-
Yini UJehova Ayicela Kithi?INqabayokulinda—2009 | Okthoba 1
-
-
Yini UJehova Ayicela Kithi?
NGILALELE noma ngingalaleli? Lesi sinqumo asilula ngaso sonke isikhathi. Umphathi onokhahlo nofuna abantu benze izinto ngenkani angase alalelwe, kodwa hhayi ngokusuka enhliziyweni. Nokho, abakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu bamkhulekela ngokuzithandela. Kubangelwa yini? Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sihlole amazwi kaMose akuDuteronomi 10:12, 13.a
Lapho efingqa izinto ezifunwa uNkulunkulu, uMose wabuza umbuzo owenza umuntu acabange: “Yini uJehova uNkulunkulu wakho ayicelayo kuwe?” (Ivesi 12) UNkulunkulu unelungelo lokusicela noma yini. Phela unguMbusi Wendawo Yonke, uMthombo noMsekeli wokuphila. (IHubo 36:9; Isaya 33:22) Unelungelo lokufuna ukuba simlalele. Yize kunjalo, akasiphoqi. Yini ayicela kithi? Ucela ukuba ‘simlalele ngokusuka enhliziyweni.’—Roma 6:17.
Yini engasishukumisa ukuba simlalele ngokuzithandela? UMose usitshela okungasisiza senze lokhu: ‘Yesaba uJehova uNkulunkulu wakho.’b (Ivesi 12) Lokhu akusho ukwesaba okukhwantabalisayo ngoba sesaba imiphumela ebuhlungu esingase siyithole, kodwa kusho ukwesaba okunempilo okuhlanganisa ukumhlonipha nokuhlonipha izindlela zakhe. Uma sesaba uNkulunkulu ngokujulile, siyofuna ukugwema ukumdumaza.
Nokho, kufanele sibe yini isisusa sethu esiyinhloko sokulalela uNkulunkulu? UMose uthi: “Mthande [uJehova] futhi umkhonze . . . ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.” (Ivesi 12) Ukuthanda uNkulunkulu kusho okungaphezu nje kokuba nemizwa ngaye. Enye incwadi iyachaza: “Amagama esiHebheru asho imizwa ngezinye izikhathi asho izenzo eziwumphumela wayo.” Yona le ncwadi ithi ukuthanda uNkulunkulu kusho ‘ukwenza izinto ezibonisa ukuthi siyamthanda.’ Ngamanye amazwi, uma simthanda ngempela uNkulunkulu, siyoziphatha ngendlela esaziyo ukuthi iyamjabulisa.—IzAga 27:11.
Kufanele simlalele ngezinga elingakanani uNkulunkulu? UMose uthi: ‘Hamba ezindleleni zakhe zonke.’ (Ivesi 12) UJehova ufuna senze zonke izinto acela ukuba sizenze. Uma simlalela ngokuphelele kungenzeka yini singazuzi? Cha, akunakwenzeka.
-