Ukwazisa Imibuthano YobuKristu
“Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye.”—HEBERU 10:24, 25.
1, 2. (a) Kungani kuyilungelo ukuba sembuthanweni wamaKristu eqiniso? (b) UJesu uba khona ngamuphi umqondo emibuthanweni yabalandeli bakhe?
YEKA ilungelo okuyilo ukuba sembuthanweni wobuKristu, kungakhathaliseki ukuthi unabakhulekeli bakaJehova abangaphansi kweshumi noma abayizinkulungwane ezithile, ngoba uJesu wathi: “Lapho kukhona khona ababili noma abathathu bebuthene ndawonye egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo”! (Mathewu 18:20) Yiqiniso, lapho enza leso sithembiso, uJesu wayekhuluma ngezindaba zokwahlulela ezazidinga ukusingathwa ngendlela efanele yilabo abaholayo ebandleni. (Mathewu 18:15-19) Kodwa ingabe isimiso samazwi kaJesu singasetshenziswa nakuyo yonke imibuthano yobuKristu evulwa futhi iphethwe ngomthandazo owenziwa egameni lakhe? Yebo. Khumbula, lapho uJesu ethuma abalandeli bakhe ukuba bayokwenza abafundi, wathembisa: “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”—Mathewu 28:20.
2 Akunakungatshazwa ukuthi iNhloko yebandla lobuKristu, iNkosi uJesu Kristu, inesithakazelo esiqotho kuyo yonke imibuthano yabalandeli bayo abakholekile. Ngaphezu kwalokho, singaqiniseka ukuthi iba khona kanye nabo ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. (IzEnzo 2:33; IsAmbulo 5:6) UJehova uNkulunkulu naye unesithakazelo ekuhlanganeni kwethu ndawonye. Injongo eyinhloko yemihlangano enjalo iwukuba kuyiswe udumo kuNkulunkulu “phakathi kwezixuku ezibuthene.” (IHubo 26:12, NW) Ukuba khona kwethu emihlanganweni yebandla kuwubufakazi bothando lwethu ngaye.
3. Yiziphi izizathu ezibalulekile ezenza sazise imibuthano yobuKristu?
3 Kukhona nezinye izizathu ezinhle ezenza siyazise imibuthano yobuKristu. Ngaphambi kokuba ahambe emhlabeni, uJesu Kristu wamisa abafundi bakhe abagcotshiwe ukuba basebenze ‘njengesigqila esikholekile nesiqondayo’ ekuphakeleni indlu yokholo ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. (Mathewu 24:45) Indlela ebalulekile lokho kondliwa okungokomoya okwenzeka ngayo ingemihlangano yebandla kanye nemibuthano emikhulu—imihlangano yezifunda neyezigodi. INkosi uJesu Kristu iqondisa lesi sigqila esikholekile ukuba sinikeze ukwaziswa okubalulekile emibuthanweni enjalo kubo bonke abafuna ukusinda ekupheleni kwalesi simiso esibi, bazuze ukuphila ezweni elisha lokulunga likaNkulunkulu.
4. Iyiphi ‘inkambiso’ eyingozi okukhulunywa ngayo eBhayibhelini, futhi yini eyosisiza siyigweme?
4 Ngakho, akukho mKristu ongaba nesibindi sokuqala inkambiso eyaphawulwa umphostoli uPawulu, owabhala: “Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye, njengoba abanye benaleyonkambiso, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” (Heberu 10:24, 25) Ukuzindla ngelungelo nezinzuzo zokuba semibuthanweni yobuKristu kuyosisiza siyisekele ngobuqotho nangenhliziyo yonke imibuthano enjalo.
Imihlangano Eyakhayo
5. (a) Inkulumo yethu kufanele ibe namuphi umphumela emihlanganweni? (b) Kungani kungafanele sizindele ukumema abathakazelayo ukuba beze emihlanganweni?
5 Njengoba amaKristu ethandazela ukuba umoya ongcwele kaJehova usebenze emihlanganweni yobuKristu, ngamunye osuke ekhona kufanele enze konke angakwenza ukuze enze ngokuvumelana nalo moya, ‘angawenzi lusizi umoya kaNkulunkulu.’ (Efesu 4:30) Lapho umphostoli uPawulu ebhala lawo mazwi aphefumulelwe, wayexoxa ngokusetshenziswa okufanele kwenkulumo. Esikushoyo kufanele ngaso sonke isikhathi kusetshenziselwe ‘ukwakha kuye ngokwesidingo, ukuze kudlulisele okuhle kwabezwayo.’ (Efesu 4:29) Lokhu kubaluleke ngokukhethekile emibuthanweni yobuKristu. Encwadini yakhe eya kwabaseKorinte, uPawulu wagcizelela isidingo sokuba imihlangano ibe eyakhayo, efundisayo nekhuthazayo. (1 Korinte 14:5, 12, 19, 26, 31) Bonke abakhona bayazuza emihlanganweni enjalo, kuhlanganise nabaqalayo ukuba khona, abangase baphethe ngokufanele ngokuthi: “UNkulunkulu ngempela uphakathi kwenu.” (1 Korinte 14:25) Ngenxa yalesi sizathu, akufanele sizindele ukumema abasanda kuthakazela ukuba bazihlanganise nathi, ngoba ukwenza kanjalo kuyosheshisa intuthuko yabo engokomoya.
6. Yiziphi ezinye zezici ezenza umhlangano ube owakhayo?
6 Bonke ababelwe izinkulumo, izingxoxo noma imiboniso emhlanganweni wobuKristu kudingeka baqikelele ukuthi inkulumo yabo iyakha futhi iyahambisana neZwi likaNkulunkulu elilotshiwe, iBhayibheli. Ngaphezu kokukhuluma inkulumo enembile, kufanele siveze imizwa nemizwelo ehambisana nobuntu obunothando bukaNkulunkulu noKristu. Uma bonke abanezingxenye esimisweni somhlangano bekuqaphela ukubonisa ‘izithelo zomoya kaNkulunkulu,’ ezinjengenjabulo, ukubhekakade nokholo, khona-ke ngokuqinisekile bonke abakhona bayozizwa bakhekile.—Galathiya 5:22, 23.
7. Bonke abasuke bekhona emhlanganweni bangawenza kanjani umbuthano ube owakhayo?
7 Nakuba kungase kube abambalwa kuphela abanezingxenye esimisweni semihlangano yebandla, bonke abakhona banganikela ekwenzeni umbuthano ube owakhayo. Ngokuvamile kuba khona amathuba okuba izilaleli ziphendule imibuzo. Lezi izikhathi zokuvuma obala ukholo lwethu. (Roma 10:9) Akufanele nanini zisetshenziswe njengethuba lokuqhamisa imibono yethu siqu, ukuqhosha ngalokho esikufezile, noma ukugxeka omunye esikholwa naye. Bekungeke yini lokho kuwudabukise umoya kaNkulunkulu? Ukungavumelani nesikholwa nabo kungcono kakhulu uma kusingathwa ngasese ngomoya wothando. IBhayibheli lithi: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.” (Efesu 4:32) Yeka ithuba elihle imibuthano yobuKristu esinika lona lokusebenzisa lesi seluleko esihle! Ukuze benze lokhu, abaningi bafika ngaphambi kwesikhathi emihlanganweni futhi bathi ukuhlala ngemva kokuba iphelile. Lokhu kusiza nabasanda kuthakazela, abakudinga ngokukhethekile ukuzizwa bamukelekile. Ngakho wonke amaKristu azinikezele anendima okufanele ayifeze ekwenzeni imihlangano ibe eyakhayo ‘ngokucabangelana nokuvuselelana othandweni nasemisebenzini emihle.’
Lungiselela Kahle
8. (a) Yikuphi ukuzidela okuncomekayo abanye abakwenzayo ukuze babe khona emihlanganweni? (b) Yisiphi isibonelo uJehova asibekayo njengomalusi?
8 Nakuba ukuya emibuthanweni yobuKristu kungase kube lula ngokwezinga elithile kwabanye, kwabanye kudinga ukuzidela okuqhubekayo. Ngokwesibonelo, umama ongumKristu okudingeka asebenze ukuze asize ekunakekeleni izidingo zendlu yakhe, ngokuvamile ufika ekhaya ekhathele evela emsebenzini. Ngemva kwalokho, kungase kudingeke alungise ukudla asize nezingane zakhe zilungele umhlangano. Amanye amaKristu kungenzeka kudingeka ahambe amabanga amade eya emihlanganweni, noma kungenzeka athiywa ukugula noma ukuguga. Ngokuqinisekile, uJehova uNkulunkulu uyasiqonda isimo somuntu ngamunye oba khona ngokukholeka emihlanganweni, njengoba nje nomalusi onothando eziqonda izidingo ezikhethekile zezimvu ngazinye emhlanjini wakhe. IBhayibheli lithi: ‘[UJehova] uyakwalusa umhlambi wakhe njengomalusi, abuthe amawundlu ngemikhono yakhe, awagone esifubeni sakhe, ahole kahle izindlezane.’—Isaya 40:11.
9, 10. Singazuza kanjani ngokugcwele emihlanganweni?
9 Labo okudingeka bazidele kakhulu ukuze babe khona njalo emihlanganweni bangase babe nesikhathi esilinganiselwe abangasichitha belungiselela ukwaziswa okuzocatshangelwa. Ukuhambisana nesimiso sokufundwa kweBhayibheli samasonto onke kwenza ukuba khona eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini kuvuze ngokwengeziwe. Ngokufanayo, ukulungiselela neminye imihlangano kusengaphambili, njengeSifundo Se-Nqabayokulinda neSifundo Sencwadi Sebandla, kwenza le mihlangano izuzise ngokwengeziwe. Ngokukufunda kusengaphambili ukwaziswa okuzohlanganiswa nangokucabangela okungenani eminye yemibhalo yeBhayibheli ekhonjiwe, labo abazimo zemikhaya yabo zifuna isikhathi esiningi bayokulungela kakhudlwana ukuba nengxenye enenjongo kulezi zingxoxo zeBhayibheli ezibalulekile.
10 Abanye, abazimo zabo azibalinganiseli kangako, bangakwazi ukuchitha isikhathi esengeziwe belungiselela imihlangano. Ngokwesibonelo, bangase bacwaninge imibhalo ekhonjiwe kodwa engacashuniwe. Kanjalo bonke bangakulungela ukuzuza ngokugcwele emihlanganweni nokuba nengxenye enhle ekwakheni ibandla ngezinkulumo nezimpendulo zabo. Ngokulungiselela kahle, abadala nezinceku ezikhonzayo bayobeka isibonelo esihle ekunikezeni izimpendulo ezimfushane nezishaya emhloleni. Behlonipha amalungiselelo kaJehova, labo abasemhlanganweni bayogwema noma yimiphi imikhuba ephazamisayo lapho imihlangano iqhubeka.—1 Petru 5:3.
11. Kungani kudingeka ukuzithiba ukuze silungiselele imihlangano?
11 Imisebenzi noma ukuzijabulisa okungabalulekile empilweni yethu engokomoya kungase kudle isikhathi sethu esiningi ngokweqile. Uma kunjalo, kudingeka sizihlole futhi ‘siyeke ukuba abangenangqondo’ ngokuqondene nokusebenzisa isikhathi sethu. (Efesu 5:17) Umgomo wethu kufanele kube ‘ukuthengisisa isikhathi’ ezintweni ezingabalulekile kakhulu ukuze sikwazi ukuchitha isikhathi esengeziwe esifundweni seBhayibheli somuntu siqu nasekulungiseleleni imihlangano kanye nasenkonzweni yoMbuso. (Efesu 5:16) Kuyavunywa, lokhu akulula ngaso sonke isikhathi futhi kudinga ukuzithiba. Intsha ekwenzayo lokhu izibekela isisekelo esihle sentuthuko yesikhathi esizayo. UPawulu wabhalela umngane wakhe osemusha uThimothewu: “Zindla ngalezizinto [iseluleko uPawulu asinika uThimothewu]; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.”—1 Thimothewu 4:15.
Izibonelo EziseZwini LikaNkulunkulu
12. Yisiphi isibonelo esivelele esabekwa umkhaya wakubo kaSamuweli?
12 Cabanga ngesibonelo esihle esabekwa umkhaya wakubo kaSamuweli, owawuhlanganyela njalo emalungiselelweni okubuthana nabakhulekeli abakanye nawo lapho itabernakele likaNkulunkulu laliseShilo. Kwakungabesilisa kuphela okwakudingeka baye emikhosini yaminyaka yonke. Kodwa uyise kaSamuweli, u-Elkana, wayehamba nomkhaya wakhe wonke lapho “enyuka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova-Sebawoti eShilo.” (1 Samuweli 1:3-5) Umuzi wenkaba kaSamuweli, iRamatayimi-Sofimu, kungenzeka wawungasogwini, eRentis yanamuhla, emagqumeni aphansi ‘kwezintaba zakwaEfrayimi.’ (1 Samuweli 1:1) Ngakho uhambo oluya eShilo lwalungaba amakhilomitha angu-30, uhambo olukhandlayo ngalezo zinsuku. Yilokhu umkhaya ka-Elkana owawukwenza ngokwethembeka “iminyaka ngeminyaka, lapho [unyukela] endlini kaJehova.”—1 Samuweli 1:7.
13. Yisiphi isibonelo esabekwa amaJuda akholekile phakathi nesikhathi sikaJesu emhlabeni?
13 UJesu naye wakhulela emkhayeni omkhulu. Minyaka yonke lo mkhaya wawusuka eNazaretha uhambe amakhilomitha angaba yikhulu ubheke eningizimu ulibangise emkhosini wePhasika eJerusalema. Zimbili izindlela ababengase bahambe ngazo. Engagwegwesi kakhulu yayinomthambeka owehlela eSigodini SaseMegido bese kuba umqansa ongamamitha angaba ngu-600 onqamula endaweni yamaSamariya, ize iyofika eJerusalema. Enye indlela eyayithandwa yileyo eyasetshenziswa uJesu ohambweni lwakhe lokugcina lokuya eJerusalema ngo-33 C.E. Kulena wahamba wehla eSigodini SaseJordani, wehlela endaweni ephansi kunesilinganiso solwandle, waze wafika ‘emingceleni yaseJudiya ngaphesheya kweJordani.’ (Marku 10:1) Ukusuka kule ndawo, ‘umgwaqo onyukela eJerusalema’ uyibanga elingamakhilomitha angaba ngu-30, elinomqansa ongamamitha angaphezu kuka-1 100. (Marku 10:32) Izixuku zabagubhi bomkhosi abakholekile zaziluthatha njalo lolu hambo olukhathazayo lokusuka eGalile ziye eJerusalema. (Luka 2:44) Yeka isibonelo esihle ezincekwini zikaJehova ezisemazweni ami kahle namuhla, eziningi zazo ezikwazi ukuya emibuthanweni yobuKristu kalula ngokwezinga elithile ngenxa yezinto zokuhamba zesimanje!
14, 15. (a) Yisiphi isibonelo esabekwa u-Ana? (b) Yini esingayifunda esimweni sengqondo esihle esiboniswa abanye abaqalayo ukuba khona emihlanganweni?
14 Esinye isibonelo esomfelokazi owayeseneminyaka engu-84 ubudala, u-Ana. IBhayibheli lithi “wayengakaze aphuthe ethempelini.” (Luka 2:37) Ngaphezu kwalokho, u-Ana wayebonisa isithakazelo esinothando kwabanye. Wenzenjani lapho ebona umntwana onguJesu futhi ethola ukuthi unguMesiya othenjisiwe? Wabonga uNkulunkulu futhi waqala ‘ukukhuluma ngomntwana kubo bonke labo ababelindele ukukhululwa kweJerusalema.’ (Luka 2:38) Yeka isimo sengqondo esihle, isibonelo kumaKristu namuhla!
15 Yebo, ukuba khona nokuhlanganyela emihlanganweni yethu kufanele sikujabulele kangangokuthi, njengo-Ana, sifune ukungalokothi singabi bikho. Abaningi abasanda kuhlanganyela bazizwa ngale ndlela ngokuzenzakalelayo. Njengoba bephume ebumnyameni bangena ekukhanyeni kukaNkulunkulu okumangalisayo, bafuna ukufunda konke abangakufunda, futhi abaningi bayishisekela kakhulu imihlangano yobuKristu. Ngakolunye uhlangothi, labo asebenesikhathi esijana beseqinisweni kumelwe baqaphe ukuba ‘bangalushiyi uthando ababenalo ekuqaleni.’ (IsAmbulo 2:4) Izinkinga ezinkulu zempilo noma ezinye izici umuntu angenakuzilawula ngezinye izikhathi zingase zisenze singabi khona njalo emihlanganweni. Kodwa akufanele nanini sivumele ukuthanda izinto ezibonakalayo, ukuzijabulisa, noma ukuntula isithakazelo kubangele ukuba singalungiseleli, singahlanganyeli, noma singabi khona njalo emihlanganweni.—Luka 8:14.
Isibonelo Esihle Kunazo Zonke
16, 17. (a) Sasiyini isimo sengqondo sikaJesu ngemibuthano engokomoya? (b) Iyiphi inkambiso enhle okufanele wonke amaKristu azame ukuyilandela?
16 UJesu wabeka isibonelo esivelele ekuboniseni ukwazisa imibuthano engokomoya. Esemncane eneminyaka engu-12 ubudala, wabonisa uthando lwakhe ngendlu kaNkulunkulu eJerusalema. Abazali bakhe badukelana naye kodwa ekugcineni bamthola exoxa nabafundisi ngeZwi likaNkulunkulu ethempelini. Ephendula abazali bakhe ababekhathazekile, uJesu wabuza ngenhlonipho: “Beningazi yini ukuthi kumelwe ngibe sendlini kaBaba?” (Luka 2:49) Ngokuzithoba, uJesu owayesemncane wabuyela nabazali bakhe eNazaretha. Lapho, waqhubeka ebonisa uthando lwakhe lwemihlangano yokukhulekela ngokuba khona njalo esinagogeni. Ngakho, lapho eqala inkonzo yakhe, iBhayibheli liyabika: “Wafika eNazaretha, lapho ayekhuliswe khona; futhi, ngokwenkambiso yakhe ngosuku lwesabatha, wangena esinagogeni, futhi wasukuma ukuba afunde.” Ngemva kokuba uJesu efunde futhi wachaza u-Isaya 61:1, 2, izilaleli zaqala ‘ukumangala ngamazwi akhangayo aphuma emlonyeni wakhe.’—Luka 4:16, 22.
17 Imihlangano yobuKristu namuhla ilandela lesi sibonelo esifanayo esiyisisekelo. Ngemva kokuba umhlangano uvulwe ngengoma yokudumisa nomthandazo, kufundwa amavesi eBhayibheli (noma amavesi acashuniwe ekwazisweni kwesifundo seBhayibheli), abese echazwa. AmaKristu eqiniso angaphansi kwesibopho sokulingisa inkambiso enhle kaJesu Kristu. Ngezinga izimo zawo eziwavumela ngalo, ayakujabulela ukuba khona njalo emibuthanweni yobuKristu.
Izibonelo Zosuku Lwanamuhla
18, 19. Yiziphi izibonelo ezinhle kakhulu eziye zabekwa abazalwane basemazweni angamile kahle kangako mayelana nemihlangano yebandla, eyezifunda neyezigodi?
18 Ezingxenyeni zomhlaba ezingamile kahle kangako, abaningi babafowethu nodadewethu babeka isibonelo esihle sokwazisa imibuthano yobuKristu. EMozambique, umbonisi wesigodi, u-Orlando, nomkakhe, u-Amélia, kwabathatha amahora angu-45 behamba ngezinyawo amakhilomitha angaba ngu-90, bedabula intaba ephakeme beyokhonza umhlangano. Kwabe sekudingeka baphinde lolu hambo sebephindela emuva beyokhonza umhlangano olandelayo. Ngokuthobeka, u-Orlando wabika: “Saba nomuzwa wokuthi kwakungelutho esasikwenzile lapho sihlangana nabazalwane baseBandleni LaseBawa. Ukuze bafike kulo mhlangano baphinde baphindele emakhaya babethathe uhambo lwezinsuku eziyisithupha, olungamakhilomitha angaba ngu-400 ngezinyawo, futhi phakathi kwabo kwakukhona nomzalwane owayeneminyaka engu-60 ubudala!”
19 Kuthiwani ngokwazisa imihlangano yebandla yamasonto onke? UKashwashwa Njamba udade obuthaka oseminyakeni yawo-70. Uhlala eKaisososi, ilokishana eliyibanga elingaba amakhilomitha amahlanu ukusuka eHholo LoMbuso eliseRundu, eNamibia. Ukuze abe khona emihlanganweni, unqamula ihlathi ahambe ibanga elingamakhilomitha ayishumi ukuya nokubuya. Abanye baye baphangwa kule ndlela, kodwa uKashwashwa usalokhu eza. Eminingi yemihlangano iqhutshwa ngolimi angalwazi. Uzuza kanjani-ke ngokuba khona? “Ngokulandela imibhalo,” kusho uKashwashwa, “ngiye ngizame ukuthola ukuthi inkulumo ikhuluma ngani.” Kodwa akafundile, pho uyilandela kanjani imibhalo? Uyaphendula: “Ngilalela imibhalo engiyazi ngekhanda.” Futhi phakathi neminyaka edlule, uye waqongelela imibhalo eminingi ekhanda. Ukuze athuthukise ikhono lakhe lokusebenzisa iBhayibheli, uba sekilasini lokufundisa ukufunda nokuzifundela elihlelwe yibandla. “Ngiyakuthanda ukuba semihlanganweni,” esho. “Kuhlale kunezinto ezintsha ezifundwayo. Ngiyakuthanda ukuba kanye nabazalwane nodade. Yize ngingakwazi ukukhuluma nabo bonke, njalo bayeza bazongibingelela. Futhi okubaluleke kakhulu, ngiyazi ukuthi ngokuba khona emihlanganweni, ngenza inhliziyo kaJehova ithokoze.”
20. Kungani kungamelwe siyeke ukuya emibuthanweni yethu yobuKristu?
20 NjengoKashwashwa, izigidi zabakhulekeli bakaJehova kuwo wonke umhlaba zibonisa ukwazisa okuncomekayo ngemibuthano yobuKristu. Njengoba izwe likaSathane liphokophele ekubhujisweni, asinakukwazi ukuyeka ukubuthana kwethu ndawonye. Kunalokho masihlale siphapheme ngokomoya futhi sibonise ukwazisa okujulile ngemihlangano yebandla, eyezifunda neyezigodi. Lokho ngeke nje kwenze inhliziyo kaJehova ithokoze kodwa futhi kuyosizuzisa ngokucebile njengoba samukela ukufundisa kwaphezulu okuholela ekuphileni okumi phakade.—IzAga 27:11; Isaya 48:17, 18; Marku 13:35-37.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Kungani kuyilungelo ukuba semibuthanweni yobuKristu?
◻ Bonke abasuke bekhona bangawenza kanjani umhlangano ube owakhayo?
◻ Yisiphi isibonelo esivelele esabekwa uJesu Kristu?
◻ Yisiphi isifundo esingasifunda kubazalwane basemazweni angamile kahle kangako?
[Ibhokisi ekhasini 17]
Bayayazisa Imihlangano Yamasonto Onke
Izigidi zabantu zihlala emadolobheni akhathazwa ubumpofu nobugebengu. Naphezu kwezimo ezinjalo, amaKristu eqiniso aphakathi kwazo abonisa ukwazisa okuncomekayo ngemibuthano yobuKristu. Umdala okhonza kwelinye lamabandla aseSoweto eGauteng, eNingizimu Afrika, uyabika: “Ebandleni elinoFakazi nabamemezeli abangabhapathiziwe abangu-60, siba nabantu abangu-70 kuya ku-80, ngezinye izikhathi nangaphezulu, abeze emihlanganweni yethu. Nakuba abafowethu nodadewethu bengahambi amabanga amade uma beza, kule ngxenye yeSoweto isimo sibi. Omunye umfowethu wagwazwa emhlane ehamba ngezinyawo eya emhlanganweni. Okungenani odade ababili babhudukezwa abantu abathile bezama ukubaphanga. Kodwa lokhu akubayekisi ukuza. NgamaSonto, siba nesikhashana sokuprakthiza ngemva kokuba siphethé umhlangano ngomthandazo. Okungenani abangamaphesenti angu-95 bayahlala bacule zonke izingoma ezizosetshenziswa emihlanganweni ngesonto elilandelayo. Lokhu kusiza abasanda kuthakazela ukuba bafunde izingoma ezintsha futhi bacule nabo.”
Laba abahlala emaphandleni banezinye izithiyo, njengamabanga amade okumelwe bawahambe ukuze babekhona emihlanganweni kathathu ngesonto. Omunye umbhangqwana othakazelayo uhlala endaweni engamakhilomitha angu-15 ukusuka eHholo LoMbuso eLobatse, eBotswana. Kulo nyaka odlule, baye baba khona njalo emihlangaweni nezingane zabo ezimbili. Indoda ilungisa izicathulo ukuze yondle umkhaya. Inkosikazi ithengisa izintwanyana ukuze yenezele emthamweni wemali yekhaya ukuze bakwazi ukukhokhela into yokuya nokubuya emihlanganweni.
Ehlobo lamuva nje ebusuku, ngemva komhlangano kunombonisi wesifunda, lo mkhaya wazithola usele dengwane esitobhini sebhasi ngo-9:00 ebusuku. Amabhasi ayesheshile ukuphela ngenxa yesimo sezulu esibi. Kwama iphoyisa lihamba ngeveni labuza ukuthi benzani. Lapho lizwa ngenkinga ababekuyo, labadabukela lase libathatha libayisa ekhaya, okuyibanga elingamakhilomitha angu-15. Inkosikazi, ewummemezeli ongabhapathiziwe, yathi kumyeni wayo: “Uyabona, uma sibeka imihlangano kuqala, uJehova uyasinakekela njalo.” Manje indoda ithe nayo ifisa ukuba umshumayeli wezindaba ezinhle.
[Isithombe ekhasini 18]
OFakazi njengalaba baseRomania babeka isibonelo esihle sokwazisa imibuthano yobuKristu