-
UNkulunkulu Wabiza USara Ngokuthi INkosazaneINqabayokulinda (Yomphakathi)—2017 | No. 5
-
-
Kwase kudlule iminyaka eyishumi kusukela u-Abrahama nomndeni wakhe bawela uMfula i-Ewufrathe baya ezweni laseKhanani. USara wayelokhu emsekela umyeni wakhe kulolu hambo ngoba wayazi ukuthi ngo-Abrahama, uNkulunkulu wayezofeza injongo yaKhe yokuba kube nesizwe nenzalo ekhethekile. Yini uSara ayengayenza ukuze leyo njongo ifezeke? Wayeyinyumba futhi eseneminyaka engu-75. Kungenzeka wayezibuza, ‘Kungenzeka kanjani ukuthi lesi sithembiso sikaNkulunkulu sifezeke ngoba angibatholi abantwana?’ Kungaqondakala ukuthi kungani ayekhathazekile futhi engahlaliseki.
-
-
UNkulunkulu Wabiza USara Ngokuthi INkosazaneINqabayokulinda (Yomphakathi)—2017 | No. 5
-
-
USara wabheka phambili. Njengoba babehamba behlala, wayeqhubeka esiza umyeni wakhe ekuqhubeni imfuyo yabo nasekudilizeni itende aphinde amsize uma sebeligxumeka futhi. Akugcinanga lapho, ziningi nezinye izinkinga abhekana nazo. UJehova waphinde wakhumbuza u-Abrahama ngayemthembise khona kodwa akukhulunywa lutho ngoSara!—Genesise 13:14-17; 15:5-7.
Ekugcineni, uSara watshela u-Abrahama lokho okwakusengqondweni yakhe. Mcabange uSara enobuso obudangele njengoba ethi: “Siza manje! UJehova ungivalile ukuba ngingabatholi abantwana.” Wacela umyeni wakhe ukuba athathe uHagari, isisebenzi sabo, ukuze amzalele abantwana. Uyacabanga ukuthi kwakunzima kanjani ngoSara ukucela umyeni wakhe ukuba enze lokho? Kungase kuzwakale kuyisicelo esingavamile leso uSara asicela kumyeni wakhe, kodwa ngesikhathi sabo kwakujwayelekile ukuthi indoda ibe nesithembu ukuze kuvele indlalifa.b Kungenzeka yini ukuthi uSara wacabanga ukuthi lelo cebo laliyokwenza ukuba u-Abrahama akwazi ukuveza inzalo ayeyithenjiswe uNkulunkulu? Kunoma yikuphi, uSara wayezimisele ukwenza leso sinqumo esinzima. Wenzenjani u-Abrahama? Sifunda ukuthi “walilalela izwi [likaSara].”—Genesise 16:1-3.
Ingabe lokho uSara akusho wayekuthunywe uJehova? Cha. Lokho uSara akusho kwakungaveli kuNkulunkulu. Kungenzeka wayecabanga ukuthi nguNkulunkulu owayemenze waba yinyumba, ngakho wayengacabangi ukuthi wayezoveza elinye isu. Isinqumo sikaSara, sasizomlethela ubuhlungu nezinkinga. Noma kunjalo, sabonisa ukuthi wayengazicabangeli yena yedwa. Isibonelo sikaSara sokucabangela abanye asimangalisi yini njengoba siphila ezweni elinabantu abazicabangela bona bodwa? Uma sizimisela ukwenza intando kaNkulunkulu kuqala kunezinto esizithandayo, sizobe silingisa ukholo lukaSara.
-