Indlela UHana Akuthola Ngayo Ukuthula
OWESIFAZANE othembekile uthandaza ngokuzwakalayo edumisa uJehova. Unomuzwa wokuthi uNkulunkulu umvuse othulini, wamupha ukwethaba esikhundleni sokudangala.
Igama lalona wesifazane uHana. Yini ebangele ushintsho olungaka endleleni abezizwa ngayo? Kungani manje esejabule kangaka? Singazuza kanjani kulokho abhekana nakho? Ukuze sithole izimpendulo zale mibuzo, ake sicabangele indaba kaHana.
Umkhaya Ucindezelekile
UHana ungomunye wabafazi ababili baka-Elkana, umLevi ohlala kwa-Efrayimi. (1 Samuweli 1:1, 2a; 1 IziKronike 6:33, 34) Nakuba ekuqaleni kwakungeyona injongo kaNkulunkulu ukuba isintu sibe nesithembu, sasivumelekile eMthethweni KaMose futhi wawuneziqondiso mayelana naso. Umkhaya ka-Elkana ukhulekela uJehova, kodwa njengoba ukuphila komkhaya wakhe kubonisa, isithembu sivame ukuba nezingxabano.
UHana uyinyumba, kanti uPhenina, omunye umfazi ka-Elkana, unabantwana abaningana. UPhenina uyimbangi kaHana.—1 Samuweli 1:2b.
Ukuba inyumba kuyihlazo kwabesifazane abangama-Israyeli futhi kubhekwa ngisho nanjengophawu lokungabi into yalutho emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa akukho okubonisa ukuthi ukungabatholi abantwana kukaHana kuwubufakazi bokuzondwa uNkulunkulu. Nokho, kunokuba azame ukududuza uHana, uPhenina usebenzisa isipho sakhe sokuthola abantwana ukuze enze imbangi yakhe ibe lusizi.
Uhambo Oluya Endlini KaJehova Engcwele
Naphezu kwalezi zingcindezi, umkhaya ka-Elkana uyahamba minyaka yonke uyokwenza umhlatshelo endlini kaJehova engcwele eShilo.a Lolu hambo, olungaba amakhilomitha angu-60 ukuya nokubuya kungenzeka luhanjwa ngezinyawo. Lezi zikhathi kumelwe ukuba zinzima ikakhulu kuHana ngoba uPhenina nabantwana bakhe bathola izingxenye eziningana zomhlatshelo wenhlanganyelo, kuyilapho uHana ethola ingxenye eyodwa kuphela. UPhenina usebenzisa la mathuba ukuze aklolodele uHana, emthukuthelisa ngoba kubonakala sengathi uJehova ‘usivalile isibeletho sakhe.’ Lokhu kuhlushwa kwenzeka unyaka nonyaka, okwenza uHana akhale futhi angadli. Uhambo okufanele ngabe luyamjabulisa luba izikhathi zosizi olukhulu. Noma kunjalo, uHana uyahamba aye endlini kaJehova engcwele.—1 Samuweli 1:3-7.
Ingabe uyayibona indlela uHana asibekela ngayo isibonelo esihle? Lapho udangele, uziphatha kanjani? Ingabe uyazihlukanisa futhi ungahlangani namanye amakholwa? UHana akazange akwenze lokho. Wakwenza umkhuba ukuhlangana nabakhulekeli bakaJehova. Nathi kufanele senze okufanayo kungakhathaliseki izimo ezinzima esibhekana nazo.—IHubo 26:12; 122:1; IzAga 18:1; Hebheru 10:24, 25.
U-Elkana uyazama ukududuza uHana futhi umkhuthaza ukuba akhiphe imizwa yakhe esekujuleni. Uyambuza: “Hana, ukhalelani, kungani ungadli, futhi kungani inhliziyo yakho iphatheka kabi? Angingcono yini kuwe kunamadodana ayishumi?” (1 Samuweli 1:8) Mhlawumbe u-Elkana akalwazi unya lukaPhenina, futhi uHana kungenzeka ukhetha ukuhlupheka buthule kunokuba akhononde. Kunoma ikuphi, uHana ovuthiwe ngokomoya ufuna ukuthula ngokuphendukela kuJehova ngomthandazo.
UHana Wenza Isifungo
Imihlatshelo yenhlanganyelo yayidlelwa endlini kaJehova engcwele. Ngemva kokuphuma endlini yokudlela, uHana uyathandaza kuNkulunkulu. (1 Samuweli 1:9, 10) Uyanxusa: “O Jehova wamabutho, uma ungakubheka nokukubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho futhi ungikhumbule ngempela, futhi ungeke uyikhohlwe incekukazi yakho kodwa empeleni ungayipha inzalo yesilisa, ngiyoyinika uJehova zonke izinsuku zokuphila kwayo, akukho nsingo eyothinta ikhanda layo.”—1 Samuweli 1:11.
Umthandazo kaHana uyisicelo esiqondile. Ucela umntwana wesilisa futhi uyafunga ukuthi uzomnikela kuJehova njengomNaziri ukuphila kwakhe konke. (Numeri 6:1-5) Leso sifungo kumelwe sivunyelwe umyeni wakhe, futhi okwenziwa u-Elkana kamuva kubonisa ukuthi uyavumelana nesithembiso somkakhe amthandayo.—Numeri 30:6-8.
Indlela uHana athandaza ngayo yenza umPristi Ophakeme u-Eli ukuba acabange ukuthi udakiwe. Izindebe zikaHana ziyanyakaza, kodwa u-Eli akezwa lutho, ngoba uHana uthandaza ngenhliziyo. Lo mthandazo uyisicelo esiqotho ngempela. (1 Samuweli 1:12-14) Cabanga indlela uHana azizwa ngayo lapho u-Eli emthethisa ethi udakiwe! Nokho, umphendula ngenhlonipho lo mpristi ophakeme. Lapho u-Eli eqaphela ukuthi uHana ubethandaza ‘ngenxa yobuningi bokukhathazeka kwakhe nokuhlupheka kwakhe,’ uthi: “Kwangathi uNkulunkulu ka-Israyeli angakunika lokho okucelile kuye.” (1 Samuweli 1:15-17) Ngaleso sikhathi, uHana uyahamba adle, futhi ‘akabe esakhathazeka.’—1 Samuweli 1:18.
Yini esingayifunda kukho konke lokhu? Lapho sithandaza kuJehova ngezinkathazo zethu, singamtshela indlela esizizwa ngayo futhi sicele ngokusuka ezinhliziyweni. Uma kungasekho okunye esingakwenza ukuze sixazulule inkinga, kufanele siyishiye ezandleni zakhe. Ayikho indlela engcono.—IzAga 3:5, 6.
Ngemva kokuthandaza ngobuqotho, izinceku zikaJehova cishe ziyothola ukuthula okufana nokwatholwa uHana. Mayelana nomthandazo, umphostoli uPawulu wabhala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Lapho siphonsa umthwalo wethu kuJehova, kumelwe simvumele ukuba awuthwale. Ngemva kwalokho, njengoHana, akudingeki ukuba siqhubeke sikhathazeka.—IHubo 55:22.
Indodana Ebolekwe UJehova
Manje uNkulunkulu uphendula isicelo sikaHana; uyakhulelwa futhi ubeletha indodana. (1 Samuweli 1:19, 20) Lesi esinye sezenzakalo ezimbalwa ezilotshwe eBhayibhelini lapho uNkulunkulu angenela khona ukuba kuzalwe umuntu owayezoba inceku yakhe. Indodana kaHana no-Elkana, uSamuweli, izoba umprofethi kaJehova, umuntu ozoba nendima ebalulekile ekumisweni kobukhosi bakwa-Israyeli.
Akungabazeki ukuthi uHana uqala ukufundisa uSamuweli ngoJehova kusukela ewusana. Kodwa ingabe uyasikhohlwa isifungo asenza? Lutho neze! Uthi: “Ngemva nje kokuba umfana eselunyuliwe, ngizomletha, abonakale phambi kukaJehova ahlale khona kuze kube nini nanini.” Lapho uSamuweli eselunyuliwe, mhlawumbe eneminyaka emithathu ubudala noma ngaphezudlwana, uHana uyamthatha amyise endlini kaJehova engcwele ayohlala khona, njengoba nje afunga.—1 Samuweli 1:21-24; 2 IziKronike 31:16.
Ngemva kokwenza umhlatshelo kuJehova, uHana nomyeni wakhe bayisa uSamuweli ku-Eli. Cishe uHana umbambe ngesandla umfanyana wakhe njengoba ethi ku-Eli: “Uxolo, nkosi yami! Kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi nawe kule ndawo ngizothandaza kuJehova. Ngangithandaza ngokuqondene nalo mfana ngicela ukuba uJehova angiphe engangikucela kuye. Mina-ke, ngimboleké uJehova. Zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ungocelelwe uJehova.” USamuweli uyiqala kanjalo inkonzo ekhethekile kuNkulunkulu yokuphila kwakhe konke.—1 Samuweli 1:25-28; 2:11.
Njengoba isikhathi sihamba, ngokuqinisekile uHana akamkhohlwa uSamuweli. ImiBhalo ithi: “Unina wayemenzela ijazi elincane elingenamikhono, futhi wayekhuphuka alilethe kuye unyaka nonyaka lapho ekhuphuka kanye nomyeni wakhe ukuzokwenza umhlatshelo waminyaka yonke.” (1 Samuweli 2:19) Ngokuqinisekile uHana uyaqhubeka ethandazela uSamuweli. Lapho emvakashela unyaka nonyaka, akungabazeki ukuthi uyamkhuthaza ukuba ahlale ethembekile enkonzweni kaNkulunkulu.
Ngesinye salezo zikhathi, u-Eli ubusisa abazali bakaSamuweli athi ku-Elkana: “Kwangathi uJehova angakumisela inzalo evela kulo mfazi esikhundleni sokubolekisile, okuboleke uJehova.” Ngokuvumelana nalawo mazwi, uHana no-Elkana babusiswa ngamanye amadodana amathathu namadodakazi amabili.—1 Samuweli 2:20, 21.
Yeka ukuthi u-Elkana noHana babekela abazali abangamaKristu isibonelo esihle kanjani! Obaba nomama abaningi baye bazimisela ukuboleka uJehova amadodana namadodakazi abo, ngokuwakhuthaza ukuba aphishekele uhlobo oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele kude nasekhaya. Kumelwe batuswe labo bazali abanothando ngokuzidela abakwenzayo. Futhi uJehova uyobavuza.
Umthandazo KaHana Ojabulisayo
Yeka indlela ajabule ngayo uHana owake waba inyumba! EmiBhalweni kuyaqabukela kulotshwe imithandazo yabesifazane. Nokho, endabeni kaHana sazi imithandazo yakhe emibili. Owokuqala uqukethe amazwi aphuma ekujuleni kwenhliziyo lapho ekhathazekile futhi ehluphekile, kanti owesibili uwumthandazo wokubonga ngenjabulo. UHana uqala ngokuthi: “Inhliziyo yami iyethaba ngoJehova.” Uyajabula ngokuthi “ngisho noyinyumba uzele,” futhi udumisa uJehova ‘njengoMphakamisi, uMvusi womuntu ophansi othulini.’ Ngempela, “uphakamisa ompofu emgodini womlotha.”—1 Samuweli 2:1-10.
Ukulandisa okuphefumulelwe okukhuluma ngoHana kubonisa ukuthi ukungapheleli nokugconwa ngabanye kungasiphatha kabuhlungu. Nokho, akumelwe sivumele lezo zinhlupheko ukuba zisiphuce injabulo enkonzweni kaJehova. UnguMuzwi womthandazo omkhulu, okuphendulayo ukukhala kwabantu bakhe abathembekile, abakhulule ezinhluphekweni futhi abanike ukuthula okukhulu nezinye izibusiso.—IHubo 22:23-26; 34:6-8; 65:2.
[Umbhalo waphansi]
a IBhayibheli libiza lesi sikhungo sokukhulekela kweqiniso ngokuthi ‘ithempeli’ likaJehova. Nokho, ngale nkathi emlandweni wakwa-Israyeli, umphongolo wesivumelwano usahlala etendeni, noma etabernakele. Ithempeli lokuqala likaJehova langempela lizokwakhiwa lapho sekubusa iNkosi uSolomoni.—1 Samuweli 1:9; 2 Samuweli 7:2, 6; 1 AmaKhosi 7:51; 8:3, 4.
[Isithombe ekhasini 17]
UHana waboleka uJehova uSamuweli