Izimiso ZikaJehova Ziyasisiza
“Makakunike njengokwenhliziyo yakho, afeze icebo lakho lonke.”—IHUBO 20:4.
1. Yiziphi izinhlobo zezimiso ezivamile? (Duteronomi 25:15)
NGO-1266 iNkosi uHenry III waseNgilandi wanquma ukuthi indibilishi kumelwe ibe nesisindo sezinhlamvu zikakolweni ezingama-32. Ngaleyondlela wayebeka isimiso. Izinto ezingenakubalwa ezisizungezile zihilela izimiso. Sivula umsakazo noma ithelevishini yethu esiteshini esithile ukuze kusakaze kulesositeshi esimisiwe. Ezinye izimiso zibonisa ubungcweti; ikhono lokufunda komfundi lingalinganiswa ngokuhlolwa okusebangeni elithile.
2. Izimiso zaluphi uhlobo ezingavamile, futhi kungani?
2 Nokho, okubaluleke kakhulu izimiso ngengqondo yemikhuba emihle nokuziphatha. Ngaphandle kwalezi, izimiso zendlela yokuqala azilutho. Ngokwesibonelo, isigungu sezemfundo ephakeme sathola ukuthi kubafundi abayi-25 000 cishe abangamaphesenti angama-50 bathi ontanga yabo babengaphasi ngokutadisha kodwa ngokungathembeki. Kuthiwani ngezimiso zabantu ehhovisini likawonkewonke? Ingabe intsha yanamuhla ingafunda izimiso zemikhuba emihle kwabaningi abaholi? Umlobi-mlando uBarbara Tuchman wathi: “Kukhona ukuyekwa kokuhola okulungile ngenxa yokungavumi kwabaningi ukubeka izimiso.”
3. Kungani singalindela ukuba uJehova abe nezimiso zobuqotho?
3 Khona-ke, kuthiwani ngoJehova uNkulunkulu? Unezimiso, njengoba ngisho nobaba ongumuntu angaba nezimiso nezimfuneko ekhaya ngokuziphatha nokuphatha abanye. UJehova, uMahluleli wendawo yonke, uMenzi wemithetho neNkosi, unikeza emithethweni yeBhayibheli, iziyalezo noma izindinganiso ezishiwo ngokukhanyayo ezibonisa izimiso zakhe zobuqotho nalokho akulindele ngabantu—izeluleko ngendlela okumelwe sihambe ngayo.—IHubo 25:4, 5; 86:10, 11; Isaya 33:22.
4. Kungani kumelwe sibe nesithakazelo ezizathwini zokwamukela izimiso zikaJehova?
4 Ngubani phakathi kwethu ongaphika ukubaluleka kwezimiso zikaJehova? Nokho singazicasukela lapho ziphambana nesifiso esithile somuntu siqu. Singazibhekela phansi noma sizikhethe izimiso zakhe, sibe nomuzwa wokuthi isimo sethu sehlukile noma sifuna ukuthanjiswa kwemithetho. Khona-ke, make sihlaziye ezinye zezizathu zokuthi kungani kumelwe samukele izimiso zikaNkulunkulu zobuqotho nokuthi singazuza kanjani kuzo.
Ukuqhathanisa Izimiso ZikaNkulunkulu Nezomuntu
5, 6. Yini esingayifunda kokwafezwa uJehova phakathi nezinsuku zokuqala eziyisithupha zokudala?
5 Ngemva kwezinsuku ezinhlanu zokudala, uNkulunkulu wathi umsebenzi wakhe “muhle kakhulu.” (Genesise 1:31) Yonke into yadalwa ngokuhleleka, kungekho okungaphelele. Imithi nezilwane kwagcwalisa izindawo zakho, kwanda ngohlobo lwakho, kungadingi ukuziphendulela kwezinye izinhlobo ezintsha. (Genesise 1:25) Zibuze, Ngubani noma yini uJehova adinga ukululekana nayo kulomsebenzi wokudala? Ngokusobala wayenolwazi nokuhlakanipha kokukwenza konke. Kungekhona ukukwenza nje kodwa ukukwenza ngokuphelele, ngendlela ebeka izimiso zenyama. (Isaya 40:12-14) Ngenxa yezimiso zikaNkulunkulu singahlukanisa futhi sibone izinhlobo ezininginingi zemithi, izinhlanzi, izinyoni nezilwane ezisezweni.
6 UJehova wake waphakamisa imibuzo ethile engasisiza ukuba siqhathanise ulwazi lwakhe, amakhono nezimiso kulezo zomuntu. UNkulunkulu wabuza uJobe: “Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda?” Ososayensi bangacabangela kuphela iminyaka yendawo yonke. Ngokusobala, abantu babengekho ukuba bazi ukuthi uNkulunkulu wawudala nini umhlaba noma kanjani? UNkulunkulu wabuza, “Emihleni yakho uyalile ukusa, wazisa umthende wokusa indawo yawo?” Ososayensi bafunda ukujikeleza komhlaba, bazama ukulingisa ukushisa lokho ilanga lethu elikhiqiza ngakho amandla agcina ukuphila, futhi basebenzisa izindlela eziyinkimbinkimbi ukuze bachaze imvelo yokuthile okusobala njengokukhanya. Ukuphumelela kwabo kuqhathaniswa kanjani nokukaNkulunkulu? UJehova waqhubeka: ‘Uyazazi izimiso zasezulwini, umise ukumisa kwazo emhlabeni, na? Ungaphakamisela izwi lakho emafwini ukuze amanzi amaningi akusibekele, na? Ungathuma imibani ukuba ihambe?’ Ekugcineni uJobe wavuma: “Bheka, angiyinto yalutho; ngingakuphendula ngokuthini na?” “Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho.” Ingabe nawe ngokwakho uzizwa ngaleyondlela?—Jobe 38:4, 12, 33-35; 40:4; 42:2.
7, 8. Wena njengesidalwa esingumuntu ubunikeza kanjani ubufakazi ngokwafezwa uNkulunkulu?
7 Indalo kaNkulunkulu yasemhlabeni ayiphakamisa kwakungumuntu. Ikhamera yanamuhla enhle kakhulu iwumfanekiso omncane wesimiso esiphakeme, iso lakho. Uhlelo lwakho lokugayeka kokudla nokwakheka komzimba ludlula noma yini leyo izazi zamakhemikhali ezake zayenza. Nakuba sibona umehluko phakathi kwethu, imizimba yethu emangalisayo inikeza ubufakazi bezimiso ezibalulekile. Uma udokotela edinga ukuhlinza i-appendix yakho, ingabe bekungadingeka ukuba ukhathazeke ngokuthola kwakhe esiswini sakho izindlala noma ubuchopho? Cha, ukuhleleka (endalweni kaNkulunkulu) kwenza ukuba kube nokwenzeka ngodokotela ohlinzayo ukuba atadishe izifundo zokuhlinza ukuze akwazi ukwenza ukuhlinza okudingekile.
8 Ogebhezini lwekhanda lakho, hhayi esiswini sakho, unecomputer ephakeme kakhulu ngokwenza izinto eziningi nenamandla kunanoma iyiphi icomputer ephambili ye-electronic. Ingqondo yakho ikuvumela ukuba ucabange futhi umangale ngendalo kaNkulunkulu, kuhlanganise izigidi zezinkanyiso ezinkulungwaneni zemithala emazulwini. UNkulunkulu wamisa imithetho ngokuhamba okuhlelekile nokuqondile kwezidalwa zasezulwini ukuze sikwazi ukuzisebenzisa njengezimiso ekubaleni isikhathi sethu semini nobusuku, nezinkathi neminyaka.—Genesise 1:14; IHubo 8:3, 4.
9. Ngokuqhathanisa okwafezwa uNkulunkulu nezimiso zakhe kwezomuntu, singaphetha ngokuthini?
9 Qhathanisa okwafezwa uNkulunkulu nokwenziwa umuntu. Naphezu kokumisa kohulumeni izimiso eziqondisayo zalolonke uhlobo, abantu baye bangcolisa amanzi nomoya, babulala izinhlobo eziningi zokuphila kwasendle, bahlukanisa abantu ngezombangazwe, ngenkolo nangobuzwe, futhi bashiya isintu simangele ngokuthi impi, ukungcola noma indlala kungakuchitha ngokuphelele ukuphila kwabantu emhlabeni. Ngokusobala uNkulunkulu wayengeqisi lapho ethi kumuntu: “Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.” (Isaya 55:9) Khona-ke, ingabe akufanelekile yini ukuthi esikhundleni sokuthembela emibonweni yomuntu ngokuthi yiziphi izimiso okumelwe kuhlangatshezwane nazo, kumelwe sibe nesithakazelo ekuqondisweni nasezimisweni zikaJehova?—IzAga 16:25; Isaya 30:21.
10. Indalo ebonakalayo ibonisani ngokubheka kuNkulunkulu ukuze sithole izimiso zobuqotho?
10 Indalo ebonakalayo iyaqinisa ukuthi uNkulunkulu ‘uphelele [kuwo wonke] umsebenzi wakhe.’ Nokho uDuteronomi 32:4 uyaqhubeka ebonisa izimfanelo ezilungile zikaJehova. Ngenxa yalokho akufezile nezimiso endalweni ebonakalayo—ukusuka ezinkanyezini ukuya ezinhlayiyeni zama-athomu, ukusuka emangqamuzaneni ukuya emizimbeni yethu—ingabe akumelwe sibheke kuye ngokuqiniseka maqondana nezimiso zakhe zobuqotho? Iqiniso liwukuthi uye wanikeza izimiso ezinhle kakhulu esingaqondisa ngazo ubuhlobo bethu naye nabanye abantu.—Mika 6:6-8.
11. Kukuziphi izinto izimiso zikaNkulunkulu ezingakuzuzisa kuzo?
11 UJehova akalinganiseli iseluleko sakhe esicini esithile sokuphila kwethu, njengezinkolelo ezithile noma imikhuba yamasiko. Izimiso zakhe zobuqotho zihlanganisa zonke izici zokuphila, kuhlanganise izindaba zomkhaya, ukuphatha amabhizinisi, umbono nokuziphatha maqondana nabantu bobulili obuhlukile, umbono ngamanye amaKristu nokuhlanganyela ekukhulekeleni. (Isaya 48:17; Jakobe 1:25) KuIsaya 55:11 uJehova wathi ‘izwi eliphuma emlonyeni wakhe liyakuphumelela kulokho alithumele kukho.’ Njengoba nje kuyiqiniso, lapho silwela ngobuqotho ukusebenzisa izimiso zakhe, sizophumelela kakhulu, sifeze okuningi okuhle futhi sithole injabulo eyengeziwe.
Usizo Oluvela Ezelulekweni ZikaNkulunkulu Ezilondekile Neziqinisekile
12, 13. Okwatholakala muva kwezempilo kubonisani ngezimiso zikaNkulunkulu maqondana nokuziphatha okuhle kobulili?
12 Singathola usizo oluvela ezimisweni zikaNkulunkulu ngezindlela eziningi eziqondile nezingokwenyama. Ngokwesibonelo, iThe New York Times Magazine (February 6, 1983) yabika ngesifo esisha leso ‘abacwaningi bezempilo abasibiza ngokuthi isifo esinamandla amakhulu kulelikhulu.’ Siyi-Acquired Immune Deficiency Syndrome (AIDS). Lesifo siqeda amandla okuzivikela komzimba ezifweni, sishiye umuntu eyisisulu ezinhlotsheni ezingavamile zekhensa (iKaposi sarcoma), ufuba nezinye izifo ezimangalisayo. Iyingozi kangakanani iAIDS? Isilinganiso sokufa eminyakeni emibili kuthiwa singaphezu kwamaphesenti angama-65.
13 Ososayensi bakholelwa ukuthi iAIDS yandiswa uketshezi oluphuma emzimbeni (ikakhulukazi isidoda) negazi. Nakuba isiye yanda kwabobulili obuhlukile, kuze kube manje abaningi ongqingili baye bayithola ngokuziphatha kabi kwabo kobufebe. Omunye ungqingili wavuma: “Kufana nokuba sesikhathini sempi. Asazi ukuthi ibhomu lizowa nini. Benginabangane abayi-18 abafa ngonyaka odlule futhi ingxenye yabo ngenxa yeAIDS. Abanye abayi-12 manje bagula kakhulu.” Isihloko sathi: “Njengoba ziwohloka, iziguli eziningi zeAIDS ziqala ukucabanga ngokuphila kwazo, ngezinye izikhathi zibe nomuzwa wokuthi ziyajeziswa ngenxa yezindlela zazo zokuziphatha kabi nezokuthanda izinjabulo. Ngokungangabazeki, izimiso zikaNkulunkulu zobuqotho, njengalezo ezithintwe ku-1 Korinte 6:9, 10 ziyasisiza. Ziyasivikela!
14. Kungaziphi ezinye izindlela inkinga yeAIDS egcizelela ngazo izimiso zikaNkulunkulu? (Duteronomi 12:23-25)
14 Kukhona okuningi kuyo. IAIDS iye yatholakala kubantu abaningi baseCaribea. UDr. Sheldon Landesman wachaza: ‘Siyazi ukuthi iziguli zethu ngokuvamile zihileleka ezenzweni zamalumbo nemimoya.’ Ngokusobala iAIDS yandiswa emasikweni azo. Lesifo sihlobene futhi nokumpotshelwa kwegazi nemikhiqizo yegazi. “IAIDS iye yaba isifo sesibili ezifweni ezinkulu ezibulalayo ngemva kokopha okungenakuvinjelwa—kuyihemophiliacs, futhi, muva nje, iziguli eziningana ezihlinziwe eziye zampotshelwa igazi ziye zathola iAIDS, okubangela ukwesaba phakathi kwabanye abacwaningi ngokunikela kwesizwe igazi.” Isikhathi sokudliwa isifo singakazivezi siphakathi kwezinyanga eziyisithupha kuya eminyakeni emibili. Ngakho lapho abanye bebona ukuthi baneAIDS “kungenzeka ngokungazi baye bathelela abanye abaningi—ngokuthintana kobulili, ngokunikela ngegazi, noma ngezinye izindlela ezingenakucatshangwa.” Izimiso zikaNkulunkulu maqondana nokuziphatha okuhle kobulili, ukugwema imimoya noku‘yeka igazi’ zisisiza ukuba sihlale sikhululekile kulesi nezinye izifo.—Duteronomi 18:10-12; IzAga 5:18-23; IzEnzo 15:29; 21:25.
15. Izimiso zikaNkulunkulu ziye zabonakala kanjani ziwusizo maqondana nophuzo?
15 Njengobunye ubufakazi bezimiso zikaJehova eziwusizo, khumbula ukuthi akabufuni ubudakwa. Uyakwala ngisho ‘ukunaka kakhulu iwayini.’ (1 Thimothewu 3:3, 8; Roma 13:13) Abaningi abangasinaki isimiso sikaNkulunkulu bahlushwa izifo ezibangelwa noma ezandiswa ukuphuza kakhulu. Ngokunganaki iseluleko sikaPawulu sokusebenzisa kuphela “iwayini eliyingcosana,” amanye amaKristu aye angena emkhubeni wokuphuza kakhulu ‘ukuze aphumule.’ (1 Thimothewu 5:23) Kancane kancane kungakheka umkhuba ongaqondile wokuluthwa uphuzo (wezici zomzimba, zemizwelo nokuziphatha). Izinkinga eziwumphumela ziningi, kuhlanganise ukulahlekelwa ukuzihlonipha, ukucindezeleka komkhaya (uma kungekhona ukuchitheka), imali esaphazwayo nokulahlekelwa umsebenzi. Ingabe izimiso zikaNkulunkulu maqondana nokusetshenziswa kotshwala azisona isivikelo kulendaba?
16. Izimiso zikaNkulunkulu ziye zanikeza luphi usizo kwezemisebenzi koFakazi BakaJehova?
16 Ezindabeni zemisebenzi, nakhona izimiso zikaNkulunkulu ziye zabonakala zisebenza. Ukhuthaza amaKristu ukuba athembeke futhi asebenze kanzima. (Efesu 4:28; Kolose 3:23; qhathanisa noLuka 16:10-12.) Imibiko evela emhlabeni wonke ibonisa ukuthi oFakazi BakaJehova abaningi baye basala emisebenzini yabo lapho abaningi bexoshwa, noma baye ngisho bakhushulwa ngenxa yokuthembeka nokukhuthala. Ingabe uyazazi izibonelo zalokhu? Ngempela, uma umuntu eqashiwe unobunzima obuncane phakathi nezikhathi ezilukhuni. Izinzuzo zezimali ngokufanayo zitholwa umuntu ogwema imikhuba ephambene nemibhalo nokuzijwayeza yona. Ukwaziswa okuningi ngalokhu kutholakala esahlukweni esithi “Money Problems—What Help?” sencwadi ethi Happiness—How to Find It.a Akungabazeki ukuthi ungacabanga ngezinye izibonelo zokusetshenziswa okungokoqobo emsebenzini kwezimiso zikaNkulunkulu.
17. Yisiphi iseluleko uNkulunkulu asinikezayo maqondana nokususwa, futhi kungani lesi sihlakaniphile?
17 Izimiso zikaJehova maqondana nebandla lobuKristu ngokufanayo zibonakala zihlakaniphile futhi ziwusizo. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu ululeka ukuthi umKristu owenza isono futhi ongaphenduki kumelwe axoshwe ebandleni. Abanye kumelwe ukuba ba“ngahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi ningaze nadla nokudla nonjalo.” Nakuba ngokwezinye izimiso zabantu lokhu kungabonakala kungelona uthando, uNkulunkulu wazi kangcono. Kuvikela ngothando ibandla elihlanzekile, ngoba “imvubelo encane ibilisa inhlama yonke.” (1 Korinte 5:11, 6) Amazwi kaDr. A. L. McGinnis, umlobi weThe Friendship Factor, abonisa ukuhlakanipha kwalokho uNkulunkulu akushoyo ngokungadli nabantu abasusiwe:
“Enye yezindlela ezingcono kakhulu yokujulisa ubungane ingukudla ndawonye. Cishe kunobungcwele obuthile ngokuhlephula isinkwa nomunye. Ingabe wake waqaphela, ngokwesibonelo, ukuthi kunzima kanjani ukudla nesitha futhi nihlale niyizitha?”
18. Izimiso zikaNkulunkulu zingabonakala kanjani zinenzuzo maqondana nezihlubuki?
18 Ukunamathela ezimisweni zikaNkulunkulu kuyasisiza futhi ukuba sivikele ukwanda kwezimfundiso zamanga nemibono. Ekhulwini lokuqala, uHimenewu noFiletu baba izihlubuki futhi bazama ukuchitha ukholo lwabanye. Isimiso sikaNkulunkulu sasiwukuthi: ‘Ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme.’ (2 Thimothewu 2:16-19) AmaKristu anamathela kuleso simiso angeke abe nesithakazelo ekulaleleni izihlubuki, noma ekutholeni noma yiziphi izincwadi eziwushevu laba ababengazisakaza “ngenxa yenzuzo embi.” Kungani sisekela ububi babo ngokuthenga izincwadi zabo? (Thithu 1:11) NjengamaKristu athembekile masinamathele ezimisweni zikaNkulunkulu, sondle izingqondo zethu ngalokho okuyiqiniso nokulungile, futhi sinamathele ngokwazisa nangokuthembeka endleleni esaqala ukufunda ngayo iqiniso leBhayibheli.—Qhathanisa no-1 Thimothewu 4:16.
19. Kukusiphi esinye isici izimiso zikaJehova ezinganikeza usizo kuso?
19 Izimiso zikaNkulunkulu zisiza oFakazi BakaJehova ngezinye izindlela eziningi. Emshadweni zikhuthaza uthando, inhlonipho nobunye lapho ukuziphatha okuxekethile nokufuna inkululeko kuholela emananini aphakeme amadivosi. Izimiso zikaJehova zisiza abantwana abangamaKristu ukuba bamukele ukuqondisa kwabazali, bangasheshi ukuhlubuka njengoba kunjalo ngabaningi abakanye nabo ezikoleni. Esikhundleni sokubonisa ukucasukela igunya lobuzali nokushiya amakhaya besebancane, abasha abazisa izimiso zikaNkulunkulu bayajabula ngokuzuza eselulekweni esisekelwe eBhayibhelini nosizo abazali abangamaKristu abangalunikeza.—Kolose 3:18-21.
Yamukela Ngokulalela Izimiso ZikaJehova
20-22. Yini okumelwe uyikhumbule maqondana nezimiso zikaNkulunkulu?
20 Singaxoxa ngezinye izindlela eziningi izimiso zikaNkulunkulu ezingasisiza ngazo. Ungase ube namanye amaphuzu akhethekile engqondweni ngokuthi akusiza kanjani wena siqu. Kuhle! Lezo izinto ezinhle futhi ezikhuthazayo ukuba uzihlanganise engxoxweni yakho namanye amaKristu.
21 Nokho, sonke, kumelwe sikhumbule ukuthi kulula kakhulu ukuba sidukiswe ezimisweni zikaNkulunkulu. Kodwa khumbula ukuthi uJehova watshela amaIsrayeli eNtabeni yaseSinayi: “Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba-yigugu kimi kunazo zonke izizwe.” Asabela ngokuzimisela: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” Nokho yeka indlela ehlukile ayithatha eminyakeni elandelayo!—Eksodusi 19:5, 8; Numeri 14:1-4, 10.
22 Ngakho-ke masamukele futhi sinamathele ezimisweni zikaJehova! Ngoba ngempela indlela yenhlakanipho nenjabulo iwukunamathela ngokuseduze ezimisweni ezingenakuqhathaniswa lezo uJehova aye wazinikeza ukuba zisisize siqondise ukuphila kwethu.—IHubo 19:7-11.
[Umbhalo waphansi]
a Enyatheliswe iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ingabe Uyakhumbula?
□ Indalo ebonakalayo ¡nikeza buphi ubufakazi ngokuba kukaJehova wumthombo wezimiso?
□ Kungani kumelwe sibheke kuJehova ukuze sithole izimiso zobuqotho?
□ Yiziphi izibonelo ongazinikeza ukuze uchaze ukuthi izimiso zikaJehova zingakusiza kanjani?
□ Uzizwa kanjani ngokusebenzisa izimiso zikaNkulunkulu?
[Ibhokisi ekhasini 13]
IAIDS—Umqedazwe wawo-1980
“Cishe izingxenye ezintathu kwezine zabantu bokuqala ababa nalesifo zifile. Abanye abacwaningi bakholelwa ukuthi akekho osindayo kuso.” Lesifo siyiAcquired Immune Deficiency Syndrome, noma (iAIDS).—Science 83, March.
Omunye udokotela waphawula: “Sinjengomshini. Uma nje sike saqala, uyazi ukuthi ngeke sama. Ungabona isimiso somzimba wakho sokuzivikela ezifweni siwohloka. Uyothi uqeda ukwelapha okunye kuvele okunye. Isiguli siyoba nesibhobo, isikhumba sonakale, bese kuba nokukhunta ebuchosheni, bese ubuthi buhlasela uqhoqhoqho.” Omunye weziguli zakhe wayengumshayi wesibhakela oseqeqeshelwa ebumpetheni nomdlali wethenisi owayephakamisa izinsimbi. Lendoda “yayinentombi eyodwa vo futhi yayihlangane nongqingili kanye ezinyangeni eziyisithupha ezedlule ngaphambi kokuba ibe senkathazweni.” Kwenzekani kuyo? “Indoda yafa emasontweni ayisithupha ngemva kokuxilongwa kwesifo, esibhoboza amathumbu ineminyaka engama-30.
Yini eyenziwayo ukuze kwaziwe ukuthi iAIDS ikubani, iyini, itholakala nini futhi kuphi? ICDC (Centres for Disease Control) iseAtlanta, Georgia. NgoFebruary 13, 1983, iphephandaba elidumile laseAtlanta labika: “ICDC ayikaze yabele izisebenzi ezengeziwe cishe eziyikhulu njengamanje—ukuba zibhekane nenkinga yempilo yabantu isikhathi eside kangaka. Umsebenzi waleliqembu ungomunye osekelwa kakhulu, imizamo emikhulu yokuhlola kwezokwelapha emlandweni. . . . Ngomqondo wokuthi bafuna igciwane—futhi nalokho akuqinisekile—izazi zesayensi zeCDC zizama ukukhulisa igciwane ezilwaneni noma engilazini yokuhlola.” Kodwa njengoba iAIDS inesikhathi eba sobala ngaso esiphakathi kwezinyanga eziyisithupha neminyaka emibili, ukuhlola okwenziwayo manje kungase kungabonisi lutho kuze kube u-1985. Njengamanje, izazi zamagciwane amancane “zinomuzwa wokuthi aziseduze NOKUTHOLA IMBANGELA YEAIDS kunalapho ziqala ukucwaninga kwazo esikhathini esidlule esingaphezu konyaka.”
NgoJanuary iCDC yaba nomhlangano wokuxoxa ngeAIDS. Njengoba kwabikwa kuJournal of the American Medical Association, uDr. D. Armstrong weMemorial Sloan-Kettering Cancer Center watshela umhlangano: “Anginakho nokuncane ukungabaza ukuthi iAIDS idluliselwa ngobulili nemikhiqizo yegazi.” IScience 83 yezwakalisa umbono ovamile: “Ososayensi bacabanga ukuthi idluliselwa ‘ukuhlangana okuseduze’—ngokwesibonelo, ukubolekisana ngezinti zezidakamizwa, noma ukuhlangana ngokobulili. Okukhomba kokuthile okudluliselwa igazi. Okukhathaza iziphathi zempilo ngezigidi zabantu ezithekelisayo futhi nezamukela igazi.”
Njengamanje akukho kuhlola okungabonisa umuntu oneAIDS, ngakho abagcini begazi abanakukwazi ukubona ukuthi yibaphi abathekeli begazi abanesifo. Kuye kwasikisela ukuthi ukuthekela kungamukelwa emaqenjini asengozini kakhulu, ikakhulu ongqingili. Kodwa “ongqingili” baye bakhala ngokuthi bayabandlululwa nokuthi bephucwa amalungelo. Ubani okhathazekayo ngamalungelo abantu abanikwa igazi elinjalo? Ngokwengeziwe, ummeleli weNational Gay Task Force watshela umhlangano weCDC: “Ongqingili abaningi abaziboni ukuthi bayibo futhi abanakukusho lokho ephepheni lemibuzo.” Ukusola okunjalo kwezwakala eNingizimu Afrika lapho ukwenqatshelwa kwasikiselwa ngemva kokufa kwabesilisa ababili abangamalungu eqembu leSouth Africa Airways.
Ubufakazi bamuva buwukuthi abesifazane ababe nobuhlobo bobulili namadoda aneAIDS bangathola lesisifo. Elinye iqembu elisha eliyizisulu izingane. Abanye abantwana abaselusana ngokusobala babe izisulu ngemva kokwamukela ukumpontshelwa kwegazi nelincane elinikezwayo ukuze kwelashwe inkinga yeRh ngemva kokuzalwa. Abanye abantwana kungase kwenzeke ukuthi bayithole besesesiswini noma bayithole ekusondeleni okuseduze nomzali noma kwesinye isisulu seAIDS.
Njengoba inani lezehlakalo eliye labikwa belilokhu liphindeka kabili njalo ezinyangeni eziyisithupha, siyaqiniseka ukuthi sizokuzwa okwengeziwe ngalomqedazwe owesabisayo wawo-1980.—Galathiya 6:7, 8.
[Isithombe ekhasini 10]
Indalo, ukusuka kwencane kakhulu ukuya kwenkulu kakhulu, ifakazela ikhono likaJehova lokunikeza izimiso