Isahluko Sesithupha
Siza Umntanakho Akhule
1, 2. Yiziphi izinselele nezinjabulo ezingase zilethwe iminyaka yobusha?
UKUBA nosemusha (oweve eminyakeni eyishumi nambili) endlini akufani neze nokuba nengane eneminyaka emihlanu noma ngisho eyishumi. Iminyaka yobusha iletha ezayo izinselele nezinkinga, kodwa futhi ingaletha injabulo nemivuzo. Izibonelo ezinjengoJosefa, uDavide, uJosiya, noThimothewu zibonisa ukuthi intsha ingenza ngendlela ebonisa ukuvuthwa futhi ibe nobuhlobo obuhle noJehova. (Genesise 37:2-11; 1 Samuweli 16:11-13; 2 AmaKhosi 22:3-7; IzEnzo 16:1, 2) Intsha eningi namuhla iyalifakazela lelo phuzu. Cishe uyayazi enye yayo.
2 Nokho, kwabanye iminyaka yobusha iyiminyaka yokuphazamiseka. Intsha iba sesimweni esihle nesibi ngokomzwelo. Abafana namantombazane abasebasha bangase bafune ukukhululeka kakhudlwana, futhi ingase ibacasule imigoqo abayibekelwa abazali babo. Nokho, intsha enjalo isantula okuhlangenwe nakho futhi idinga usizo lothando nolokubekezela lwabazali bayo. Yebo, iminyaka yobusha ingajabulisa, kodwa futhi ingadida—kubazali nasentsheni. Intsha ingasizwa kanjani phakathi naleminyaka?
3. Abazali bangazinikeza ngayiphi indlela izingane zabo ezikhulayo ithuba elihle ekuphileni?
3 Abazali abalandela iseluleko seBhayibheli banikeza intsha yabo esakhula ithuba elihle kakhulu lokudlula ngempumelelo kulezo zilingo ibe abantu abadala abanokwethenjelwa. Emazweni wonke nangazo zonke izinkathi, abazali nentsha abasebenzisa izimiso zeBhayibheli ndawonye baye babusiswa ngempumelelo.—IHubo 119:1.
UKUKHULUMISANA OKUQOTHO NOKUKHULULEKILE
4. Kungani inkulumo yokuthululelana izifuba ibaluleke ngokukhethekile phakathi neminyaka yobusha?
4 IBhayibheli lithi: “Kukhona ukushafa kwamacebo lapho ingekho khona inkulumo yokuthululelana izifuba.” (IzAga 15:22, NW) Uma inkulumo yokuthululelana izifuba yayidingeka lapho izingane zisencane, ibaluleke nakakhulu eminyakeni yobusha—lapho abasha cishe bechitha isikhathi esincane ekhaya nesiningi benabangane basesikoleni noma abanye abangane. Uma ingekho inkulumo yokuthululelana izifuba—kungekho ukukhulumisana okuqotho nokukhululekile phakathi kwezingane nabazali—abasha bangaba izihambi endlini. Ngakho imizila yokukhulumisana ingagcinwa kanjani ivulekile?
5. Abasha bakhuthazwa ukuba bayibheke kanjani indaba yokuxoxa nabazali babo?
5 Abasha nabazali kumelwe bafeze indima yabo kulokhu. Yiqiniso, abasha bangase bakuthole kunzima ngokwengeziwe ukuxoxa nabazali babo kunokuba kwakunjalo lapho besebancane. Nakuba kunjalo, khumbula ukuthi “lapho kungekho iziluleko, abantu bayawa, kepha lapho kukhona abeluleki abaningi, lapho kukhona ukuphumelela.” (IzAga 11:14) Lamazwi asebenza kubo bonke, abasha nabadala. Intsha ekuqaphelayo lokhu iyoqonda ukuthi isadinga isiqondiso esihlakaniphile, ngoba ibhekene nezimpikiswano eziyinkimbinkimbi ngokwengeziwe kunangaphambili. Kufanele iqaphele ukuthi abazali bayo abakholwayo bakufanelekela kahle ukuba abeluleki ngoba banokuhlangenwe nakho okwengeziwe ekuphileni futhi eminyakeni eminingi baye bakufakazela ukukhathalela kwabo kothando. Ngenxa yalokho, kuleli qophelo lokuphila kwayo, intsha ehlakaniphile ngeke ibafulathele abazali bayo.
6. Yisiphi isimo sengqondo abazali abahlakaniphile nabanothando abayoba naso mayelana nokuxoxa nezingane zabo ezeve eshumini nambili?
6 Ukukhulumisana okukhululekile kusho ukuthi umzali uyozama kanzima ukuzenza atholakale lapho osemusha ezwa kuthi akaxoxe. Uma ungumzali, qikelela ukuthi imizila yokukhulumisana ihlale ivulekile ngakuwena. Kungase kungabi lula lokhu. IBhayibheli lithi ‘kunesikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.’ (UmShumayeli 3:7) Lapho ingane yakho eyeve eminyakeni eyishumi nambili izwa ukuthi sekuyisikhathi sokuba ikhulume, kungenzeka ukuthi kuwena isikhathi sokuba uthule. Mhlawumbe leso sikhathi ubusibekele isifundo somuntu siqu, ukuphumula, noma ukusebenza endlini. Noma kunjalo, uma ingane yakho ifuna ukukhuluma nawe, zama ukulungisa isimiso sakho futhi ulalele. Ngalé kwalokho ingase ingaphinde izame. Khumbula isibonelo sikaJesu. Ngesinye isikhathi wayehlele isikhathi sokuphumula. Kodwa lapho isixuku sabantu sifika simngunga ngenjongo yokumlalela, wayeka ukuphumula waqala ukusifundisa. (Marku 6:30-34) Intsha eningi iyaqaphela ukuthi abazali bayo baphila ukuphila okumatasa, kodwa idinga isiqinisekiso sokuthi abazali bayo bayatholakala lapho ibadinga. Ngakho, zenze utholakale futhi ube oqondayo.
7. Yini okudingeka abazali bayigweme?
7 Zama ukukhumbula ukuthi kwakunjani lapho usemusha, futhi hleka ube namancoko! Kudingeka abazali bakujabulele ukuba nezingane zabo. Uma kunesikhathi okungenziwa lutho ngaso, abazali basisebenzisa kanjani? Uma njalo befuna ukusebenzisa isikhathi sabo esikhululekile benza izinto ezingawuhileli umkhaya wabo, intsha yabo iyosheshe ikuphawule lokho. Uma abasha befinyelela esiphethweni sokuthi abangane babo basesikoleni babaqaphela kangcono kunabazali babo, nakanjani kuyoba nezinkinga.
OKUMELWE KUXOXWE
8. Ukwazisa ubuqotho, ukusebenza kanzima, nokuziphatha okufanele, kungagxiliswa kanjani ezinganeni?
8 Uma abazali bengakakugxilisi ezinganeni zabo ukwazisa ukwethembeka nokusebenza kanzima, kumelwe bakwenze nakanjani phakathi neminyaka yobusha. (1 Thesalonika 4:11; 2 Thesalonika 3:10) Kubalulekile futhi ukuba baqiniseke ukuthi izingane zabo zikukholelwa ngenhliziyo yonke ukubaluleka kokuphila ukuphila kokuziphatha okuhle nokuhlanzekile. (IzAga 20:11) Umzali ufundisa okuningi kulezi zici ngesibonelo. Njengoba nje amadoda angakholwa ‘engazuzwa ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi bawo,’ nentsha ingafunda izimiso zokulunga ngokuziphatha kwabazali bayo. (1 Petru 3:1) Nokho, isibonelo sisodwa asanele neze, ngoba nezingane zichayeke ezibonelweni eziningi ezimbi nasezinkulumweni eziningi eziyize eziyengayo ngaphandle kwasekhaya. Ngakho-ke, abazali abakhathalelayo kudingeka bayazi imibono yentsha yabo ngezinto ezibonayo nezizwayo, futhi lokhu kudinga kube nengxoxo eyakhayo.—IzAga 20:5.
9, 10. Kungani kufanele abazali baqikelele ukufundisa izingane zabo ngezindaba zobulili, futhi bangakwenza kanjani lokhu?
9 Lokhu kubaluleke ngokukhethekile lapho kuziwa ezindabeni zobulili. Bazali, ingabe ninamahloni okuxoxa ngobulili nezingane zenu? Ngisho noma ninawo, yenzani umzamo wokuxoxa ngabo, ngoba nakanjani izingane zenu ziyofunda ngalendaba kothile. Uma zingafundi kinina, ubani owaziyo ukuthi ziyothola ukwaziswa okusonteke kanjani? EBhayibhelini, uJehova akazishalazeli izindaba zobulili, nabazali akufanele bazishalazele.—IzAga 4:1-4; 5:1-21.
10 Siyabonga ngokuthi iBhayibheli liqukethe iziqondiso ezicacile endabeni yokuziphatha ngokobulili, futhi i-Watchtower Society iye yanyathelisa ukwaziswa okuningi okuwusizo okubonisa ukuthi lezi ziqondiso zisasebenza nasezweni lanamuhla. Kungani ungalusebenzisi lolu sizo? Ngokwesibonelo, kungani ningabukezi nendodana noma indodakazi yenu izahluko ezifanelekayo eMqulwini 1 no-2 wencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo? Ingase ikumangalise futhi ikujabulise imiphumela.
11. Iyiphi indlela ephumelela kakhulu yokuba abazali bafundise izingane zabo indlela yokukhonza uJehova?
11 Iyiphi indaba ebaluleke kunazo zonke abazali nezingane okufanele baxoxe ngayo? Umphostoli uPawulu wabhekisela kuyo lapho ebhala: “Qhubekani nibakhulisa [abantwana benu] ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Izingane kudingeka ziqhubeke zifunda ngoJehova. Ngokukhethekile, kudingeka zifunde ukumthanda, futhi kufanele zifise ukumkhonza. Nalapha zingafundiswa okuningi ngokubekelwa isibonelo. Uma abasha bebona ukuthi abazali babo bathanda uNkulunkulu ‘ngenhliziyo yabo yonke nangomphefumulo wabo wonke nangengqondo yabo yonke’ nokuthi lokhu kuveza izithelo ezinhle ekuphileni kwabazali babo, bangase bathonyeke ukuba benze okufanayo. (Mathewu 22:37) Ngokufanayo, uma intsha ibona ukuthi abazali bayo banombono olinganiselayo ngezinto ezibonakalayo, babeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala, iyosizakala ukuba ihlakulele isimo sengqondo esifanayo.—UmShumayeli 7:12; Mathewu 6:31-33.
12, 13. Imaphi amaphuzu okufanele akhunjulwe ukuze isifundo somkhaya sibe impumelelo?
12 Isifundo somkhaya seBhayibheli samasonto onke siwusizo oluvelele ekudluliseleni amagugu angokomoya kwabasha. (IHubo 119:33, 34; IzAga 4:20-23) Kubalulekile ukuba nesifundo esinjalo zikhathi zonke. (IHubo 1:1-3) Abazali nezingane zabo kufanele baqaphele ukuthi isifundo somkhaya kumelwe size kuqala kunezinye izinto, kungaphanjaniswa. Ngaphezu kwalokho, isimo sengqondo esiqondile sibalulekile ukuze isifundo somkhaya siphumelele. Omunye ubaba wathi: “Imfihlo iwukuba umqhubi akhuthaze abanye ukuba babe nesimo sengqondo esikhululekile kodwa esinenhlonipho esifundweni somkhaya—singashubi kodwa kungabi esokudlala. Ukulinganisela okuhle kungase kungafinyeleleki kalula ngaso sonke isikhathi, futhi intsha kuyodingeka ilungise isimo sengqondo njalo. Uma izinto zingahambi kahle kanye noma kabili, bekezela futhi ubheke phambili esikhathini esilandelayo.” Yena lobaba wathi, emthandazweni wakhe ngaphambi kwesifundo ngasinye, wayecela ngokuqondile kuJehova usizo lokuba bonke abahilelekile babe nombono omuhle.—IHubo 119:66.
13 Ukuqhuba isifundo somkhaya kuwumthwalo wemfanelo wabazali abakholwayo. Yiqiniso, abanye abazali bangase bangabi nekhono lokufundisa, futhi kungase kube nzima ngabo ukuthola izindlela zokwenza isifundo somkhaya sithakazelise. Nakuba kunjalo, uma uzithanda “ngesenzo nangeqiniso” izingane zakho ezeve eshumini nambili, uyofisa ukuzisiza ngokuthobeka nangobuqotho ukuba zithuthuke ngokomoya. (1 Johane 3:18) Ngezinye izikhathi zingase zikhononde, kodwa cishe ziyosizwa isithakazelo sakho esijulile enhlalakahleni yazo.
14. Incwadi kaDuteronomi 11:18, 19 ingasetshenziswa kanjani lapho kudluliselwa izinto ezingokomoya kwabasha?
14 Isifundo somkhaya akusona ukuphela kwesikhathi sokudlulisela izindaba ezibalulekile ngokomoya. Uyawukhumbula umyalo kaJehova kubazali? Wathi: “Niyakuwabeka lawamazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe-luphawu esandleni senu, abe-yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu. Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” (Duteronomi 11:18, 19; bheka noDuteronomi 6:6, 7.) Lokhu akusho ukuthi abazali kumelwe bashumayeze izingane zabo ngaso sonke isikhathi. Kodwa inhloko yomkhaya enothando kufanele ihlale iphaphamele amathuba okwakha umbono ongokomoya womkhaya wayo.
ISIYALO NENHLONIPHO
15, 16. (a) Siyini isiyalo? (b) Ubani onomthwalo wemfanelo wokuyala, futhi ubani onomthwalo wemfanelo wokuqikelela ukuthi kuyolalelwa?
15 Isiyalo siwukuqeqesha okulungisayo futhi sihlanganisa nokuxoxa. Elithi isiyalo linomqondo wokulungisa ngaphezu kowesijeziso—nakuba isijeziso singase sidingeke. Izingane zakho zazisidinga isiyalo lapho zisencane, futhi manje njengoba sezeve eshumini nambili, zisasidinga esohlobo oluthile, mhlawumbe zisidinga kakhulu. Intsha ehlakaniphile iyazi ukuthi lokhu kuyiqiniso.
16 IBhayibheli lithi: “Isiwula siyadelela ukulaya kukayise, kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.” (IzAga 15:5) Sifunda okuningi kulombhalo. Uthi isiyalo siyonikezwa. Osemusha ngeke ‘akunake ukusolwa’ uma engasolwa. UJehova unikeza abazali umthwalo wemfanelo wokunikeza isiyalo, ikakhulukazi ubaba. Nokho, umthwalo wemfanelo wokulalela leso siyalo ungowosemusha. Uyofunda okwengeziwe futhi enze amaphutha ambalwa uma elalela isiyalo esihlakaniphile sikayise nonina. (IzAga 1:8) IBhayibheli lithi: “Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.”—IzAga 13:18.
17. Ikuphi ukulinganisela abazali okudingeka bakufinyelele lapho beyala?
17 Lapho beyala intsha, abazali kudingeka balinganisele. Kufanele bagweme ukuqinisa isandla kangangokuba baze bacasule izingane zabo, mhlawumbe baze ngisho baqede ukuzethemba kwazo. (Kolose 3:21) Nakuba kunjalo, abazali abafuni ukuyekelela kangangokuba izingane zabo zingakutholi ukuqeqeshwa okubalulekile. Ukuyekelela okunjalo kungaba yinhlekelele. IzAga 29:17 zithi: “Yilaye indodana yakho, iyakukuphumuza, yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.” Nokho, ivesi 21 (NW) lithi: “Uma umuntu etotosa inceku yakhe kusukela ebusheni kuqhubeke, ekuphileni kwayo kwakamuva iyoba engabongiyo.” Nakuba leli vesi likhuluma ngenceku, lisebenza ngokufanayo kunoma yimuphi osemusha ekhaya.
18. Isiyalo siwubufakazi bani, futhi yini egwenywayo lapho abazali benikeza isiyalo esingaguquguquki?
18 Eqinisweni, isiyalo esifanele siwubufakazi bothando lomzali ngengane yakhe. (Heberu 12:6, 11) Uma ungumzali, uyazi ukuthi kunzima ukunikeza isiyalo esifanayo njalo nangokulinganisela. Ukuze kube nokuthula, kungase kubonakale kulula ukuvumela osemusha onenkani enze akuthandayo. Nokho, ekugcineni umzali olandela lenkambo yamuva uyokhokha ngomkhaya ohluphayo.—IzAga 29:15; Galathiya 6:9.
UMSEBENZI NOKUDLALA
19, 20. Abazali bangayisingatha kanjani ngokuhlakanipha indaba yokuzilibazisa kwezingane zabo ezeve eshumini nambili?
19 Ezikhathini zasendulo izingane ngokuvamile kwakulindeleke ukuba zisize ekhaya noma emasimini. Namuhla intsha eningi inesikhathi esiningi esikhululekile. Ukuze lisisebenzise leso sikhathi, izwe lezentengiselwano linikeza izinto zokungcebeleka eziningi zokwenziwa ngesikhathi esikhululekile. Kulokhu unganezela nokuthi izwe alizibheki njengezibalulekile izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha, lezi zinto zingadala inhlekelele.
20 Ngakho, umzali ohlakaniphile uhlale enelungelo lokwenza isinqumo sokugcina ngezokuzilibazisa. Nokho, ungakhohlwa ukuthi osemusha uyakhula. Unyaka ngamunye, cishe uyolindela ukuphathwa njengomuntu omdala. Ngenxa yalokho, kuwukuhlakanipha ngomzali ukuba anikeze inkululeko enkudlwana ekukhetheni ezokuzilibazisa njengoba osemusha ekhula—uma nje lokho kukhetha kubonisa intuthuko eya ekuvuthweni okungokomoya. Ngezinye izikhathi, osemusha angase enze ukukhetha okuwubuwula emculweni, kubangane, njalonjalo. Lapho lokhu kwenzeka, kufanele kuxoxwe ngakho nosemusha ukuze enze ukukhetha okungcono ngesikhathi esilandelayo.
21. Ukulinganisela isikhathi esichithwa ekuzilibaziseni kuyomvikela kanjani osemusha?
21 Singakanani isikhathi okufanele sabelwe ukuzilibazisa? Kwamanye amazwe intsha yenziwa ikholelwe ukuthi kufanele izijabulise ngaso sonke isikhathi. Ngenxa yalokho, osemusha angase ahlele isimiso sakhe ngendlela yokuba abe “nesikhathi esimnandi” njalo nje. Abazali okumelwe bafundise isifundo sokuthi isikhathi kufanele sisetshenziselwe nezinye izinto, njengokuba nomkhaya, isifundo somuntu siqu, ukuhlangana nabantu abavuthiwe ngokomoya, imihlangano yobuKristu, nemisebenzi yasekhaya. Lokhu kuyokwenza ukuba ‘izinjabulo zalokhu kuphila’ zingaminyanisi iZwi likaNkulunkulu.—Luka 8:11-15.
22. Ukuzilibazisa kufanele kuhambisane nani ekuphileni kosemusha?
22 INkosi uSolomoni yathi: “Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.” (UmShumayeli 3:12, 13) Yebo, ukuthokoza kuyingxenye yokuphila ngokulinganisela. Kodwa nokusebenza kanzima kuyiyo. Intsha eningi namuhla ayikutholi ukwaneliseka okulethwa ukusebenza kanzima noma umuzwa wokuzihlonipha obangelwa ukuhlasela inkinga ethile nokuyinqoba. Enye ayinikezwa ithuba lokuthuthukisa ikhono noma umsebenzi othile eyozisekela ngawo kamuva ekuphileni. Nansi inselele yangempela kubazali. Ingabe uyoqikelela ukuthi ingane yakho iyawathola amathuba anjalo? Uma ungase uphumelele ekufundiseni ingane yakho eyeve eshumini nambili ukuba yazise futhi ijabulele ukusebenza kanzima, iyoba nombono omuhle oyoyilethela izinzuzo zaphakade.
UKUSUKA EBUSHENI KUYA EKUBENI UMUNTU OMDALA
23. Abazali bangazikhuthaza kanjani izingane zabo ezeve eshumini nambili?
23 Ngisho nalapho unezinkinga ngengane yakho eyeve eshumini nambili, lombhalo useyiqiniso: “Uthando alupheli nanini.” (1 Korinte 13:8) Ungalokothi uyeke ukubonisa uthando ngokungangabazeki onalo. Zibuze, ‘Ingabe ngiyayitusa ingane ngayinye ngokuphumelela kwayo ekusingatheni izinkinga noma ekunqobeni izithiyo? Ngiyawasebenzisa yini amathuba okubonisa izingane zami ukuthi ngiyazithanda futhi ngiyazazisa, ngaphambi kokuba lawo mathuba adlule?’ Nakuba ngezinye izikhathi kungase kube nokungaboni ngaso linye, uma intsha izizwa iqiniseka ngothando lwakho ngayo, cishe iyolubuyisa lolo thando.
24. Isiphi isimiso esingokomBhalo ngokuvamile esiyiqiniso ekukhuliseni izingane, kodwa yini okufanele ikhunjulwe?
24 Yiqiniso, njengoba izingane zikhulela ebudaleni, ekugcineni ziyozenzela izinqumo ezisindayo. Ngezinye izikhathi abazali bangase bangazithandi lezo zinqumo. Kuthiwani uma ingane yabo inquma ukuyeka ukukhonza uJehova uNkulunkulu? Lokhu kungenzeka. Ngisho namanye amadodana kaJehova omoya asilahla iseluleko sakhe futhi azibonisa engahlubukayo. (Genesise 6:2; Jude 6) Izingane aziwona ama-computer, wona angase ahlelwe kusengaphambili ukuba enze ngendlela esiyifunayo. Ziyizidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela, ziyolandisa kuJehova ngezinqumo ezizenzayo. Nakuba kunjalo, izAga 22:6 kuvamile ukuba zibe yiqiniso: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.”
25. Iyiphi indlela enhle kakhulu ngabazali yokubonisa ukubonga kuJehova ngelungelo lokuba abazali?
25 Ngakho-ke, bonisa izingane zakho uthando olukhulu. Yenza okusemandleni akho ukuze ulandele izimiso zeBhayibheli ekuzikhuliseni. Beka isibonelo esihle sokuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu. Ngaleyo ndlela uyonikeza izingane zakho ithuba elihle kakhulu lokuba zikhule zibe abantu abadala abanokwethenjelwa, abesaba uNkulunkulu. Lena indlela enhle kakhulu ngabazali yokubonisa ukubonga kuJehova ngelungelo lokuba abazali.
LEZI ZIMISO ZEBHAYIBHELI ZINGABASIZA KANJANI . . . ABAZALI UKUBA BAKHULISE INTSHA?
Ukukhulumisana kudingekile.—IzAga 15:22.
Kufanele njalo sicabangele iZwi likaNkulunkulu.—IHubo 1:1, 2.
Umuntu ohlakaniphile ulalela isiyalo.—IzAga 15:5.
Ukusebenza nokudlala kunendawo yakho.—UmShumayeli 3:12, 13.
[Isithombe ekhasini 67]
Zenze utholakale lapho ingane yakho eyeve eshumini nambili idinga ukukhuluma
[Isithombe ekhasini 69]
Isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke sibalulekile emkhayeni
[Isithombe ekhasini 70]
Bonisa uthando nokwazisa ngezingane zakho