Ukusoka—Ingabe Kuwuphawu Lobudoda?
AMAZWE amaningi emhlabeni asoka izinsana zabafana ngenxa yezizathu zempilo. Kwamanye amazwe ngokuvamile abantu besilisa abasoki ukuphila kwabo konke. Kwamanye, njengamazwe amaJuda namaSulumane, ukusoka akwenziwa nje ngezizathu zempilo; kuhlobene nenkolo.
Nokho, ezinye izizwe zisoka abafana lapho bengena ebudodeni. Lokhu kuhlanganisa ukuyisa umfana ezikoleni ezithile ezifundisa ngamasiko. Uma efika lapho uyasokwa angahlangani nomphakathi amasonto amaningana kuze kube yilapho esepholile. Phakathi nalesi sikhathi, umfana kufanele enze amasiko athile futhi afundiswe ukuba yindoda. Ingabe lolu hlobo lokusoka luyadingeka ukuze kufakazelwe ukuthi umfana useyindoda? Ake sicabangele lokho okushiwo iBhayibheli, sithole umbono kaNkulunkulu ngale ndaba.—IzAga 3:5, 6.
Umbono KaNkulunkulu Ngokusoka
Abantu abathile endulo, njengabaseGibhithe, babesoka, okusho ukusika ijwabu lesitho sobulili somuntu wesilisa. Nokho, u-Abrahama akazalelwanga esizweni esisokayo. Empeleni wasoka esemdala impela. Ngaphezu kwalokho, ngesikhathi engakasoki, u-Abrahama wazibonakalisa eyindoda eyiqhawe. Enamadoda ambalwa nje, wajaha futhi wanqoba amabutho amakhosi amane ayethumbe umshana wakhe uLoti. (Genesise 14:8-16) Ngemva kweminyaka engu-14, uNkulunkulu wayala u-Abrahama ukuba asoke futhi asoke bonke abendlu yakhe. Kungani uNkulunkulu athi mabasoke?
Kwakungelona neze uphawu lokuthi u-Abrahama wayeseyindoda engaseyena umfana. Phela wayeseneminyaka engu-99 ubudala! (Genesise 17:1, 26, 27) UNkulunkulu washo isizathu somyalo wakhe: “Kumelwe nisokwe ijwabu lenu, futhi kumelwe kusebenze njengesibonakaliso sesivumelwano phakathi kwami nani.” (Genesise 17:11) Leso sivumelwano sika-Abrahama sasihlanganisa isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi ekugcineni “yonke imindeni yomhlaba” yayiyothola izibusiso ezinkulu ngo-Abrahama. (Genesise 12:2, 3) Ngakho, emehlweni kaNkulunkulu, ukusoka kwakungahlangene nhlobo nobudoda. Kwakwenziwa ngenjongo yokubonisa ukuthi umuntu wayengumIsrayeli wozalo luka-Abrahama, olwalunelungelo ‘lokuphathiswa amazwi angcwele kaNkulunkulu.’—Roma 3:1, 2.
Ngokuhamba kwesikhathi, isizwe sakwa-Israyeli sazibonakalisa singalifanelekele lelo lungelo ngokwenqaba iNzalo ka-Abrahama, uJesu Kristu. Ngakho, uNkulunkulu wasenqaba, futhi ukuba kwaso ngesisokile akubange kusasho lutho kuNkulunkulu. Nokho, amanye amaKristu ekhulwini lokuqala C.E. ama kwelokuthi ukusoka kuseyimfuneko kaNkulunkulu. (IzEnzo 11:2, 3; 15:5) Ngenxa yalokho, umphostoli uPawulu wathumela uThithu emabandleni ahlukahlukene ukuba ‘ayolungisa izinto eziyiphutha.’ UPawulu wabhalela uThithu ngenye yalezo zinto: “Kukhona abantu abaningi abangalawuleki, abakhuluma okungasizi ngalutho, nabakhohlisi, ikakhulukazi labo bantu abanamathela ekusokeni. Kudingekile ukubavala imilomo, ngoba bona laba bantu baqhubeka bechitha imizi iphelele ngokufundisa izinto ezingafanele ukuze bathole inzuzo yokungathembeki.”—Thithu 1:5, 10, 11.
Iseluleko sikaPawulu sisasebenza. Kungaba yinto engqubuzana nemiBhalo uma umKristu weqiniso engasikisela ukuba ingane yomunye umuntu isokwe. Kunokuba “ngugaxekile ezindabeni zabanye abantu,” umKristu uzishiyela kubazali bomntwana lezi zinqumo. (1 Petru 4:15) Ngaphezu kwalokho, uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale lokhu ngokusoka ngokuvumelana noMthetho KaMose: “Ingabe ukhona owabizwa esokile? Makangabi ongasokile. Ingabe ukhona obizwe engasokile? Makangasoki. Ukusoka akusho lutho, nokungasoki akusho lutho, kodwa ukugcinwa kwemiyalo kaNkulunkulu yikho okusho utho. Noma isiphi isimo umuntu abizwa ekuso, makahlale kuso.”—1 Korinte 7:18-20.
Kuthiwani Ngokuya Entabeni?
Kuthiwani uma abazali abangamaKristu benquma ukuthi amadodana abo asoke? Kungaba yinto evumelana neBhayibheli yini ukuthumela amadodana abo kulezi zindawo zokusoka ezichazwe ngenhla? Ukuya kulezi zindawo kuhilela okungaphezu nje kokususa ijwabu. Umuntu olapho uchitha amasonto ngamasonto enabanye abafana nothisha abangebona abakhulekeli bakaJehova. Izinto eziningi ezifundiswa lapha ziyangqubuzana nezimiso zeBhayibheli zokuziphatha eziphakeme. IBhayibheli liyaxwayisa: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Korinte 15:33.
Ziya zanda izingozi eziba kulezi zindawo. Ngo-2003 i-South African Medical Journal yaxwayisa: “Ukusoka kuphinde kwaba nemiphumela eshaqisayo nakulo nyaka ngoba kuye kwaba nemibiko yokufa nokucwiywa kwezitho abemithombo emikhulu yezindaba abaye bayisakaza emhlabeni wonke. . . . Ngamafuphi nje, izindawo eziningi namuhla ezibizwa ngokuthi ‘izikole zokusoka’ akuzona izikole zeqiniso futhi abafana bayafa kuzo.”
Ngaphandle nje kokuthi impilo yabo ingase ibe sengozini, kunengozi enkulu nakakhulu engokomoya. Izimfundiso nezinto ezenziwa kulezi zindawo zihlobene kakhulu nemimoya nokukhulekela amadlozi. Ngokwesibonelo, kunokuvuma ukuthi ukulimala noma ukufa kubangelwa ubudedengu babasokayo nokuthi basebenzela endaweni engahlanzekile, abaningi bakholelwa ukuthi lokhu kubangelwa ukuthakatha noma ukungajabuli kwamadlozi. Ngokuqondene nokuzihlanganisa nenkolo yamanga, iBhayibheli liyayala: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa. Ngoba kunabudlelwane buni ukulunga nokungalungi na? Noma, ukukhanya kunasabelo sini nobumnyama? . . . ’Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova, ‘futhi niyeke ukuthinta into engcolile’; ‘ngizonamukela.’” (2 Korinte 6:14-17) Ngokwalesi seluleko, kungaba ubuwula obukhulu ngabazali abangamaKristu ukuyisa amadodana abo entabeni.
Yini Eyenza UmKristu Abe Yindoda?
Ukuthi indoda engumKristu isokile noma cha, akuhlobene nobudoda bayo. Into amaKristu eqiniso ayikhathalela ngokuyinhloko ukujabulisa uNkulunkulu, hhayi ‘ukubonakala emahle enyameni.’—Galathiya 6:12.
Nokho, ukuze umKristu ajabulise uNkulunkulu, kumelwe “asoke inhliziyo.” (Duteronomi 10:16; 30:6; Mathewu 5:8) Lokhu akwenziwa ngokusika ngensingo, kodwa ngokwenqaba izifiso ezingalungile nemicabango yokuqhosha, njengenkolelo yokuthi ukuba ngosokile kukwenza ube ngcono kunabanye. Ngokukhuthazelela ubunzima nokuzigcina ‘eqinile okholweni,’ umKristu angabonisa ukuthi uyindoda, kungakhathaliseki ukuthi usokile noma cha.—1 Korinte 16:13; Jakobe 1:12.