“Isikhathi Esizuzisayo” Sinikezwa Ngamancozuncozu
BAMBALWA abazali ababa nesikhathi esanele sezingane zabo kulezinsuku. Abaningi bangabazali abangabodwa futhi bazabalazela ukondla izingane zabo ngaphandle kosizo lomlingane womshado. Futhi ngenxa yesimo sezomnotho esiwohlokayo, abazali abaningi abashadile bathola ukuthi bobabili ubaba nomama kufanele basebenze ngaphandle kwekhaya ukuze umkhaya ukwazi ukuba nemali eyanele. Khona-ke, akumangalisi ukuthi umqondo wesikhathi esizuzisayo uye wanda.
Njengoba kuyindlela abantu abaningi abaqonda ngayo, isikhathi esizuzisayo ngokuvamile sihilela ukuhlela isikhathi esithile sokusetshenziswa unengane yakho, ngokuvamile unokuthile ocabanga ngakho enizokwenza—ukuyoshaywa umoya, ngokwesibonelo, njengokuthatha uhambo lokuya endaweni yezilwane. Ngokusobala, lomqondo muhle. Izingane zidinga noma ikuphi ukunakwa okukhethekile ezingakuthola. Nokho, umqondo othandwayo wesikhathi esizuzisayo unezingqinamba ezithile eziya ziba sobala kochwepheshe bezokunakekelwa kwezingane.
Kuyabonakala ukuthi abazali abaningi abamatasa, abagxile emisebenzini yokuziphilisa baye baba nomqondo okhohlisayo wokuthi ukusebenzisa isikhathi esincane esakhiwe, sahlelwa unengane yakho kuyozanelisa zonke izidingo zengane ezidinga ukunakekelwa umzali. Ngaleyondlela, i-Daily News yaseNew York icaphuna uDkt. Lee Salk, uprofesa eCornell University Medical School e-United States, ethi: “Umqondo wesikhathi esizuzisayo awunangqondo.” Uyachaza: “Lenkulumo iye yaba khona ngenxa yomuzwa wecala abazali abanawo. Abantu babezinikeza imvume yokuchitha isikhathi esincane benezingane zabo.”
Kodwa ingabe ukuba kwaso esizuzisayo, umzali egxilise konke ukunaka okuphelele enganeni, akusivali yini isikhala sokungabikho njalo? Cha, ngenxa yesizathu esilula—abazali bafundisa izingane zabo kakhulu ngesibonelo sabo. Uhlangothi olungajabulisi lwaleliqiniso lwaboniswa ngokushaqisayo ukuhlola okwenziwa muva nje entsheni yasemadolobheni amakhulu. Leyo eyayinamalungu omkhaya asejele lapho isakhula yayinamathuba aphindwe kabili okuba nayo ngokwayo igcine isejele. Ngokufanayo, leyo eyakhula inakekelwa abantu abasebenzisa kabi utshwala noma izidakamizwa cishe yayinamathuba aphindwe kabili okuba nayo yenze leyomikhuba ebulalayo.
Isibonelo esihle sabazali singaba namandla afanayo. Inkinga iwukuthi ukubeka isibonelo esihle kudinga isikhathi, isikhathi eside, hhayi nje isikhashana esincane esizuzisayo. Njengoba i-Daily News yaseNew York ikubeka: “Inkinga ngalomqondo wesikhathi esizuzisayo iwukuthi izikhathi ezibalulekile phakathi komzali nengane—izingxoxo kanye nezinqumo ezinikeza ukulondeka, izimiso zokuziphatha kanye nokuzihlonipha—ziyazenzekela.” Akekho ongahlela isikhathi esizenzekelayo. Umzali angase abekele eceleni isikhathi esizuzisayo esiyimizuzu engu-15 sokusisebenzisa enengane yakhe, kodwa ubani owaziyo ukuthi umzali nengane bazofinyelela ubuhlobo obuhle yini phakathi nalesosikhathi? Futhi ingane iyofunda kanjani ngesibonelo uma leyo kuwukuphela kwemizuzu osukwini eyichitha nomzali?
Njengoba abazali benesikhathi esincane kangaka, liyini ikhambi? Azikho izindlela ezilula. Akukho okungashintsha iqiniso lokuthi lelizwe liye lenza ukukhulisa izingane kwaba umsebenzi onzima. Abanye abazali bangakwazi ukusebenza isikhathi esincane emisebenzini yabo yokuziphilisa. Omunye umlobi wencwadi yamuva emayelana nokunakekelwa kwezingane unxusa noma imuphi umzali ongakwazi ukusebenza isikhathi esincane emsebenzini wokuziphilisa—ukuba ahlale ekhaya nezingane. Kodwa ngabazali abaningi, akukho ukuzikhethela okunjalo. Ngisho nalabo abanesimiso somsebenzi esivumelana nezimo noma abangenayo imisebenzi eholelayo basakuthola kunzima ukuchitha isikhathi esanele benezingane zabo.
Abanye ochwepheshe banxusa abazali ukuba babheke imisebenzi abayenzayo ekhaya, njengokuhlanza indlu, ukupheka, ukulungisa okuthile, ukunakekela imoto, ukuwasha, kanye nokuyothenga, ukuze babone ukuthi ngeke yini bayenze nezingane zabo eminye yalemisebenzi. Ukusebenza ndawonye ngisho nasemisebenzini emincane kakhulu, noma ukuphumula nje ndawonye, kunganikeza abazali isikhathi abasidingayo sokugcina imizila yokukhulumisana ivulekile futhi banikeze isibonelo esihle. Abazali abangamaKristu banomunye umsebenzi abangathanda ukuwenza nezingane zabo. Imihlangano yobuKristu, inkonzo, isifundo seBhayibheli somkhaya, ukuhlangana nesikholwa nabo—konke lokhu kunikeza abazali isikhathi esibalulekile sokuba nezingane zabo.
Ngokuthakazelisayo, uMthetho owanikezwa isizwe sakwaIsrayeli waveza iphuzu elifanayo eminyakeni engu-3 000 edlule. KuDuteronomi 6:6, 7, siyafunda: “Lawamazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba-senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” Akukhona ngempela ukuthi ukuphila kwakulula ezikhathini zasendulo. Cabanga nje ngaso sonke isikhathi esasidingeka ukuba nje kunakekelwe izidingo zansuku zonke—kwakuwumsebenzi ongakanani ngobaba ukuba ondle umkhaya wakhe, noma kwakuwumsebenzi ongakanani ukwenza imisebenzi enjengokupheka noma ukuwasha! Kodwa abazali ababethanda uJehova benza okusemandleni abo bekanye nezingane zabo futhi ngaleyondlela babethola amathuba amaningi ngosuku okugxilisa uMthetho kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo ezincane.
Abazali abangamaKristu namuhla kudingeka benze okufanayo. Lapho kuziwa ekusebenziseni isikhathi benezingane zabo, kufanele bagweme izindlela ezilula. Isisho sakudala esithi, “Okubalulekile akusibo ubuningi bento, kodwa ukuba yinzuzo kwayo,” asisebenzi ekukhuliseni izingane. Ikakhulukazi eminyakeni yazo yokukhula, izingane azidingi nje isikhathi esikhethekile kodwa futhi nesikhathi nje “sokuba ndawonye.”
[Isithombe ekhasini 17]
Umkhaya umatasa ekhaya, izingane zihilelekile
[Isithombe ekhasini 17]
Ukukhonza uJehova ndawonye