ISIFUNDO 04
Ungubani UNkulunkulu?
Cishe selokhu abantu baba khona bebekhonza onkulunkulu nonkulunkulukazi abaningi. Kodwa iBhayibheli likhuluma ngoNkulunkulu oyedwa ‘omkhulu kunabo bonke abanye onkulunkulu.’ (2 IziKronike 2:5) Ungubani? Yini emenza abe mkhulu kunabo bonke abanye onkulunkulu abantu ababakhonzayo? Kulesi sifundo uzofunda ukuthi yini lo Nkulunkulu afuna uyazi ngaye.
1. Ubani igama likaNkulunkulu, futhi yini ebonisa ukuthi uyafuna silazi?
EBhayibhelini uNkulunkulu uyazethula kithi. Uthi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Funda u-Isaya 42:5, 8.) Igama elithi “Jehova” lihumusha igama lesiHebheru cishe elisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” UJehova ufuna silazi igama lakhe. (Eksodusi 3:15) Sazi kanjani? Wenza igama lakhe labhalwa eBhayibhelini izikhathi ezingaphezu kuka-7 000.a Igama elithi Jehova ‘ngelikaNkulunkulu weqiniso phezulu emazulwini nasemhlabeni.’—Duteronomi 4:39.
2. Lisitshelani iBhayibheli ngoJehova?
IBhayibheli lisitshela ukuthi konkulunkulu abakhonzwa abantu, nguJehova kuphela ongunkulunkulu weqiniso. Kungani kunjalo? Kunezizathu eziningi. UJehova unegunya eliphakeme kunawo wonke, ngenxa yalokho uyena kuphela ‘ongoPhezukonke emhlabeni wonke.’ (Funda iHubo 83:18.) ‘UnguMninimandla Onke,’ okusho ukuthi unamandla okwenza noma yini afuna ukuyenza. “Wadala zonke izinto”—emazulwini nasemhlabeni. (IsAmbulo 4:8, 11) Nguye kuphela obelokhu ekhona futhi uyohlale ekhona.—IHubo 90:2.
FUNDA OKWENGEZIWE
Hlola umehluko okhona phakathi kweziqu zikaNkulunkulu negama lakhe. Thola nokuthi kungani akutshela igama lakhe nokuthi wakwenza kanjani.
3. UNkulunkulu uneziqu eziningi kodwa unegama elilodwa
Ukuze ubone umehluko okhona phakathi kwegama lomuntu nesiqu sakhe, dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Uyini umehluko phakathi kwesiqu, njengesithi “Nkosi,” kanye negama?
IBhayibheli lithi abantu bakhonza onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi. Fundani iHubo 136:1-3, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Ubani ‘uNkulunkulu wonkulunkulu neNkosi yamakhosi’?
4. UJehova ufuna ulazi igama lakhe futhi ulisebenzise
Yini ebonisa ukuthi uJehova uyafuna ulazi igama lakhe? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Ucabanga ukuthi kungani uJehova efuna laziwe igama lakhe?
UJehova ufuna abantu balisebenzise igama lakhe. Fundani eyabaseRoma 10:13, bese nixoxa ngale mibuzo:
Kungani kubalulekile ukusebenzisa igama likaNkulunkulu elithi Jehova?
Uzizwa kanjani wena lapho umuntu ekhumbula igama lakho futhi elisebenzisa?
Ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho usebenzisa igama lakhe?
5. UJehova ufuna ube umngane wakhe
Owesifazane waseCambodia okuthiwa uSoten wathi ukufunda igama likaNkulunkulu kwamnikeza injabulo ayengakaze abe nayo. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Kule vidiyo ukufunda igama likaNkulunkulu kwaba namuphi umphumela kuSoten?
Ngokuvamile ngaphambi kokuba ube umngane womuntu, uqale wazi igama lakhe. Fundani uJakobe 4:8a, bese nixoxa ngale mibuzo:
UJehova ukumema ukuba wenzeni?
Ukwazi igama likaNkulunkulu nokulisebenzisa kungakusiza kanjani usondele kuye?
ABANYE ABANTU BATHI: “Uyedwa uNkulunkulu ngakho akunandaba ukuthi umbiza kanjani.”
Ingabe uyakholelwa ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova?
Kungani ungathi uNkulunkulu ufuna silisebenzise igama lakhe?
UKUBUYEKEZA
Igama likaNkulunkulu weqiniso uJehova. Ufuna silazi lelo gama futhi silisebenzise ukuze sisondele kuye.
Ufundeni?
UJehova uhluke kanjani kubo bonke abanye onkulunkulu abakhonzwa abantu?
Kungani kufanele silisebenzise igama likaNkulunkulu?
Yini ebonisa ukuthi uJehova ufuna usondele kuye?
HLOLA OKWENGEZIWE
Hlola izizathu ezinhlanu ezenza siqiniseke ukuthi uNkulunkulu ukhona.
Thola ukuthi kungani kuhlakaniphile ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ubelokhu ekhona.
“Ubani Owenza UNkulunkulu?” (INqabayokulinda, Agasti 1, 2014)
Funda ukuthi kungani kufanele sisebenzise igama likaNkulunkulu ngisho noma singazi ukuthi lalibizwa kanjani kudala.
Kubalulekile yini ukuthi simbiza kanjani uNkulunkulu? Funda ukuthi kungani singathi unegama elilodwa kuphela.
“UNkulunkulu Unamagama Amangaki?” (Isihloko esikuyi-Inthanethi)
a Ukuze uthole okwengeziwe ngencazelo yegama likaNkulunkulu nokuthi kungani amanye amaBhayibheli elikhiphile, bheka iSithasiselo A4 seBhayibheli elithi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.