Ukulondoloza Umbono KaNkulunkulu Ngobulili
UBABA wethu osezulwini onothando wadala abazali bethu bokuqala baba nesipho esimangalisayo sobulili. Wabeka kubo isifiso esinamandla somshado nobuhlobo obuhambisana nawo kangangokuthi ukuqhubeka komkhaya wesintu kwaqinisekiswa. Ngokuqinisekile, uma sicabanga ngalelilungiselelo nangamandla amakhulu elinawo okuletha injabulo nentokozo kubantu, sishukunyiselwa ukudumisa uNkulunkulu wethu omkhulu ngokucabanga indlela emangalisa kangaka yokugcwalisa umhlaba ngabantu.—Genesise 1:27, 28.
Akumangalisi ukuthi lapho uSathane uDeveli ehlubuka kuNkulunkulu, wazimisela ukonakalisa leli lungiselelo elihle lokwenza kube khona lonke izwe lesintu ebukhoneni. Ethonya izingqondo zabantu abazalelwe ekungaphelelini, wakwazi ukuphambukisa imibono yabo ngasekusebenziseni okuhle amandla abo obulili abawanikezwe uNkulunkulu. IBhayibheli libonisa ukuthi ngesikhathi sikaZamcolo, ‘ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kwakukubi kwasebusheni bakhe.’ (Genesise 6:5, 7; 8:21) Njengoba umkhaya wesintu wawucwila phakathi kwenkambo yokuziphatha okubi, izingelosi ezulwini zazibhekile.
Ukuhileleka Kwezingelosi
UNkulunkulu akadalanga izingelosi zaba nesifiso sobuhlobo bobulili nabantu. Nokho uSathane ngokusobala wakwazi ukuthola ezinye ukuba zicabange ngokungafanelekile ngezinto ezinjalo. Kanjalo phakathi kwezithile izingelosi isifiso sahlakulelwa ngento ethile uNkulunkulu ajonga ukuthi abantu kuphela bayijabulele ngaphakathi kwemingcele efanele yomshado. Lawa“madodana kaNkulunkulu” ayizingelosi enza into embi, eshiya izikhundla zawo ezulwini eza emhlabeni ukuze ashade abesifazane. (Genesise 6:2) Isenzo esinjalo sasishukunyiswa isifiso esihlakulelwe kabi, hhayi isifiso semvelo esifakwe phakathi kwabo uNkulunkulu. Njengoba izingelosi zingathuthukisa esinjalo isifiso sobulili esingesona esemvelo, asifanele simangale ukuthi abantu nabo bangenza okufanayo. Ebhala ngaphansi kokuphefumlelwa, umfundi uJuda wafanisa izingelosi ezafisa amadodakazi abantu nabantu abathi ngokushisa kwenkanuko bahileleka nabantu bobulili babo. Wabhala:
“Nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama, njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe-yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.”—Juda 6, 7.
Ukuphendukezelwa Okungokobulili—Okudlule Nokwanamuhla
Njengabafundi beBhayibheli, siyakwazi okwenzeka eSodoma lasendulo—indlela amadoda ahlanyiswa ubulili nabafana abasha bomuzi abafuna ngayo ukuba nobuhlobo nalabo ababebabheka nje njengezivakashi zesilisa zomuzi kaLoti. (Genesise 19:4-11) Lesehlakalo senzeka nje eminyakeni engaba ngama-450 emva kukaZamcolo. Kulezo zikhathi zokuqala kwakuye kwavama ngabantu ukuba nobuhlobo bobulili nezilwane. Kanjalo, iminyaka engama-400 kamuva, ezindaweni ezihlukene, uMthetho kaNkulunkulu esizweni sakwaIsrayeli wawulahla lomkhuba, nokufa kwakuyisijeziso ngabaweqayo. (Eksodusi 22:19; Levitikusi 18:23; 20:15, 16; Duteronomi 27:21) Ngaphezu kwalokho, uMthetho kaNkulunkulu kuIsrayeli wenza ubuhlobo bobulili nabantu bobulili bomuntu ukona okuyinhloko—abeqi begwetshelwa ukufa.—Levitikusi 18:22; 20:13.
Nokho, emakhulwini alandela, abantu ababehlala ngokuzungeze amaIsrayeli babehileleke ngokujulile emikhubeni yobungqingili kangangokuthi namaIsrayeli ngokwawo isikhathi nesikhathi ahileleka ebungqingilini. (1 AmaKhosi 14:24; 15:12; 22:46) Ngesinye isikhathi umLevi wayeyisihambeli sendlu emzini wakwaBenjamini eGibeya, futhi amadoda omuzi ahaqa indlu ememeza: “Khipha lowomuntu owayengena endlini yakho ukuba simazi.” (AbAhluleli 19:22) Ngokoqobo sonke isizwe sakwaBenjamini sashanelwa ngokuqondisa kukaJehova ngenxa yalendaba.
‘Kodwa kungani kuvezwa umlando weBhayibheli ongajabulisi kanje,” abanye bangase ukuba bayacabanga. Ngoba namuhla siphila emphakathini oye wacwila ekujuleni okukhulu kokuziphatha okuxekethile, futhi abantu bakaNkulunkulu bosuku lwanamuhla nabo bafakwe engozini. Cabangela kafushane ukwanda kobungqingili nethonya labo:
“Abangaba ama-30% benani labantu base[San Francisco] bangongqingili” kusho iMedical Tribune kaSeptember 23, 1981.
Indaba yawo-80 iyithonya elikhulayo lobungqingili ekuphileni kobulili obaziwayo futhi—ngokubaluleke ngokwengeziwe—izindinganiso zobulili obaziwayo. . . . Okuvamile ukwamukelwa kobungqingili kuwuphawu lokuthi izinkolelo zethu eziyisibonelo beziguquka,” kubika umagazini kaMaclean ngoFebruary 18, 1980.
“Ukuqoqana okukhulu kongqingili emdlalweni nasezindaweni zokuhlangana kubeka ongqingili esimweni sokubumba izindinganiso nemibono,” kuphawula uprofesa eYunivesithi yaseSydney eAustralia.
Izimo zabantu ngempela zenziwa ukuba zamukele ubungqingili njengobuvamile, ngisho nobufanele. Ngokuya kweThe Toronto Star ka-August 24, 1980, “Amalungu angabasha eSonto Lobunye . . . amukela umqondo wabefundisi abangongqingili.” IThe London Daily Mail yaseLondon kaJune 5, 1980, ithi: “Ubungqingili abufanele bube isivimbo ekuphatheni amahhovisi emaSontweni amaWeseli, umbiko obukeziwe uyatusa.” Futhi lapho owesifazane ebhala esho ukuthi wayeshaqekile ukuzwa ukuthi umzukulu wakhe oneminyaka engama-23 ubudala wayengungqingili, umhleli wephephandaba waphendula: “UNkulunkulu akalibhalanga iBhayibheli. Ubungqingili budala njengesintu . . . Ofanele ukwenze manje ukufunda ukumamukela ngendlela ayiyo. Usalokhu eyinsizwa enhle.”
Umbono WeBhayibheli Ngokuphendukezelwa Kobulili
Ngenxa yewawa lezwe ngisho nabanye phakathi kwabantu bakaNkulunkulu baye bathonywa ukuze babheke ubungqingili nokufanayo ukuphendukezwa kobulili njengo‘kungekubi kangako.’ Nokho, uMthetho kaNkulunkulu kuIsrayeli wawuthi ongqingili kumelwe babulawe! Futhi emiBhalweni yamaKristu yesiGreki aboku-1 Korinte 6:9, 10 bathi, ngokweNew International Version: “Ningakhohliswa: Okuxekethile ngokobulili . . . noma iziphingi noma izifebe zesilisa noma izoni zobungqingili . . . aziyikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” Futhi, ngokwalenguqulo efanayo yeBhayibheli, kumaRoma 1:26, 27 ithi: “Ngisho nabesifazane babo baguqula ubuhlobo bemvelo baba obungebona obemvelo. Ngendlela efanayo amadoda nawo alahla ubuhlobo bemvelo nabesifazane futhi basha ngokukhanukelana. Amadoda enza izenzo eziyichilo namanye amadoda.” Ivesi lama-32 liyaqhubeka: “Labo abenza izinto ezinjalo bafanele ukufa.”
Ngokumangalisayo, abanye abaye bahileleka ekuziphatheni okuxekethile, njengokulala nezilwane, abazange babe nomuzwa wokuthi abakwenzileyo kwakukubi kangako. Nokho ukuba nokuhlangana kobulili nesilwane akulungile. Kuyisizathu sokususwa ekuhlanganyeleni ebandleni lobuKristu. Ngokufanayo, abanye baye babonisa ukungazi ngokuphathelene nokuthi iyini imikhuba yobungqingili. Buyini-ke, ubungqingili?
Buyini Ubungqingili?
Ukusiza ukuthola lokhu ngokucacile, cabangela incazelo yesichazi-mazwi ngobungqingili:
IWebster’s Third New International Dictionary of the English Language: “Isenzo sobulili nelungu lobulili bakho.”
IThe American Heritage Dictionary: 1. “Isifiso sobulili ngabanye bobulili bakho. 2. Isenzo sobulili nomunye wobulili obufanayo.”
IThe Random House Dictionary of the English Language: “Inkanuko yobulili noma ukuziphatha kuqondiswe kumuntu noma abantu bobulili bakho.”
Kuyathakazelisa ukuthi, ngokwezincazelo zezichazi-mazwi, ubungqingili buhlanganisa ISIFISO sobulili ngabanye bobulili bakho. Nokho iBhayibheli lenza ukwahlukanisa phakathi kokuzijwayeza okubi nesifiso esibi noma ukuthambekela. Lezizifiso zingase zibe khona naphezu komzamo oqondile wokuzisiphula engqondweni nasemzimbeni. Ngenxa yenhlalo yokuphila kwabo kwangaphambili, futhi mhlawumbe ezinye izici, singase sibe nabafowethu nodade bobuKristu labo isikhathi nesikhathi benokucindezela kokuba nobuhlobo bobulili namalungu obulili babo. Kepha bayasilwisa lesi esingesona esemvelo, isifiso esiphefumlelwe uSathane—futhi abazinikeli kuso. Njalo-ke ababona ongqingili. Bayakwazi ukuqondisa ukucabanga kwabo, bazi ukuthi isifiso esingaqondile esivunyelwa ukukhula sibophekile ukuba sizibonakalise ngezenzo ezingalungile.—Jakobe 1:14, 15; Kolose 3:5-10.
Okulahlwa uNkulunkulu eBhayibhelini, futhi kuwukona kokususa ekuhlanganyeleni, kuyi“senzo sobulili,” noma ‘ukuziphatha kobulili,’ okuqondiswe komunye umuntu wobulili bakho. Lesisenzo, noma ukuziphatha akulindelekile ukuba kuze kube ukulalana kwabobulili obufanayo ukuze kwenze ubungqingili. Noma yisiphi isenzo esihilela izitho zobulili okungenani zoyedwa walababantu, njengokwanga, ukuphathaphatha, ukuhlikihla izitho zobulili komunye, noma okunye ukuziphatha okunjalo okuklanyelwe ukuthola injabulo engokobulili, nelinye ilungu lobulili bakho, kuwubungqingili. Lapho iningi labantu licabanga ngongqingili njengabesilisa, igama lisebenza ngokulinganayo kwabesifazane abaqhuba enjalo imikhuba efanayo, nakuba babizwa ngokuvamile ngokuthi onkoshana.
Ukugwema Ukuziphatha Kobulili Okungalungile
Abantu abangase babe nezifiso zobungqingili badinga ukulwa kanzima ngokumelene nazo. Ngesikhathi esifanayo, sifanele siqaphele ukuba singabi izisulu zomuntu othonywa izifiso zakhe ezingalungile. Ngezinye izikhathi izenzo zobungqingili ziye zaqhutshwa izinto lezo ngokwazo ezingezimbi, njengokunikela noma ukwamukela ukuhlikihlwa komhlane noma ukugezwa komhlane eshaweni. Noma ngezinye izikhathi abantu bayobambana ngokudlala futhi bashukunyiswe ngokobulili. Kukhona isidingo sokuxwaya. Qaphela ukuthi isenzo esinjalo singaholela, futhi ngezinye izikhathi siye saholela, ezenzweni zobungqingili, ngisho naphakathi kwamaKristu.
Kungani abanye bahileleka ezonweni ezingokobulili—ebungqingilini, ekulaleni nezilwane, ekuhloleni abanqunu, nokunye? Kuye kwatholakala ukuthi izingqondo zabonayo bezisebulilini ngesilinganiso esikhulu. Ngezinye izikhathi babe ngabafundi abashisekayo bezincwadi ezingcolile. Kubonakala ukuthi, bonke babe ngabashayi bendlwabu abaphikelelayo. Njengoba lendaba yendlwabu ngokuphindaphindiwe iye yaphakama mayelana nokuphendukezelwa kobulili, ake sihlole lomkhuba ekukhanyiselweni iZwi likaNkulunkulu. Lithini iBhayibheli ngendlwabu?
Umbono WeBhayibheli Ngendlwabu
Kukhona labo abaye bathi iBhayibheli lichaza indlwabu kuGenesise isahluko 38, futhi nokuthi uOnani wabulawa ngenxa yalokho kona. Kepha lokhu akulona iqiniso. IBhayibheli lithi lapho uOnani “engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini.” (Genesise 38:9) Ngakho-ke ngokusobala uOnani waphazamisa ubuhlobo bobulili noTamari, echitha isidoda sakhe phansi kunokuba asinike uTamari. Wenza lokhu ngoba wayengafuni ukuzala abantwana egameni lomfowabo ofile. Futhi uOnani wabulawelwa lokhu kuhluleka “ukungena umfazi womfowabo.”
Ezinye izahluko ezimbili emiBhalweni yesiHeberu kuye kwaxoxwa ngazo ezincwadini ezikhuluma ngombono weBhayibheli ngendlwabu. Esokuqala uDuteronomi 23:10 no-11, ukhuluma ngesimo lapho amaIsrayeli ayesesikanisweni sezempi. NgokweToday’s English Version, ithi: “Uma indoda iba ngengcolile ngenxa yokuthi iye yaba nephupho elimanzi phakathi nobusuku, ifanele iye ngaphandle kwenkambu futhi ihlale lapho. Ngokusondela kokuhlwa ifanele izigeze, futhi ekushoneni kwelanga ingabuyela enkanjini.” Kodwa okuphawulwe lapha akuyona indlwabu. Indlwabu ichazwa kanje: “Ukushukunyiswa okungokobulili kwezitho zokuzala ngokuvamile kuphumele kumvuthwandaba futhi kufezwa ngezandla noma okunye ukuthintana komzimba.” [Webster’s New Collegiate Dictionary, 1981) UJehova uNkulunkulu wadala abesilisa ukuthi, uma bengahlanganyeli ekuhlanganeni kobulili, isikhathi nesikhathi ngokuzenzekelayo bayochitha isidoda phakathi nokulala. Lokhu kuchitheka kuhambisana njalo nephupho elingokobulili, kanjalo-ke kunesisho “iphupho elimanzi.” Njengoba ukuchitheka ngokuvamile kwenzeka ebusuku, kungase futhi kubizwe ngokuthi “ukuchitheka kwasebusuku.”
Esinye isahluko esixoxa lendaba uLevitikusi 15:16, 17, othi: “Nxa umuntu eshaywa yizibuko, uyakugeza wonke umzimba wakhe ngamanzi, abe-ngongcolile kuze kuhlwe. Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe-ngezingcolile kuze kuhlwe.” Kucacile ukuthi amavesi awabhekiseli endlwabini, ngokucacile abhekisela kwelishiwo ngaphambili “iphupho elimanzi.” Nakuba iBhayibheli liphawula ‘ukungcola’ ngokuhlangene nokuchitheka kwesidoda, lokhu okungokomkhosi hhayi ukungcola okungokokuziphatha. Lokhu kusobala uma siqaphela evesini elilandelayo Lev 15:18 ukuthi indoda engumIsrayeli nomfazi babeba nokufanayo ukungcola uma behlanganyela kobuvunyelwe uNkulunkulu ubuhlobo bomshado.
Khona-ke, ingabe imiBhalo yesiGreki yamaKristu isho okuthile ngendlwabu? Cha, ayixoxi ngalendaba. Akuphathwa ngisho namaphupho amanzi. Kepha ingabe lokho kusho ukuthi imiBhalo yesiGreki yamaKristu ayinikezi siqondiso sokwakha isimo esifanele ngendlwabu? Cha, akunjalo. Cabangela eyabaseKolose 3:5, efundeka kanje: “Bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka nesangabe.” Futhi aboku-1 Thesalonika 4:4, 5 bathi: “Yilowo nalowo . . . akwazi ukuhlala nomkakhe ngokungcwele nangokuhlonipha, kungabi-ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu.” Iseluleko esinjalo sisebenza kumaKristu ashadile nakulabo abangashadile, kodwa ngisho ukuzibamba okwengeziwe kudinga ukusetshenziswa ngabantu abangashadile ngoba ukuthola ukukhululeka kwenkanuko ngokobuhlobo bobulili kulinganiselwe kulabo abashadile.
Ungabona yini ukuthi indlwabu umkhuba owonakalisa isiyalo sokubulala “inkanuko”? Iqiniso, uJehova wadala abantu baba nenkanuko, noma isifiso, ngokobulili, ngisho njengoba asidala saba nesifiso ngokudla nesiphuzo. Ngakho-ke, iBhayibheli alisho ukuthi ukuba nenkanuko yobulili akulungile, njengoba nje lingakulahli ukuba nesifiso semvelo esifanele ngokudla nesiphuzo. Nokho siyazi ukuthi esimweni sethu sokungapheleli, izinkanuko zingase ziphunyuke ngaphansi kokuphathwa. Umuntu angase abe nesingafanelekile isifiso ngokudla noma iziphuzo ezidakisayo futhi abe isiminzi noma isidakwa. Ngokufanayo, ubulili bungase bube ingxenye ephambili noma eyinhloko yokuphila komuntu, futhi angase kanjalo abe njengabezizwe aba”neshisayo inkanuko yobulili.”
Umuntu oshaya indlwabu unomuzwa omkhulu ongafanele ebulilini. Wondla futhi aqabule ukunxanela kwakhe okungokobulili ngendlela engalungile. Nokho akuwona kuphela amadoda ahilelekile; kuye kwaba khona ukwanda kokushaya indlwabu phakathi kwabesifazane. UNkulunkulu, nokho, walungiselela abantu isipho sobulili ukuba basisebenzise ngaphakathi kwelungiselelo lomshado. Kepha umshayi wendlwabu usebenzisa ubulili ngaphandle kwelungiselelo lomshado ngenxa yokuzithokozisa yena komuntu siqu. Umuntu onjalo udinga ukubulala inkanuko yakhe yobulili ukuze athokozise uNkulunkulu. Udinga ukuhlakulela ukuzithiba okudingekile ukususa umuzwa omkhulu ebulilini ekuphileni kwakhe futhi ayekele izitho zakhe zobulili zizifanelanise nanoma yikuphi ukucindezela ngendlela efanele.
UJesu wafundisa: “Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28) Umshayi wendlwabu njalo unolunjalo uhlobo lwemicabango yenkanuko, ukuzindla ngokuba nobuhlobo bobulili. Umuntu onjalo ngokuqinisekile akaphili ngokuvumelana nemfundiso kaKristu. Akungabazeki ukuthi laba abanelisa inkanuko yabo yobulili ngokushaya indlwabu beqa iziyalo zikaNkulunkulu ZOKUBULALA inkanuko yabo yobulili.
Kodwa umuntu angayibulala kanjani inkanuko yakhe yobulili futhi asuke ekushayeni indlwabu? Iqiniso, ngabantu abaye bazijwayeza loluhlobo lokuzonakalisa, kungase kube yimpi yangempela ukuluyeka. Kodwa umuntu kufanele angayeki ekulweni! Ngosizo lukaJehova, umuntu angaphumelela. Ufanele okokuqala athuthukise inzondo ngomkhuba. (IHubo 97:10) Kubalulekile-ke ukuthi enze ukuzimisela okuqinile engqondweni nasenhliziyweni yakhe ukuyeka ukushaya indlwabu. Umelwe akubeke njalo emikhulekweni yakhe: khona-ke udinga ukusebenzela kulokho akuthandazelayo. Angeke, ondle amalangabi enkanuko ngokufunda noma ngokubheka izinto ezishukumisa inkanuko yakhe ngobulili. Noma akhulume ngezinto ezondla ukuthambekela kwakhe ukushaya indlwabu. Kunalokho, ufanele azigcine ematasa ekufuneni okungokwasezulwini, ukuya emihlanganweni, enkonzweni yasensimini, ukwenza izimpindelo, ukuqhuba izifundo zeBhayibheli, ukusiza abanye ngokomoya, futhi uyokwamukela amandla okwehlula inkanuko yakhe yobulili. Uma inkinga iphikelela, ufanele angakungabazi ukufuna usizo kumdala ebandleni lakhe. Udade onalenkinga angafuna usizo nokusekelwa kudade osemdala ebandleni.
Akukho kungabaza ngalokhu—ukugcina ubuqotho kuJehova kubizela ukulwa okunzima. Kepha kufanelekile. Uma silwa manje ngokumelene nenyama yethu ethambekele esonweni, khona-ke uJehova uyosinikeza ukunqoba okuphelele kwesakhe esilungile, esihlanzekile Isimiso Esisha. Cabanga nje! Siyobona injongo ekhazimulayo kaJehova igcwaliseka—umhlaba ogcwaliswe ngabantu behlala ePharadesi—bonke balabo belethwe ebukhoneni ngenxa yesipho esimangalisayo sobulili uNkulunkulu asidala naso.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
UMthetho kaNkulunkulu wenqabela noma ikuphi ukuhlangana kobulili phakathi kwabantu nezilwane
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Kungani abanye abantu behileleka ekoneni okungokobulili?
[Ibhokisi ekhasini 11]
Ubungqingili—Ingabe Bulungile?
Eyamuva nje ifilimu yaseMelika enesihloko esithi Making Love iyisibonelo esihle sabahlakaniphile, sewawa elicetshwe kahle ngezinto zokuzilibazisa zokwenza iningi licabange ukuthi ubungqingili bulungile.
“Ongqingili kufilimu kungase kube udokotela wakho, umfowenu noma umfana ongumakhelwane,” kwaphawula umbhali kuSunday News Magazine yaseNew York. Lokhu kubonakala kokulunga akuyona ingozi. “Ithemba lami ngefillmu,” kusho umbhali wayo, “ukuthi ngandlela-thile iguqule ukuqonda kwabantu kobungqingili. Ukuze bahambe nomqondo wokuthi ukuthanda amadoda akuyenzi indoda ingafaneleki noma iphuphe.”—Omalukeke ngabethu.
Ingabe ifilimu ‘iguqula ukuqonda kwabantu ngobungqingili?’ Ibonakala iye yaba nalowomphumela komunye wezingcweti zabadlali, umdlalikazi uKate Jackson. “Kukhona ubumvelo phakathi kwamadoda [kufilimu] futhi kuyamangaza,” watshela owayembuza. “Lapho ngibona ingxenye engcolile, ngangazi ukuthi yini abayiqondile ngaqhubeka neziteji ezintathu. Ngamangala futhi ngathola ukuthi ngangithe, Oh, ngiyakuzwisisa lokho, futhi ngaya esiteji esilandelayo esasiwu-habe, ngiyakwemukela lokho.”
Kungakhathaliseki ukuthi iwawa elinjalo liguqula kanjani “ukuqonda kwabantu ngobungqingili,” busanyanyeka njengoba babunjalo kuMdali womzimba womuntu. UMthetho kaNkulunkulu wawuthi ongqingili kwaIsrayeli wasendulo aba“bulawe nokubulawa.” (Levitikusi 20:13) Futhi umthetho kaNkulunkulu ngamaKristu ubonisa ukuthi umqondo wakhe ngendaba awuguqukanga. IBhayibheli lithi ngokucacile “izoni ezingongqingili” zibekwa esigabeni salabo “abangeke bawuthole uMbuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9, 10, Today’s English Version.