UMose Onezimpondo—Isimangaliso Sobungcweti
UMA wake wavakashela eItaly, kungenzeka wake wasibona isithombe esiqoshiwe esidumile sikaMose ohleli esenziwa uMichelangelo, manje esibekwe eSontweni likaSt. Peter eChains, eRome. Yeka indlela esibukeka simangalisa ngayo lesithombe esiqoshiwe sekhulu le-16 leminyaka, njengoba sibonisa uMose enezimpondo ezimile ekhanda lakhe! Eqinisweni, abadwebi abaningi bemifanekiso baye badweba uMose enezimpondo. Kungani kunjalo? Ingabe iBhayibheli liyasinikeza isisekelo salomqondo?
Inguqulo yeBhayibheli iVulgate yesiLatin isitshela ukuthi emva kwenkulumo yakhe noNkulunkulu eNtabeni yaseSinayi, ubuso bukaMose ‘baba nezimpondo.’ (Eksodusi 34:29, 30, 35; qhathanisa neDouay Version.) IVulgate yaba nesasasa elikhulu kwabaningi beLobukholwa futhi kanjalo yathonya indlela eyayiqondwa ngayo imibhalo.
Nokho, igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi ‘ukuba nezimpondo’ linencazelo ethi futhi ‘khipha imisebe’ noma ‘khazimula.’ (Bheka umbhalo waphansi weDouay Version kuEksodusi 34:29.) Ngokwencwadi iTheological Wordbook of the Old Testament, leligama “libonisa isimo sophondo (izimpondo) kunokuba libonise into uqobo.” Futhi lapho ibhekwa emfanekisweni, imisebe yokukhanya iyafana ngempela nezimpondo.
Iqiniso lokuthi ubuso bukaMose bakhipha imisebe liyaqondakala, njengoba inkazimulo kaJehova yayisanda kudlula. (Eksodusi 33:22; 34:6, 7) UPawulu ufakazela lokhu njengolwazi oluqondile, ebhala ‘ngenkazimulo’ yobuso bukaMose, hhayi ‘yezimpondo’ zakhe.—2 Korinte 3:7.
Ngakho ulwazi oluqondile ngokusetshenziswa kolimi lweBhayibheli luholela olwazini olujule ngokwengeziwe ngomlando weBhayibheli. Ngakho-ke, izimpondo ezisesithombeni sikaMose esidumile esaqoshwa uMichelangelo zimane nje ziyisimangaliso sobungcweti esivela ephutheni lendlela yokuhumusha elikade lalungiswa.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 7]
Based on Short History of Art