Ingabe Uyahola Ekuboniseni Udumo?
“Ekubonisaneni udumo nihole.”—ROMA 12:10.
1. Yini engasavamile emazweni amaningi?
KWAMANYE amazwe, izingane ngokuvamile zibonisa inhlonipho ngokuguqa lapho zinabantu abadala ngoba kuwukwedelela ukumela umuntu omdala. Kulawo mazwe, kuwukungahloniphi ngengane ukufulathela umuntu omdala. Nakuba inhlonipho iboniswa ngezindlela ezingefani emazweni ahlukahlukene, lezo zindlela zokubonisa inhlonipho zisikhumbuza uMthetho KaMose. Kuwo kwakukhona nothi: “Kufanele usukume phambi kwempunga [uyihlonipha], ubonise ukucabangela ixhegu.” (Lev. 19:32) Kuyadabukisa ukuthi emazweni amaningi abantu sekuyaqabukela behlonipha abanye. Eqinisweni, ukungahloniphani usukubona nsuku zonke.
2. IZwi likaNkulunkulu lithi obani okufanele sibabonise udumo?
2 IZwi likaNkulunkulu likugcizelela kakhulu ukubonisa udumo. Lisitshela ukuthi sibonise uJehova noJesu udumo. (Joh. 5:23) Siyalwa nokuba sibonise udumo emalungwini omkhaya, kwesikholwa nabo nakwabanye abangaphandle kwebandla. (Roma 12:10; Efe. 6:1, 2; 1 Pet. 2:17) Iziphi ezinye zezindlela esibonisa ngazo ukuthi sibonisa uJehova udumo? Sibabonisa kanjani udumo, noma inhlonipho ejulile, abafowethu nodadewethu abangamaKristu? Ake sixoxe ngale mibuzo nangeminye ehlobene nayo.
Bonisa Udumo KuJehova Nasegameni Lakhe
3. Iyiphi enye indlela ebalulekile yokubonisa uJehova udumo?
3 Enye indlela ebalulekile yokubonisa uJehova udumo iwukubonisa inhlonipho efanele ngegama lakhe. Kakade, ‘siyisizwe segama lakhe.’ (IzE. 15:14) Kuyilungelo ngempela ukubizwa ngegama likaJehova, uNkulunkulu onguMninimandla onke. Umprofethi uMika wathi: “Zonke izizwe, ziyohamba yileso naleso ngegama likankulunkulu waso; kodwa thina, siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.” (Mika 4:5) ‘Sihamba ngegama likaJehova’ ngokulwela ukuphila usuku ngalunye ngendlela eyenza igama esibizwa ngalo lihlonishwe. Njengoba uPawulu akhumbuza amaKristu aseRoma, uma singaphili ngokuvumelana nezindaba ezinhle esizishumayelayo, senza ukuba igama likaNkulunkulu ‘lihlanjalazwe,’ lingabe lisaba nesithunzi.—Roma 2:21-24.
4. Ulibheka kanjani ilungelo lokushumayela ngoJehova?
4 Sibonisa uJehova udumo nangomsebenzi wethu wokushumayela. Endulo, uJehova wenza amalungu esizwe sakwa-Israyeli ukuba abe ofakazi bakhe, kodwa ehluleka ukufeza leyo ndima. (Isaya 43:1-12) Ayedlubulunda njalo futhi “amzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli.” (IHu. 78:40, 41) Ekugcineni, leso sizwe salahlekelwa umusa kaJehova ngokuphelele. Nokho, thina namuhla siyalazisa ilungelo lokufakaza ngoJehova nokwenza igama lakhe laziwe. Lokhu sikwenza ngoba simthanda futhi silangazelela ukuba igama lakhe lingcweliswe. Singayeka kanjani ukushumayela sibe sazi iqiniso ngoBaba wethu osezulwini nangezinjongo zakhe? Sizizwa njengomphostoli uPawulu lapho ethi: “Kubekwé isidingo phezu kwami. Empeleni, maye kimi uma ngingazimemezelanga izindaba ezinhle!”—1 Kor. 9:16.
5. Ukuba nokholo kuJehova kuhlobene kanjani nokumhlonipha?
5 Umhubi uDavide wathi: “Labo abalaziyo igama lakho bayothembela kuwe, ngoba ngokuqinisekile ngeke ubashiye labo abakufunayo, Jehova.” (IHu. 9:10) Uma simazi ngempela uJehova futhi sibonisa inhlonipho ngalokho igama lakhe elikushoyo, siyothembela kuye njengoba nje kwenza izinceku zakhe ezithembekile zasendulo. Lokhu kumethemba nokuba nokholo kuye kungenye indlela yokumbonisa udumo. Phawula indlela iZwi likaNkulunkulu elikuhlobanisa ngayo ukuthembela kuJehova nokumhlonipha. Lapho ama-Israyeli asendulo ehluleka ukuthembela kuye, uJehova wabuza uMose: “Kuyoze kube nini laba bantu bengangihloniphi, kuyoze kube nini bengabi nalukholo kimi naphezu kwazo zonke izibonakaliso engazenza phakathi kwabo?” (Num. 14:11) Uma singamhloniphi ngeke simethembe. Ngokuthembela kuJehova ukuba asivikele futhi asilondoloze nalapho sibhekene nokulingwa, sibonisa ukuthi siyamhlonipha.
6. Yini esishukumisela ukuba simhloniphe ngokujulile uJehova?
6 UJesu wabonisa ukuthi inhlonipho ngoJehova kumelwe isuke enhliziyweni. Ekhuluma nalabo abakukhulekela kwabo uNkulunkulu kwakumane kuwukugcina icala, uJesu wacaphuna uJehova ethi: “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe, kodwa inhliziyo yaso iqhelele kude nami.” (Math. 15:8) Inhlonipho eqotho ngoJehova isuka othandweni olujulile ngaye. (1 Joh. 5:3) Asisikhohlwa nalesi sithembiso sikaJehova: “Labo abangidumisayo ngiyobadumisa.”—1 Sam. 2:30.
Abaholayo Bayabahlonipha Abanye
7. (a) Kungani abazalwane abanemithwalo yemfanelo ebandleni bebahlonipha labo ababaphathisiwe? (b) UPawulu wababonisa kanjani inhlonipho ayekholwa nabo?
7 Umphostoli uPawulu wayala amakholwa ayekanye nawo: “Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Abazalwane abaphathiswe imithwalo yemfanelo ebandleni kufanele babeke isibonelo—‘bahole’—ekubaboniseni udumo labo ababaphathisiwe. Ngaleyo ndlela, labo abanemithwalo yemfanelo eyengeziwe benza kahle ngokulingisa isibonelo esabekwa uPawulu. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:7, 8.) Abazalwane emabandleni ahanjelwa uPawulu babazi ukuthi wayengasoze abacele ukuba benze izinto yena ngokwakhe ayengeke athande ukuzenza. UPawulu wayebahlonipha ayekholwa kanye nabo, futhi lokhu kwenza nabo bamhlonipha. Lapho ethi: “Ngakho-ke, ngiyanincenga, yibani ngabalingisi bami,” singaqiniseka ukuthi abaningi bakwenza lokho ngenxa yesibonelo sakhe esihle.—1 Kor. 4:16.
8. (a) Iyiphi indlela ebalulekile uJesu abonisa ngayo ukuthi uyabahlonipha abalandeli bakhe? (b) Ababonisi namuhla bangasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu?
8 Enye indlela umzalwane onemithwalo yemfanelo ebandleni abahlonipha ngayo labo abaphathisiwe iwukubachazela izizathu zalokho acela ukuba bakwenze noma zeziqondiso asuke ezinikeza. Uma enza kanjalo usuke elingisa uJesu. Ngokwesibonelo, lapho etshela abafundi bakhe ukuba bathandazele ukuba kuthunyelwe izisebenzi ezengeziwe ekuvuneni, uJesu wabachazela isizathu salokho. Wathi: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Math. 9:37, 38) Nalapho etshela abafundi bakhe ukuba ‘bahlale belindile,’ wabatshela isizathu salokho. Wathi: “Ngoba anazi ukuthi iNkosi yenu iza ngaluphi usuku.” (Math. 24:42) Njalo uJesu wayengagcini nje ngokutshela abafundi bakhe okufanele bakwenze, kodwa nesizathu sokwenza lokho. Ngokwenza kanjalo, wayebonisa ukuthi uyabahlonipha. Yeka isibonelo esihle ababonisi abangamaKristu okufanele basilingise!
Hlonipha Ibandla LikaJehova Nesiqondiso Salo
9. Ukuhlonipha ibandla lobuKristu lomhlaba wonke nalabo abalimelelayo kubonisani? Chaza.
9 Ukuze sibonise uJehova udumo, kudingeka nokuba sihloniphe ibandla lobuKristu lomhlaba wonke, kuhlanganise nalabo abalimelelayo. Lapho silalela iseluleko esingokomBhalo sesigaba senceku ethembekile, sibonisa inhlonipho ngelungiselelo likaJehova. Ebandleni lobuKristu langekhulu lokuqala, umphostoli uJohane wabona isidingo sokusola labo ababengabahloniphi abamisiwe. (Funda eyesi-3 Johane 9-11.) Amazwi kaJohane abonisa ukuthi abathile abagcinanga nje ngokungahloniphi ababonisi abathile, kodwa futhi babengahloniphi imfundiso nesiqondiso sabo. Okujabulisayo ukuthi amaKristu amaningi ayengenjalo. Ngesikhathi abaphostoli besaphila, abazalwane bebonke kubonakala babebahlonipha ngokujulile abaholayo.—Fil. 2:12.
10, 11. Usebenzisa imiBhalo, chaza ukuthi kungani kufaneleka ukuthi abanye banegunya elithile ebandleni lobuKristu.
10 Abanye baye bathi njengoba uJesu atshela abafundi bakhe ukuthi “nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye,” akufanele kube nezikhundla ezinikeza abanye igunya ebandleni lobuKristu. (Math. 23:8) Nokho, imiBhalo yesiHebheru neyesiGreki inezibonelo eziningi zamadoda uNkulunkulu awanika igunya. Umlando wezinzalamizi, abahluleli namakhosi amaHebheru asendulo unikeza ubufakazi obanele bokuthi uJehova unikeza iziqondiso ngabameleli abangabantu. Lapho abantu bengabahloniphi ngokufanele abamisiwe, uJehova wayebajezisa.—2 AmaKh. 1:2-17; 2:19, 23, 24.
11 Ngokufanayo, amaKristu ekhulu lokuqala ayelihlonipha igunya labaphostoli. (IzE. 2:42) Ngokwesibonelo, uPawulu wanikeza abafowabo iziqondiso. (1 Kor. 16:1; 1 Thes. 4:2) Kodwa naye wayezithoba ngokuzithandela kulabo ababenegunya ngaphezu kwelakhe. (IzE. 15:22; Gal. 2:9, 10) Ngempela, uPawulu wayenombono ofanele ngegunya ebandleni lobuKristu.
12. Iziphi izifundo ezimbili mayelana negunya esingazithola ezibonelweni eziseBhayibhelini?
12 Sithola izifundo ezimbili lapha. Esokuqala siwukuthi kusekelwe emiBhalweni ukuba “inceku ethembekileyo neqondayo” isebenzise iNdikimba yayo Ebusayo ukuba imise amadoda azothwala imithwalo yemfanelo, futhi kunamadoda athile amiswe ukuba abe negunya phezu kwamanye amadoda amisiwe. (Math. 24:45-47; 1 Pet. 5:1-3) Esesibili siwukuthi sonke, kuhlanganise namadoda amisiwe, kufanele sibabonise udumo labo abanegunya phezu kwethu. Yiziphi-ke izindlela ezingokoqobo esingababonisa ngazo udumo labo abasezikhundleni zobubonisi ebandleni lobuKristu lomhlaba wonke?
Ukuhlonipha Ababonisi Abajikelezayo
13. Singabonisa kanjani ukuthi siyabahlonipha abameleli banamuhla bebandla lobuKristu?
13 UPawulu wathi: “Siyanicela, bazalwane, ukuba nibazise labo abasebenza kanzima phakathi kwenu nabanengamele eNkosini futhi beniyala; nokuba ngothando nibacabangele ngaphezu kokuvamile ngenxa yomsebenzi wabo. Yibani nokuthula omunye nomunye.” (1 Thes. 5:12, 13) Ngempela, ababonisi abajikelezayo kumelwe babalwe phakathi kwalabo “abasebenza kanzima.” Ngakho, ‘masibacabangele ngaphezu kokuvamile.’ Enye indlela yokwenza lokho iwukusamukela ngenhliziyo yonke iseluleko nesikhuthazo abasinikeza sona. Lapho umbonisi ojikelezayo esinikeza isiqondiso esivela esigabeni senceku ethembekileyo, “ukuhlakanipha kwaphezulu” kuyosishukumisela ukuba ‘sisheshe ukulalela.’—Jak. 3:17.
14. Ibandla libonisa kanjani ukuthi linenhlonipho ejulile ngababonisi abajikelezayo, futhi uba yini umphumela?
14 Nokho, siyokwenzenjani lapho siqondiswa ukuba senze izinto ngendlela ehlukile kuleyo esiyijwayele? Ukubonisa inhlonipho kungase ngezinye izikhathi kudinge ukuba silwisane nokuba nenkani, sisho izinto ezinjengokuthi, “Azenziwa kanjalo izinto lapha” noma sithi, “Mhlawumbe lokho kungasebenza kwamanye amabandla, hhayi kuleli lakithi.” Kunalokho, silwela ukwamukela isiqondiso. Ukuhlale sikhumbula ukuthi ibandla ngelikaJehova nokuthi uJesu uyiNhloko yalo kuyosisiza ukuba senze kanjalo. Uma ibandla lamukela isiqondiso sombonisi ojikelezayo ngenjabulo futhi lisisebenzisa, libonisa ukuthi linenhlonipho ngempela. Umphostoli uPawulu wancoma abazalwane baseKorinte ngokulalela kwabo ngenhlonipho lapho benza ngokwesiqondiso abasinikezwa umdala owayebahambele, uThithu. (2 Kor. 7:13-16) Nathi singaqiniseka ngokuthi lapho sizimisela ukwenza ngokwesiqondiso esisithola kubabonisi abajikelezayo siyothola injabulo enkulu emsebenzini wethu wokushumayela.—Funda eyesi-2 Korinte 13:11.
“Dumisani Abantu Bazo Zonke Izinhlobo”
15. Iziphi ezinye zezindlela esibabonisa ngazo udumo esikholwa nabo?
15 UPawulu wabhala: “Ungayikhaci indoda endala. Ngokuphambene nalokho, yincenge njengoyihlo, amadoda asemasha njengabafowenu, abesifazane abadala njengawonyoko, abesifazane abasebasha njengawodadewenu ngabo bonke ubumsulwa. Hlonipha abafelokazi abangabafelokazi ngempela.” (1 Thim. 5:1-3) Yebo, iZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba sibabonise udumo bonke abasebandleni lobuKristu. Nokho, kumelwe wenzenjani lapho kukhona ukungezwani phakathi kwakho nomfowenu noma udadewenu? Ingabe lokho kuyokuvimba ukuba ungafezi isibopho sakho sokumhlonipha? Ingabe ungakwazi ukulungisa isimo sakho sengqondo ngokwazisa izimfanelo ezingokomoya zaleyo nceku kaNkulunkulu? Labo abanegunya kufanele ngokukhethekile bababonise inhlonipho abafowabo—‘bangazenzi izingqongqo phezu komhlambi.’ (1 Pet. 5:3) Yebo, ebandleni lobuKristu, elibonakala ngothando olusuka enhliziyweni olukhona phakathi kwamalungu alo, sinamathuba amaningi okubonisana udumo.—Funda uJohane 13:34, 35.
16, 17. (a) Kungani kubalulekile ukuba singagcini nje ngokuhlonipha abantu esibashumayezayo, kodwa sihloniphe nabaphikisi? (b) ‘Sibadumisa’ ngayiphi indlela “abantu bazo zonke izinhlobo”?’
16 Yiqiniso, asigcini nje ngokuhlonipha labo abayingxenye yebandla lobuKristu. UPawulu wabhalela amaKristu osukwini lwakhe: “Uma nje sinesikhathi esihle sakho, masenze okuhle kubo bonke.” (Gal. 6:10) Kuyavunywa, ukusebenzisa leso simiso kungaba inselele uma esisebenza naye noma esifunda naye engasiphathi ngomusa. Ezimweni ezinjalo, kudingeka sikhumbule la mazwi: “Ungafuthelani ngenxa yabenzi bokubi.” (IHu. 37:1) Ukwenza ngokwaleso seluleko kuyosisiza ukuba siphathe ngisho nabaphikisi bethu ngendlela enenhlonipho. Ngokufanayo, lapho sisenkonzweni yasensimini, ukuhlale sithobekile kungasisiza ukuba siphathe bonke “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Pet. 3:15) Ngisho nendlela esibukeka nesigqoka ngayo ingabonisa ukuthi siyabahlonipha abantu esibashumayezayo.
17 Yebo, kungakhathaliseki ukuthi sisebenzelana nesikholwa nabo noma nabangaphandle kwebandla, sifuna ukulwelwa ukwenza ngokwalesi seluleko: “Dumisani abantu bazo zonke izinhlobo, thandani bonke abazalwane, mesabeni uNkulunkulu, bonisani inkosi udumo.”—1 Pet. 2:17.
Ungaphendula Kanjani?
Ungayibonisa kanjani inhlonipho efanele:
• NgoJehova?
• Ngabadala bebandla nangababonisi abajikelezayo?
• Ngelungu ngalinye lebandla?
• Kulabo esibashumayezayo?
[Isithombe ekhasini 23]
AmaKristu ekhulu lokuqala ayelihlonipha igunya lendikimba ebusayo
[Isithombe ekhasini 24]
Abadala kuwo wonke amazwe bababonisa udumo ababonisi abajikelezayo abamiswe iNdikimba Ebusayo