Imibuzo Evela Kubafundi
Zazimi kanjani izinti zokuthwala umphongolo wesivumelwano njengoba eyoku-1 AmaKhosi 8:8 ibonisa ukuthi zazibonakala eNgcwele?
Lapho uJehova enika uMose ipulani yetabernakele ehlane, isici esiyinhloko kwakuwumphongolo wesivumelwano. Leli bhokisi elingunxande elihuqwe ngegolide laliphethe izibhebhe zoMthetho nezinye izinto. Laligcinwa egunjini elingaphakathi, eNgcwelengcwele. Phezu koMphongolo kwakunemifanekiso emibili yamakherubi egolide avule amaphiko. Ohlangothini ngalunye loMphongolo, kwakunamasongo ukuze uthwalwe ngezinti ezimbili, ezenziwe ngesihlahla somtholo zahuqwa ngegolide. Ngokunengqondo, izinti zazingena emasongweni zivundle ngaphambi nangemva koMphongolo. Ngakho, lapho uMphongolo usendaweni yawo eNgcwelengcwele yetabernakele, elalibheke empumalanga, izinti zazibheka enyakatho naseningizimu. Kwakunjalo nalapho umphongolo ususethempelini elalakhiwe nguSolomoni kamuva.—Eksodusi 25:10-22; 37:4-9; 40:17-21.a
INgcwelengcwele neNgcwele (igumbi elingaphandle) kwakuhlukaniswa yisihenqo. Abapristi abaseNgcwele babengenakubheka eNgcwelengwele babone uMphongolo, uNkulunkulu ayezibonakalisa kuwo. (Heberu 9:1-7) Ngakho, eyoku-1 AmaKhosi 8:8 ingase izwakale idida: “Izinti zazizinde kangako ukuba izihloko zezinti zibonakale endaweni engcwele phambi kwegumbi; kepha zazingabonakali ngaphandle.” Eyesi-2 IziKronike 5:9 iveza iphuzu elifanayo. Zazibonakala kanjani izinti kumuntu oseNgcwele?
Abanye baye bafunisela bathi izinti zazithinta isihenqo, okwakusenza siqumbe. Kodwa kwakungenakuba njalo uma izinti zazibheka enyakatho nasempumalanga, isihenqo sivundle njengazo. (Numeri 3:38) Kunencazelo enengqondo kakhudlwana. Izinti zazingase zibonakale uma kwakunesikhadlana phakathi kwesihenqo nodonga lwethempeli noma lapho kudingeka umpristi ophakeme angene eNgcwelengcwele. Cishe isihenqo sasiwusitha uMphongolo ngokwawo, kodwa izinti ezivundlile nhlangothi zombili zazingase zivele esikhaleni. Nakuba le ncazelo ingase ibe yiqiniso, akufanele siyibheke njengengenakuphikiswa.
Kusobala ukuthi miningi imininingwane yetabernakele okungenzeka yimá sisazoyazi. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngezici ezimbalwa encwadini yakhe eya kumaHeberu. Wabe esethi: “Manje akusona isikhathi sokukhuluma ngokuningiliziwe ngokuphathelene nalezizinto.” (Heberu 9:5) Uvuko oluzayo lwabathembekileyo cishe luyoveza amathuba athakazelisayo okufunda emadodeni anjengoMose, u-Aroni, uBesaleli, nabanye ababekwazi kahle ukuma kwethempeli nemisebenzi yalo.—Eksodusi 36:1.
[Umbhalo waphansi]
a Izinti kwakungamelwe zikhishwe emasongweni ngisho nalapho uMphongolo uhlezi etabernakele. Ngakho-ke, izinti zazingenakusetshenziselwa noma iyiphi enye injongo. Futhi, uMphongolo kwakungamelwe uthintwe; ukube izinti zazikhishwa, njalo lapho uMphongolo uthuthwa kwakuyodingeka uthintwe ukuze kufakwe izinti emasongweni. Amazwi akuNumeri 4:8 akhuluma ‘ngokufakwa kwezinti’ kungenzeka abhekisela ekulungiseni noma ekumiseni kahle izinti kulungiselelwa ukuthwala leli bhokisi elisindayo liyiswa ekamu elisha.