-
“Ngizimisele Ukuhamba”INqabayokulinda (Yomphakathi)—2016 | No. 3
-
-
Phawula ukuthi uRebheka akazange nje akhe amanzi azophuzwa amakamela ayishumi, kodwa wakha amanzi ayezowaphuza aze adele. Uma lome kakhulu, ikamela elilodwa lingaphuza amalitha angaphezu kwangu-95 amanzi! Ukube amakamela ayishumi ayome ngaleyo ndlela, uRebheka wayezokha amanzi amahora amaningi. Kodwa kubonakala sengathi amakamela ayengomile kakhulu.a Kodwa ingabe uRebheka wayekwazi lokho ngaphambi kokuba athi uzokhela amakamela amanzi? Cha. Wayenesifiso futhi ezimisele ukusebenza kanzima kuye ngesidingo ukuze asize le ndoda esikhulile. Le ndoda yavuma ukuba enze lokho. Yabe isimbuka ngokucophelela njengoba ehla enyuka egcwalisa imbiza ngokuphindaphindiwe ephuzisa amakamela.—Genesise 24:20, 21.
URebheka wayekhuthele futhi enesandla esivulekile
-
-
“Ngizimisele Ukuhamba”INqabayokulinda (Yomphakathi)—2016 | No. 3
-
-
Ngokuqinisekile uRebheka wabona ukuthi le ndoda endala imbhekile. Yayingambuki ngendlela engafanele; yayimbuka ngendlela ebonisa ukumangala, ukwazisa nokujabula. Ekugcineni, lapho uRebheka eqeda, le ndoda yamnika izipho—ubucwebe obuyigugu! Yabe isibuza: “Uyindodakazi kabani? Ngicela ungitshele. Ingabe ikhona indawo esingalala kuyo endlini kayihlo?” Lapho eyitshela ngomndeni wakubo, le ndoda yajabula nakakhulu. Mhlawumbe ngenxa yenjabulo, uRebheka wanezela: “Sinakho kokubili utshani nefolishi eliningi, kanye nendawo yokulala”—okuyinto ephawulekayo ngoba le ndoda yayihamba nabanye abantu. Ngemva kwalokho uRebheka wagijima wahamba phambili wayobika kunina ngalokho okwakusanda kwenzeka.—Genesise 24:22-28, 32.
-