IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaGenesise—I
ELITHI “Genesise” lisho “indabuko,” noma “ukuzalwa.” Leli gama liyayifanela incwadi elanda indlela indawo yonke eyaba khona ngayo, indlela umhlaba owalungiselelwa ngayo ukuhlalwa abantu, nendlela okwenzeka ngayo ukuba abantu bahlale kuwo. UMose wayibhalela ehlane laseSinayi le ncwadi, wayiqeda cishe ngo-1513 B.C.E.
Incwadi kaGenesise isitshela ngezwe langaphambi kukaZamcolo, ngalokho okwenzeka lapho kuqala inkathi yangemva kukaZamcolo, nangendlela uJehova uNkulunkulu asebenzelana ngayo no-Abrahama, u-Isaka, uJakobe, noJosefa. Kulesi sihloko sizohlola amaphuzu avelele kaGenesise 1:1 kuya ku-11:9, sigcine lapho uJehova eqala ukusebenzelana nenzalamizi u-Abrahama.
IZWE LANGAPHAMBI KUKAZAMCOLO
Igama lokuqala kuGenesise, elithi “ekuqaleni” libhekisela eminyakeni eyizigidigidi eyadlula. Izenzakalo ‘zezinsuku’ eziyisithupha zokudala, noma izinkathi zomsebenzi okhethekile wokudala, zichazwa ngendlela umuntu ayeyozibona ngayo ukube wayekhona emhlabeni. Ekupheleni kosuku lwesithupha, uNkulunkulu wadala umuntu. Nakuba iPharadesi lilahleka ngokushesha ngenxa yokungalaleli komuntu, uJehova unikeza ithemba. Isiprofetho seBhayibheli sokuqala ngqá sikhuluma ‘ngenzalo’ eyosusa imiphumela yesono, ilimaze uSathane ekhanda.
Phakathi namakhulu eminyaka angu-16 alandelayo, uSathane uyaphumelela ukuhlubula kuNkulunkulu bonke abantu ngaphandle kwabambalwa abathembekile, njengo-Abela, u-Enoke, noNowa. Ngokwesibonelo, uKhayini ubulala umfowabo olungile u-Abela. “[Kuqalwa] ukuba kubizwe igama likaJehova,” ngokusobala ngendlela ehlambalazayo. Ebonisa umoya wobudlova wangalesi sikhathi, uLameka uqamba inkondlo ekhuluma ngokubulala kwakhe insizwa ethile, ethi ubezivikela. Izinto ziba zimbi nakakhulu lapho amadodana kaNkulunkulu ayizingelosi ezingalaleli ethatha abesifazane njengomkawo futhi ezala imidondoshiya enobudlova ebizwa ngamaNefili. Nokho, uNowa othembekile wakha umkhumbi, axwayise abanye ngesibindi ngoZamcolo ozayo, futhi yena nomkhaya wakhe basinde embhubhisweni yawo.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:16—UNkulunkulu wakuveza kanjani ukukhanya ngosuku lokuqala kanti izinkanyiso zenziwa ngosuku lwesine? Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ‘yenza’ evesini 16 alifani negama elisho “ukudala” elisetshenziswe kuGenesise isahluko 1, amavesi 1, 21, no-27. “Amazulu,” ahlanganisa nezinkanyiso, adalwa kusekude kakhulu ukuba luqale nokuqala “usuku lokuqala.” Kodwa ukukhanya kwazo kwakungafiki emhlabeni. Ngosuku lokuqala, “kwaba khona ukukhanya” ngoba ukukhanya okusabalele kwadlula ezingqimbeni zamafu kwabonakala emhlabeni. Ngakho umhlaba waqala ukuba nobusuku nemini njengoba ujikeleza. (Genesise 1:1-3, 5) Imithombo yalokho kukhanya yayisalokhu ingabonakali emhlabeni. Nokho, ngenkathi yesine yokudala kwenzeka ushintsho oluphawulekayo. Ilanga, inyanga, nezinkanyezi kwabe sekwenziwa ‘ukuba kukhanyise phezu komhlaba.’ (Genesise 1:17) ‘UNkulunkulu wabe esekwenza’ ngomqondo wokuthi manje kwase kubonakala emhlabeni.
3:8—Ingabe uJehova uNkulunkulu wayekhuluma ngokuqondile no-Adamu? IBhayibheli liveza ukuthi lapho uNkulunkulu ekhuluma nabantu, ngokuvamile wayesebenzisa ingelosi. (Genesise 16:7-11; 18:1-3, 22-26; 19:1; AbaHluleli 2:1-4; 6:11-16, 22; 13:15-22) Umkhulumeli kaNkulunkulu oyinhloko kwakuyiNdodana yakhe ezelwe yodwa, ebizwa ‘ngoLizwi.’ (Johane 1:1) Cishe uNkulunkulu wayekhuluma no-Adamu no-Eva esebenzisa “uLizwi.”—Genesise 1:26-28; 2:16; 3:8-13.
3:17—Umhlabathi waqalekiswa kanjani, futhi isikhathi esingakanani? Ukuqalekiswa komhlabathi kwenza kwaba nzima kakhulu ukuwulima. Imiphumela yomhlabathi oqalekisiwe, onameva namakhakhasi, yezwakala kakhulu ozalweni luka-Adamu kangangokuthi uyise kaNowa, uLameka, wakhuluma ‘ngobuhlungu bezandla zethu ngenxa yomhlabathi uJehova awuqalekisile.’ (Genesise 5:29) Ngemva kukaZamcolo, uJehova wambusisa uNowa namadodana akhe, wabatshela injongo yakhe yokuba bagcwalise umhlaba. (Genesise 9:1) Ngokusobala isiqalekiso sikaNkulunkulu emhlabathini sasuswa.—Genesise 13:10.
4:15—UJehova ‘wammisela’ kanjani “uKhayini isibonakaliso”? IBhayibheli alisho ukuthi uKhayini wabekwa isibonakaliso noma uphawu emzimbeni ngandlela-thile. Cishe lesi sibonakaliso sasiwumyalo abantu ababewazi futhi bewugcina owawuhloselwe ukuvimbela ukubulawa kwakhe ngokuphindisela.
4:17—UKhayini wamthathaphi umkakhe? U-Adamu “wazala amadodana namadodakazi.” (Genesise 5:4) Ngakho uKhayini wathatha omunye wodadewabo noma mhlawumbe omunye wabashana bakhe njengomkakhe. Kamuva, uMthetho kaNkulunkulu kuma-Israyeli wakwenqabela ukushadana kwezelamani.—Levitikusi 18:9.
5:24—UNkulunkulu “wamthatha” kanjani u-Enoke? Ngokusobala u-Enoke wayezulelwa amanqe, kodwa uNkulunkulu akavumanga ukuba ahlukunyezwe izitha zakhe. Umphostoli uPawulu wabhala: “U-Enoke wadluliswa ukuze angakuboni ukufa.” (Hebheru 11:5) Lokhu akusho ukuthi uNkulunkulu wamyisa ezulwini ukuze ayoqhubeka ephila khona. UJesu wayengowokuqala ukukhuphukela ezulwini. (Johane 3:13; Hebheru 6:19, 20) ‘Ukudluliswa’ kuka-Enoke “ukuze angakuboni ukufa” kungase kusho ukuthi uNkulunkulu wambeka esimweni sokubona umbono ongokwesiprofetho wayesenqamula ukuphila kwakhe ekuleso simo. Ngaleyo ndlela, u-Enoke akahlukunyezwanga izitha zakhe noma ‘abone ukufa’ ngenxa yazo.
6:6—Kushiwo ngamuphi umqondo ukuthi uJehova “wadabuka” ngokuthi wayenze umuntu? Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “wadabuka” lapha liphathelene noshintsho esimweni sengqondo noma enhlosweni. UJehova uphelele, ngakho akenzanga phutha ngokudala umuntu. Nokho, washintsha isimo sakhe sengqondo ngesizukulwane esibi sangaphambi kukaZamcolo. UNkulunkulu washintsha esimweni sengqondo sokuba uMdali wabantu waba umbhubhisi wabo ngenxa yokuthukutheliswa ububi babo. Ukusindisa kwakhe abantu abathile kubonisa ukuthi wayedabuka kuphela ngalabo abase bebabi.—2 Petru 2:5, 9.
7:2—Yini eyasetshenziswa njengesisekelo sokuhlukanisa phakathi kwezilwane ezihlanzekile nezingahlanzekile? Ngokusobala izilwane zahlukaniswa ngokuthi iziphi ezifanelekela ukusetshenziswa emihlatshelweni yokukhulekela, hhayi ukuthi isiphi esifanelekela ukudliwa nesingakufanelekeli. Ngaphambi kukaZamcolo abantu babengayidli inyama. Amagama athi ‘okuhlanzekile’ ‘nokungcolile’ ekudleni aba khona lapho kuba khona uMthetho KaMose, futhi aphela lapho uyekwa. (IzEnzo 10:9-16; Efesu 2:15) Ngokusobala, uNowa wayazi ukuthi yini ekufanelekelayo ukwenziwa umhlatshelo wokukhulekela uJehova. Ngemva nje kokuba ephumile emkhunjini, “wakhela uJehova i-altare futhi wathatha kuzo zonke izilwane ezihlanzekile nakuzo zonke izidalwa ezindizayo ezihlanzekile wanikela umnikelo wokushiswa phezu kwe-altare.”—Genesise 8:20.
7:11—Amanzi abangela uZamcolo wembulunga yonke avelaphi? Phakathi nenkathi yesibili, noma “usuku” lwesibili lokudala, okwakhiwa ngalo “umkhathi” womhlaba, kwakunamanzi “ngaphansi komkhathi” namanzi “ngaphezu komkhathi.” (Genesise 1:6, 7) Amanzi ‘angaphansi’ kwakuyilawo ayesesemhlabeni kakade. Amanzi ‘ayengaphezulu’ kwakuwumswakama omningi owawusemoyeni ngaphezu komhlaba, wakha ‘utwa olukhulu lwamanzi.’ Lawo manzi ehlela emhlabeni ngosuku lukaNowa.
Izifundo Esizitholayo:
1:26. Njengoba benziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, abantu bangakwazi ukubonisa izimfanelo zikaNkulunkulu. Ngokuqinisekile kufanele sizame ukuhlakulela izimfanelo ezinjengothando, isihe, umusa, ubuhle, nokubekezela, silingisa Lowo owasidala.
2:22-24. Umshado uyilungiselelo likaNkulunkulu. Isibopho somshado sihlala njalo, singcwele, futhi indoda iyinhloko yomkhaya.
3:1-5, 16-23. Injabulo ixhomeke ekuqapheleni kwethu ubukhosi bukaJehova ekuphileni kwethu.
3:18, 19; 5:5; 6:7; 7:23. Izwi likaJehova liyafezeka njalo.
4:3-7. UJehova wawujabulela umnikelo ka-Abela ngoba wayeyindoda yokholo elungile. (Hebheru 11:4) Ngakolunye uhlangothi, uKhayini wayentula ukholo, njengoba kwabonisa izenzo zakhe. Imisebenzi yakhe yayimibi, inomhawu, inzondo, nokubulala. (1 Johane 3:12) Ngaphezu kwalokho, cishe wayengacabangi kangako ngomnikelo wakhe, ewunikela sakugcina icala nje. Akufanele yini imihlatshelo yethu yokudumisa eya kuJehova ibe ngeyenhliziyo yonke futhi ihambisane nesimo sengqondo esifanele nokuziphatha okulungile?
6:22. Nakuba kwathatha iminyaka eminingi ukwakha umkhumbi, uNowa wenza njengoba nje uNkulunkulu ayeyalile. Ngakho, uNowa nomkhaya wakhe balondolozwa kuZamcolo. UJehova ukhuluma nathi ngeZwi lakhe elilotshiwe futhi usinika isiqondiso ngenhlangano yakhe. Kuzuzisa thina ukulalela, senze okushiwoyo.
7:21-24. UJehova akababhubhisi abalungile kanye nababi.
ISINTU SINGENA ENKATHINI ENTSHA
Njengoba izwe langaphambi kukaZamcolo lingasekho, isintu singena enkathini entsha. Abantu banikwa imvume yokudla inyama kodwa bayalwa ukuba bangalidli igazi. UJehova ugunyaza isijeziso sokufa kobulele futhi wenza isivumelwano sothingo, ethembisa ukungaphinde alethe omunye uZamcolo. Amadodana kaNowa amathathu aba okhokho baso sonke isintu, kodwa umzukulu wakhe uNimrode uba “yiphisi elinamandla ngokumelene noJehova.” Esikhundleni sokuba basakazeke emhlabeni, abantu banquma ukwakha umuzi okuthiwa iBhabhele nombhoshongo ukuze bazenzele igama lodumo. Izinhloso zabo ziyabhuntsha lapho uJehova ephambanisa ulimi lwabo futhi ebasakaza emhlabeni wonke.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
8:11—Uma izihlahla zafa kuZamcolo, ijuba lalithathaphi iqabunga lomnqumo? Kubili okungenzeka kwenzeka. Njengoba umnqumo uyisihlahla esiqinile impela, kungenzeka waqhubeka uphila ngaphansi kwamanzi izinyanga ezithile phakathi noZamcolo. Njengoba amanzi ebohla, isihlahla somnqumo esasingaphansi kwamanzi sasiyophinde sibe semhlabathini owomile bese sikwazi ukuhluma amaqabunga. Iqabunga lomnqumo elalethwa ijuba kuNowa kungenzeka futhi ukuthi lalivela eklumeni eliselincane elalihlume ngemva kokubohla kwamanzi.
9:20-25—UNowa wamqalekiselani uKhanani? Cishe uKhanani wayenecala lokwenza isenzo esithile sokunukubeza noma sokukhohlakala kumkhulu wakhe uNowa. Nakuba uyise kaKhanani, uHamu, akubona lokhu, akangenelanga kodwa kubonakala sengathi wayisakaza le ndaba. Nokho, amanye amadodana kaNowa amabili, uShemi noJafete, amembathisa uyise. Abusiswa ngenxa yalokhu, kodwa uKhanani waqalekiswa, futhi uHamu wahlupheka ngenxa yehlazo isizukulwane sakhe esalithola.
10:25—Umhlaba “wahlukaniswa” kanjani ezinsukwini zikaPhelege? UPhelege waphila ngo-2269 kuya ku-2030 B.C.E. ‘Kwakusezinsukwini zakhe’ lapho uJehova ebangela ukuhlukana okukhulu ngokuphambanisa ulimi lwabakhi baseBhabhele futhi ebasakaza kuwo wonke umhlaba. (Genesise 11:9) Ngakho, “kwahlukaniswa umhlaba [noma, abantu bomhlaba],” ezinsukwini zikaPhelege.
Izifundo Esizitholayo:
9:1; 11:9. Akukho cebo labantu noma umzamo ongabhuntshisa injongo kaJehova.
10:1-32. Izinhlu ezimbili zozalo ngaphambi nangemva kokulandisa kukaZamcolo—ezahlukweni 5 no-10—zihlobanisa lonke uhlanga lwesintu nomuntu wokuqala, u-Adamu, ngamadodana kaNowa amathathu. Abase-Asiriya, amaKhaledi, amaHebheru, abaseSiriya, nezizwe ezithile zama-Arabhu, bayinzalo kaShemi. AbaseTopiya, abaseGibhithe, amaKhanani, nezizwe ezithile zase-Afrika nezama-Arabhu bayinzalo kaHamu. Abase-Asia naseYurophu bayinzalo kaJafete. Bonke abantu bahlobene, futhi bazalwa belingana phambi kukaNkulunkulu. (IzEnzo 17:26) Leli qiniso kumelwe lithonye indlela esibheka futhi siphathe ngayo abanye.
IZwi LikaNkulunkulu Lingaba Namandla
Ingxenye yokuqala yencwadi kaGenesise inokulandisa okuwukuphela kwako okunembile mayelana nomlando wokuqala kwesintu. Kula makhasi, sikwazi ukuqonda injongo kaNkulunkulu yokubeka umuntu emhlabeni. Yeka indlela okuqinisekisa ngayo ukubona ukuthi akukho mizamo yabantu, njengekaNimrode, engavimba ukugcwaliseka kwayo!
Njengoba ufunda iBhayibheli masonto onke ulungiselela iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, ukuhlola lokho okushiwo engxenyeni ethi “Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo” kuyokusiza ukuba uqonde ezinye zezindima ezinzima zemiBhalo. Amaphuzu asengxenyeni ethi “Izifundo Esizitholayo” ayokubonisa indlela ongazuza ngayo ekufundweni kweBhayibheli kwalelo sonto. Lapho kufaneleka, angase futhi abe yisisekelo senkulumo yezidingo zebandla eMhlanganweni Wenkonzo. IZwi likaJehova liyaphila ngempela futhi lingaba namandla ekuphileni kwethu.—Hebheru 4:12.