IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaGenesise—II
UGENESISE uhlanganisa iminyaka engu-2 369 yomlando wesintu kusukela ekudalweni komuntu wokuqala u-Adamu, kuya ekufeni kwendodana kaJakobe, uJosefa. Esihlokweni esandulele salo magazini, kwaxoxwa ngezahluko zokuqala eziyishumi, namavesi angu-9 esahluko 11, ahlanganisa ukulandisa kusukela ekudalweni kuya embhoshongweni waseBhabhele.a Lesi sihloko sisingatha amaphuzu avelele engxenye esele kaGenesise, aphathelene nokusebenzelana kukaNkulunkulu no-Abrahama, u-Isaka, uJakobe, noJosefa.
U-ABRAHAMA UBA UMNGANE KANKULUNKULU
Ngemva kweminyaka engaba ngu-350 kudlule uZamcolo, kuzalwa indoda ethandwa kakhulu uNkulunkulu ohlwini lozalo lwendodana kaNowa, uShemi. Igama layo ngu-Abrama, eba ngu-Abrahama kamuva. Eyalwa uNkulunkulu, u-Abrama ushiya umuzi wamaKhaledi, i-Uri, futhi uhlala ematendeni ezweni uJehova athembisa ukumnika lona, yena nenzalo yakhe. Ngenxa yokholo nokulalela kwakhe, u-Abrahama ubizwa ngokuthi “umngane kaJehova.”—Jakobe 2:23.
UJehova uthathela izakhamuzi ezimbi zaseSodoma nemizi eseduze isinyathelo, kuyilapho uLoti namadodakazi akhe belondolozwa. Kugcwaliseka isithembiso sikaNkulunkulu lapho kuzalwa indodana ka-Abrahama, u-Isaka. Ngemva kweminyaka, ukholo luka-Abrahama luyavivinywa lapho uJehova emyala ukuba anikele ngale ndodana njengomhlatshelo. U-Abrahama uzimisele ukwenza lokho, kodwa ingelosi iyamvimba. Akungatshazwa ukuthi u-Abrahama uyindoda yokholo, futhi uqinisekiswa ukuthi ngenzalo yakhe, zonke izizwe ziyozibusisa. Ukushona komkakhe othandekayo, uSara, kumdabukisa kakhulu u-Abrahama.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
12:1-3—Saqala nini ukusebenza isivumelwano sika-Abrahama, futhi sasebenza isikhathi esingakanani? Kusobala ukuthi isivumelwano sikaJehova no-Abrama sokuthi “yonke imindeni yomhlaba nakanjani iyozibusisa [ngo-Abrama]” saqala ukusebenza lapho u-Abrama ewela i-Ewufrathe eya eKhanani. Kumelwe ukuba lokhu kwenzeka ngo-Nisani 14, 1943 B.C.E.—eminyakeni engu-430 ngaphambi kokukhululwa kuka-Israyeli eGibhithe. (Eksodusi 12:2, 6, 7, 40, 41) Isivumelwano sika-Abrahama ‘siyisivumelwano kuze kube nini nanini.’ Siyohlala sisebenza ize ibusiswe imindeni yomhlaba futhi kuqedwe zonke izitha zikaNkulunkulu.—Genesise 17:7; 1 Korinte 15:23-26.
15:13—Ukuhlushwa iminyaka engu-400 kwenzalo ka-Abrama okwabikezelwa kwagcwaliseka nini? Le nkathi yokuhlushwa yaqala ngo-1913 B.C.E., lapho indodana ka-Abrahama u-Isaka ilunyulwa ineminyaka ecishe ibe mihlanu futhi umfowabo ngamzali-munye u-Ishmayeli, oneminyaka engu-19 ubudala, ‘eyigcona.’ (Genesise 21:8-14; Galathiya 4:29) Yaphela ngokukhululwa kwama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe ngo-1513 B.C.E.
16:2—Kwakuyinto efanelekile yini ngoSarayi ukuba anikele ngencekukazi yakhe uHagari, ibe inkosikazi ka-Abrama? Okwenziwa uSarayi kwakuyisiko ngaleso sikhathi—umfazi oyinyumba wayebophekile ukutholela umyeni wakhe isancinza ukuze kuzalwe indlalifa. Umkhuba wokuthatha isithembu waqala ngenzalo kaKhayini. Ekugcineni, waba isiko futhi wamukelwa abanye babakhulekeli bakaJehova. (Genesise 4:17-19; 16:1-3; 29:21-28) Nokho, uJehova akakaze ayilahle indinganiso yakhe yokuqala yokuba indoda ibe nomfazi oyedwa. (Genesise 2:21, 22) Kusobala ukuthi uNowa namadodana akhe, nabo abaphinde bayalwa ukuba ‘bazale bagcwalise umhlaba,’ babengamadoda amfazi munye. (Genesise 7:7; 9:1; 2 Petru 2:5) Futhi le ndinganiso yokuba nomfazi oyedwa yaphinde yaqiniswa uJesu Kristu.—Mathewu 19:4-8; 1 Thimothewu 3:2, 12.
19:8—ULoti wayengoni yini ngokunikela ngamadodakazi akhe emadodeni aseSodoma? Ngokwenkambiso yaseMpumalanga, kwakungumthwalo womninikhaya ukuvikela izivakashi emzini wakhe, azivikele ngisho naseqophelweni lokufa uma lokho kudingeka. ULoti wayezimisele ukwenza lokho. Ngesibindi waphuma waya esixukwini, wavala umnyango, wabhekana naso eyedwa vó. Wathi eqambe enikela ngamadodakazi akhe, cishe uLoti wayesebonile ukuthi izivakashi zakhe zaziyizithunywa ezivela kuNkulunkulu, futhi kungenzeka ukuthi waphetha ngokuthi uNkulunkulu wayengawavikela amadodakazi akhe njengoba ayevikele ubabekazi wakhe uSara eGibhithe. (Genesise 12:17-20) Ngempela, kwaba njalo, uLoti namadodakazi akhe bagcinwa belondekile.
19:30-38—UJehova wakuthethelela yini ukudakwa kukaLoti azale amadodana emadodakazini akhe amabili? UJehova akakuthetheleli ukulalana kwezihlobo zegazi, engakuthetheleli futhi nokudakwa. (Levitikusi 18:6, 7, 29; 1 Korinte 6:9, 10) Empeleni, uLoti wayezilahla ‘izenzo zokungabi namthetho’ zezakhamuzi zaseSodoma. (2 Petru 2:6-8) Lona kanye iqiniso lokuthi amadodakazi akhe amdakisa lisikisela ukuthi ayazi ukuthi uyise wayengeke avume ukuba nobuhlobo bobulili nawo ingqondo isile. Kodwa njengezihambi ezweni, amadodakazi akhe abona ukuthi lena kwakuwukuphela kwendlela ayengavimbela ngayo ukushabalala komkhaya kaLoti. Lokhu kulandisa kuseBhayibhelini ukuze kuveze ubuhlobo bakwabakwaMowabi (ngoMowabi) nabakwa-Amoni (ngoBheni-ami) nenzalo ka-Abrahama, ama-Israyeli.
Izifundo Esizitholayo:
13:8, 9. Yeka isibonelo esihle u-Abrahama asibekela sona ekusingatheni ukungaboni ngaso linye! Akufanele sincame ukulahlekelwa ubuhlobo obunokuthula nabanye ukuze nje sizuze ngokwezimali, kwenzeke lokho thina esikuthandayo, noma ngenxa yokuqhosha.
15:5, 6. Lapho u-Abrahama eguga futhi engakabi nayo indodana, wakhuluma noNkulunkulu wakhe ngale ndaba. UJehova yena wabe esemqinisekisa. Waba yini umphumela? U-Abrahama “waba nokholo kuJehova.” Uma sithululela izinhliziyo zethu kuJehova ngomthandazo, samukele iziqinisekiso zakhe eziseBhayibhelini, senze lokho akushoyo, ukholo lwethu luyoqina.
15:16. UJehova wagodla isahlulelo sakhe kuma-Amori (noma, abaseKhanani) kwaze kwadlula izizukulwane ezine. Ngani? Ngenxa yokuthi unguNkulunkulu obekezelayo. Walinda kwaze kwacaca ukuthi akusekho themba lokuthi ayoke ashintshe. NjengoJehova, kudingeka sibekezele.
18:23-33. UJehova akabhubhisi abantu ngokungakhethi. Uyabavikela abalungile.
19:16. ULoti ‘wayelokhu elibala,’ futhi kwacishe kwadingeka izingelosi simhudulele ngaphandle komuzi waseSodoma, yena nomkhaya wakhe. Senza ngokuhlakanipha uma singalahlekelwa umuzwa wethu wokuphuthuma njengoba silindele ukuphela kwaleli zwe elibi.
19:26. Yeka indlela okuwubuwula ngayo ukuphazanyiswa noma ukuhahela izinto esizishiye ezweni!
UJAKOBE UBA NAMADODANA ANGU-12
U-Abrahama uhlela umshado ka-Isaka noRebheka, owesifazane onokholo kuJehova. URebheka uzala amawele, u-Esawu noJakobe. U-Esawu weya ilungelo lakhe lobuzibulo, ulidayisela uJakobe, kamuva uJakobe athole isibusiso sikayise. UJakobe ubalekela ePhadani-aramu, lapho eshada khona noLeya noRaheli futhi eluse umhlambi kayise walaba besifazane iminyaka engu-20 ngaphambi kokwemuka nomkhaya wakhe. UJakobe uba namadodana angu-12 nendodakazi eyodwa kuLeya, uRaheli, nezincekukazi zabo ezimbili. UJakobe ubambana nengelosi futhi uyabusiswa, igama lakhe liyashintshwa abe u-Israyeli.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
28:12, 13—Lalisho ukuthini iphupho likaJakobe ‘lesikhwelo’? Lesi “sikhwelo,” okungenzeka ukuthi sasibukeka njengezitebhisi zamatshe ezikhuphukayo, sasibonisa ukuthi kukhona ukuxhumana phakathi komhlaba nezulu. Ukwehla nokwenyuka kwezingelosi zikaNkulunkulu kulesi sikhwelo kwabonisa ukuthi izingelosi zikhonza ngendlela ethile ebalulekile phakathi kukaJehova nabantu abamukelwa nguye.—Johane 1:51.
30:14, 15—Kungani uRaheli adela ithuba lokulala nomyeni wakhe ukuze athole amamandrake? Ezikhathini zasendulo, isithelo samamandrake sasisetshenziswa njengomlaliso lapho kwelashwa futhi sasisetshenziselwa ukuvimbela noma ukudambisa umqhakanyeko. Kwakuthiwa lesi sithelo sikwazi ukubangela isifiso sobulili, sandise namathuba omuntu okukhulelwa noma sisize ekuhlaleni kwesisu. (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 7:13) Nakuba iBhayibheli lingasivezi isisusa sikaRaheli sokwenana amamandrake, kungenzeka ukuthi wacabanga ukuthi amamandrake ayengamsiza akhulelwe kuphele ihlazo lakhe lokuba inyumba. Nokho, kwakusazodlula iminyaka ethile ngaphambi kokuba uJehova “avule isibeletho sakhe.”—Genesise 30:22-24.
Izifundo Esizitholayo:
25:23. UJehova unekhono lokubona izakhi zofuzo zomuntu ongakazalwa, asebenzise ukwazi kwakhe izinto kusengaphambili futhi ahlunge umuntu amkhethela izinjongo zakhe. Noma kunjalo, akabanqumeli abantu kusengaphambili ukuthi bayophelelaphi.—Hoseya 12:3; Roma 9:10-12.
25:32, 33; 32:24-29. Ukukhathalela kukaJakobe ukuthola ilungelo lobuzibulo nokubambana nengelosi ubusuku bonke ukuze athole isibusiso, kubonisa ukuthi wayezazisa ngempela izinto ezingcwele. UJehova usiphathise inqwaba yezinto ezingcwele, njengobuhlobo bethu naye nenhlangano yakhe, isihlengo, iBhayibheli, nethemba lethu loMbuso. Kwangathi singafana noJakobe ekuboniseni ukwazisa izinto ezingcwele.
34:1, 30. Inkathazo ‘eyalethela uJakobe isigcwagcwa’ yaqala ngoba uDina waba umngane nabantu ababengamthandi uJehova. Kumelwe sibakhethe ngokuhlakanipha abangane bethu.
UJEHOVA UBUSISA UJOSEFA EGIBHITHE
Umona wenza amadodana kaJakobe athengise umfowabo uJosefa njengesigqila. EGibhithe, uJosefa ufakwa etilongweni ngoba ngokwethembeka nangesibindi unamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokuziphatha. Ngokuhamba kwesikhathi, uyakhishwa etilongweni ukuze achaze iphupho likaFaro elibikezela iminyaka eyisikhombisa yenala ilandelwa iminyaka eyisikhombisa yendlala. UJosefa ube esemiswa njengomqondisi wokudla waseGibhithe. Abafowabo beza eGibhithe bezofuna ukudla ngenxa yendlala. Umkhaya uphinde uhlangane futhi uhlala ezweni laseGosheni elithelayo. Esezoshona, uJakobe ubusisa amadodana akhe futhi usho isiprofetho esinikeza ithemba eliqinisekile lezibusiso ezinkulu esikhathini esikude esizayo. Isidumbu sikaJakobe siyiswa eKhanani ukuze siyongcwatshwa khona. Lapho uJosefa eshona eneminyaka engu-110 ubudala, isidumbu sakhe siyagqunyiswa ukuze kamuva siyiswe eZweni Lesithembiso.—Eksodusi 13:19.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
43:32—Kungani kwakuyinto enengekayo kumaGibhithe ukudla namaHebheru? Kungenzeka kakhulu ukuthi kwakungenxa yokubandlulula ngokwenkolo noma ukuqhosha ngohlanga. Nabelusi babeyinto enengekayo kwabaseGibhithe. (Genesise 46:34) Ngani? Kungenzeka ukuthi kwakungenxa yokuthi abelusi babephansi kakhulu ngokwesikhundla eGibhithe. Noma ukuthi njengoba yayilinganiselwe indawo yokulima, abaseGibhithe babebeya labo ababefuna amadlelo emfuyo yabo.
44:5—Ingabe ngempela uJosefa wayesebenzisa indebe ukuze afunde amabika? Kusobala ukuthi indebe yesiliva nalokho okwashiwo ngayo kwakuyingxenye yecebo. UJosefa wayengumkhulekeli kaJehova othembekile. Akazange ayisebenzise ngempela indebe ukuze afunde amabika, njengoba nje noBhenjamini engayintshontshanga ngempela.
49:10—Isho ukuthini “intonga” kanye “nobhoko lomyali”? Intonga induku ephathwa umbusi njengophawu lwegunya lokubusa. Ubhoko lomyali induku ende ebonisa amandla akhe okuyala. Ukukhuluma kukaJakobe ngentonga nangobhoko lomyali kwabonisa ukuthi igunya namandla amakhulu ayeyohlala esizweni sikaJuda aze afike uShilo. Le nzalo kaJuda nguJesu Kristu, lowo uJehova amnike ukubusa kwasezulwini. UKristu unegunya lokubusa futhi unamandla okuyala.—IHubo 2:8, 9; Isaya 55:4; Daniyeli 7:13, 14.
Izifundo Esizitholayo:
38:26. UJuda wona endleleni asebenzelana ngayo nomalokazana wakhe ongumfelokazi, uThamari. Nokho, lapho eboniswa ukuthi nguye owayemkhulelisile, ngokuthobeka uJuda wasivuma isono sakhe. Nathi kufanele sisheshe siwavume amaphutha ethu.
39:9. Indlela uJosefa enza ngayo endabeni yakhe nomkaPotifari ibonisa ukuthi ukucabanga kwakhe kwakuvumelana nokucabanga kukaNkulunkulu ezindabeni zokuziphatha, nokuthi unembeza wakhe wawuqondiswa izimiso zikaNkulunkulu. Akufanele yini nathi silwele ukwenza okufanayo njengoba sikhula olwazini olunembile lweqiniso?
41:14-16, 39, 40. UJehova angabashintshela izimo labo abamesabayo. Lapho kugadla usizi, siyobe senza ngokuhlakanipha uma sithembela kuJehova futhi siqhubeke sithembekile kuye.
Babenokholo Oluqinile
U-Abrahama, u-Isaka, uJakobe, noJosefa ngempela babengamadoda okholo esaba uNkulunkulu. Izindaba zokuphila kwabo, ezisencwadini kaGenesise, ngempela ziqinisa ukholo futhi zisifundisa izifundo eziningi eziwusizo.
Ungazuza kulokhu kulandisa njengoba ufunda iBhayibheli masonto onke ulungiselela iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Ukucabangela amaphuzu osekuxoxwe ngawo kuyosiza ekwenzeni lezi zindaba ziphile.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “IZwi LikaNkulunkulu Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaGenesise—I” kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 2004.
[Isithombe ekhasini 26]
U-Abrahama wayeyindoda yokholo
[Izithombe ekhasini 26]
UJehova ubusisa uJosefa
[Isithombe ekhasini 26]
ULoti othembekile namadodakazi akhe balondolozwa
[Isithombe ekhasini 29]
UJakobe wayezazisa izinto ezingcwele. Wena uyazazisa?