Ingabe Inkolo Iyazenelisa Izidingo Zakho?
UMOYA, amanzi, ukudla, indawo yokukhosela—lokhu kuqashelwa umhlaba wonke njengezidingo zesintu. Ngaphandle kwakho ubhekana nokuhlupheka nokufa. Nokho, esikhathini eside esidlule, umholi wama-Israyeli uMose wabhekisa ukunakekela kwesinye isidingo sesintu, esibaluleke ukudlula ngisho ukudla namanzi. UMose wathi: “Umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.”—Duteronomi 8:3.
Ngalamazwi anohlonze, uMose wabonisa ukubaluleka kwezidingo zethu ezingokwenkolo noma ezingokomoya. Wabonisa ukuthi khona kanye ukuphila kwethu kuxhomeke ekweneliseni zona! Phakathi nohambo lwawo lweminyaka engu-40 ehlane, ama-Israyeli ayephila ‘ngamazwi aphuma emlonyeni kaJehova’ ngokoqobo. Asinda kulokho ngandlela-thile okwakungaba isenzakalo esiyingozi. Ngomyalo kaNkulunkulu, ukudla okubizwa ngokuthi imana kwehla ezulwini ngokuyisimangaliso. Kwavela amanzi emadwaleni ukuze acime ukoma kwawo. Kodwa uNkulunkulu wenza okungaphezu kokunakekela izidingo zawo ezingokwenyama. UMose wathi: “Njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.”—Duteronomi 8:4, 5; Eksodusi 16:31, 32; 17:5, 6.
Ama-Israyeli ayengashiyiwe dengwane ukuba azibonele wona lokho okwakulungile noma okungalungile, ngokokuziphatha noma ngokwenkolo. Athola ukuqondiswa okuvela kuNkulunkulu ngokwakhe. Wawanikeza uMthetho kaMose, isimiso somthetho esiphawulekayo esasinikeza ukudla okunempilo, isimiso sokuhlanzeka, nezimiso ezinenzuzo zokuziphatha nezingokwenkolo. Ngakho-ke uNkulunkulu wayithuthukisa inhlalakahle engokwempilo nengokwenkolo ka-Israyeli. Wayephila ‘ngamazwi aphuma emlonyeni kaJehova.’
Ngaleyondlela u-Israyeli wayehluke ngokuphelele kwezinye izizwe. Osukwini lukaMose iGibithe lalibuswa njengombuso ophambili. Laliyizwe eliyithanda kakhulu inkolo. I-World Book Encyclopedia ithi: “AbaseGibithe lasendulo babekholelwa ukuthi izithixo (onkulunkulu nonkulunkulukazi) ezihlukahlukene zazithonya zonke izici zemvelo nemisebenzi yabantu. Ngakho-ke ayekhulekela izithixo eziningi. . . . Edolobheni laseGibithe ngalinye, abantu babekhulekela owabo unkulunkulu okhethekile ngaphezu kwezithixo eziyinhloko.”
Ingabe lokhu kukhulekelwa konkulunkulu abaningi kwazenelisa izidingo zabaseGibithe? Cha. IGibithe laba izwe elicwile ekukholelweni ezeni nasemikhubeni yobulili eyonakalisayo. Kunokuba ithuthukise ukuphila nempilo enhle, indlela yaseGibithe yokuphila yayiholela ‘ezifweni ezimbi.’ (Duteronomi 7:15) Khona-ke, akumangalisi ukuthi iBhayibheli lakhuluma ngonkulunkulu baseGibithe ngendlela yokubenyanya, libabiza ngokuthi “izithombe eziyindle.”—Hezekeli 20:7, 8, NW.
Isimo esifanayo sikhona nanamuhla. Abantu abaningi banalo okungenani uhlobo oluthile lokholo; bambalwa abangazibiza ngokuthi abanaye unkulunkulu abamkhonzayo. Nokho, kusobala ukuthi inkolo iyonke iye yahluleka ukwanelisa izidingo zesintu ezingokomoya. Ingabe izinkinga zempi, ubuhlanga, indlala, nobumpofu obungapheli bekuyoba khona namuhla ukube abantu bebephila “ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova”? Ngokuqinisekile bekungeke kube khona! Noma kunjalo, bambalwa abantu abebengacabangela ukushintsha inkolo yabo. Phela, abanye abazimisele ngisho nokuxoxa ngenkolo noma banake imibono emisha engokwenkolo!
Ngokwesibonelo, enye indoda eGhana, eNtshonalanga Afrika, yatshela isikhonzi esingumKristu: “Ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu uye wazembula kithi thina baNsundu ngabapristi nabapristikazi bakithi abanamandla, njengoba nje enza kumaJuda ngabaprofethi bawo. Kubuhlungu ukuthi abanye bethu thina baNsundu bayehluleka ukuqaphela abapristi bakithi kodwa kunalokho bakhulume ngoJesu, uMuhammad, nabanye.”
Emiphakathini eminingi yabaNsundu bendabuko, ubuKristu bubhekwa njengenkolo yabelungu—isimiso esavela kwamanye amazwe esiye senza okubi kakhulu kunokuhle. Kodwa ingabe isimo sengqondo sokungayemukeli eminye imibono siyoyisiza noma siyoyivimba imizamo yakho yokwanelisa izidingo zakho ezingokomoya? Esinye isaga sase-Afrika sithi: “Awuzifaki zombili izandla esitsheni sokudla ngenxa nje yokuthi ulambile.” Umkhuba onjalo wokudla awubonisi nhlonipho futhi uyingozi—ikakhulukazi uma ungazi ukuthi kunani kulesositsha! Nokho, abaningi abayikhethi ngesisekelo sokuyihlolisisa ngokujulile inkolo yabo, kodwa ngesisekelo sokuqhutshwa imizwelo noma isiko lomkhaya.
Ukukhulekela okwanelisa izidingo zakho ezingokomoya kufanele ‘kube-ngukukhonza kwakho kokuqonda.’ (Roma 12:1) Kufanele kube ukukhetha okunengqondo nokokuhlakanipha. Ngakho-ke masiyihlole lempikiswano yokukhetha komuntu inkolo yakhe ngasohlangothini lwabaNsundu. Nokho, lokhu okulandelayo kuzoba inzuzo nakubafundi kuyo yonke indawo.
[Isithombe ekhasini 3]
UMose wabonisa ukubaluleka kokwaneliswa kwesidingo sethu esingokomoya
[Isithombe ekhasini 4]
Ithonya lezithunywa zevangeli zeLobukholwa e-Afrika libangele abanye ukuba bangalinaki iBhayibheli