Umbono WeBhayibheli
Kukhona Yini Okungenza Ubungqingili Buthetheleleke?
UBUNGQINGILI buyaqhubeka nokwamukelwa emazweni amaningi. Iqembu elithile kwelinye isonto lase-United States lithi akuchazwe kabusha lokho iBhayibheli elikushoyo ngobungqingili ngenxa “yokuhlakanipha kwesimanje.” Umfundisi waseBrazil osanda kushada nowobulili obufana nobakhe ukhuthaza ukuba “lihlolwe kabusha iBhayibheli,” ukuze livumele umbono wesimanje wesonto lakhe.
Ngakolunye uhlangothi, labo abangahambisani nobungqingili babhekwa njengabazonda ongqingili noma abanobandlululo. Yini ngempela eshiwo iBhayibheli ngobungqingili?
Lithini IBhayibheli?
IBhayibheli alikukhuthazi ukucwasa abanye abantu. Nokho, umbono walo ngezenzo zobungqingili ucacile.
“Ungalali nowesilisa njengalapho ulala nowesifazane. Kuyinto enengekayo.”—Levitikusi 18:22.
Njengengxenye yoMthetho KaMose, lo myalo wawungomunye wemithetho yokuziphatha eyayinikezwe ngokukhethekile isizwe sakwa-Israyeli. Noma kunjalo, lo myalo uveza umbono kaNkulunkulu ngezenzo zobungqingili, kungakhathaliseki ukuthi zenziwa amaJuda noma abangewona amaJuda, lapho uthi: “Kuyinto enengekayo.” Izizwe ezazizungeze u-Israyeli zazinemikhuba yobungqingili, ubulili phakathi kwezihlobo zegazi, ukuphinga nezinye izenzo ezazinqatshelwe uMthetho. Ngakho-ke, uNkulunkulu wayebheka lezo zizwe njengezingahlanzekile. (Levitikusi 18:24, 25) Ingabe umbono weBhayibheli washintsha phakathi nenkathi yobuKristu? Cabanga ngalo mBhalo olandelayo:
‘UNkulunkulu wabanikela ezifisweni zobulili eziyichilo, ngoba abesifazane babo bashintsha ukusetshenziswa kwabo kwemvelo bakwenza okuphambene nemvelo; ngisho nabesilisa ngokufanayo bakuyeka ukusetshenziswa kwemvelo kowesifazane basha kakhulu ekukhanukelaneni kwabo, abesilisa nabesilisa, benza okuyichilo.’—Roma 1:26, 27.
Kungani iBhayibheli lichaza izenzo zobungqingili njengeziphambene nemvelo neziyichilo? Kungenxa yokuthi zihilela izenzo zobulili ezazingahlosiwe uMdali wethu. Izenzo zobungqingili ngeke zikwazi ukuveza inzalo. IBhayibheli lifanisa ukuziphatha kobungqingili nobuhlobo bobulili phakathi kwabesifazane nezingelosi ezavukela ngaphambi kukaZamcolo wosuku lukaNowa, nezabe sezibizwa ngokuthi amademoni. (Genesise 6:4; 19:4, 5; Jude 6, 7) Zombili lezi zenzo uNkulunkulu uzibheka njengeziphambene nemvelo.
Ingabe Zikhona Izimo Ezenza Ubungqingili Buthetheleleke?
Abanye bangase bazibuze, ‘Ingabe izici zofuzo, izimo umuntu aphila ngaphansi kwazo noma izinto ezibuhlungu ezamehlela ekuphileni, njengokunukubezwa ngokobulili zingakuthethelela ukuzinikela kwakhe ezifisweni zobungqingili?’ Cha, ngeke zikuthethelele. Cabanga ngalesi sibonelo: Umuntu angase abe nalokho abanye ososayensi abakubheka njengokuthambekela kofuzo kokusebenzisa kabi utshwala noma kungenzeka wakhulela emkhayeni lapho ukusebenzisa kabi utshwala kwakuyinto evamile. Akungabazeki ukuthi abantu abaningi bangazwelana nomuntu okuleso simo. Noma kunjalo, ngeke bamkhuthaze ukuba aqhubeke esebenzisa kabi utshwala noma ukuba ayeke ukulwa nomkhuba wokubusebenzisa kabi ngenxa nje yokuthi wazalwa enalokho kuthambekela noma wakhulela ngaphansi kwesimo esinjalo.
Ngokufanayo, nakuba iBhayibheli lingabalahli labo abalwisana nokuthambekela kobungqingili, alilokothi livumele umuntu ukuba azivumele lezo zifiso, kungakhathaliseki ukuthi zibangelwa izici zofuzo noma zibangelwa enye into. (Roma 7:21-25; 1 Korinte 9:27) Kunalokho, iBhayibheli linikeza usizo olungokoqobo nesikhuthazo ukuze lisize abantu abanjalo ukuba baphumelele ekulweni nemikhuba yobungqingili.
Iyini Intando KaNkulunkulu Ngabantu Abanezifiso Zobungqingili?
IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) Nakuba iBhayibheli likulahla ukuziphatha kobungqingili, alikukhuthazi ukuzondwa kwabantu abanjalo.
Umbono kaNkulunkulu ngobungqingili awunakuthathwa kalula. Kweyoku-1 Korinte 6:9, 10, iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi “amadoda alala namadoda” aphakathi kwalabo ‘abangeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.’ Kodwa ivesi 11 lenezela la mazwi aduduzayo: “Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka, seniye nangcweliswa, sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.”
Kusobala ukuthi labo ababefisa ngobuqotho ukukhulekela uNkulunkulu ngokuvumelana nentando yakhe babemukeleke ngezandla ezimhlophe ebandleni lobuKristu lasendulo. Kunjalo nanamuhla ngabo bonke abanhliziyo ziqotho abafuna ukwamukelwa uNkulunkulu—hhayi ngokunikeza incazelo entsha yeBhayibheli—kodwa ngokuvumelanisa ukuphila kwabo nalo.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Uyini umbono weBhayibheli ngezenzo zobungqingili?—Roma 1:26, 27.
● Ingabe iBhayibheli libakhipha inyumbazana abantu abanezifiso zobungqingili?—1 Thimothewu 2:4.
● Zingagwemeka yini izenzo zobungqingili?—1 Korinte 6:9-11.
[Isithombe ekhasini 29]
Ingabe umbono kaNkulunkulu ngobungqingili kufanele uchazwe kabusha?