‘Benze Njalo’
“Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.”—1 JOHANE 5:3.
1. Yini engase ishiwo ngezinga lothando lukaNkulunkulu?
“UNKULUNKULU ULUTHANDO.” Bonke abafinyelela ekwazini uNkulunkulu futhi balalele imiyalo yakhe bakuqonda ngokujulile ukujula kwalolo thando. “Uthando lukulesisici, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.” Njengoba sibonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo oyigugu, ‘sihlala othandweni lukaNkulunkulu.’ (1 Johane 4:8-10, 16) Ngaleyo ndlela singajabulela izibusiso eziningi ezingokomoya manje futhi esimisweni sezinto esizayo, ukuphila okumi phakade.—Johane 17:3; 1 Johane 2:15, 17.
2. Ukugcina imiyalo kaNkulunkulu kuye kwazizuzisa kanjani izinceku zakhe?
2 Umlando weBhayibheli unezibonelo eziningi zalabo abaye bagcina imiyalo kaNkulunkulu futhi babusiswa ngokucebile ngenxa yalokho. Laba bahlanganisa nofakazi bangaphambi kobuKristu, umphostoli uPawulu abhala lokhu ngabanye babo: “Bonke laba bafa benokholo, nakuba bengakutholanga ukugcwaliswa kwezithembiso, kodwa bazibona zikude, bazamukela futhi bavuma obala ukuthi bangabafokazi nezakhamuzi zesikhashana ezweni.” (Heberu 11:13) Kamuva, izinceku ezizinikele zikaNkulunkulu ezingamaKristu zazuza ‘emseni ongafanelwe neqiniso okwaba khona ngoJesu Kristu.’ (Johane 1:17) Phakathi nayo yonke iminyaka engaba ngu-6 000 yomlando wesintu, uJehova uye wabavuza ofakazi abathembekile abaye balalela imiyalo yakhe, leyo empeleni engewona “umthwalo osindayo.”—1 Johane 5:2, 3.
Ezinsukwini ZikaNowa
3. Yiziphi izindlela uNowa “enze njalo” ngazo?
3 Umlando weBhayibheli uthi: “Ngokholo uNowa, ngemva kokunikwa isixwayiso saphezulu sezinto ezingakabonwa, wabonisa ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; futhi ngalolukholo walahla izwe, futhi waba indlalifa yokulunga okuvumelana nokholo.” ‘Njengomshumayeli wokulunga,’ uNowa walalela uNkulunkulu ngokuphelele, exwayisa izwe elalinobudlova langaphambi kweSikhukhula ngesahlulelo saphezulu esasiza. (Heberu 11:7; 2 Petru 2:5) Lapho akha umkhumbi, wayilandela ngokucophelela ipulani ayeyilungiselelwe ngokwaphezulu. Wabe eseletha izilwane ezazishiwo nokudla. “UNowa wenze njalo, njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.”—Genesise 6:22.
4, 5. (a) Ithonya elibi liye lasithinta kanjani isintu kuze kube manje? (b) Kungani kufanele ‘senze njalo’ lapho silalela iziyalezo zaphezulu?
4 UNowa nomkhaya wakhe kwakudingeka balwe nethonya elibi lezingelosi ezingalaleli. Lamadodana kaNkulunkulu athatha imizimba yabantu futhi ahlala nabesifazane, aveza inzalo eyingxube yabantu abangavamile ababehlukumeza isintu. “Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.” UJehova wathumela uZamcolo ukuba uqothule leso sizukulwane esibi. (Genesise 6:4, 11-17; 7:1) Kusukela osukwini lukaNowa izingelosi ezingamademoni azizange zivunyelwe ukuba zithathe isimo sabantu. Noma kunjalo, ‘izwe lisaqhubeka lisemandleni omubi,’ uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19; IsAmbulo 12:9) Eprofetha, uJesu waqhathanisa leso sizukulwane esihlubukayo sosuku lukaNowa nesizukulwane sesintu esiye samenqaba kusukela isibonakaliso “sokuba khona” kwakhe saqala ukubonakala ngo-1914.—Mathewu 24:3, 34, 37-39; Luka 17:26, 27.
5 Namuhla, njengasosukwini lukaNowa, uSathane uzama ukonakalisa isintu neplanethi yethu. (IsAmbulo 11:15-18) Kungakho kuphuthuma ukuba silalele lomyalo ophefumulelwe: “Gqokani sonke isambatho sokuzivikela esivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukuma niqinile ekumelaneni namaqhinga kaDeveli.” (Efesu 6:11, umbhalo waphansi we-NW) Kulokhu, siqiniswa ukutadisha iZwi likaNkulunkulu nokulisebenzisa ekuphileni kwethu. Ngaphezu kwalokho, sinenhlangano kaJehova ekhathalelayo, ‘nesigqila sayo esikholekile nesiqondayo’ esigcotshiwe nabadala bayo abanothando, ukuze seluswe ngesineke endleleni okufanele sihambe ngayo. Sinomsebenzi wokushumayela embulungeni yonke okumelwe siwufeze. (Mathewu 24:14, 45-47) NjengoNowa, owazilalela ngokucophelela iziyalezo zaphezulu, kwangathi ngaso sonke isikhathi nathi ‘singenze njalo.’
UMose—Umuntu Omnene Kunabo Bonke
6, 7. (a) Yikuphi ukukhetha okunomvuzo uMose akwenza? (b) Yisiphi isibonelo sokuba nesibindi uMose asishiyela sona?
6 Cabangela omunye umuntu wokholo—uMose. Wayengajabulela ukuphila kokuzitika ekunethezekeni kwaseGibithe. Kodwa wakhetha “ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu kunenjabulo yesikhashana esonweni.” Njengenceku kaJehova emisiwe, “wagxilisa amehlo ekukhokhweni komvuzo [futhi] waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.”—Heberu 11:23-28.
7 KuNumeri 12:3, siyafunda: “Lowomuntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.” Ngokuphambene, uFaro waseGibithe wenza njengomuntu oqhosha kunabo bonke. Lapho uJehova eyala uMose no-Aroni ukuba bamemezele isahlulelo sakhe phezu kukaFaro, basabela kanjani? Siyatshelwa: “OMose noAroni benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke.” (Eksodusi 7:4-7) Yeka isibonelo sokuba nesibindi abayiso kithi esimemezela izahlulelo zikaNkulunkulu namuhla!
8. Ama-Israyeli kwadingeka “enze njalo-ke” ngayiphi indlela, futhi ukuthokoza okwaba umphumela kuyofana nakuphi esikhathini esizayo esingekude?
8 Ingabe ama-Israyeli amsekela ngokwethembeka uMose? Ngemva kokuba uJehova ehluphe iGibithe ngezinhlupho eziyisishiyagalolunye kweziyishumi, wanikeza u-Israyeli iziyalezo ezicacile ngokugubha iPhasika. “Abantu bakhothama, bakhuleka. Abantwana bakwaIsrayeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose noAroni, benze njalo-ke.” (Eksodusi 12:27, 28) Phakathi kwamabili ngalolo suku lwezigigaba, u-Nisan 14, 1513 B.C.E., ingelosi kaNkulunkulu yabulala wonke amazibulo aseGibithe kodwa yeqa imizi yama-Israyeli. Kungani amazibulo ama-Israyeli ayekwa? Ngoba ayethole isivikelo ngaphansi kwegazi lewundlu lePhasika, elalibhecwe eminyango yawo. Ayenze njengoba nje uJehova eyale uMose no-Aroni. Yebo, “enze njalo-ke.” (Eksodusi 12:50, 51) OLwandle Olubomvu, uJehova wenza esinye isimangaliso ngokusindisa abantu bakhe abalalelayo kuyilapho ebhubhisa uFaro nebutho lakhe elinamandla lezempi. Yeka indlela ama-Israyeli ethaba ngayo! Ngokufanayo namuhla, abaningi abaye balalela imiyalo kaJehova bayokuthokozela ukuba ofakazi bokuzibonela bokulwelwa kwakhe e-Armagedoni.—Eksodusi 15:1, 2; IsAmbulo 15:3, 4.
9. Yimaphi amalungelo osuku lwanamuhla afanekiselwa ‘ukwenze njalo’ kwama-Israyeli ngokuqondene netabernakele?
9 Lapho uJehova eyala u-Israyeli ukuba aqoqe iminikelo futhi akhe itabernakele ehlane, abantu basekela ngokugcwele ngenhliziyo ephanayo. Khona-ke, ngisho nasemininingwaneni emincane, uMose nezisebenzi zokuzithandela ayenazo balandela amapulani okwakha ababewanikwe uJehova. “Njalo-ke kwaqedwa wonke umsebenzi wetabernakele letende lokuhlangana; abantwana [bakwa-Israyeli] benza njengakho konke uJehova amyalé ngakho uMose; benze njalo-ke.” Ngokufanayo, lapho kumiswa ubupristi, “wenze njalo uMose; njengakho konke uJehova amyalé ngakho, wenze njalo-ke.” (Eksodusi 39:32; 40:16) Ezikhathini zanamuhla, sinelungelo lokusekela ngenhliziyo yonke umsebenzi wokushumayela nezimiso zokwanda koMbuso. Ngakho sinelungelo lokuba sibe munye ‘ekwenzeni njalo.’
UJoshuwa—Wayenesibindi Futhi Enamandla Kakhulu
10, 11. (a) Yini eyahlomisa uJoshuwa ukuba aphumelele? (b) Singaqiniswa kanjani ukuze sibhekane nokulingwa kosuku lwanamuhla?
10 Lapho uMose emisa uJoshuwa ukuba aholele u-Israyeli eZweni Lesithembiso, cishe iZwi likaJehova eliphefumulelwe elilotshiwe laliyizincwadi ezinhlanu zikaMose, ihubo elilodwa noma amabili, nencwadi kaJobe kuphela. UMose wayeyale uJoshuwa ukuba abuthe abantu lapho befika eZweni Lesithembiso futhi ‘afunde lomthetho phambi kukaIsrayeli wonke ezindlebeni zakhe.’ (Duteronomi 31:10-12) Ngaphezu kwalokho, uJehova ngokwakhe wayala uJoshuwa: “Lencwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwé kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.”—Joshuwa 1:8.
11 Ukufunda ‘incwadi’ kaJehova nsuku zonke kwahlomisela uJoshuwa ukuba abhekane nokulingwa okwakusengaphambili, njengoba nje nokufunda iZwi likaJehova, iBhayibheli, nsuku zonke kuqinisa oFakazi baKhe bosuku lwanamuhla ukuba bakwazi ukubhekana nezilingo zalezi ‘zinsuku zokugcina’ ezibucayi. (2 Thimothewu 3:1) Njengoba sizungezwe izwe elinobudlova, masilalele isiyalo sikaNkulunkulu kuJoshuwa: “Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi-naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.” (Joshuwa 1:9) Ngemva kokunqoba iKhanani, izizwana zakwa-Israyeli zavuzwa ngokucebile lapho zizinza efeni lazo. “Njengalokho uJehova amyala uMose, benze njalo abantwana bakwaIsrayeli.” (Joshuwa 14:5) Silindelwe umvuzo ofanayo thina sonke namuhla esifunda iZwi likaNkulunkulu futhi silisebenzise ekuphileni kwethu, ngokulalela ‘senze njalo.’
Amakhosi—Ayethembekile Nalawo Ayengalaleli
12. (a) Yimuphi umyalo owanikwa amakhosi akwa-Israyeli? (b) Ukuhluleka kwamakhosi ukulalela kwaba namuphi umphumela?
12 Kuthiwani ngamakhosi akwa-Israyeli? UJehova wayebekele inkosi lemfuneko: “Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalomthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi; iyakuba-kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezizimiso ukuba azenze.” (Duteronomi 17:18, 19) Ingabe amakhosi akwa-Israyeli awulalela lowo myalo? Amaningi ehluleka ngendlela edabukisayo, kangangokuba ehlelwa yiziqalekiso ezabikezelwa kuDuteronomi 28:15-68. Ekugcineni, u-Israyeli wahlakazelwa “kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba.”
13. NjengoDavide, singazuza kanjani ngokubonisa uthando ngeZwi likaJehova?
13 Nokho, uDavide—inkosi yokuqala engumuntu eyaba ethembekile kwa-Israyeli—wabonisa ukuzinikela kuJehova okungavamile. Waba ‘ibhongo lengonyama kwaJuda,’ elifanekisela uKristu Jesu, ‘ingonyama enqobayo yesizwana sakwaJuda, impande kaDavide.’ (Genesise 49:8, 9; IsAmbulo 5:5) Yayiyini imfihlo yamandla kaDavide? Wayelazisa ngokujulile iZwi likaJehova elilotshiwe futhi waphila ngalo. KumaHubo 19, “ihubo likaDavide,” siyafunda: “Umthetho kaJehova uphelele.” Ngemva kokukhuluma ngezikhumbuzo, imithetho, umyalo, nezahlulelo zikaJehova, uDavide uyaqhubeka uthi: “Inxanelekile kunegolide, kunegolide elihlanzekileyo eliningi; imnandi kunezinyosi, kunoju lwamakhekheba. Nenceku yakho iyayalwa ngayo; oyigcinayo uyakuba-nomvuzo omkhulu.” (IHubo 19:7-11) Uma ukufunda iZwi likaJehova nsuku zonke nokuzindla ngalo kwakunomvuzo eminyakeni engu-3 000 edlule, kakhulu kangakanani-ke namuhla!—IHubo 1:1-3; 13:6; 119:72, 97, 111.
14. Inkambo kaSolomoni isibonisa kanjani isidingo sokuba nokungaphezu kolwazi?
14 Noma kunjalo, ukuzuza ulwazi nje akwanele. Kubalulekile nokuba izinceku zikaNkulunkulu zenze ngokuvumelana nalolo lwazi, zilusebenzise ngokwentando yaphezulu—yebo, ‘zenze njalo.’ Lokhu kungabonakala endabeni yendodana kaDavide, uSolomoni, lowo uJehova amkhetha “ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwaIsrayeli.” USolomoni wathola isabelo sokwakha ithempeli, esebenzisa amapulani okwakha uDavide ayewathole “ngokuphefumulelwa.” (1 IziKronike 28:5, 11-13, qhathanisa ne-NW.) USolomoni wayezowenza kanjani lomsebenzi omkhulu? Ephendula umthandazo wakhe, uJehova wamnika ukuhlakanipha nolwazi. Ngalokhu kanye nokunamathela kulawo mapulani ayelungiselelwe ngokwaphezulu, uSolomoni wakwazi ukuyakha leyondlu enhle kakhulu, eyagcwala inkazimulo kaJehova. (2 IziKronike 7:2, 3) Nokho, kamuva uSolomoni wehluleka. Kukuphi? Mayelana nenkosi yakwa-Israyeli, umthetho kaJehova wawuthé: “Akayikuzandisela abafazi, ukuze inhliziyo yakhe ihlubuke.” (Duteronomi 17:17) Kodwa uSolomoni “wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe . . . bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu.” Eminyakeni yakhe yakamuva, uSolomoni wachezuka ‘ekwenzeni njalo.’—1 AmaKhosi 11:3, 4; Nehemiya 13:26.
15. UJosiya “wenze njalo-ke” ngayiphi indlela?
15 Kwakunamakhosi ambalwa ayelalela kwaJuda, eyokugcina kuwo kwakunguJosiya. Ngonyaka ka-648 B.C.E., waqala ukuqeda ukukhulekelwa kwezithombe ezweni nokuvuselela ithempeli likaJehova. Yilapho lapho umpristi ophakeme athola khona “incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.” UJosiya wenzani ngayo? “Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nabo bonke abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, nabapristi, namaLevi, nabantu bonke, abakhulu nabancane, wafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova. Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwé kulencwadi.” (2 IziKronike 34:14, 30, 31) Yebo, uJosiya “wenze njalo-ke.” Ngenxa yenkambo yakhe yokwethembeka, isahlulelo sikaJehova phezu kukaJuda ongenalukholo asizange sikhishwe kwaze kwaba sezinsukwini zamadodana akhe angamahlongandlebe.
Ukuphila NgeZwi LikaNkulunkulu
16, 17. (a) Kumelwe silandele ezinyathelweni zikaJesu kuziphi izici? (b) Yiziphi ezinye izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile eziyizibonelo kithi?
16 Kubo bonke abantu abake baphila, isibonelo esihle kakhulu sokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu nokuphila ngalo iNkosi uJesu Kristu. IZwi likaNkulunkulu lalinjengokudla kuye. (Johane 4:34) Watshela izilaleli zakhe: “INdodana ayikwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kuyo siqu, kodwa kuphela lokho ebona uYise ekwenza. Ngoba noma yiziphi izinto azenzayo Yena, neNdodana iyazenza lezizinto ngendlela efanayo.” (Johane 5:19, 30; 7:28; 8:28, 42) UJesu “wenze njalo-ke,” ethi: “Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumile.” (Johane 6:38) Thina esingoFakazi BakaJehova abazinikezele kumelwe ‘senze njalo’ ngokulandela ezinyathelweni zikaJesu.—Luka 9:23; 14:27; 1 Petru 2:21.
17 Ukwenza intando kaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi kwakuza kuqala emqondweni kaJesu. Wayelazi kahle iZwi likaNkulunkulu futhi ngenxa yalokho ekuhlomele ukunikeza izimpendulo ezingokomBhalo. (Mathewu 4:1-11; 12:24-31) Ngokugxilisa ukunakekela eZwini likaNkulunkulu njalo, nathi singaba ‘abafaneleka ngokugcwele, abayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thimothewu 3:16, 17) Masilandele isibonelo sezinceku zikaJehova ezithembekile zezikhathi zasendulo nezakamuva futhi ngaphezu kwazo zonke eseNkosi yethu, uJesu Kristu, eyathi: “Ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, njengoba nje uBaba enginike umyalo ukuba ngenze, ngakho ngenza kanjalo.” (Johane 14:31) Kwangathi nathi singabonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu ngokuqhubeka ‘senze njalo.’—Marku 12:29-31.
18. Yini okufanele isishukumisele ekubeni “abenzi bezwi,” futhi yini okuzoxoxwa ngayo ngokulandelayo?
18 Lapho sizindla ngenkambo yokulalela yezinceku zikaNkulunkulu zezikhathi zeBhayibheli, asikhuthazeki yini ukuba senze inkonzo yokwethembeka phakathi nezinsuku zokugcina zesimiso sikaSathane esibi? (Roma 15:4-6) Ngempela kufanele sishukunyiselwe ekubeni “abenzi bezwi” ngomqondo ophelele nakakhulu, njengoba isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalokho.—Jakobe 1:22.
Uyakhumbula?
◻ Kufanele lusho ukuthini kithi “uthando ngoNkulunkulu”?
◻ Sifundani esibonelweni sikaNowa, uMose, noJoshuwa?
◻ Amakhosi akwa-Israyeli alilalela ngezinga elingakanani “izwi” likaNkulunkulu?
◻ Kukanjani uJesu eyiSibonelo sethu ‘ekwenzeni njalo’?
[Izithombe ekhasini 15]
UNowa, uMose, noJoshuwa “benze njalo-ke”