Kungani Kufanele Wesabe UNkulunkulu Weqiniso Manje?
“Mesabe uNkulunkulu weqiniso futhi ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu yisibopho esiphelele somuntu.”—UMSHUMAYELI 12:13, NW.
1, 2. Kungani ukwesaba uNkulunkulu okufanele kufaneleka?
UKWESABA uNkulunkulu okunempilo nokunenhlonipho kumlungele umuntu. Yebo, nakuba ukwesaba kobuntu okuningi kuphazamisa ngokomzwelo, kulimaza ngisho nenhlalakahle yethu, ukwesaba uJehova uNkulunkulu kusilungele.—IHubo 112:1; UmShumayeli 8:12.
2 UMdali uyakwazi lokhu. Ngenxa yokuthanda indalo yakhe, uyala bonke ukuba bamesabe futhi bamkhulekele. Siyafunda: “Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, futhi yayinezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu, ithi ngezwi elikhulu: ‘Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulelwa nguye selifikile, ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba.’”—IsAmbulo 14:6, 7.
3. UMdali wayebenzeleni abazali bethu bokuqala?
3 Ngokuqinisekile akufanele simshaye indiva uMdali wezinto zonke, uMthombo wokuphila, ngoba ungumnikazi wethu naleplanethi. (IHubo 24:1) Ebonakalisa uthando lwakhe olukhulu, uJehova wanikeza izingane zakhe zasemhlabeni ukuphila nendawo enhle kakhulu ukuba ziphile kuyo—ipharadesi elihle. Nokho, lesi sipho esimangalisayo sasinemibandela. Eqinisweni, sasiyinto ephathisiwe. Abazali bethu bokuqala kwakumelwe banakekele leli khaya labo futhi balandise kuze kube yilapho seligcwele abantu futhi banqobe wonke umhlaba. Babenamalungelo nemithwalo yemfanelo ngezilwane zomhlaba, izinyoni, nezinhlanzi—zonke ezinye izidalwa eziphilayo ezaziyophila nabo emhlabeni kanye nabantwana babo. Umuntu wayeyolandisa ngalento enkulu ayeyiphathisiwe.
4. Umuntu uyenzeni indalo kaNkulunkulu?
4 Naphezu kwaleso siqalo esihle, ake ubheke lokho umuntu akwenzile engcolisa ikhaya lakhe elihle lasemhlabeni! Bengakunaki ngendelelo ukuba kukaNkulunkulu umnikazi waleli gugu, abantu baye bangcolisa umhlaba. Lokhu kungcola kusezingeni lokusongela ukuba khona kwezinhlobo ezengeziwe zezilwane, izinyoni, nezinhlanzi. UNkulunkulu wethu onobulungisa nothando ngeke akubekezelele phakade lokhu. Ukuphangwa komhlaba kukhalela ukulandisa, okuyinto abaningi abafanele ukuyesaba. Ngakolunye uhlangothi, kulabo abathemba uNkulunkulu ngenhlonipho, kuyaduduza ukwazi okuzokwenzeka. UJehova uzokwenza kube nokulandisa, futhi umhlaba uyovuselelwa. Lezi yizindaba ezithokozisa ngempela kubo bonke abanezinhliziyo ezilungile emhlabeni.
5, 6. UJehova uyosabela kanjani kulokho umuntu akwenze endalweni yaKhe?
5 UNkulunkulu uyosikhipha kanjani isahlulelo sakhe? NgoJesu Kristu, manje osesihlalweni sobukhosi njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. Ngaleyo Ndodana yasezulwini, uJehova uyophelisa isimiso samanje esingahlanzekile, nesihlubukayo. (2 Thesalonika 1:6-9; IsAmbulo 19:11) Ngalendlela uyoletha impumuzo kulabo abamesabayo, futhi ngesikhathi esifanayo, kophulwe futhi kuvikelwe ikhaya lethu lasemhlabeni.
6 Kuyokwenzeka kanjani lokhu? IBhayibheli lilandisa ngosizi olukhulu oluzayo oluyofinyelela umvuthwandaba empini ye-Armagedoni. (IsAmbulo 7:14; 16:16) Lesi kuyoba isahlulelo sikaNkulunkulu kulesi simiso sezinto esingcolile nabangcolisi baso. Bakhona yini abantu abayosala bephila? Yebo! Kuyoba yilabo abesaba uNkulunkulu, hhayi ngendlela ekhwantabalisayo, nengenampilo, kodwa abamesaba ngenhlonipho. Bayokhululwa.—IzAga 2:21, 22.
Ukubonakaliswa Kwamandla Okumangalisayo
7. Kungani uNkulunkulu angenela endabeni ka-Israyeli osukwini lukaMose?
7 Lesi senzo sikaJehova uNkulunkulu esihlasimulisayo safanekiselwa yisenzo samandla asenzela abakhulekeli bakhe eminyakeni engaba ngu-1 500 ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile. Ibutho elikhulu laseGibithe laligqilaze izisebenzi ezingama-Israyeli ezaziyizifiki, lalize lazama ngisho nohlobo oluthile lokuqothulwa kohlanga lapho umbusi walo, uFaro, eyala ukuba kubulawe wonke ama-Israyeli esilisa ayesanda kuzalwa. UNkulunkulu wanqoba iGibithe ngokukhulula u-Israyeli kuleso simiso sezombangazwe esicindezelayo, yebo, ngokumkhulula ezweni elalingcoliswe ukukhulekelwa konkulunkulu abaningi.
8, 9. UMose nama-Israyeli basabela kanjani ekungeneleni kukaNkulunkulu?
8 U-Eksodusi isahluko 15 ulandisa ngokusabela kuka-Israyeli lapho ekhululwa eGibithe. Ukuhlaziya lendaba kuzosisiza ukuba siqonde indlela amaKristu angase akhululwe ngayo kulesi simiso samanje esingcole ngokomoya nangokwenyama. Ake sicabangele u-Eksodusi isahluko 15, sigxile emavesini athile ukuze sibone ukuthi kungani kufanele sikhethe ukwesaba uJehova, uNkulunkulu weqiniso. Siqala ngamavesi 1 no-2:
9 “Base behlabelela uMose nabantwana bakwaIsrayeli leligama, bekhuluma bethi: Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihashi nenkweli yalo ukuphonsé elwandle. UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba-yinsindiso kimi.”
10. Yini eyaholela ekubeni uNkulunkulu abhubhise ibutho laseGibithe?
10 Embulungeni yonke abantu bajwayelene nokulandisa okuphathelene nendlela uJehova akhulula ngayo u-Israyeli eGibithe. Waletha izinhlupho kulowo mbuso wezwe onamandla kwaze kwaba yilapho uFaro evuma ukuba ama-Israyeli ahambe. Kodwa ngemva kwalokho amabutho kaFaro abaxosha laba bantu ababengenakuzivikela futhi ababonakala bevaleleke ogwini loLwandle Olubomvu. Nakuba kwakubonakala kuseduze ukuba abantwana bakwa-Israyeli balahlekelwe inkululeko yabo ababesanda kuyithola, uJehova wayehlose okuhlukile. Ngokuyisimangaliso wavula indlela phakathi kolwandle, waphephisa abantu bakhe. Lapho abaseGibithe belandela, wenza uLwandle Olubomvu lwavalekela phezu kwabo, waminzisa uFaro namabutho akhe.—Eksodusi 14:1-31.
11. Yini eyaba umphumela wokuba uNkulunkulu athathele iGibithe isinyathelo?
11 Ukubhubhisa kukaJehova amabutho aseGibithe kwamphakamisa emehlweni abakhulekeli bakhe futhi kwenza igama lakhe laziwa kabanzi. (Joshuwa 2:9, 10; 4:23, 24) Yebo, igama lakhe laphakanyiswa ngaphezu konkulunkulu bamanga baseGibithe abangenamandla, abahluleka ukukhulula abakhulekeli babo. Ukuthembela konkulunkulu babo nakumuntu ofayo nasemandleni ezempi kwaholela ekudumaleni okubuhlungu. (IHubo 146:3) Kungakho ama-Israyeli ashukunyiselwa ukuba ahlabelele izindumiso ezabonakalisa ukwesaba okunempilo ngoNkulunkulu ophilayo, okhulula abantu bakhe ngamandla!
12, 13. Yini okufanele siyifunde ekunqobeni kukaNkulunkulu oLwandle Olubomvu?
12 Ngokufanayo, kufanele siqaphele ukuthi abekho onkulunkulu bamanga besikhathi sethu nemibuso emikhulu, ngisho nezikhali zenuzi, ezingase ziqhathaniswe noJehova. Angakwazi futhi uyobakhulula abantu bakhe. “Uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: Wenzani na?” (Daniyeli 4:35) Uma siwuthola ngokugcwele umqondo walamazwi, nathi sishukunyiselwa ukuba sihlabelele izindumiso zakhe ngokujabula.
13 Ingoma yokunqoba oLwandle Olubomvu iyaqhubeka: “UJehova uyindoda yempi; nguJehova igama lakhe.” Ngakho-ke, leli Qhawe elingahlulwa nanini aliyona into engaziwa ecatshangwayo. Linegama! ‘LiyiLowo obangela ukuba kube khona,’ uMenzi Omkhulu, Lowo ‘ogama lakhe linguJehova, ongoPhezukonke emhlabeni wonke.’ (Eksodusi 3:14; 15:3-5; IHubo 83:18) Awuvumi yini ukuthi kwakuyoba ukuhlakanipha ukuba labo bantu baseGibithe lasendulo babe nomuzwa olinganiselwe nowenhlonipho wokwesaba uMninimandla onke esikhundleni sokumdelela?
14. Kwabonakaliswa kanjani ukubaluleka kokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu oLwandle Olubomvu?
14 NjengoMklami womhlaba, uMenzi wolwandle uwalawula ngokuphelele amanzi. (Eksodusi 15:8) Esebenzisa amandla akhe phezu komoya, wenza okwakubonakala kungenakwenzeka. Wahlukanisa ulwandle endaweni ethile wayesephoqa amanzi ukuba abuyele emuva nhlangothi zombili ukuze enze umhubhe phakathi kwamanzi ukuze abantu bakhe badlule. Zakhele umbono walesi simo: izigidi zamathani amanzi olwandle enqwabelene aphakama aba yizindonga ezilinganayo, akhela u-Israyeli indlela yokuphepha evikelekile. Yebo, labo ababonisa ukwesaba uNkulunkulu okunempilo bathola isivikelo. UJehova wabe esededela amanzi, ewayeka ukuba agubhe njengozamcolo onamandla, amboza amabutho kaFaro nakho konke okwawo. Yeka ukubonakaliswa kwamandla aphezulu phezu konkulunkulu abayize namandla abantu ezempi! Ngokuqinisekile, uJehova ungumuntu wokwesatshwa, akunjalo?—Eksodusi 14:21, 22, 28; 15:8.
Ukubonisa Ukwesaba Kwethu UNkulunkulu
15. Kufanele sisabele kanjani ezenzweni zikaNkulunkulu zamandla zokusindisa?
15 Uma sasiye sema siphephile ngakuMose, ngokuqinisekile sasiyoshukunyiselwa ukuba sihlabelele: “Ngubani onjengawe-Jehova phakathi kwawonkulunkulu; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezibongo, owenza izimangaliso, na?” (Eksodusi 15:11) Imizwa enjalo iye yenanelwa phakathi namakhulu eminyaka kusukela lapho. Encwadini yokugcina yeBhayibheli, umphostoli uJohane uchaza iqembu lezinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe ezikholekile: “Bahlabelela ingoma kaMose isigqila sikaNkulunkulu nengoma yeWundlu.” Iyiphi lengoma evelele? “Mikhulu iyamangalisa imisebenzi yakho, Jehova Nkulunkulu, Mninimandla onke. Zilungile futhi ziyiqiniso izindlela zakho, Nkosi yaphakade. Ubani ongeke ngempela akwesabe, Jehova, futhi akhazimulise igama lakho, ngoba wena wedwa uthembekile?”—IsAmbulo 15:2-4.
16, 17. Yini enhle kakhulu esiyibona yenzeka namuhla?
16 Ngakho nanamuhla kunabakhulekeli abakhululiwe abangagcini nje ngokwazisa imisebenzi kaNkulunkulu yokudala kodwa abazisa nemiyalo yakhe. Abantu kuzo zonke izizwe baye bakhululwa ngokomoya, bahlukaniswa nalelizwe elingcolile ngoba baqaphela futhi basebenzisa imiyalo kaNkulunkulu yokulunga. Minyaka yonke, amakhulu ezinkulungwane ayabaleka kulelizwe elonakele ayohlala enhlanganweni ehlanzekile neqotho, yabakhulekeli bakaJehova. Maduze nje, ngemva kokuba izahlulelo zikaNkulunkulu ezinjengomlilo sezikhishiwe enkolweni yamanga nakuso sonke lesi simiso esibi, bazophila phakade ezweni elisha lokulunga.
17 Ngokuvumelana nesAmbulo 14:6, 7, isintu manje sizwa isigijimi sesahlulelo esimenyezelwa oFakazi BakaJehova ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi. Emazweni angaphezu kuka-230 ngonyaka odlule, oFakazi abangaba izigidi ezinhlanu bamemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nehora lakhe lokwahlulela. Ukuze bafundise abantu abakanye nabo ukuze basindiswe, oFakazi baya njalo emizini yabantu, baqhube izifundo zeBhayibheli zamahhala. Ngenxa yalokho amakhulu ezinkulungwane unyaka ngamunye afunda okwanele ukuba esabe uNkulunkulu weqiniso ngokukhalipha, anikezele ukuphila kwawo kuye, futhi abhapathizwe. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukuthi abanjalo baye besaba uNkulunkulu weqiniso!—Luka 1:49-51; IzEnzo 9:31; qhathanisa namaHeberu 11:7.
18. Yini ebonisa ukuthi izingelosi zihilelekile ekushumayeleni kwethu?
18 Kuyiqiniso yini ukuthi izingelosi zihilelekile kulomsebenzi wokushumayela? Ngokuqinisekile kubonakala kusobala ukuthi ukuqondisa kwezingelosi ezikhathini eziningi kuye kwayisa oFakazi BakaJehova emzini lapho othile ocindezelekile ebelangazelela, futhi ethandazela usizo olungokomoya! Ngokwesibonelo, oFakazi BakaJehova ababili ababehamba nengane babeshumayela izindaba ezinhle esiqhingini esithile saseCaribbean. Njengoba ilanga liphakama, laba bantu abadala ababili banquma ukuba bame okwalolo suku. Kodwa ngendlela engavamile ingane yashisekela ukuya emzini olandelayo. Lapho ibona ukuthi abantu abadala babengenkamunkamu ukuya khona ngaleso sikhathi, yaya yodwa yafike yangqongqoza. Intokazi ethile yavula umnyango. Lapho abantu abadala bebona lokhu, baya khona bakhuluma nayo. Yabangenisa, yachaza ukuthi lapho izwa ukungqongqoza emnyango ibisanda kuthandaza icela uNkulunkulu ukuba athumele oFakazi ukuba bazoyifundisa iBhayibheli. Kwenziwa amalungiselelo esifundo seBhayibheli.
19. Yini esingabhekisa kuyo sithi iyinzuzo yokwesaba uNkulunkulu?
19 Njengoba sihambisa isigijimi sikaNkulunkulu sesahlulelo ngokukholeka, sifundisa nangemiyalo yakhe yokulunga. Lapho isetshenziswa ekuphileni kwabantu, kuba nezibusiso ezingokwenyama nezingokomoya. Ngokwesibonelo, iBhayibheli licace bhá ekulahleni konke ukuziphatha okubi kobulili. (Roma 1:26, 27, 32) Namuhla abaningi ezweni bazishaya indiva izindinganiso zaphezulu. Uye waba yini umphumela? Imishado iyawohloka. Ubuhlongandlebe buyanda. Izifo ezigogayo noma ezibulalayo ezidluliselwa ngobulili, eziye zabhebhetheka kuleli khulu lama-20, ziyanda. Ngempela, isifo esesabekayo sengculaza ngezinga elikhulu sisakazwa ngokuziphatha okubi kobulili. Kodwa ukwesaba uNkulunkulu ngenhlonipho akubavikelanga yini kakhulu abakhulekeli beqiniso?—2 Korinte 7:1; Filipi 2:12; bheka nezEnzo 15:28, 29.
Imiphumela Yokwesaba UNkulunkulu Manje
20. Yini ebonisa ukuthi abanye bayalazi idumela loFakazi BakaJehova?
20 Ziningi izibusiso kulabo abesaba uNkulunkulu futhi belalela imiyalo yakhe. Cabanga ngesenzakalo esibonisa ukuthi liya liqashelwa iqiniso lokuthi oFakazi BakaJehova bakha ubuzalwane obunokuthula bamaKristu aziphatha ngobuqotho. Idlanzana loFakazi, elaliyizihambeli zomhlangano wezizwe eNingizimu Melika, lalihlala ehhotela lelo ngobunye ubusuku elasetshenziselwa umhlangano wabangebona oFakazi okwakuzokhuluma kuwo umongameli wezwe. Njengoba iqembu lonogada liphuthumisa umongameli ekheshini, uFakazi owayengazi ukuthi kunobani ekheshini wangena, onogada bamangala! Eqaphela ukuthi wayenzeni, loFakazi waxolisa ngokuphazamisa. Waveza ibheji lakhe lomhlangano elimchaza njengoFakazi futhi wathi wayengeyona ingozi kumongameli. Emomotheka, unogada wathi: “Ukuba bonke abantu bebenjengoFakazi BakaJehova, besingeke siludinge loluhlobo lwezokuphepha.”—Isaya 2:2-4.
21. Yiziphi izinyathelo abantu abangazithatha namuhla?
21 Lolu uhlobo lwabantu uJehova alubuthayo njengamanje futhi alulungiselela ‘ukuphuma osizini olukhulu’ oluyoqeda lesi simiso. (IsAmbulo 7:9, 10, 14) Ukusinda okunjalo ngeke kwenzeke ngenhlanhla. Ukuze umuntu asinde, kumelwe esabe uJehova, amqaphele njengoMbusi ofanele, futhi azinikezele kuye. Nokho, iqiniso liwukuthi abaningi ngeke baluhlakulele uhlobo lokwesaba oluyobenza bafanelekele isivikelo. (IHubo 2:1-6) Ngokwabo bonke ubufakazi obukhona, uMbusi kaJehova okhethiwe, uJesu Kristu, ubelokhu ebusa njengeNkosi kusukela ngonyaka obucayi ka-1914. Lokhu kusho ukuthi isikhathi esisele sibanciphela ngokushesha abantu ukuba bahlakulele futhi babonise ukwesaba uJehova okunempilo. Noma kunjalo, uMdali wethu uvumela abantu, ngisho nabasezikhundleni eziphakeme, ukuba basabele uma ethi: “Hlakaniphani nina-makhosi; yalekani nina-bahluleli bomhlaba. Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela. Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.”—IHubo 2:7-12.
22. Ikusasa libaphatheleni labo abesaba uNkulunkulu manje?
22 Kwangathi singaba phakathi kwalabo abayodumisa uMdali wethu njengaLowo owasophula. Nokho, lokhu kwenza kudingeke sesabe uNkulunkulu weqiniso manje! (Qhathanisa neHubo 2:11; Heberu 12:28; 1 Petru 1:17.) Kumelwe siqhubeke sifunda imiyalo yakhe yokulunga futhi siyilalele. Ingoma kaMose neyeWundlu, elotshwe kusAmbulo 15:3, 4, iyoya izwakala kakhulu lapho uJehova esusa bonke ububi emhlabeni futhi eqala ukuphulukisa umuntu nekhaya lakhe lasemhlabeni emiphumeleni engcolisayo yesono. Khona-ke, ngezinhliziyo zethu zonke, siyohlabelela: “Mikhulu iyamangalisa imisebenzi yakho, Jehova Nkulunkulu, Mninimandla onke. Zilungile futhi ziyiqiniso izindlela zakho, Nkosi yaphakade. Ubani ongeke ngempela akwesabe, Jehova, futhi akhazimulise igama lakho?”
Uyakhumbula?
◻ Kungani uJehova efanelwe ukwesaba kwethu okunempilo?
◻ Yini eyabonakaliswa yizenzo zikaNkulunkulu oLwandle Olubomvu?
◻ Yiziphi izinzuzo eziza ngokwesaba kwethu uJehova ngenhlonipho?
◻ Yiliphi ikusasa elilindele labo abesaba uNkulunkulu weqiniso manje?