-
‘U-Israyeli KaNkulunkulu’ ‘Nesixuku Esikhulu’INqabayokulinda—1995 | Julayi 1
-
-
8 Lapho ekholekile, u-Israyeli wayebuqaphela ubukhosi bukaJehova futhi wayemamukela njengeNkosi yakhe. (Isaya 33:22) Ngakho, wayengumbuso. Kodwa, njengoba kwembulwa kamuva, isithembiso esiphathelene ‘nombuso’ sasiyosho okungaphezu ngisho kwalokho. Ngaphezu kwalokho, lapho elalela uMthetho kaJehova, wayehlanzekile, ehlukanisiwe nezizwe ezazimzungezile. Wayeyisizwe esingcwele. (Duteronomi 7:5, 6) Ingabe wayengumbuso wabapristi? Phela, kwa-Israyeli isizwana sakwaLevi sasihlukaniselwe inkonzo yasethempelini, futhi phakathi kwaleso sizwana kwakunobupristi bobuLevi. Lapho kumiswa uMthetho kaMose, kwathathwa abesilisa abangamaLevi esikhundleni samazibulo ayo yonke imikhaya engewona amaLevi.a (Eksodusi 22:29; Numeri 3:11-16, 40-51) Ngakho, kunjengokungathi yonke imikhaya kwa-Israyeli yayimelelwe enkonzweni yasethempelini. Lena kwakuyindlela eseduze kakhulu isizwe esasisondele ngayo ebupristini. Nakuba kunjalo, sasimelela uJehova phambi kwezizwe. Noma imuphi umuntu wezizwe owayefisa ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso kwakumelwe enze kanjalo ngokuzihlanganisa no-Israyeli.—2 IziKronike 6:32, 33; Isaya 60:10.
-
-
‘U-Israyeli KaNkulunkulu’ ‘Nesixuku Esikhulu’INqabayokulinda—1995 | Julayi 1
-
-
a Lapho kumiswa ubupristi bakwa-Israyeli, amadodana angamazibulo ezizwana zakwa-Israyeli ezingewona amaLevi nabesilisa besizwana sakwaLevi babalwa. Kwakunamazibulo angu-273 engeziwe kunabesilisa abangamaLevi. Ngakho, uJehova wayala ukuba ngalinye langu-273 likhokhelwe amashekeli amahlanu njengesihlengo salabo abayinani eleqile.
-