-
Umuntu Ovumelana Nenhliziyo KaJehovaINqabayokulinda—2011 | Septhemba 1
-
-
Umsebenzi kaDavide wokwelusa wawuyingozi. Ngolunye usuku wazithela phezu kwebhubesi nebhere okwakuzama ukudwengula izimvu.a Le nsizwa enesibindi yabhekana ngqo nalezi zilwane, yazibulala futhi yophula izimvu emlonyeni wazo. (1 Samuweli 17:34-36) Mhlawumbe kuphakathi nalesi sikhathi lapho afunda khona ukusebenzisa isihlilingi. Budebuduze nomuzi wakubo kwakunendawo yakwaBhenjamini. Amadoda aleso sizwe ayengabajikijeli bamatshe ‘abangageji ngisho unwele’ ngesihlilingi. UDavide wayenemba kanjalo.—AbaHluleli 20:14-16; 1 Samuweli 17:49.
-
-
Umuntu Ovumelana Nenhliziyo KaJehovaINqabayokulinda—2011 | Septhemba 1
-
-
a Ibhere elinsundu laseSiriya, elalitholakala ePalestina, laliyisisindo esicishe sibe ngamakhilogremu angu-140, futhi lalingabulala noma yini ngezidladla zalo ezinkulukazi. Kwake kwaba nesikhathi lapho amabhubesi ayethé chithi saka endaweni. U-Isaya 31:4 uthi ngisho “isibalo esigcwele sabelusi” sasingeke sakwazi ukuxosha “ibhongo lengonyama elinomhlwenga” esisulwini salo.
-