Liyoba Njani Ikusasa Lakho?
UMA uNkulunkulu uMninimandla onke eqonda konke, azi zonke izinto zangesikhathi esidlule, zamanje nezangesikhathi esizayo, azimiselwe yini zonke izinto ukuba zenzeke ngayo kanye indlela uNkulunkulu aye wazibona ngayo kusengaphambili? Uma uNkulunkulu eye wabona kusengaphambili futhi wanquma inkambo nesiphetho sawo wonke umuntu, kungashiwo yini ngempela ukuthi sikhululekile ukuzikhethela inkambo yethu yokuphila nekusasa lethu?
Le mibuzo kuye kwaphikiswana ngayo amakhulu eminyaka. Leyo mpikiswano isahlukanise izinkolo eziningi ezinkulu. Ingabe ikhono likaNkulunkulu lokwazi kusengaphambili ikusasa lingakwazi ukuvunyelaniswa nelungelo lomuntu lokuzikhethela? Kufanele sizifunephi izimpendulo?
Izigidi zabantu emhlabeni wonke ziyavuma ukuthi uNkulunkulu uye waxhumana nesintu ngeZwi lakhe elilotshiwe njengoba lilethwe abakhulumeli bakhe, abaprofethi. Ngokwesibonelo, iKoran ibhekisela ezambulweni njengezivela kuNkulunkulu: i-Taurāh (iTorah, uMthetho, noma izincwadi ezinhlanu zikaMose), i-Zabūr (amaHubo) ne-Injīl (iVangeli, imiBhalo YamaKristu YesiGreki, noma “iTestamente Elisha”) kanye nalokho okwembulelwa abaprofethi bakwa-Israyeli.
EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, siyafunda: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto.” (2 Thimothewu 3:16) Ngokusobala, noma isiphi isiqondiso noma ukukhanyiselwa esikutholayo kufanele empeleni kuvele kuNkulunkulu ngokwakhe. Khona-ke ngeke yini kube ukuhlakanipha ukuhlola imibhalo yabaprofethi bakaNkulunkulu bakuqala? Yembulani ngekusasa lethu?
Ikusasa Elalotshwa Kusengaphambili
Noma ubani oye wafunda imiBhalo Engcwele uyazi ukuthi inamakhulu eziprofetho. Zonke izenzakalo ezingokomlando ezinjengokuwa kweBabiloni lasendulo, ukwakhiwa kabusha kweJerusalema (ekhulwini lesithupha kuya kwelesihlanu leminyaka B.C.E.) kanye nokudlondlobala nokuwa kwamakhosi asendulo amaMede namaPheresiya nawaseGrisi zonke zabikezelwa ngokuningiliziwe. (Isaya 13:17-19; 44:24–45:1; Daniyeli 8:1-7, 20-22) Ukugcwaliseka kwalezi ziprofetho kungobunye bobufakazi obuqand’ikhanda bokuthi imiBhalo Engcwele ngempela iyiZwi likaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu kuphela onamandla okubona kusengaphambili nokunquma okuyokwenzeka. Ngalo mqondo imiBhalo Engcwele ngempela iqukethe ikusasa elilotshwe kusengaphambili.
UNkulunkulu ngokwakhe uthi: “NginguNkulunkulu, akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami, engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami . . . ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza.” (Isaya 46:9-11; 55:10, 11) Igama uNkulunkulu ayezazisa ngalo kubaprofethi bakhe basendulo lithi Jehova, ngokwezwi nezwi elisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.”a (Genesise 12:7, 8; Eksodusi 3:13-15; IHubo 83:18) UNkulunkulu uzembula njengaLowo oba uMfezi wezwi lakhe, Lowo ozifeza njalo izinjongo zakhe.
Ngakho, uNkulunkulu usebenzisa amandla akhe okwazi kusengaphambili ukuze afeze izinjongo zakhe. Ngokuvamile uye wawasebenzisela ukuxwayisa ababi ngesahlulelo esizayo kanye nokunika izinceku zakhe ithemba lensindiso. Kodwa ingabe uNkulunkulu usebenzisa lawa mandla ngendlela engenamingcele? Bukhona yini ubufakazi emiBhalweni Engcwele obuveza ukuthi zikhona izinto uNkulunkulu aye wakhetha ukungazazi kusengaphambili?
Ingabe UNkulunkulu Wazi Zonke Izinto Kusengaphambili?
Zonke izimpikiswano ezisekela ukunqunyelwa kusengaphambili zisekelwe emcabangweni wokuthi uNkulunkulu kumelwe ukuba wazi zonke izinto kusengaphambili, kuhlanganise nezenzo zangesikhathi esizayo zawo wonke umuntu njengoba ngokungenakuphikwa enamandla okwazi kusengaphambili nokubona izenzakalo zangesikhathi esizayo. Nokho, ingabe unengqondo lowo mcabango? Lokho uNkulunkulu akwembulayo emiBhalweni yakhe Engcwele kubonisa ukuthi awunangqondo.
Ngokwesibonelo, imiBhalo ithi “uNkulunkulu wamvivinya uAbrahama” ngokumyala ukuba enze umhlatshelo ngendodana yakhe u-Isaka ibe ngumnikelo wokushiswa. Lapho u-Abrahama esezokwenza umhlatshelo ngo-Isaka, uNkulunkulu wamvimba, wathi: “Ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.” (Genesise 22:1-12, omalukeke sizenzele.) Ingabe uNkulunkulu wayeyowasho lawo mazwi ukube wayaze kusengaphambili ukuthi u-Abrahama wayeyowulalela lo myalo? Ingabe kwakuyoba ukuvivinywa okuqotho?
Ngaphezu kwalokho, abaprofethi basendulo babika ukuthi ngokuphindaphindiwe uNkulunkulu wakhuluma ngaye ngokwakhe ‘njengozisolayo’ ngento ethile ayeyenzile noma ayecabanga ukuyenza. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wathi ‘uyazisola [igama elivela kwelesiHeberu elithi na·chamʹ] ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kukaIsrayeli.’ (1 Samuweli 15:11, 35; qhathanisa noJeremiya 18:7-10; Jona 3:10.) Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uphelele, akunakwenzeka ukuthi la mavesi asho ukuthi uNkulunkulu wenza iphutha ngokukhetha uSawule ukuba abe inkosi yokuqala yakwa-Israyeli. Kunalokho, kumelwe ukuba abonisa ukuthi uNkulunkulu wadabuka ngokuthi uSawule waba ongathembekile nongalaleli. Ukusebenzisa kukaNkulunkulu lawa mazwi kuye ngokwakhe kwakuyoba okungenangqondo ukube wayazé kusengaphambili ngezenzo zikaSawule.
Izwi elifanayo liyavela embhalweni omdala kunayo yonke imiBhalo lapho, uma ukhuluma ngosuku lukaNowa, uthi: “Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe. UJehova wathi: Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba . . . ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.” (Genesise 6:6, 7) Nalapha, lokhu kubonisa ukuthi izenzo zomuntu azinqunywa uNkulunkulu kusengaphambili. UNkulunkulu wazisola, waba lusizi, waze wadabuka, hhayi ngoba izenzo zakhe zazibe yiphutha, kodwa ngenxa yokuthi ububi babantu banda. UMdali wadabuka ngokuthi kwadingeka asichithe sonke isintu ngaphandle kukaNowa nomkhaya wakhe. UNkulunkulu uyasiqinisekisa: “Angithokozi ngokufa komubi.”—Hezekeli 33:11; qhathanisa noDuteronomi 32:4, 5.
Ngakho ingabe uNkulunkulu wazi kusengaphambili waze wanquma ngokuwela kuka-Adamu esonweni nangemiphumela eyinhlekelele lokhu okwakuyoyiletha emkhayeni wesintu? Lokho esesiye sakucabangela kuyabonisa ukuthi lokhu akunakuba yiqiniso. Ngaphezu kwalokho, uma uNkulunkulu ayekwazi konke lokhu kusengaphambili, wayeyoba umsunguli wesono lapho enza umuntu, futhi uNkulunkulu wayeyobe ebubangele ngamabomu bonke lobu bubi nokuhlupheka kwesintu. Ngokusobala, lokhu ngeke kuvumelane nalokho uNkulunkulu akwembula ngaye ngokwakhe emiBhalweni. UnguNkulunkulu wothando nobulungisa ozonda ububi.—IHubo 33:5; IzAga 15:9; 1 Johane 4:8.
Iziphetho Ezimbili Zomuntu
ImiBhalo Engcwele ayembuli ukuthi ikusasa lethu ngabanye ngandlela-thile linqunywe uNkulunkulu kusengaphambili. Kunalokho, ekwembulayo ukuthi uNkulunkulu uye wabikezela okubili okungase kube iziphetho zomuntu. UNkulunkulu unikeza wonke umuntu inkululeko yokuzikhethela ukuthi isiphetho sakhe siyoba yini. Kudala, umprofethi uMose wamemezela ku-Israyeli: “Ngibeké phambi kwenu ukuphila nokufa, . . . ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho, ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho.” (Duteronomi 30:19, 20, omalukeke sizenzele.) Umprofethi kaNkulunkulu uJesu waxwayisa kusengaphambili: “Ngenani ngesango eliwumngcingo; ngoba ubanzi futhi uvulekile umgwaqo oholela ekubhujisweni, futhi baningi abangena ngawo; kanti liwumngcingo isango futhi unyinyekile umgwaqo oholela ekuphileni, futhi bambalwa abawutholayo.” (Mathewu 7:13, 14) Zimbili izindlela, zimbili iziphetho. Ikusasa lethu lixhomeke ezenzweni zethu. Ukulalela uNkulunkulu kusho ukuphila, ukungamlaleli kusho ukufa.—Roma 6:23.
UNkulunkulu “utshela isintu ukuba sonke kuyo yonke indawo siphenduke. Ngoba umise usuku ajonge ukwahlulela ngalo ngokulunga umhlaba owakhiwe.” (IzEnzo 17:30, 31) Njengoba nje iningi lesintu ngosuku lukaNowa lakhetha ukungamlaleli uNkulunkulu futhi laqothulwa, ngokufanayo nanamuhla iningi aliyilaleli imiyalo kaNkulunkulu. Nokho, uNkulunkulu akakanqumi ukuthi ubani oyobhujiswa futhi ubani oyosindiswa. Empeleni, iZwi likaNkulunkulu lithi “akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) Ngisho nabantu ababi kakhulu bangaphenduka, balalele, futhi benze ushintsho oludingekile ukuze bazuze umusa kaNkulunkulu.—Isaya 1:18-20; 55:6, 7; Hezekeli 33:14-16; Roma 2:4-8.
Kulabo abalalelayo, uNkulunkulu uthembisa ukuphila okumi phakade epharadesi elinokuthula, emhlabeni ohlanziwe wasuswa bonke ububi, udlame nempi, umhlaba okungeke kusaba nendlala, ukuhlupheka, ukugula nokufa kuwo. (IHubo 37:9-11; 46:9; Isaya 2:4; 11:6-9; 25:6-8; 35:5, 6; IsAmbulo 21:4) Ngisho nabafileyo bayovuswa futhi banikwe ithuba lokukhonza uNkulunkulu.—Daniyeli 12:2; Johane 5:28, 29.
Umhubi uthi: ‘Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ikusasa lakhe lihle. Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke; ikusasa lababi liyakunqunywa.’ (IHubo 37:37, 38, qhathanisa ne-NW.) Liyoba njani ikusasa lakho? Kuxhomeke kuwe. Abanyathelisi balo magazini bayokujabulela ukukunika ulwazi olwengeziwe ukuze uqiniseke ngekusasa elijabulisayo nelinokuthula.
[Umbhalo waphansi]
a Igama elithi Jehova livela izikhathi ezingaphezu kuka-7 000 emiBhalweni Engcwele; bheka isihloko esithi “Ukwembula Imfihlakalo Yegama Elikhulu Kunawo Wonke” esikuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 1993, amakhasi 3-5.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
UNkulunkulu usebenzisa amandla akhe okwazi kusengaphambili ukuze afeze izinjongo zakhe
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
UNkulunkulu “akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” 2 Petru 3:9
[Isithombe ekhasini 7]
Uma uNkulunkulu ayazi kusengaphambili ukuthi u-Abrahama uyozimisela ukwenza umhlatshelo ngendodana yakhe, ingabe kwakuyoba ukuvivinywa okuqotho?