Chapter 16
Yini Wena Siqu Oyoyenza?
1. Isiphi isinqumo okumelwe senziwe umuntu ngamunye?
ISINQUMO sokukhonza uJehova akusona ongasenzelwa omunye umuntu. Uma umngane wakho womshado eyinceku ethembekile kaNkulunkulu, lokho kungaba isibusiso esingenakulinganiswa. Ngokufanayo, uma abazali bakho bemthanda uJehova, usesimweni esihle. Izimo zasekhaya ezinjengalezo zingaba isikhuthazo sokuhlanganyela nalabo abakhulekela uJehova “ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:23, 24) Kodwa ngokuhamba kwesikhathi wena siqu kumelwe wenze isinqumo. Ingabe umthanda ngempela uJehova futhi ufuna ukuba ngenye yezinceku zakhe? Ingabe ngempela ufuna ukuphila emhlabeni lapho kuyochuma khona ukulunga?
2. (a) Kungani isimo somzali ngasekukhonzeni uJehova sibaluleke ngokukhethekile? (b) Iziphi izinto eziyisihlanu abazali abangazenza ukuze banikeze abantwana babo isiqalo esihle?
2 Uma ungumzali, ngokuqinisekile ufuna ukuba abantabakho bajabulele isibusiso sokuphila okuphakade ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Awunakukuqondisa abayokwenza uma sebebadala ngokwanele ukuba bazikhethele inkambo yabo ekuphileni. Kodwa lokho wena siqu okwenzayo ngokukhulekela kweqiniso kungaba ithonya elinamandla—lokuhle noma lokubi. Uma ungase uhlehle ekukhonzeni uJehova, lokho kungancisha abantwana bakho ithuba ebelingaba elingcono kakhulu lokuba baqalise endleleni eya ekuphileni okuphakade. Noma uma ungase uzinikezele kuNkulunkulu bese uba onganaki ngokuphila ngalezozimiso, lokhu kungase kuholele enhlekeleleni engokomoya ngawo wonke umkhaya, kulahleke konke osizini olukhulu. Kodwa uma ubeka isibonelo sokwethembeka, uma wena siqu usiza abantabakho ukuba bafunde iZwi likaNkulunkulu, uma uhlakulela kuwe ngokwakho nakubona uthando ngoJehova nenhlonipho ngenhlangano yakhe ebonakalayo, uma ubasiza ukuba babone indlela abavikeleka ngayo ngokwenza intando kaNkulunkulu, uma ubabonisa indlela yokuthola injabulo enkonzweni engcwele, khona-ke ubanikeza isiqalo esihle endleleni eholela ekuphileni. Lokhu kungenzeka kuphela ngesibusiso sikaJehova. (Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 1:5.) Kukhulekele ngokungaphezi. Kudingeka umzamo owengeziwe nakuwena. Kodwa yeka ukuthi umphumela ufaneleke kanjani!
3. (a) Uma uhlangabezana nokuphikiswa emalungwini omkhaya, yini engenziwa? (b) Kodwa kuthiwani uma ukuphikiswa kuqhubeka?
3 Mhlawumbe isimo obhekene naso esokuthi amanye amalungu omkhaya wakho awanalo uthando onalo ngoJehova. Ingabe azama ukukudumaza ngokuthi “ungahileleki kakhulu”? Noma ingabe kukhona ukuphikiswa okuqondile? Yini ongayenza ukuze uwasize ukuba abe nenjabulo onayo ekuqondeni injongo kaNkulunkulu? Ngokuvamile izithiyo zinganqotshwa ngokuba umeme amalungu omkhaya ukuba aye nawe eHholo LoMbuso ukuze azibonele okwenziwa lapho. Ngesikhathi elapho, angakhuluma nomunye wabadala ukuba awaphendulele imibuzo anayo ngokuqondene nezinkolelo nezenzo zoFakazi BakaJehova. Kodwa kuthiwani uma ukuphikiswa kuqhubeka? Khona-ke kudingeka uzibuze: ‘Ingabe ngimthanda ngempela uJehova neNdodana yakhe uJesu Kristu futhi ingabe ngibonga ngokwanele ngazo zonke izinto abaye basenzela zona kangangokuba ngizimisele ukubhekana nobunzima obuthile ukuze ngibonise uthando lwami nokubonga? Ingabe umkhaya wami ngiwuthanda ngokwanele ukuba ngiwubekele isibonelo esihle, ukuze uma kunokwenzeka, nawo futhi usizakale ekubeni ubambelele emalungiselelweni kaNkulunkulu okuphila okuphakade?’—Mathewu 10:36-38; 1 Korinte 7:12, 13, 16.
UPHAWU IZIZWE EZIPHENDUKELA KULO
4. Singabonisa kanjani ukuthi simthanda ngempela uJehova?
4 Manje ithuba lidluliselwa kubantu yonke indawo ukuba babonise uthando lwabo ngoJehova ngokuzihlanganisa noMbuso wakhe wobuMesiya. Lowohulumeni uyindlela igama likaJehova eliyolwelwa ngayo. Isimo sethu ngakuloMbuso sinikeza ubufakazi bendlela esizizwa ngayo ngoJehova ngokwakhe.
5. (a) KuIsaya 11:10, yini eyabikezelelwa usuku lwethu? (b) Isho ukuthini?
5 UJehova waphefumlela umprofethi uIsaya ukuba alobe: “Kuyakuthi ngalolosuku impande kaJese ime iyibhanela [uphawu] lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba-nodumo.” (Isaya 11:10) ‘Leyompande kaJese’ iyiNkosi uJesu Kristu ekhazinyulisiwe. Lapho eqala ukusebenzisa igunya lobukhosi, ‘njengempande’ enikeza ukuphila wanikeza amandla amasha ohlwini lwamakhosi obuMesiya olwaluvela kuJese ngendodana yakhe iNkosi uDavide. (IsAmbulo 5:5; 22:16) Kusukela ngo-1914 ‘ubemi eyibhanela lezizwe,’ indawo yokubuthana kwabantu abalangazelela uhulumeni olungileyo. UJehova ngokwakhe oye wamphakamisa njengaleloBhanela, iNkosi yeqiniso yobuMesiya.—Isaya 11:12.
6. (a) Yini eye yenza abantu bakwazi ukubuthana eNkosini yasezulwini? (b) Ngenxa yokuphendukela ‘ebhaneleni’ ngokubuza yini abantu abaye bayifunda?
6 Kodwa abantu lapha emhlabeni bebengabuthana kanjani eNkosini yasezulwini? Badinga ukunikezwa ukwaziswa okuseBhayibhelini ukuze bayibone ngamehlo okuqonda. Ngaphansi kokuqondisa komoya ongcwele, insali kaIsrayeli ongokomoya ibiqhuba lomsebenzi ngentshiseko, imemezela emhlabeni wonke izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya omisiwe. Abantu bazo zonke izizwe baye balalela ngokwazisa. Baye babuza ngezimfuneko zaphezulu ngabo ukuze babe izikhonzi zaloMbuso, bajabulele ukuphila okuphakade emhlabeni oyiPharadesi. Ngokwaneliswa izimpendulo ezinikezwa ngeBhayibheli, baye benza ngokuvumelana nazo bama ngasohlangothini loMbuso kaJehova wobuMesiya. Ingabe wena ukwenzile lokho?
‘BAYOKUZWA KODWA BANGENZI’
7. Ikuphi ukusabela esigijimini seBhayibheli okwabikezelwa kuHezekeli 33:30-33?
7 Ngenxa yomsebenzi wentshiseko woFakazi BakaJehova, abantu baxoxa ngabo njalo. Kodwa labantu bazizwa kanjani ngesigijimi esimenyezelwa oFakazi BakaJehova? Ukusabela kwabaningi kunjengalokho kwabathunjwa ababenomprofethi uHezekeli eBabiloni. Ngokuqondene nabo, uJehova wathi: “Wena-ke, ndodana yomuntu, abantwana babantu bakho bakhuluma ngawe . . . bathi: Woza uzwe ukuthi yizwi lini eliphuma kuJehova. Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo. Bheka, uyisihlabelelo esithandekayo sonephimbo elimnandi kubo, obetha kahle ngogubhu, ngokuba bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa. Lapho lokhu kufika—bheka, kuyeza!—bayakwazi ukuthi kwakukhona umprofethi phakathi kwabo.”—Hezekeli 33:30-33.
8. Abanye abantu babunika kanjani ubufakazi besimo esinjalo?
8 Kunabantu abaningi ababajabulelayo oFakazi BakaJehova nabazithandayo izincwadi zabo zeBhayibheli. Bangase bamukele ngisho nesifundo seBhayibheli samahhala. Abanye beza nabangane babo emihlanganweni ekhethekile eyenziwa oFakazi. Ngokwesibonelo, eSikhumbuzweni saminyaka yonke sokufa kukaJesu Kristu, akuyona into engavamile ukuba inani labakhona liphinde kabili inani loFakazi BakaJehova abakhuthele. Kwamanye amazwe, lelinani liphakama lize liliphinde kahlanu inani loFakazi. Kodwa yini abayoyenza ngamaqiniso eBhayibheli abawezwayo? Bafinyelela ezigidini ezimbili nengxenye abaye bawathatha ngokungathi sína futhi bavumelanisa ukuphila kwabo nawo. Kodwa abanye bakuthatha njengokungathi umculo omnandi nje, okuthile kokubajabulisa. Bahlala besonqenqemeni, mhlawumbe bakhuthaze kodwa banganikezeli ukuphila kwabo kuNkulunkulu futhi bangahlanganyeli enkonzweni yakhe engcwele.
9. Esikhundleni sokungabaza nokulinda, yini abantu abahlakaniphile abayoyenza?
9 Yini engazuzwa ngokungabaza nokulinda? Ngokuqinisekile akunakuba umusa kaJehova nesivikelo phakathi nosuku lwempindiselo oluzayo. Ukuze ube phakathi kwabayosinda, kumelwe unikeze ubufakazi obanelisayo manje bokuthi uye ‘wazihlanganisa noJehova’ nokuthi ungowakhe.—Zakariya 2:11; Mathewu 7:21.
BENZA ISINQUMO ESIFANELE
10, 11. (a) Kwakungubani uHobabi, futhi isiphi isimemo esadluliselwa kuye? (b) Sazi kanjani ukuthi isiphi isinqumo asenza?
10 Bonke abaye baba ngabakhulekeli bakaJehova njengabalandeli bakaJesu Kristu baye benza isinqumo somuntu siqu sokwenza kanjalo. Kunjalo ngabo bonke abayizindlalifa zoMbuso wasezulwini. Manje ithuba eliyigugu livulekele abanye ukuba bakhethe, benethemba lokusinda osizini olukhulu futhi baphile njengabaphelele emhlabeni. UHobabi wabeka isibonelo abafanele basilingise.
11 UHobabi wayengumlamu kaMose. Wayengeyena umIsrayeli kodwa eyilungu lesizwe samaKheni ehlala endaweni yakwaMidiyani. Ngemva kokuba amaIsrayeli esamukele uMthetho ngoMose futhi esakhe itabernakele elingcwele lokukhulekela uJehova, kwafika isikhathi sokuthuthela enyakatho ngaseZweni leSithembiso. Insika yefu eyayimelele ukuba khona kukaJehova kwakumelwe ibahole, ibonise indlela okumelwe bayithathe nalapho babezokanisa khona. Kodwa kwakuyoba usizo ukuba babe nomuntu osaziyo isimo sezwe nokuthi zingatholakalaphi izinto ezidingekayo ekukaniseni. UMose wamema uHobabi ukuba abajoyine, kodwa okokuqala, uHobabi wenqaba, ecabanga ukuthi kungaba ngcono ukuhlala nezihlobo zakhe lapho ayezalelwe khona. Nokho, uMose wamnxusa ukuba aphinde acabangele ukuhamba nabo ‘abe ngamehlo’ kaIsrayeli futhi ngalokho abe sesimweni sokuthola izibusiso uJehova ayeyozehlisela abantu bakhe. Ngokuhlakanipha uHobabi wenza kanjalo, njengoba kuboniswe kubAhluleli 1:16.—Numeri 10:29-32.
12. (a) Obani namuhla abanjengoHobabi, futhi ngaziphi izindlela? (b) Isiphi isimemo namuhla esinjengaleso sikaMose emema uHobabi?
12 Kunabantu namuhla abafanekiselwa uHobabi. Nakuba bengewona amaIsrayeli angokomoya, bazihlanganisa nalaba njengoba beya oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu. Ukuze benze lokhu, kumelwe bahlukane nezihlobo zezwe kanye nohulumeni babantu. Ngaphansi kokuhola kukaMose oMkhulu, uJesu Kristu, baye bakhonza ngokujabula nensali ‘yabafowabo’ bakaKristu, ngokuvamile bedabula amasimu amasha okushumayela izindaba ezinhle. Abaningi babo baye bathuthela ezindaweni lapho indingeko yabamemezeli boMbuso inkulu khona ngokukhethekile, ngokuvamile njengamaphayona noma izithunywa zevangeli, besebenzisa isikhathi sabo ngokugcwele ukuba bamemezele uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba langempela lesintu. Kusenamathuba amaningi okuhlanganyela enkonzweni enjalo engcwele. Abantu abafanelekayo bamenyelwa ukuba baziveze futhi ngaleyondlela bahlanganyele izibusiso ezihambisana nenkonzo enjalo eyandisiwe. Kuthiwani ngawe?
13. (a) Kwakungubani uJayeli, futhi sasiyini isimo somyeni wakhe ngokuqondene nezinceku zikaJehova? (b) UJayeli wabhekana kanjani novivinyo?
13 Eminyakeni eyi-180 ngemva kokuba uHobabi enqume ukuhamba namaIsrayeli, omunye wozalo lwakhe, indoda okwakuthiwa uHebere, wayehlala nomkakhe, uJayeli, kungekude kakhulu neMegido. UHebere wayezehlukanisile nawo wonke amaKheni waba nobuhlobo bokuthula noJabini, inkosi yamaKhanani eyayicindezela uIsrayeli ngokhahlo. Uma uJehova ephakamisa uBaraki njengomkhululi wamaIsrayeli, umphathi wamabutho kaJabini, uSisera, waviva impi yakhe nezinqola zempi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zinezinsimbi eziboshelwe emasondweni. Kodwa uJehova wabalwela abantu bakhe, wabangela ukudideka ekamu lesitha, nezikhukhula zomfudlana zakhukhula izinqola. USisera yena wehla enqoleni yakhe wabaleka ngezinyawo waya etendeni likaJayeli umkaHebere. Njengoba uSisera ayethembile, uJayeli wamngenisa etendeni.—AbAhluleli 4:4-17; 5:20, 21.
14. Isiphi isinqumo uJayeli asenza, futhi lokhu kwanikeza ubufakazi bani?
14 Manje wayesebhekene nokuvivinywa. Yini ayezoyenza kulesisitha sabantu bakaJehova? Wamembesa uSisera ngengubo, waqeda ukoma kwakhe ngobisi wamlinda waze wazumeka. Khona-ke wabe “esethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye, wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini, ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.” Okwenziwa uJayeli kwakudinga isibindi, nothando ngoJehova nabantu bakhe. Kwahilela futhi nokuzimisela okukhulu kuyena.—AbAhluleli 4:18-22; 5:24-27, 31.
15. Abantu namuhla babonisa kanjani ukuthi banjengoJayeli?
15 Njengoba kunjalo ngabanye abakhulekeli bakaJehova abangewona amaIsrayeli, uJayeli ufanekisela “ezinye izimvu” ezenza okuhle kubafowabo bakaKristu abangokomoya. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi ukuhlangana izihlobo zabo ezingase zibe nakho nezwe nesigaba salo esibusayo, “ezinye izimvu” azivumelani nokucindezelwa kwabantu bakaJehova ngababusi bezwe. Zithembekile kuBaraki oMkhulu, iNkosi uJesu Kristu, nakubalandeli bakhe beqiniso. Laba besigaba sikaJayeli abalwisani ngokwabo nababusi bezwe, kodwa basebenzisa noma ikuphi abangakuthola ukuba baphikisane nemizamo yokucindezela izinceku zikaJehova. Abanamahloni okwenza kwaziwe ukuthi basekuvumelaneni okugcwele nenjongo kaJehova yokubhubhisa zonke izitha zakhe.
16, 17. (a) Isiphi isibonelo esidinga ukuba sisilingise esilotshwe kuzEnzo isahluko 8? (b) Ngemva kwalokho yini okumelwe siqhubeke siyenza?
16 Asikho isikhathi sokudlala. Uma unalo ngempela ukholo kuJehova noMbuso wakhe wobuMesiya futhi uma uye wavumelanisa ukuphila kwakho nezimfuneko zeBhayibheli, khona-ke, ngaphandle kokulibala, kubonakalise obala lokho. Bonakalisa umoya ofana nowomthenwa wase-Etiyopiya okukhulunywa ngaye kuzEnzo isahluko 8. Ngokushesha nje lapho eseqonda okwakufuneka kuye, wabuza uFiliphu, owayemchazele izindaba ezinhle ngoJesu: “Kwalani ukuba ngibhapathizwe na?” Futhi wacwiliswa emanzini ngokushesha.
17 Ngemva kokuba sewenze isiqalo esihle kanjalo, qinisa ubuhlobo bakho noJehova nsuku zonke, funa izindlela zokusebenzisa iZwi lakhe ngokugcwele ekuphileni kwakho, futhi uhlanganyele ngokugcwele ngangokunokwenzeka emsebenzini obalulekile wokumemezela ngoMbuso owenziwa phakathi nezinsuku zokugcina zalesimiso sezinto.