Ukuhlakanipha “Kokubona Kusengaphambili Okuzokwenzeka”
“BANGABANTU abangahluzekile nabangaqondi. Ukube bebehlakaniphile, bebezokuqonda lokhu futhi babone kusengaphambili okuzokwenzeka kubo.”—Duteronomi 32:28, 29, Beck.
La mazwi ashiwo uMose kuma-Israyeli esemngceleni weZwe Lesithembiso. UMose wayebikezela ngesikhathi lapho babeyoshiya khona uJehova futhi bangacabangi ngemiphumela yezenzo zabo. Emakhulwini eminyaka alandela, abantu bakwa-Israyeli—kuhlanganise namakhosi amaningi—abazinakanga izixwayiso zikaNkulunkulu.
Ngokwesibonelo, uSolomoni wayewazi umyalo waphezulu wokuthi angashadi nabakhulekeli babanye onkulunkulu ngaphandle kwabakaJehova. (Duteronomi 7:1-4) Noma kunjalo, waba ‘nabesifazane abaningi bezizwe.’ Umphumela? IBhayibheli lithi: “Kwathi uSolomoni esemdala; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu, inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.” (1 AmaKhosi 11:1, 4) Nakuba uSolomoni ayeyindoda ehlakaniphile wahluleka ‘ukubona kusengaphambili ukuthi umphumela uyoba yini’ uma engawulaleli umyalo kaNkulunkulu.
Kuthiwani ngathi? Singagwema ubuhlungu uma sicabangisisa kusengaphambili ngezinqumo zokuphila. Ngokwesibonelo, amaKristu akhuthazwa ukuba “azihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.” (2 Korinte 7:1) Lokhu kuwukuhlakanipha, kodwa abaningi bayahluleka ukubona kusengaphambili ukuthi yini engenzeka uma bengasilaleli iseluleko sikaPawulu. Ngokwesibonelo, intsha eningi ingcolisa imizimba yayo ngokubhema ugwayi, icabanga ukuthi lokhu kuyenza ibonakale ihlakaniphile futhi ingabantu abadala. Yeka ukuthi kudabukisa kanjani uma kamuva, eningi isihlushwa izinkinga zenhliziyo, umdlavuza wamaphaphu, noma iphika ngenxa yalokho kubhema!
Kubalulekile ukucabanga ngokungathi sína ngemiphumela yezinqumo nezenzo zethu. Ngesizathu esihle uPawulu wabhala: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi; ngoba lowo ohlwanyela enombono wenyama yakhe uyovuna ukonakala enyameni yakhe, kodwa lowo ohlwanyela enombono womoya uyovuna ukuphila okumi phakade okuvela emoyeni.”—Galathiya 6:7, 8.