Imibuzo Evela Kubafundi
KuNehemiya 8:10, amaJuda átshelwa ukuba ‘adle okunonileyo,’ nakuba uMthetho kuLevitikusi 3:17 wawuthe: “Akumelwe niwadle amanoni.” Zingavunyelaniswa kanjani lezi zinkulumo?
Ngolimi lokuqala, igama elihunyushwe ngokuthi “okunonileyo” kuNehemiya 8:10 nelihunyushwe ngokuthi “amanoni” kuLevitikusi 3:17 awafani. Igama lesiHebheru elithi che’ʹlev, elihunyushwe ngokuthi “amanoni” kuLevitikusi 3:17, lisho amafutha ezilwane noma awabantu. (Lev. 3:3; AbaHl. 3:22) Umongo wevesi 17 ubonisa ukuthi ama-Israyeli kwakungamelwe adle umhlwehlwe osemathunjini nasezinsweni zezilwane eziyimihlatshelo noma amanoni ayesezinkalweni ngoba “wonke amanoni angakaJehova.” (Lev. 3:14-16) Ngakho, amanoni asezilwaneni ezazinikelwa kuJehova kwakungamelwe adliwe.
Ngakolunye uhlangothi, igama elihunyushwe ngokuthi “okunonileyo” kuNehemiya 8:10 ngesiHebheru lithi mash·man·nimʹ, futhi livela lapha kuphela emiBhalweni YesiHebheru. Lisuselwa esenzweni esithi sha·menʹ, esisho ukuthi “iba namanoni, khuluphala.” Umqondo oyisisekelo weqoqo lamagama ahlobene nalesi senzo ubonakala usho ukuchuma nenhlalakahle. (Qhathanisa no-Isaya 25:6.) Elinye lamagama elisuselwa kaningi kulesi senzo liyibizo elithi sheʹmen, ngokuvamile elihunyushwa ngokuthi “amafutha” nasenkulumweni ethi “amafutha omnqumo.” (Dut. 8:8; Lev. 24:2) Ngokwendlela elisetshenziswe ngayo kuNehemiya 8:10, kubonakala elithi mash·man·nimʹ libhekisele ekudleni okuphekwe ngamafutha amaningi futhi okungenzeka ukuthi kwakuhlanganisa nenyama enamafushana kodwa hhayi izingqimba zamafutha ezilwane.
Nakuba ama-Israyeli ayenqatshelwe ukudla amafutha ezilwane, ayevunyelwe ukudla ukudla okunonile, okumnandi. Ezinye izinto ezinjengamaqebelengwane enziwe ngokusanhlamvu, zazingaphekwa ngamafutha ezilwane kodwa ngawezitshalo, ngokuvamile awomnqumo. (Lev. 2:7) Ngakho, i-Insight on the Scriptures ichaza ukuthi elithi “okunonileyo” lapha “libhekisela emaqatheni anonile hhayi enyameni ewumjwaphu noma elukhuni, kodwa emnandi, kuhlanganise nezinto ezihlwabusayo eziphekwe ngamafutha ezitshalo.”
Yebo, amaKristu ayakhumbula ukuthi umthetho owawenqabela ukudla amanoni wawuyingxenye yoMthetho KaMose. Awekho ngaphansi koMthetho kanye nezimfuneko zawo eziphathelene nemihlatshelo yezilwane.—Roma 3:20; 7:4, 6; 10:4; Kol. 2:16, 17.