntu ngomfanekiso wethu.’” Ngaphambi kokuba uJehovaa uNkulunkulu adale noma yini, wadala ingelosi enamandla kamuva eyabizwa ngokuthi uJesu. Esebenza noJesu, uNkulunkulu ‘wadala ngaye zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni.’ (Kolose 1:16) UJesu wabulingisa kahle kakhulu ubuntu bukaJehova—le ndodana kaNkulunkulu “ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali.” (Kolose 1:15) Kuyafaneleka-ke, ukuthi uNkulunkulu wayengathi kuJesu: “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu.”

“Athotshelwe . . . izilwane ezifuywayo nawo wonke umhlaba.” Izilwane azenziwanga ngomfanekiso kaNkulunkulu. Azidalwanga njengabantu, azikwazi ukubonisa ubuntu obunjengothando nokuba nonembeza. Noma kunjalo, uNkulunkulu uyazikhathalela. Yingakho uNkulunkulu athi umuntu “wayeyothotshelwa izilwane” okusho ukuthi “babeyobusa phezu kwezilwane,” (New International Version) noma “bazilawule” (Common English Bible). Ngokusho kanjalo uNkulunkulu wayenikeza abantu isibopho sokuba bazinakekele kahle izilwane. (IHubo 8:6-8; IzAga 12:10) UJehova ulindele ukuba abantu bawuphathe kahle umhlaba nazo zonke izinto eziphila kuwo.

Umongo kaGenesise 1:26

Izahluko ezimbili zokuqala zencwadi kaGenesise zisichazela ngokudalwa kwendawo yonke, iplanethi yethu, nokuphila emhlabeni. Konke uJehova akudala kusezingeni eliphezulu, kodwa abantu bayindalo yakhe eseqophelweni eliphezulu kakhulu emhlabeni. Lapho uNkulunkulu eseyiqedile imisebenzi yakhe yokudala, “wakubona konke ayekwenzile, kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:31.

Bukela le vidiyo emfushane ukuze ufunde okwengeziwe mayelana nokushiwo incwadi kaGenesise ngendalo.

Amanga mayelana noGenesise 1:26

Amanga: Amadoda kuphela—hhayi abesifazane—abakwazi ukulingisa izimfanelo zikaNkulunkulu.

Iqiniso: Igama elihunyushwe ngokuthi “umuntu” emaBhayibhelini amaningi esiNgisi lingase lenze umfundi acabange ukuthi kukhulunywa ngabesilisa kuphela lapho. Nokho, kule ndaba, igama lokuqala elalisetshenziswa olimini lwesiHebheru, lisho kokubili owesilisa nowesifazane. Kokubili amadoda nabesifazane bangakwazi ukulingisa izimfanelo zikaNkulunkulu. Bonke banethuba elilinganayo lokuthola umusa wakhe nelokuthola ukuphila okuphakade.—Johane 3:16.

Amanga: UNkulunkulu unomzimba ofana nowethu.

Iqiniso: “UNkulunkulu unguMoya”—okusho ukuthi, akahlali endaweni ebonakalayo. (Johane 4:24) Nakuba ngezinye izikhathi iBhayibheli likhuluma ngobuso bakhe, izandla, inhliziyo nokunye, lawa amagama asichazela ngoNkulunkulu ngendlela ezoqondakala kubantu.—Eksodusi 15:6; 1 Petru 3:12.

Amanga: UGenesise 1:26 ufakazela ukuthi uJesu unguNkulunkulu.

Iqiniso: UNkulunkulu noJesu banobuhlobo obufana nobukababa nendodana, kodwa abayena umuntu oyedwa. UJesu wafundisa ukuthi uNkulunkulu mkhulu kunaye. (Johane 14:28) Ukuze uthole okwengeziwe, bukela ividiyo ethi Ingabe UJesu Kristu UnguNkulunkulu?” noma ufunde isihloko esithi “Kungani UJesu Ebizwa Ngokuthi INdodana KaNkulunkulu?”

Funda uGenesise isahluko  1 kanye nemibhalo yaphansi enikeza incazelo nezikhombo ezifakwe khona.

Bukela le vidiyo emfushane ukuze ubone okuqukethwe incwadi kaGenesise.

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “ngubani UJehova?“

    Zulu Publications (1975-2027)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela