Imibuzo Evela Kubafundi
Kwa-Israyeli wasendulo, yini eyayifanekiselwa ukukhanya okuyisimangaliso ngezinye izikhathi okwakubizwa ngokuthi iShechinah okwakubonakala eNgcwelengcwele yetabernakele neyethempeli?
UJehova, uBaba onothando noMvikeli wabantu bakhe, wakubonisa ngokucacile ukuba khona kwakhe kwa-Israyeli. Enye indlela akuveza ngayo lokhu kwakungefu elicwazimulayo elalihlobene ngokuseduze nendawo yakhe yokukhulekelwa.
Lokho kukhanya okumangalisayo kwakumelela ukuba khona kukaJehova okungabonakali. Kwakubonakala eNgcwelengcwele yetabernakele neyethempeli elakhiwa uSolomoni. Lokho kukhanya okuyisimangaliso kwakungafanekiseli ukuthi uJehova wayelapho ngokoqobo. UNkulunkulu ngeke ahlale kunoma yisiphi isakhiwo esenziwe ngumuntu. (2 IziKronike 6:18; IzEnzo 17:24) Lobu bucwazicwazi obungaphezu kobemvelo obabuba sendlini engcwele kaNkulunkulu babungaqinisekisa umpristi ophakeme—futhi ngaye wonke ama-Israyeli—ngokuba khona kwesivikelo sikaJehova nokuthi wayewanakekela enelisa nezidingo zawo.
Ngesi-Aramu sangemva kwezikhathi zeBhayibheli, lokhu kukhanya kwakubizwa ngokuthi iShechinah (shekhi·nahʹ), igama elisho ukuthi “okuhlala” noma “ukuhlala.” Alikho leli gama eBhayibhelini kodwa liyatholakala ezinguqulweni zesi-Aramu zemiBhalo YesiHebheru, ezaziwa nangokuthi amaTargum.
Lapho enikeza iziyalezo maqondana nokwakhiwa kwetabernakele, uJehova wathi kuMose: “Kumelwe ubeke isembozo ngaphezulu phezu koMphongolo, futhi ngaphakathi koMphongolo uzobeka ubufakazi engizokunika bona. Ngiyozibonakalisa kuwe lapho futhi ngikhulume nawe ngingaphezu kwesembozo, ngiphakathi kwamakherubi amabili angaphezu komphongolo.” (Eksodusi 25:21, 22) UMphongolo okukhulunywa ngawo kwakuyibhokisi eliseNgcwelengcwele elalihuqwe ngegolide. Esivalweni soMphongolo kwakunamakherubi amabili egolide.
UJehova wayezokhuluma ekuphi? Wawuphendula lo mbuzo ngesikhathi ethi kuMose: “Ngiyobonakala efwini ngaphezu kwesembozo.” (Levitikusi 16:2) Leli fu lalingaphezu koMphongolo ongcwele phakathi kwamakherubi amabili egolide. IBhayibheli alembuli ukuthi lelo fu laliphakeme kangakanani noma ukuthi laligcinaphi ngaphezu kwamakherubi.
Leli fu elikhanyayo lalikhanyisa iNgcwelengcwele. Empeleni, lalingukuphela kwenkanyiso eyayikhanyisa lelo gumbi. Ngenxa yalokho kukhanya umpristi ophakeme wayebona lapho engena kulelo gumbi elingaphakathi ngoSuku Lokuhlawulelwa. Wayema lapho uJehova ayekhona.
Ingabe lokhu kukhanya okuyisimangaliso kunokubaluleka okuthile kumaKristu? Embonweni, umphostoli uJohane wabona umuzi lapho “ubusuku bungeke bube khona.” Lo muzi uyiJerusalema Elisha, elakhiwa amaKristu agcotshiwe avuselwe ukuba ayobusa noJesu. Ukukhanya kwalo muzi ongokomfanekiso akuveli elangeni noma enyangeni. Inkazimulo kaJehova uNkulunkulu iyikhanyisa ngokuqondile le nhlangano, njengoba nje ifu iShechinah lalikhanyisa iNgcwelengcwele. NeWundlu, uJesu Kristu, ‘liyisibani’ salo muzi. Ngaphezu kwalokho, lo “muzi” ukhipha ukukhanya kwawo okungokomoya futhi uqondisa abantu abahlengiwe abavela kuzo zonke izizwe.—IsAmbulo 21:22-25.
Ngenxa yokuthi bathola inala engaka yezibusiso evela kuNkulunkulu, abakhulekeli bakaJehova bangaqiniseka ngokuthi uJehova unguMalusi wabo obavikelayo noBaba obathandayo.