Imibuzo Evela Kubafundi
Kungani uNowa ngenkathi esemkhunjini athumela igwababa futhi kamuva wathumela ijuba?
IBhayibheli alinikezi incazelo eningiliziwe. Nokho, kubonakala kunengqondo enkambweni eyathathwa uNowa.
Izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40, umhlaba wawuthole imvula enkulu, ibangela uzamcolo owamboza ngisho neziqongo zezintaba izinyanga ezinhlanu. Khona-ke “umkhumbi wema ezintabeni zaseArarati.” (Genesise 7:6–8:4) Ezinyangeni ezithile kamuva, ngemva kokuba ‘iziqongo zezintaba sezibonakala,’ uNowa “wathuma igwababa, lazulazula njalo.”—Genesise 8:5, 7.
Kungani athumela igwababa? Lena inyoni ekwazi ukundiza ngamandla, futhi ingaphila ngezinhlobonhlobo eziningi zokudla, kuhlanganise nenyama efile. UNowa kungenzeka wathumela igwababa ukuze abone ukuthi lalizobuya yini noma lalizohamba unomphelo emkhunjini, mhlawumbe lidle izinsalela zezidumbu ezivelayo njengoba amanzi ebohla futhi izwe selibonakala. Nokho, leligwababa alizange lihambe unomphelo. IBhayibheli lithi labuya, kodwa alisho ukuthi labuyela kuNowa. Mhlawumbe lalibuya lizophumula phezu komkhumbi phakathi nezikhathi zokundiza kwalo liyofuna ukudla okwakuntanta emanzini ayengakapheli.
Kamuva, uNowa wakhetha ukuthumela ijuba. Siyafunda: “Ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini.” (Genesise 8:9) Lokhu ngokwakho kusikisela ukuthi ijuba lalingase likwazi ukuhlola ukuthi amanzi ayizikhukhula ayesenciphile yini. Amajuba abonisa ukwethembela kakhulu kubantu. UNowa wayengakulindela ukuthi ijuba lalizobuya, hhayi nje ukuba lizophumula phezu komkhumbi, kodwa libuyele kuNowa uqobo.
Kuthiwa amajuba ahlala kuphela emhlabathini owomile, aziwa ngokuthi andizela phansi ezihosheni, futhi adla uhlaza. (Hezekeli 7:16) IGrzimek’s Animal Life Encyclopedia iyaphawula: “Njengoba kunjalo ngawo wonke amahobhe namajuba adla izimbewu nezinhlamvu, kuba nzima ukuwanikeza ukudla uma ungqimba lweqhwa [noma amanzi] luphikelela isikhathi esingaphezu kosuku, njengoba okuningi kwalokho okuwukudla kwawo kusemhlabathini.” Ngakho ijuba lalingase lilethe kuNowa ubufakazi bokuthi lalithole umhlabathi owomile noma izitshalo ezimilayo. Lapho uNowa elithumela okokuqala, ijuba lamane labuyela kuye emkhunjini. Ngokwesibili, lelijuba labuya neqabunga lomuthi womnqumo. Ngokwesithathu, alizange libuye, linikeza ubufakazi bokuthi kwase kungenzeka futhi kuphephile ngoNowa ukuba aphume emkhunjini.—Genesise 8:8-12.
Nakuba abanye bengase bacabange ukuthi lemininingwane yenzeka ngenhlanhla, iqiniso lokuthi lokhu kulandisa kuqonde ngqó, ngaphandle kokulwela ukunikeza izincazelo eziphelele, libonisa ukukholeka kweBhayibheli. Lisinikeza isizathu esengeziwe sokwamukela lokhu kulandisa, hhayi njengokwaqanjwa noma okwasungulwa, kodwa njengokunembe ngempela. Ukungabikho kwemininingwane eningiliziwe nezincazelo nakho kusikisela izinto ezithakazelisayo amaKristu athembekile angase abheke phambili ekuzibuzeni kuNowa lapho evuswa futhi achaze yena ngokwakhe imininingwane yezenzo zakhe.—Heberu 11:7, 39.